Kusukela Kukhukhunathi Kuya Kukhwaya
Ngomlobeli wePhaphama! eNdiya
CISHE wonke umuntu uyawazi ukhukhunathi. Kodwa uyini ukhwaya (coir)? Ungumbhanselo ohambisana nokhukhunathi ngamunye.
Okuzungeze inyama emnandi emhlophe kakhukhunathi uqweqwe oluqinile. Okuvikela loluqweqwe ikhoba eliwuhlonze eliyimicu, abanye abangalicabangela njengelingenamsebenzi. Lapha eNdiya eseningizimu, lapho ukhukhunathi uyinala khona, amakhoba ayahlukaniswa nezinhlamvu acwiliswe emanzini kuze kube izinyanga eziyisishiyagalombili. Khona-ke ashaywa ngesandla ukuze athanjiswe abese exhozwa ngomshini abe imicu ethambile, esagolide okuthiwa ukhwaya.
Ukhwaya ungaphendulwa ube imibala ehlukahlukene. Khona-ke uphothwa ngesandla ube imicu bese uphothwa ube intambo kakhwaya. Imishini yesandla yokweluka nemishini kagesi iguqula ukhwaya ube omata basemnyango abahle, amamourzouk (izingubo ezisindayo zikakhwaya), okhaphethe, omata baphansi, kanye nokokuhlobisa ubonda.
Imikhiqizo kakhwaya ifunwa kuwo wonke umhlaba futhi ngesizathu esihle. Ukhwaya oqinile awulinyazwa umswakama; uyamelana nenundu, ukubola, nokukhunta; awunazo izinhlansi zikagesi; futhi uyamelana nelangabi. Uzibonakalisa futhi uyisivikelo esihle sokushisa nomsindo. Cabanga—konke lokho kuvela ekhobeni nje ngokuvamile elilahlwayo njengelingenamsebenzi!
[Isithombe ekhasini 16]
Amakhoba acwiliswa emanzini kuze kube izinyanga eziyisishiyagalombili
[Izithombe ekhasini 16]
Omata basemnyango benziwa ngokhwaya oguqulwe umbala