Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g88 12/8 k. 10-k. 12 isig. 6
  • Izidakamizwa—Ingabe Likhona Ithemba?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izidakamizwa—Ingabe Likhona Ithemba?
  • I-Phaphama!—1988
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukulwisana Nezidakamizwa Kuyohluleka
  • Ingabe Ukuzinciphisa Izidakamizwa Kuyikhambi?
  • Lapho Ithemba Likhona
  • Indlela Izidakamizwa Ezingemthetho Ezikuthinta Ngayo Ukuphila Kwakho
    I-Phaphama!—1999
  • Ingabe Inkinga Yezidakamizwa Inganqotshwa?
    I-Phaphama!—1999
  • Izidakamizwa—Izinkinga Ziya Ngokuya Zikhula
    I-Phaphama!—1988
  • Ukuluthwa Kwezwe Yizidakamizwa
    I-Phaphama!—1999
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1988
g88 12/8 k. 10-k. 12 isig. 6

Izidakamizwa—Ingabe Likhona Ithemba?

KUNGANI yonke imizamo yokunqanda igagasi lokusetshenziswa kwezidakamizwa ezingekho emthethweni iye yangaphumelela? Uma sikubeka ngezwi elilodwa singathi: IMALI. Izidakamizwa ziyibhizinisi elikhulu. Izinzuzo zilinganiselwa ezigidini eziyizinkulungwane zamaRandi.

Ingqikithi yemali engena minyaka yonke ivela ekuthengisweni kwamanarcotic eUnited States iyodwa ilinganiselwa ukuthi iphakathi kwamaRandi ayizigidi eziyizi-150 000 namaRandi ayizigidi eziyizi-300 000. Njengoba amaRandi ayizigidi eziyizi-50 000 engawezindleko, kusala inzuzo esukela emaRandini ayizigidi eziyizi-100 000 kuya kwayizigidi eziyizi-250 000. “Njengoba ukuthengiswa kwezidakamizwa kungenisa imali engamaRandi ayizigidi eziyizi-750 000 ngonyaka, kuyibhizinisi elikhulu kunawo wonke emhlabeni,” kusho World Press Review.

Besesimweni sokuthola imali eningi kangaka, abathengisi bezidakamizwa baye basizakala ngobugovu bomuntu abuzuze ngefa futhi baye bathola amandla okwenza noma yini abayifunayo. “Abasayibali imali yabo—sebeyayikala,” kusho omunye oyisikhulu samaphoyisa. Bangathenga ofakazi; bangathenga noma ubani abafuna ukumthenga.” Omunye umthengisi wezidakamizwa eBolivia kubikwa ukuthi wazimisela ukukhokha isikweleti sezwe lonke sezigidi eziyizi-9 500 zamaRandi uma iziphathimandla zazizoyeka ukuzama ukumisa imithetho emelene namanarcotic.

Abantu abayinhloko emaqenjini adayisa icocaine nensangu eNgxenyeni EngaseNtshonalanga baye badlula ngisho nethonya labantu abahola amaqembu abantu abathengisa iopium abazinze eAsia. “Befumbathisa futhi, lapho kudingekile, besebenzisa isibhamu, abaholi bezokuthengiswa kwezidakamizwa baye baletha eBahamas ukonakala okuvela eBolivia, futhi emazweni angaphezu kwelilodwa basongela ukuketula uhulumeni omisiwe njengamandla abusayo,” kubika umagazini iTime. “Sibhekene ngeziqu zamehlo nenhlangano enamandla ngaphezu kukahulumeni,” kusho owayengumongameli waseColombia uBelisario Betancur.

Kumelwe azi. EColombia, amalungu ezinhlangano zezombangazwe zaseMedellín, abaholi bokuthengiswa kwezidakamizwa abaphethe ibhizinisi lecocaine, baye basusa uthuthuva olumelene nabo bonke abaye baphikisa noma bafuna ukubamangalela. Abaphakathi kwalabo ababulawa kuye kwaba ungqongqoshe wezokwahlulela, amajaji ayi-21, nomhleli wephephandaba, nezintatheli eziningi zamaphephandaba, nenkindlane yamasosha namaphoyisa. “Inhlangano yezigebengu ayikaze ngaphambili ikwazi ukwesabisa isizwe esikhulu kangaka,” kuphawula iNewsweek. “Amajaji aseColombia ayesaba ukwahlulela; amaphoyisa ayesaba ukubopha. Izintatheli zamaphephandaba ezigxekayo manje ngokuvamile zibhala izinhlu zazo zivela phesheya, lapho zinabangane abaningi baseColombia abaye babaleka ngenxa yokwesabela ukuphila kwabo.”

Ukulwisana Nezidakamizwa Kuyohluleka

Ngenxa yemali, impi yokwehlisa izidakamizwa iye yahluleka kuwo wonke amazinga. Abalimi bayaqhubeka betshala icoca, insangu, nezihlahla zeopium, okubakhokhela izikhathi eziphindwe ngokwengeziwe kunemali abangayithola uma betshala izitshalo ezidliwayo. Kubona abaholi bezokuthengiswa kwezidakamizwa bayizinkinsela ezisekela ezomnotho. Izikhulu eziningi zamaphoyisa nezalapho kuseshwa khona izimpahla uma ushiya izwe uya kwelinye ziyaqhubeka zishaya sengathi aziboni lapho izidakamizwa zishushumbiswa futhi zithole imali elinganiselwa emaRandini ayizi-125 000 noma ngaphezulu isikhathi ngasinye ngokwenza lokho nje.

Abathengisa izidakamizwa bafundisa abantwana abancane ngeminyaka abalinganiselwa eminyakeni eyisishiyagalombili noma eyishumi ubudala ukuba baqalise ukuthengisa izidakamizwa ezikhokhela imali enkulu: Bathola amasenti angama-60 ngebhodlela ngalinye lokufaka icrack abalicosha emgwaqweni, amaRandi angama-250 ngosuku ngokuba ingqapheli egade amaphoyisa, amaRandi angama-750 ngosuku njengomshushumbisi wezidakamizwa kubantu, futhi namaRandi afinyelela ezi-7 500 ngosuku njengomthengisi wezidakamizwa osemncane. Ngokuchaya ingcebo yabo phambi kwabafunda nabo ngokuthenga kwabo amajazi oboya, imigexo yegolide elinesisindo, nangezimoto ezibizayo, bayenga nabanye.

Amaphekula aye athola indlela yokusekela imisebenzi yawo ngokwezimali ngokusebenzisa izidakamizwa. Nawo, futhi, asiza abathengisi bezidakamizwa. Abanye abaholi bezombangazwe basebenzisa ukuthengiswa kwezidakamizwa ukuze bazicebise bona futhi babhekele phansi ohulumeni abalwisana nabo. Ukuboshwa nokugwetshwa akubavimbeli. Inzuzo etholakalayo inkulu kangangokuthi ngokushesha nje lapho omunye umthengisi noma isikhulu esonakele siwa, ababili bayavela ukuze bathathe indawo yakhe.

“Ukukhiqizwa kwezidakamizwa nokuthengiswa kwazo ngeshwa kusalokhu kuyibhizinisi elikhulu, futhi ukusetshenziswa kabi kwezidakamizwa emhlabeni wonke kuyaqhubeka kwanda,” kusho umbiko woMnyango kaHulumeni waseU.S. owenziwa ngoMarch emphakathini. “Ukonakala kwezikhulu zikahulumeni nezikhulu ezimisa imithetho, ukufumbathisa, ukwesabisa nobudlova babathengisa izidakamizwa, neqiniso eliphelele lokuthi abathengisi bamanarcotic bayazidlula izizwe ngabantu abanabo, ngezibhamu nangemali abayikhiphayo, liyaqhubeka lilulaza imizamo yembulunga yonke yokuqeda ukukhiqizwa kwamanarcotic nokuyithengisa.” Khona-ke, likuphi ithemba?

Ingabe Ukuzinciphisa Izidakamizwa Kuyikhambi?

Abanye banomuzwa wokuthi ikhambi lisekunciphiseni ukuthengiswa kwezidakamizwa. Njengamanye amabhizinisi, ibhizinisi lomhlaba wonke lezidakamizwa lisebenza kokubili ngomkhiqizo nasekutheni zidingeka kangakanani izidakamizwa. Ngaphandle kwesidingo sezidakamizwa esikhona esibonakala singaneliseki, izidakamizwa bezizophela. Nokho, naphezu kwezixwayiso, imfundo ethuthukisiwe, ukuhlolelwa izidakamizwa, nokunxuswa kokufunda ukuthi ‘cha ezidakamizweni’ ukusetshenziswa kwezidakamizwa kuyaqhubeka ngamandla amakhulu. Okubi ngisho nakakhulu, kuyasakazeka.

“Amanye amazwe emhlabeni wonke aqala ukubambeka kulomkhuba,” kuphawula umbiko weTime. “Isiko laseMelika lokusebenzisa izidakamizwa liye ladluliselwa entsheni yaseYurophu naseAsia. Nakuba izibalo kunzima ukuzithola, ukusetshenziswa kwezidakamizwa kubonakala kwanda emhlabeni kabanzi, ikakhulukazi emazweni athumela izidakamizwa eU.S.” Ngokwesibonelo, iBolivia, iye yaba nokwanda okusheshayo kwamuva kwabantu abayimilutha yezidakamizwa. Nakuba icoca itshalwa ngokusemthethweni lapha ukuze kuhlafunwe amaqabunga ayo nokuba kwenziwe izinkambi zetiye, amanani akhulayo entsha aba imilutha yohlobo oluwubuthi obukhulu kakhulu olubhemekayo Iwecocaine olubizwa ngokuthi ibasuco. Futhi iVietnam ibika ukwenyuka okushaqisayo kwabantu abasha ababa yimilutha yeopium neheroin kokubili eningizimu nasenyakatho. Sekukonke, kwabikwa ukuthi kunabantu abasebenzisa izidakamizwa ezingekho emthethweni abayizigidi ezingama40 emhlabeni kabanzi.

Manje kuyavunywa ukuthi inkinga yezidakamizwa ingaphezu kwamandla anoma yisiphi isizwe ukuba siyilawule. Khona-ke, ingabe zonke izizwe ziyohlangana futhi zivimbele lenhlekelele ekhona? Ukubambisana okunjalo okuphelele akunakwenzeka, uma kucatshangelwa ubugovu nezisusa zokufuna ukuzuza ezigcwele kangaka ebhizinisini lokuthengiswa kwezidakamizwa ezingekho emthethweni—kungasashiwo ukungezwani okungokombangazwe okungalamuleki. Amanye amazwe ayenqaba ukwenza ukunswinya okuwusizo ngokumelene nemibuso esizanayo yezombangazwe ngisho nakuba iyizikhungo zokuthengiswa kwezidakamizwa. Ngaphandle kwalokho, izigidi zabantu zincike ezitshalweni zezidakamizwa ukuze zithole isinkwa sazo sansuku zonke. “Kunamazwe angamane awohloke uma ibhizinisi lezidakamizwa lingase linyamalale ngobusuku obubodwa,” kusho iWorld Press Review.

Lapho Ithemba Likhona

Zizonke, iziphathimandla zithemba ukunciphisa ukusetshenziswa kwezidakamizwa, futhi ngokuhamba kwesikhathi, zehlise kancane kancane ivuso elikhona lezidakamizwa. Nokho, ukuqedwa ngokuphelele kwenkinga yezidakamizwa kuyithemba eliqinisekile. Litholakala esithembisweni seBhayibheli: “Abayikwenza okubi, bangachithi entabeni yonke yami engcwele, ngokuba umhlaba uyakugcwala ukumazi uJehova njengamanzi asibekela ulwandle.” (Isaya 11:9; Habakuki 2:14) ‘Ukungabikho kokubi nokuchithwa’ kuhlanganisa zonke izinkinga ezibuhlungu ezivela ngokusetshenziswa kabi kwezidakamizwa.

Kodwa qaphela ukuthi kungani: Umhlaba “uyakugcwala ukumazi uJehova.” Isisusa esinamandla siyadingeka ekuyekiseni umuntu ukusebenzisa kabi izidakamizwa. Uthando ngoJehova uNkulunkulu nesifiso sokumthokozisa, esisekelwe olwazini oluqondile ngaye nezindlela zakhe, kuye kwasiza abaningi ukuba bakhululeke ethonyeni lezidakamizwa. Thatha isibonelo sika-Angelo.

Manje eneminyaka engama-60, uAngelo wayenomlando omude njengosebenzisa kabi izidakamizwa, owawuhlehlela emuva le ku-1964. Efundiswe abangane ababesebenzisa izidakamizwa ababebonakala bejabule kakhulu, uAngelo waqala ukusebenzisa insangu futhi waqhubekela kuyicocaine, ihashish, imorphine, ne“five-star acid” (LSD), uma sibala ezimbalwa. UAngelo uthi, “Ngaso sonke isikhathi ngangilokhu ngiqhubekela phambili, nsuku zonke ngangiqhubekela phambili. Ngangiba nomuzwa wokuthi ngingaphatha umhlaba. Ikhanda lami lalizungeza. Ngalesosikhathi izazi zezinkanyezi zaziya enyangeni, kodwa ngangifuna ukuya ngalé kwayo.”

Kodwa izidakamizwa zaveza futhi amaphupho amabi, ukucasuka kalula, nokuba unkom’ idla yodwa, nesifiso sokuzibulala. “NgoMarch ka-79, ngaqala ukufunda iBhayibheli,” kusho uAngelo. “Ngangilokhu ngiba namaphupho amabi futhi ngifuna ukuzibulala. Kodwa ngacabanga ukuthi kufanele ngazi kuqala lapho ngizoya khona uma ngifa. Abanye oFakazi beza emzini wami, futhi ngagcizelela ukuba bangichazele iBhayibheli. Ngesifundo seBhayibheli, ngaqaphela ukuthi ukusebenzisa izidakamizwa kumelene nomthetho kaNkulunkulu—wokuthi imizimba yethu ekaNkulunkulu, futhi njengoba abesi-2 Korinte 7:1 besho, kufanele ‘singayingcolisi.’”

Wakhululeka kanjani ezidakamizweni? “Ngokuthandaza, ukuthandaza ngobuqotho,” kusho uAngelo, “kanye nokufunda iBhayibheli nsuku zonke. Kumelwe ube nesifiso esiqinile sokuyeka izidakamizwa. Akulula nakancane. Kodwa ngaba nomuzwa wokuthi uJehova wayeyazi inhliziyo yami, futhi njengoba izAga 3:5, 6 zisho, ngangingancika kuye. Nginomuzwa wokuthi kwadingeka kube uJehova ongiqondisayo, njengoba azi ukulangazelela enganginakho.”

NjengoAngelo, abaningi abanye baye baqaphela ukuthi ngesisusa esinamandla, ukholo kuNkulunkulu, nokuthembela osizweni lwakhe, kanye nokusekela kwabangane abakhathalelayo nabanothando, umkhuba obulalayo wezidakamizwa ungayekwa. Kodwa “bayakukholwa kanjani abangezwanga ngaye na?” iBhayibheli liyabuza kwabaseRoma 10:14. Abashicileli balomagazini bayokujabulela ukukusiza ukuba uzuze “ulwazi oluqondile” lukaNkulunkulu nethemba eliqinisekile lokuthola ukuphila okuphakade ezweni elisha elingenazo izidakamizwa.—Efesu 1:17; Roma 15:4.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 11]

“Ibhizinisi lezidakamizwa, njengoba lingenisa imali elinganisweni ezigidini eziyizi-750 000 zamaRandi ngonyaka, liyibhizinisi elikhulu kunawo wonke emhlabeni”

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 12]

Isifiso esinamandla siyadingeka ekuyekeni ukusebenzisa kabi izidakamizwa

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela