Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g92 10/22 k. 19-k. 21 isig. 6
  • Kuthiwani Lapho Umzali Wami Esihlazisile?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kuthiwani Lapho Umzali Wami Esihlazisile?
  • I-Phaphama!—1992
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Akulona Iphutha Lakho!
  • Ukuzibonakalisa Ungohlukile
  • Ukubhekana Nemizwa
  • Kuthiwani Uma Umzali Wami Eshiyeka?
    I-Phaphama!—1995
  • Kuthiwani Uma Umzali Wami Engumlutha Wezidakamizwa Noma Wotshwala?
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
  • Ngisebenzelana Kanjani Nomzali Wami Owahamba Ekhaya?
    I-Phaphama!—1990
  • Ngingahlala Kanjani Ekhaya Elihlukene Ngokwenkolo?
    I-Phaphama!—1991
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1992
g92 10/22 k. 19-k. 21 isig. 6

Intsha Iyabuza . . .

Kuthiwani Lapho Umzali Wami Esihlazisile?

UYISE kaJacob wayengumbonisi ohlonishwayo ongumKristu ezweni laseAfrika. Kodwa lapho eshiya unina kaJacob ukuze ahlalisane nomunye wesifazane, uyise kaJacob wasuswa ebandleni lobuKristu. Khona-ke lapho eseqalisa ukuphuza utshwala ngokweqile izinto zaba zimbi kakhulu. “Sekufinyelele kulelizinga,” kukhumbula uJacob, “wayeza esikoleni futhi angiphoxe phambi kothisha nabantwana engifunda nabo.”a

Ngokufanayo, omunye omusha waseAfrika, esizombiza ngokuthi uDavid, wabona uyise esuswa ebandleni lobuKristu njengomenzi wobubi ongaphenduki. “Angizange ngikholwe,” kusho uDavid. “Ngaso sonke isikhathi ngangimbheka njengesibonelo okumelwe ngisilandele. Okwakungikhathaza kakhulu ukuthi akekho umuntu owayengafuna ukuzihlanganisa nomkhaya womuntu osusiwe ekuhlanganyeleni.”

Lapho umzali onakalisa idumela lomkhaya ngokuhileleka ekuziphatheni okuyihlazo, noma ngisho nangokuboshwa, kuvamile ukuba uzizwe uhlazisiwe, udunyaziwe, futhi unovalo ngekusasa. Ngezinye izikhathi ungase uzizwe njengomhubi owabhala: “Usuku lonke ukudunyazwa kwami kuphambi kwami, namahloni amboza ubuso bami.”—IHubo 44:15.

Ngenxa yokuziphatha komzali wakho, ungase uzizwe ungakhululekile futhi udumele lapho unabangane bakho nalabo ojwayelene nabo. Ngokufanayo abanye babo bangase babonakale bengakhululekile uma kukhona wena. Enye intsha engenaluzwela ingase ngisho ijatshuliswe ukukugcona ngesimo somzali wakho, noma abantu abadala bangase bakuxwayise ngokuqinile ngokuthi kungenzeka nawe ekugcineni uthathe inkambo efanayo.

Akulona Iphutha Lakho!

Isisho esasithandwa ezikhathini zasendulo sasithi: “Abazali badlile izithelo zomvini ezimuncu, kodwa abantwana banambithe ubumuncu bazo.” (Hezekeli 18:2, Today’s English Version) Ngokufanayo intsha namuhla ingase ibe nomuzwa wokuthi inanjithiswa izithelo zokuziphatha kabi komzali. Ngemva kokukhishwa kukayise ebandleni, uDavid osemusha wazizwa elimele kakhulu ngokomzwelo futhi wazibuza ukuthi uNkulunkulu wayemjezisa yini.

Kodwa ingabe wayemjezisa? Yiqiniso, uNkulunkulu waxwayisa isizwe sakwaIsrayeli ngokuthi ‘wayehambela ububi bawoyise kubantwana.’ (Eksodusi 20:5) Ngokwesibonelo, ngesinye isikhathi, uJehova wayisa sonke isizwe sakwaIsrayeli ekuthunjweni eBabiloni elikude. Nakuba lokhu ngokuyinhloko kwakungenxa yokuziphatha kabi kwasebekhulile, ngokungangabazeki lokhu kuthunjwa kwaletha ubunzima kubantwana abangamaIsrayeli. Nakuba kunjalo, uNkulunkulu waqhubeka ethanda intsha engamaIsrayeli, enjengoDaniyeli nabangane bakhe, eyaqhubeka imkhulekela ngokwethembeka.—Daniyeli 3:28, 30.

Ngakho nakuba ukuphambuka komzali wakho kungase kukubangele ukudabuka okukhulu nobuhlungu, akudingeki ukuba ukhathazeke ngokuthi uye walahlekelwa umusa noma isibusiso sikaNkulunkulu. Cabangela amazwi kaJehova kuHezekeli 18:14, 17 alandela isisho esicashunwe ekuqaleni esikhuluma ngezithelo zomvini ezimuncu: “Bheka, uma ezala indodana ebona zonke izono zikayise azenzileyo, ibone ingenzi njengazo, . . . yona ayiyikufa ngokona kukayise, iyakuphila nokuphila.”

Nokho, phawula ukuthi ukuze uphile, kumelwe uhlahle indlela ehlukile kuleyo eyalandelwa umzali wakho ophambukayo. “Makube-yilowo nalowo ahlole owakhe umsebenzi,” kunxusa iBhayibheli, “yikhona eyakuba-nokubongwa ngokungokwakhe yedwa, kungengokomunye.”—Galathiya 6:4.

Ukuzibonakalisa Ungohlukile

Ngokwesibonelo, cabangela inkosi esentsha yakwaJuda wasendulo okwakuthiwa uJosiya. Bobabili uyise nomkhulu wayo babenedumela elibi lokukhonza izithombe. Nokho, uJosiya yena “wenza okulungile emehlweni kaJehova.” (2 AmaKhosi 21:19, 20; 22:1, 2) Uyise wenkosi uHezekiya, uAhazi, wayengenye inkosi eyabeka isibonelo esibi kakhulu. UAhazi wavala izivalo zethempeli likaJehova futhi wanikela ngamadodana akhe siqu aba umhlatshelo kunkulunkulu wobuqaba! (2 IziKronike 28:1-3, 24, 25) Nokho, uHezekiya, wazibonakalisa engohlukile kuyise. Waqala ukubusa lapho eneminyaka engu-25 futhi ngokushesha waqala ukubuyisela ukukhulekela kweqiniso kwaJuda.—2 AmaKhosi 18:1-5.

Amadodana kaKora abeka isibonelo esifanayo. Ngaphambi kokungena kwesizwe sakwaIsrayeli eZweni Lesithembiso, uKora, umLevi ovelele, wahola ukuvukela okwakumelene noMose noAroni. Nokho, lokhu kuvukela kwabhuntshiswa ngokushesha lapho uKora nabalandeli bakhe bebulawa ngokuzamazama komhlaba nangomlilo ovela ezulwini. Nokho, ngokuthakazelisayo, amadodana kaKora asinda. (Numeri 26:9-11) Kusobala ukuthi awazange abe sohlangothini lukayise kulokhu kuvukela. Ngokungangabazeki lamadodana kaKora azizwa ehlazisiwe yinkambo kayise embi. Kodwa uJehova wayibusisa inzalo kaKora ngoba yanamathela eMthethweni wakhe. Amanye amazwi amahle kakhulu atholakala eBhayibhelini alotshwa amadodana kaKora.—Bheka amaHubo 45, 48, 84, 85, 87, no-88.

NjengoJosiya, uHezekiya, namadodana kaKora, intsha eningi engamaKristu namuhla iye yazibonakalisa ihlukile kubazali abaphambukayo. Cabangela omusha oweve eshumini elinambili leminyaka esizombiza ngokuthi uMaxwell. Abazali bakhe babeke baba oFakazi BakaJehova abathembekile kodwa baba abaphikisi bobuKristu abayizihlubuki. Ngesinye isikhathi abazali bakhe babephethe amafulegi futhi bemasha ngaphandle kwamagceke omhlangano wobuKristu uMaxwell ayekuwo. “Kwakudumaza kakhulu,” uyachaza. “Abanye ababengazi ukuthi babengabazali bami bathi kimi, ‘Ingabe uzibonile lezozihlubuki eziyiziphukuphuku ngaphandle?’” Nokho, uMaxwell akazange ayilandele inkambo yokuhlubuka yabazali bakhe. Nangenxa yokusekela kwamalungu omkhaya athembekile nabanye abangane abangamaKristu, uye wakwazi ukulwisana nemizwa yokudumazeka namahloni.

UMaxwell, uJacob noDavid (okukhulunywe ngabo ngaphambili) ngempela baye basinqoba isimo semikhaya yakubo. Njengamanje bonke bayizikhonzi ehhovisi legatsha leWatch Tower Society eAfrika. UMaxwell uthi: “Ngiyazi ukuthi kungase kuphinde kudingeke ukuba ngibhekane nokudunyazwa abazali bami esikhathini esizayo, kodwa futhi ngiyazi ukuthi uma ngithembela kuJehova, uzonginikeza amandla okukhuthazela.”

Ukubhekana Nemizwa

Usizo lungase ludingeke kakhulu ukuze ulwisane nemizwa ecindezelayo ebangelwa ukuziphatha komzali wakho okuhlazisayo. “Lapho ngibona umama [edakiwe],” kwabhala uCharmaine oneminyaka engu-15 ubudala, “kuba sengathi okuthile kuyafa ngaphakathi kimi . . . Ngithukuthela kakhulu . . . Abangane bami akumelwe neze bazi ukuthi iyini inkinga kamama, ngoba ngisazihlonipha.” (Alcohol Abuse—The Incredible Lie! kaHenri Naudé) Nokho, isaga sesiZulu sisikhumbuza ukuthi, “ingane engakhali ifela embelekweni.” Phakathi kokunye, inkinga yomzali wakho ingase ibe indaba eyaziwayo. Ngakho kungani kufanele uyibheke njengemfihlo okungenakukhulunywa ngayo? Futhi ngisho nalapho ukuzithulela kuhlakaniphile, ingabe kunengqondo ukuvumela imizwa yakho yenzondo ukuba ikhule? Ingabe bekungeke yini kusize ukuthola umKristu ovuthiwe ongamthululela isifuba sakho? Ngalendlela ungathola isikhuthazo esihle.—IzAga 12:25; 16:24.

Ukucabanga ngezimiso zeBhayibheli kungenye indlela ephumelelayo yokubhekana nemizwa ephambene. UJacob uyavuma: “Izinto ubaba ayezenza zadala inzondo ngaye enhliziyweni yami.” Nokho, inzondo ngeke isithuthukise isimo, futhi ayivumelani nomyalo weBhayibheli wokwazisa uyihlo nonyoko. (Efesu 6:1-3) Kunokuba uzonde umzali wakho ngokwakhe, kufanele ube nenzondo enempilo ngobubi bomzali wakho. (Qhathanisa nezAga 8:13; Juda 23.) Kufaneleke kakhulu ukulalela nokubonisa inhlonipho ngomzali ophambukayo. Ukubonakalisa nokuzwakalisa uthando lwakho oluqhubekayo kungase kusize ukushukumisa lowomzali ukuba enze izinguquko ezidingekayo.

UJacob osemusha wayenenye inkinga evamile—ukuthambekela kokuziqhathanisa nenye intsha eyayinezimo ezingcono. Nokho, wayiqaphela indlela ukucabanga okunjalo okungazuzisi ngayo. UJacob uthi: “Kunokugxila emicabangweni enjalo, kungcono kakhulu ukugxila ezindleleni zokulwisana nesimo.” UJacob wathola ukuthi ukufunda izincwadi zeBhayibheli nokuzindla ngenkambo yokuphila kwamaKristu athembekile kwakuwusizo olukhulu.

Ubungane obuseduze nebandla lobuKristu bungase futhi bube usizo. Lapho ungase uthole ‘abafowenu nodadewenu nomama’ abangokomoya. (Marku 10:30) UDavid osemusha wayekhathazwa ukuthi amalungu ebandla ayengase amgweme ngenxa yokususwa ekuhlanganyeleni kukayise. Kodwa wathola ukuthi ukukhathazeka kwakhe kwakungafanele neze. Uyachaza: “Ebandleni, asenziwanga sazizwa silahliwe, njengoba ngangicabanga ukuthi kwakuzoba njalo. Abangane babesaqhubeka besivakashela. Konke lokhu kwangenza ngaqiniseka ukuthi ngempela ibandla liyakhathalela.”

Akungabazeki ukuthi ukuba nomzali ophambukayo kungaba buhlungu futhi kulethe umonakalo. Kodwa akumelwe ulahle ithemba. Cabanga ngokuhlangenwe nakho kwalabo okukhulunywe ngabo lapha. Funa usizo lwabangane abanothando. Ungabonisi indelelo ngabazali bakho; inkambo yakho yokwethembeka ingase ibashukumisele ukuba bashintshe ekugcineni. (Qhathanisa no-1 Petru 3:1, 2.) Futhi kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani, khumbula ukuthi ukuma kwakho phambi kukaNkulunkulu akuxhomekile ekuziphatheni kwabazali bakho. Kuxhomeke kuwe!

[Umbhalo waphansi]

a Amagama abantu kulesihloko aye ashintshwa.

[Isithombe ekhasini 20]

Akudingeki ukuba ulandele inkambo ephambukile yabazali bakho

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela