Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g92 10/22 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
  • I-Phaphama!—1992
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Amalungu Amasha Okugembula—Intsha!
    I-Phaphama!—1995
  • Kubi Ngani Ukugembula?
    I-Phaphama!—2002
  • Gwema Ugibe Lokugembula
    I-Phaphama!—2002
  • UMBONO WEBHAYIBHELI
    I-Phaphama!—2015
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1992
g92 10/22 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ukugembula Uchungechunge lwenu oluthi “Ukugembula—Ingabe Kuyakhokhela?” (June 8, 1992) beluluhle kakhulu ekuboniseni imiphumela yokuba umlutha wokugembula, kodwa belweqisa. Ngokwesibonelo: Ukudakwa kubi, kodwa ukuphuza utshwala khona ngokwakho akukubi. Ngokufanayo, ukugembula kungase kube umdlalo olungile uma kwenziwa ngokulinganisela. Umgembuli ongakwenzi njalo akavilaphi ngempela noma anxanele inzuzo eyihlazo.

J. R., United States

Asivumi ukuthi ukungagembuli njalo kungaqhathaniswa nokuphuza utshwala ngokulinganisela. Lokhu kwamuva akwenqatshelwe eBhayibhelini. Nokho, iBhayibheli libenqabela ngokuphelele ubugovu nanoma yimaphi amathonya ‘kankulunkulu weNhlanhla.’ (Isaya 65:11, NW; 1 Korinte 6:9, 10) Umuntu ogembulayo ngisho noma engakwenzi njalo kusengenzeka ushukunyiswa isifiso sobugovu sokuthola okuthile ngokulahlekelwa kwabanye. Ngempela, okuhlangenwe nakho kubonisa ukuthi ukuba umlutha wokugembula ngokuvamile kuqala njengomdlalo wokuchitha isizungu ongasho lutho. Ngakho-ke amaKristu ngokuhlakanipha agwema zonke izinhlobo zokugembula.—ED.

Ukubhula Ngenduku Ngithanda ukuzwakalisa ukubonga kwami ngesihloko esihle kakhulu esithi “Ukubhula Ngenduku—Ingabe Kungokwesayensi Noma Kuwukulumba?” (April 22, 1992) Ubaba ngezinye izikhathi wayenza lokho okuthiwa ukuthola amanzi ngokulumba. Ukunyakaza ngakunye kwenduku yakhe kwakubonisa ukuthi indawo ijule ngefidi elilodwa ukufika emthonjeni wamanzi. Lapho ngiseNingizimu Melika, ngabona ukubhula ngenduku kwenziwa ngendlela efanayo. Nokho, lapho ukunyakaza ngakunye kwakubonisa ukujula ngemitha elilodwa. Kungani isilinganiso siguquka? Ngokusobala, lokhu kuhlakanipha okufihlekile cishe kunomsuka wobudemoni.

W. B., United States

Izihambi Ngiyanibonga ngochungechunge oluthi “Sizani!—Siyizihambi.” (May 8, 1992) Eminyakeni emithathu edlule nganquma ukuthuthela eJapane kodwa angikwazanga ukwenza kanjalo. Ngaso sonke isikhathi benginomuzwa wokuthi bekuyoba ngcono uma ngabe ngathutha. Nokho, ngemva kokufunda isihloko senu, ngaqaphela ukuthi bengingakulungele, uma kuziwa ekwazini ulimi nempucuko.

D. G. A., Brazil

Lesihloko singikhumbuze okuhlangenwe nakho kwami siqu. Nakuba ngingowokuzalwa eUnited States, eminyakeni eminingi edlule ngathuthela kwenye indawo yakulelozwe eyayinesidingo sabashumayeli. Ngabhekana nezinye izinkinga izihambi ezidlula kuzo ekuzivumelaniseni nezimo. Kwadingeka ngifunde ukwanuleka nokungaqhathanisi ikhaya lami elisha nalelo engakhulela kulo. Ngafunda ngisho nangokuphila kwezitshalo nokwezilwane zakuleyondawo. Lesihloko sibe usizo olukhulu kimi, futhi ngiyethemba sishukumise abanye abaningi.

K. H., United States

Abazali Abangakholwa Singikhuthazile isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Kuthiwani Uma Abazali Bami Bengangisekeli Okholweni Lwami?” (January 8, 1992) Abazali bami bangabakhulekeli bamadlozi abashisekayo futhi bafuna ngiyeke ukuba omunye woFakazi BakaJehova. Ngiye ngadumazeka izikhathi eziningi, kodwa lapho ngibona amazwi esethulo alesihloko, ngaqaphela ukuthi akumina kuphela okulesisimo.

Y. M., Japan

Abazali bami bangamaKatolika futhi abangivumeli ukuba ngibe khona emihlanganweni yoFakazi BakaJehova. Baye ngisho basongela nangokungixosha ekhaya. Ngakho-ke ngajabula lapho umngane engilethela lesihloko esikoleni ukuba ngisifunde. Singinikeze amandla okuphikelela, futhi manje ngiyaqiniseka ukuthi imizamo yami ayilona ize.

H. W., United States

Asikho esinye isikhathi esifaneleka kangcono lesihloko ebesingafika ngaso. Njengoba kuyimina ngedwa emkhayeni wakithi ongomunye woFakazi BakaJehova, ngiye ngabhekana nokuvivinywa okuningi okuvela kubazali bami. Isihloko senu singisize ukuba ngazise ukusekela kwabafowethu nodadewethu abangamaKristu nendlela abangisiza ngayo ukuba ngilondoloze ingokomoya lami.

D. H., United States

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela