Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g92 8/22 k. 28-k. 29
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—1992
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuvivinya Umzimba Nempilo
  • Ubhadane Olukhulayo
  • “Abapristi Abaxhaphaza Izingane Ngokobulili”
  • IChina Ihlasela Ibhizinisi Lezidakamizwa
  • Uhambo Lokuya Kuplanethi Ehlukile
  • Amakhadi Ababulali
  • Izimangaliso-Mbumbulu
  • Indlala EAfrika
  • Izigebengu Ezicindezelekile
  • Ubudimoni ERome
  • Ukukhuthaza Imishado Ebizayo
  • Izidakamizwa—Ingabe Likhona Ithemba?
    I-Phaphama!—1988
  • Indlela Izidakamizwa Ezingemthetho Ezikuthinta Ngayo Ukuphila Kwakho
    I-Phaphama!—1999
  • Izidakamizwa—Ziyingozi Futhi Ziyabulala
    I-Phaphama!—1988
  • Ukuxhashazwa Kwezingane Ngokobulili—Inkinga Yomhlaba Wonke
    I-Phaphama!—1997
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1992
g92 8/22 k. 28-k. 29

Ukubuka Okwezwe

Ukuvivinya Umzimba Nempilo

Izazi zesayensi ziyaqhubeka zithola izinzuzo ekuvivinyeni umzimba ngokusesilinganisweni. Umagazini iAmerican Health muva nje ubike ngokuhlola okwenziwa kwabesilisa abangu-17 000 okwathatha iminyaka engu-30. Labo ababesebenzisa amacalorie angu-1 000 ngesonto ngokuvivinya umzimba babebonakala bengathambekele kakhulu emdlavuzeni kapopopo njengalabo ababengawuvivinyi. Ukuhlola amadoda aseSweden angaphezu kwesigidi okwathatha iminyaka engu-19 kwathola ukuthi labo ababehlala phansi isikhathi esingaphezu kwengxenye samahora abawasebenzayo babenethuba elingaphezu kwamaphesenti angu-30 lokuthola umdlavuza kapopopo kunalabo ababehlala phansi isikhathi esingaphansi kwamaphesenti angu-20 sosuku lwabo lokusebenza. Ukuhlola okwenziwa iYunivesithi yaseHarvard kwabesifazane abangu-5 400 kwathola ukuthi labo ababevivinya umzimba ngokusesilinganisweni lapho besesekolishi babenesilinganiso esiyingxenye somdlavuza wamabele kunalabo ababefunda nabo ababengawunyakazisi kakhulu umzimba, labo, nabo babenemidlavuza yezitho zokuzala ngokwengeziwe ngokuphindaphindwe izikhathi ezingu-2,5. Kukhona ngisho nobufakazi obuthile bokuthi ukuvivinya umzimba ngokusesilinganisweni kuthuthukisa isimiso sokuzivikela komzimba, okusiza ekulweni namagciwane ngokushesha. Nokho, ukuvivinya umzimba ngokweqile—njengokugijima emncintiswaneni wokunqamula amazwe—kubonakala kunomphumela ophambene, kucindezela okwesikhashana isimiso sokuzivikela komzimba.

Ubhadane Olukhulayo

Omunye wemiphumela emibi yomqedazwe wengculaza ukwanda kobufebe bezingane. Ngokombiko weAssociated Press ovela eGeneva, eSwitzerland, lokho kuyisiphetho sombiko omusha weUN ophathelene namalungelo abantu. Umlobi walombiko, uprofesa wezomthetho uVitit Muntarbhorn waseThailand, uthi inani lezingane ezineminyaka eyisishiyagalolunye noma eyishumi ubudala eziphoqelelwa ukuba zenze ubufebe “landa nsuku zonke.” Kubonakala sengathi amakhasimende engeziwe afuna izifebe eziyizingane, kutuseka ezisemsulwa, ngoba acabanga ukuthi lokhu kuzowavikela engculazeni. Nokho, ngokuphambene uprofesa uphawula ukuthi emazweni amaningi aseAsia, izingane eziningi eziyizifebe zinalo igciwane lengculaza. Abazali baphoqelela kokubili abafana namantombazane ukuba benze lelibhizinisi elihlazisayo kodwa ngokuvame kakhulu baphoqelela amantombazane.

“Abapristi Abaxhaphaza Izingane Ngokobulili”

“Igagasi lamahlazo okuxhaphaza izingane ngokobulili liye ladonsela iSonto lamaRoma Katolika ekuhlolisiseni abapristi abaxhaphaza izingane ngokobulili—okuyisici abagxeki abathi umgwamanda wabefundisi besonto ubulokhu usigqibile isikhathi eside,” kubika iHerald-News yaseJoliet, eIllinois, U.S.A. “Ezinyangeni eziyisishiyagalolunye ezedlule, abapristi abayisikhombisa endaweni yaseChicago baye basuswa ezindaweni abababelwe kuzo futhi omunye uye wamangalelwa ngenxa yezikhalazo zokunukubeza ngokobulili ezihilela izingane.” Umkhandlu owakhiwa amalungu amathathu uye wamiswa ukhadinali uJoseph Bernardin ukuba unqume indlela yokubhekana nalenkinga, leyo ngokomkhulumeli wesonto, “ejule kakhulu kunokuba noma ubani ebecabanga” futhi okulinganiselwa ukuthi ihilela amakhulu abapristi ezweni kabanzi. Manje kwenziwa imizamo yokuxosha abapristi abenza lobububi, labo ngaphambili abababelwe kabusha ezindaweni ezihlukile. Nokho, abanye abantu basenokungabaza. “Abakuqondi ukujula kokulimala engqondweni lapho abantu belinyazwe othile omelela isonto, lelo esikholelwa ukuthi liye lakha izindinganiso zethu, kanye nezimiso zethu zokuziphatha,” kusho umama wenye ingane eyaxhashazwa.

IChina Ihlasela Ibhizinisi Lezidakamizwa

IChina Today ibika ukuthi eminyakeni yamuva nje uhulumeni waseChina uye wathatha izinyathelo ezinzima zokuhlasela ibhizinisi lezidakamizwa. Nakuba lelizwe layiqeda cishe ngokuphelele inkinga yalo yeopium emuva ngawo-1950, ukwakhelana kwalo nezindawo ezithile ezingabakhiqizi abakhulu emhlabeni bezidakamizwa kuye kwaholela ekuqubukeni kabusha kwebhizinisi lezidakamizwa. Eminyakeni emithathu edlule, kuye kwaboshwa abantu abangaphezu kwengxenye yesigidi eChina ngamacala ezidakamizwa. Ngo-1990 kuphela, izinhlangano zaseChina ezibheka ukugcinwa komthetho zachitha amabhizinisi amakhulu angu-40 okushushumbisa izidakamizwa, ngalinye lihilela amakhilogremu angaphezu kwangu-8 eheroin. Lokho kwakuliphinda kabili inani langonyaka odlule. Ngo-October 26, 1991, phambi kwezihlwele, abashushumbisi bezidakamizwa abangu-35 bagwetshelwa ukufa, futhi kwashiswa amakhilogremu angu-5 000 ezidakamizwa ezazithathiwe.

Uhambo Lokuya Kuplanethi Ehlukile

Akekho umuntu oseke wathatha uhambo oluya kwenye iplanethi; kodwa uSergei Krikalev kumelwe ukuthi waba nomuzwa wokuthi wayenze lokho kanye. Lapho enyuka engena emzileni ozungeza umhlaba, wayengusonkanyezi waseSoviet Union, evela eLeningrad. Lapho ebuya, yayingasekho iSoviet Union futhi iLeningrad yayisibe iSt. Petersburg. UKrikalev wayabelwe ukuba ahlale esiteshini sasemkhathini eMir izinyanga nje eziyisithupha, kodwa ngenxa yokucindezela okungokwezimali nokungokombangazwe phakathi kwazo zonke iziphithiphithi ezaziphansi emhlabeni ezweni lakubo, wagcina ehlale phezulu izinsuku ezingu-313.

Amakhadi Ababulali

Sekuyisikhathi eside kuwumdlalo ojabulisayo ezinganeni zaseUnited States ukuqoqa amakhadi ebaseball, anemifanekiso kanye nokwaziswa ngabadlali babo ababathandayo. Kodwa muva nje kuvele uhlobo olusha lwekhadi. Lamakhadi awaqokomisi abadlali, kodwa izigebengu ezidumile—abaphazamisekile engqondweni, abadlwenguli, ababulali ababulala abantu abaningi, amazimuzimu, kanye nabantu abathanda izidumbu. Ngemuva kwesithombe sombulali, ikhadi ngalinye liveza imininingwane esabekayo yobugebengu obenziwa. Ngokohlu lomhleli lweDaily News yaseNew York, lamakhadi ababulali athengiswayo athandwa kakhulu ezitolo zamaswidi nasezitolo zezincwadi ezihlekisayo. Ngokusobala, athengwa kakhulu izingane.

Izimangaliso-Mbumbulu

Udokotela eNgilandi uye wachitha iminyaka engu-20 ehlola lokho okuthiwa izimangaliso ezenziwa amasonto enza izimangaliso kanye nawobuvangeli kulelozwe. Isiphetho sakhe, ngokweDaily Telegraph yaseLondon sathi: “Imibiko yokwenziwa kwezimangaliso zokuphulukisa ngokuyisimangaliso ayisekelwa nawubufakazi obubodwa nje bezokwelapha.” Phambi kwesigungu sabefundisi beSonto laseSheshi, uDkt. Peter May wachaza imizamo yakhe ephindaphindiwe ayenza eminyakeni edlule yokuthola ubufakazi obuphathekayo obuvela ‘kubaphulukisi’ bezimangaliso ezihlukahlukene abathi babezenzile. Uthi, “ngokuvamile abanikezi lutho nhlobo, futhi izenzakalo ezilethwa njengobufakazi azikhona lokho eziqale zibonakale ziyikho.” Wagxeka omagazini kanye namavideo angenisa imali ngokuchaza izimangaliso ngokusobala ezingazange zenzeke. NgokweTelegraph, uDkt. May waqhathanisa lokho akuthola nalokho kozakwabo abaningi. Uthi, “akukho kukho okwakwazi ukufakazela isenzakalo esisodwa esifana nezimangaliso zikaKristu.”

Indlala EAfrika

Indlala kanye nempi yangaphakathi kuphoqelela amashumi ezinkulungwane zabantu baseSomalia nase-Ethiopia ukuba babaleke emazweni akubo futhi bafune ukudla kanye nendawo yokukhosela ezinkambini zababaleki eKenya. Ngokwesinye isikhulu saseUN, esacashunwa kuStar saseNingizimu Afrika, “abaningi bayaquleka lapho befika, njengoba besuka behamba ngezinyawo amakhilomitha acishe abe ngu-600 benokudla okuncane noma namanzi amancane. Basesimweni esishaqisayo, abanye bengangothi lokuvungula futhi abaningi benamanxeba okudutshulwa.” Kwelinye ikamu elicinene, usuku ngalunye kufa isilinganiso sabantu abangu-15. Iningi labo abesifazane nezingane. Ngesikhathi esifanayo eningizimu, eZimbabwe, isomiso siye sabangela ukwanda kokwebiwa kokudla, kubika iSunday Times yaseHarare, eZimbabwe. Amanye amasela aswele kangangokuba amane nje acwiye izinkomo ziphila, ashiye izilwane zizwa ubuhlungu kuze kube yilapho zibulawa abaninizo ngenxa yesihe.

Izigebengu Ezicindezelekile

Iminyaka engu-30 uProfesa Francesco Aragona weInstitute of Legal Medicine yeYunivesithi yaseMessina, eSicily, uye wahlola izidumbu zamalungu amaqembu ezigelekeqe. “Ngokukaprofesa, ngalé kokuqhosha kanye nokuzethemba, ilungu lamaqembu ezigelekeqe linezinkinga ezingathi sína zempilo: Ukuphila kwakhe kwansuku zonke okungahlaliseki kuyithinta ngendlela ephawulekayo inhliziyo, ubuchopho, izindlala zeadrenaline, futhi ngisho namasende noma amaqanda enzalo, kuxhomeke ebulilini,” kusho umagazini waseBrazil iSuperinteressante. Lomagazini wacaphuna uDkt. Aragona ethi: “Ngathola izinkinga zenhliziyo ezingathi sína ezinsizweni eziphakathi kweminyaka engu-18 nengu-20 ubudala, . . . njengokungathi seziphile amashumi eminyaka zinenkinga yomfutho ophakeme wegazi, ngenxa yokucindezeleka.” Wanezela: “Uma bezingabulawanga, beziyobulawa ukumelwa inhliziyo ngokushesha,” futhi “singasho ngisho nasendabeni yempilo, ukuthi ubugebengu abubuyiseli.”

Ubudimoni ERome

UGabriele Amorth uthi uye wasiza abantu abangu-12 000 ababenamadimoni edolobheni laseRome kuphela kusukela amiswa njengomkhiphi womoya ababi waseKatolika ngo-1986. “Kungani kunabaningi kangaka?” kubuza intatheli yephephandaba laseNtaliyane iTempo. “Wonke amazwe angawobuKatolika ngokwesiko,” kugomela lompristi, “acwile olwandle lwamadimoni. Ukuhlaselwa amadimoni ngeke kusaqedwa.” UAmorth wayenamazwi aqinile ngeRome: “Izwe likapapa lingelinamadimoni kunawo wonke emhlabeni. Kunemikhuba yobusathane engaphezu kwekhulu eqhubekayo lapho . . . Wonke umuntu kufanele azi ukuthi izingane eziningi ziyanyamalala eRome futhi zisetshenziswa emikhosini engokwenkolo yobusathane.”

Ukukhuthaza Imishado Ebizayo

Kulezikhathi ezinzima ngokomnotho, izindleko zamadili emishado eUnited States ziye zaba wumthwalo ngokuqhubekayo. Ngokokunye ukulinganisela umshado ohloniphekayo osesilinganisweni lapho manje ubiza uR44 000. Izingubo zomshado zilinganiselwa ku-R2 200, nakuba eziningi, ngokweWall Street Journal, zibiza ngaphezu kuka-R5 500. Omagazini abaningi ezweni baqondiswe ngokuqondile kulabo abazoba omakoti nasemalungiselelweni abo omshado, futhi muva nje omagazini abaphuma njalo bayahlaselwa ngenxa yokusizakala ngebhizinisi lezinto zomakoti nokuthuthukisa izindleko ezimba eqolo. Ngokwesibonelo, ngokuvamile omagazini bavala noma iziphi izimemezelo zokukhangisa zezingubo zomshado eziqashiswayo ngokwesaba ukucunula abakhangisi abakhulu kakhulu, izimboni ezidayisa izinto zomakoti—okubonakala sengathi uyazicasula umqondo wokuqasha komakoti izingubo zomshado esikhundleni sokuzithenga.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela