Ukuzalanisa Imithi Yasogwini
Ngumlobeli wePhaphama! eCanada
UKUHAMBA phakathi kwesixhobo sezihlahla ezinde ngokuqinisekile kungokunye kokuhlangenwe nakho okuhlaba umxhwele kakhulu, ngisho nokwesabekayo umuntu angaba nakho. Ukubona imisebe yokukhanya nemibala, ukuhogela umoya opholile, oqabulayo, nokuzwa ukuzola nokuthula kuhlaba umxhwele ngempela.
INyakatho-ntshonalanga Pacific yaseNyakatho Melika yaziwa kakhulu ngehlathi layo elikhulu. Izintaba, amathafa, izihosha kwembozwe imithi emikhulu emihle ekhula ngokushesha yasogwini—izihlahla ezinamacone ezinokhuni oluthambile. Ihemlock, ibalsam, ipine, umsedari, ispruce, nefir zonke zikhula zibe zinde lapha. IDouglas fir edumile ingafinyelela ubude obungamamitha angu-90!
Nokho, kunokuningi ngokwengeziwe kulezihlahla kunobukhulu bazo. Zibalulekile ekuphileni kwabagawuli bamahlathi, abashayeli bamaloli, abakhi bemigwaqo, izisebenzi ezisaha izingodo, abasebenza ngezikebhe, nabanye. Futhi izihlahla zikhiqiza izinto ezisetshenziselwa ukukhiqiza izinkulungwane zezimpahla ukuze kwaneliswe abathengi. Izihlahla zibaluleke kangangokuthi ososayensi nabaphathi bamahlathi bazama ukuthola izindlela zokusheshisa ukukhula kwazo nokuthuthukisa umkhiqizo wehlathi. Ukuze benze lokhu, baye baphendukela esayensini nasebucikweni bokuzalanisa izihlahla.
Kungani Kufanele Izihlahla Zizalaniswe?
Izihlahla ehlathini, njengobuso babantu esixukwini, ziyahlukaniseka. Ngasinye sihlukile kancane kwesinye ngobude, amahlamvu, nangezinye izingxenye zaso. Futhi singase sihluke ngezindlela ongeke uzibone.
Ezinye izihlahla zikhula ngokushesha kunezinye. Ezinye zikhiqiza ukhuni oluqine ngokwengeziwe, olusindayo, nolucacile (olungenawo amaqhuzu) kunezinye. Futhi ezinye zikwazi ngokwengeziwe ukumelana nezinambuzane nezifo. Zonke lezinto zibaluleke kakhulu embonini yamahlathi.
Ngokwemvelo abaphathi bamahlathi bafuna izihlahla ezikhula ngokushesha, ezimelana nezifo, nezikhiqiza ukhuni lohlobo oluphezulu. Futhi ukuze kube lula ukuzigawula, ukuzithutha, nokuzisaha, kufiseleka kakhulu izihlahla ezicishe zilingane. Kodwa izihlahla ezifanelekile—izihlahla ezindala ezazimi lapha lapho kufika abagawuli bamahlathi bokuqala phakathi nekhulu le-19 leminyaka—kakade sezivuniwe. Izihlahla ezinqunywayo namuhla, ezikhula okwesibili, zincane, zikhula kancane ngokwengeziwe, zinokhuni oluncane, futhi ziwuhlobo olungalingani. Kuwumsebenzi womuntu ozalanisa izihlahla ukukhiqiza izihlahla ezinezimpawu ezifiselekayo. Lokhu kuye kwaholela ezimisweni zokuthuthukiswa kwezihlahla ezisebenzayo manje eNyakatho-ntshonalanga Pacific.
Indlela Okwenziwa Ngayo
Ukuzalanisa izihlahla kuqala ngokukhetha. Endaweni lapho kuhlelwa khona ukutshalwa kabusha kwehlathi, iqembu lochwepheshe lihamba phakathi kweqembu lezihlahla lifuna izihlahla ezinhle—izihlahla ezibonakala zingazala izihlahla ezinhle ngokofuzo.
Uma ukufuna izihlahla kuzwakala njengokuhamba ngemoto kamnandi phakathi kwehlathi, lokho akulona iqiniso. Kuwukufuna okukhandlayo. Isihlahla ngasinye esihle kumelwe sifanelane nezimpawu ezilotshwe ephepheni—sikhiqize amacone amahle, sikhule ngokushesha, sibe nesiqu esiqondile, singabi nesifo, njalonjalo. Kodwa kulomsebenzi, ukubukeka kungakhohlisa. Lesosihlahla ifir esihle, esiphilile, esingamamitha angu-40 ubude singase sibe side, kodwa ingabe sikhule ngokushesha noma simane nje sidala? Ingabe simane saba sendaweni enhle ngokwesimo sezulu noma isimiso sokuhambisa amanzi, noma ingabe ubukhulu baso bungenxa yamandla aso ofuzo angokwemvelo?
Lapho kutholakala isihlahla esigculisayo, sifakwa uphawu nenombolo. Kodwa, manje, singazalaniswa kanjani ukuze sikhiqize ezinye izihlahla zezinga eliphezulu? Akukho lutho olungazuzwa ngokusisiphula futhi sitshalwe kabusha kwenye indawo. Futhi ngeke kube nenzuzo ukumane kuthathwe izimbewu zaso uzitshale. Lokhu kungenxa yokuthi ayikho indlela yokwazi ukuthi yisiphi isihlahla kweziseduze esazalisa izimbewu, ngaleyondlela sazenza zadungeka ngokofuzo. Okudingekayo okuthile okunqunywe esihlahleni. Nokho kungatholakala kanjani?
Igatsha eliphansi kakhulu liphezulu komhlabathi. Khona-ke odubula anembe uphakamisa isibhamu sakhe adubule. Bese iyehla ingxenye yegatsha eliphilile. Lokhu okunqunyiwe, okubizwa ngokuthi iscion, kamuva kuyathathwa bese kuxhunywa esiqwini sesihlahla esincane endaweni lapho kutshalwe khona izihlahla zembewu. Lapho lescion exhunyiwe izokhula ifane ncimishí ngokofuzo nesihlahla sokuqala—iclone.
Indawo okutshalwa kuyo izihlahla zembewu ikhethwa ngokucophelela ukuze amaclone axhunyiwe angazaliswa izihlahla zasendle. Lapho amaclone evuthwa, izimbali zokuzala, ezivikelwe ngezimvilaphu zamaphepha empoveni ethuthwa umoya, ziyazalaniswa ngokujovwa ngenaliti. Kuleyombewu ezophuma kuzophuma isizukulwane esisha sezithombo, noma izitshalo ezincane. Ngesinyathelo ngasinye kulenqubo, nangesithombo ngasinye, kumelwe kugcinwe ukwaziswa okunemininingwane ukuze kulandelwe umkhondo womsuka wesihlahla esihle, umthombo wempova, kanye nokunye ukwaziswa okuningi.
Izithombo zibe seziyiswa endaweni eseduze kwesihlahla esihle bese ziyatshalwa ukuze kubonakale ukuthi zikhula kanjani. Njengabantwana babantu izihlahla zingase zibafuze kahle noma kabi abazali bazo. Uma zikhula kahle, amascion azo angase abe isisekelo sesizukulwane sesibili sezihlahla zembewu. Izimbewu ezivela kulamascion zingase zidayiswe kwezentengiselwano ngo-R1,60 ngegremu elilodwa. Kodwa uma zingakhuli kahle, abazali bazo, amaclone, angase asishulwe ensimini, futhi izihlahla ezinhle ayethathwe kuzo ziyakhishwa esimisweni. Kumelwe kutholakale izihlahla ezinhle ezintsha, futhi inqubo ekhandlayo iphinda iqale phansi.
Konke lokhu kuthatha isikhathi esiningi. Umuntu ozalanisa izihlahla angase angalindeli ukubona ngisho nesizukulwane esisodwa esikhule ngokuphelele esiwumphumela womsebenzi wakhe. Kuthatha iminyaka engaba yishumi ukuba insimu yezihlahla zembewu ikhiqize imbewu ngezilinganiso ezisebenzisekayo. Kuthatha eminye iminyaka eyishumi ukuhlola inzalo yezihlahla zakuleyonsimu. Ekugcineni, kuthatha eminye iminyaka engu-50 kuya ku-60 ukuba izihlahla zifinyelele ubukhulu obufanele ukuthi sezingavunywa.
Kunezingozi
Njengoba sekuphawuliwe ngaphambili, uma amascion axhunyiwe engakhuli kahle, kungalahleka iminyaka eminingi yomsebenzi. Ngaleyondlela, kunesilingo esikhulu sokunamathela kuphela ezihlahleni ezinhle kakhulu ezincane ngenani. Kodwa kunezingozi ekwenzeni lokhu. Ziyini?
Isihlahla ngasinye, njengomuntu ngamunye (ngaphandle kwamawele amabili noma amathathu afana ncimishí), siyingqayizivele ngokofuzo—uhlobo oluhlukile. Uma zimbalwa izinhlobo zezihlahla eziseqoqweni lwezakhi zofuzo lomuntu ozalanisa izihlahla, izinhlobo zezakhi zofuzo ziba mbalwa kuleloqoqo, kwenze ibe nkulu ngokwengeziwe ingozi yokuthi isifo esithile noma izinambuzane ziyoqothula sonke isizukulwane sezihlahla, ngisho nalo lonke ihlathi.
Ngakho-ke kuwukuhlakanipha ukuba neqoqo elikhulu lwezakhi zofuzo, ngisho nakuba ezinye zezihlahla ezinhle ezisetshenziswayo zingakhuli ngokushesha kangako noma zingaqondile. Ukusebenzisa izihlahla ezinhle eziningana kunciphisa ingozi yokubhujiswa okuphelele.
Ikusasa Lokuzalanisa Izihlahla
Nakuba kungase kuthathe eminye iminyaka engu-50 ngaphambi kokuba kube khona imiphumela yokuzalanisa izihlahla okwenziwayo namuhla, inzuzo iwukuthi amahlathi atshalwa ngembewu ethuthukisiwe ayothengiswa ngesikhathi esincane ngamaphesenti ayishumi noma angu-20 kunalawo atshalwe ngezimbewu ezivamile. Futhi ezinye izazi zibikezela ukuthi ukuzalaniswa kwezihlahla kungandisa ubukhulu bamapulangwe atholakalayo ngamaphesenti angaba ngu-25 kunoma iyiphi indawo. Lenzuzo, kanye nokumelana kangcono nezifo nezinambuzane, ukhuni oluqinile noluhlanzekile, nokukhiqizwa kwembewu engcono, kwenza ukuzalanisa izihlahla kube ingxenye ebalulekile yokuphathwa kwamahlathi eNyakatho-ntshonalanga Pacific.
Isikhathi silokhu siyisitha somuntu ozalanisa izihlahla. Kuthatha isikhathi eside kakhulu ukuba abone imiphumela, ukwenza izinqumo, nokuqhubeka nesinyathelo esilandelayo. Izihlahla, futhi ikakhulukazi ezithela amacone, ziye zaphila isikhathi eside kunathi. Kodwa iBhayibheli likhomba phambili esikhathini lapho lokho kungeke kusenzeka. Lithembisa ukuthi, “izinsuku zabantu bami ziyakuba-njengezinsuku zomuthi.” Eqinisweni, uNkulunkulu uthembisa ukuthi abantu bakhe bayophila phakade. (Isaya 65:22; IsAmbulo 21:3, 4) Khona-ke abantu bayoba nesikhathi sokuhlola ikhono lezakhi zofuzo elimangalisayo elisafihlekile ezitshalweni nasezilwaneni.
[Isithombe ekhasini 26]
Ukudubula ingxenye yesihlahla