Izinto ISiphepho IAndrew Esasingenakuzibhubhisa
EZINYE iziphepho zibhubhisa kakhulu kunezinye.a Ezinye ziba nje imimoya enamandla, eletha imvula enkulu futhi isiphule nemithi. Ngakho kwaba khona iSiphepho iAndrew eningizimu Florida (August 24, 1992) kanye naseLouisiana (August 26, 1992), iSiphepho i-Iniki eKauai, eHawaii (September 12, 1992), neTyphoon Omar eGuam (August 28, 1992).
Leziphepho zabangela umonakalo owafinyelela ezigidini zezigidi zamaRandi. Abantu abaningi bafa eFlorida. Izinkulungwane zemikhaya zasala zingenamakhaya. Izisebenzi zemishuwalense zazikhwishiza zizungeza amakhaya onakalisiwe zifuna abaninizo futhi zibhala izindleko zomonakalo.
Umbiko ovela eKomitini Yosizo yoFakazi BakaJehova wathi amakhaya angu-518 kwangu-1 033 oFakazi BakaJehova eFort Lauderdale abakulesosifunda alungiswa. Uma kubalwa wonke amakhaya, lokho bekungasho ukuthi okungenani amaphesenti angu-50 awo wonke amakhaya iAndrew eyadlula kuwo abhujiswa. Ngemva kwalokho, labo abanenhlanhla yokuba babe nekhaya elisakufanelekela ukuba kuhlalwe kulo babezama ukomisa ifenisha yabo kanye namakhethini futhi bahlanze uketshezi olwaluncibilike kusilingi owawa ngenxa yesikhukhula semvula eyangena ngophahla olwephukile. Abaningi babekuthola kunzima ukubuka izicucu zamakhaya abo. Labo mhlawumbe ababethinteke kakhulu kwakuyilabo abahlala emakhaya athuthwayo angaqinile kakhulu noma ezinqoleni ezidonswayo.
ISiphepho IAndrew Sathinta Wonke Umuntu
Omunye umbhangqwana onjalo kwakunguLeonard noTerry Kieffer. Lapho uphinda uvakashela ikhaya lawo elithuthwayo elalipakwe eDolobheni laseFlorida, kwadingeka uzichaze ukuthi ungobani endaweni evinjwe amasosha ukuze ukwazi ukungena kulendawo. Owakubona kwakuyikhaya elithuthwayo elipakiwe elalibukeka sengathi lalishaywe ngamabhomu ayiziqhumane ezinamandla—engashiyanga zimbobo. Imithi yayisiphukile. Izingqwembe ze-aluminum epoqokile, ngaphambili ezaziyizindonga kanye nophahla lwalamakhaya, zazizongolozele izihlahla futhi zilenga emagatsheni njengokungathi umhlobiso wohlobo oluthile womkhosi oyinqaba. Izintambo zikagesi zazisakazeke phansi yonke indawo, izigxobo zokhuni ziklayeke njengezinti zikamentshisi. Izimoto zazibheke phezulu futhi ziyizicaba.
UBob van Dyk, lowo ikhaya lakhe elalisanda kwakhiwa kwathiwa alisakufanelekele ukuhlalwa, uchaza isimo sendlu yakhe: “Usilingi wawolokohlela phansi, waphahlaza okuphahlazekayo, wagoba okugobekayo futhi wasethusa, thina esingamagwala.”
Izimpahla zomuntu siqu, amathoyizi, izingubo zokugqoka, izithombe, izincwadi, kwakusakazeke phansi njengezikhumbuzo ezidabukisayo zendlela yokuphila yangaphambili. Ikati elimnyama elinesizungu lalizulazula ngokungenanjongo kulemfucumfucu. Lagqolozela abakwaKieffers njengokungathi liyabuza. Izibankwa ezincane zazikhwishiza kulokho ngaphambili okwakuyimpahla eyigugu yothile. Iphunga lokudla okubolayo, okuchitheke eziqandisini eziphukile, laligcwele emoyeni. Kuzo zonke izinhlangothi kwakunomonakalo omkhulu—wonke ubangelwe imimoya, imimoya enamandla, ivunguza ngesivinini samakhilomitha angu-260 ngehora.
Kwakudabukisa inhliziyo kubaniniwo nakubantu abahlala kulamakhaya. Ngemva kweminyaka eminingi yokukhulisa umkhaya kanye nokuhlanganyela ukuphila kwabo ngaphansi kophahla olulodwa, bafika ngemva kwesiphepho bathola yonke into iphahlazekile futhi isakazeke yonke indawo. AbakwaKieffers babephephise ezinye zezinto zabo ekuvakasheni kwabo kwangaphambili, kodwa kwakudabukisa kakhulu ngabo ukufuna emfucumfucwini yasendlini lokho okwakusele. Nokho, bakwazisa ukuthi babesaphila futhi bekwazi ukukhonza uNkulunkulu.
ISiphepho iAndrew asishiyanga lutho. Izindawo zezitolo, amafekthri, izindawo zokugcina izimpahla zasesitolo—konke kwaba izisulu zokuhlasela kwemvelo. Amacebo omuntu ayize ezokwakha awazange akwazi ukumelela lenselele.
Izimfanelo Zomuntu Ezinhle Nezimbi Kakhulu
Usizo lwaqala ukugaleleka eFlorida luvela kulo lonke izwe njengoba izinhlangano ezihlukahlukene zokunikeza usizo zazihleleka. INdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova eBrooklyn, eNew York, yasabela ngokuphazima kweso futhi yamisa ikomiti yokunikeza usizo ukuba isebenze iseHholo LoMhlangano laseFort Lauderdale. Yakhipha futhi isamba esikhulu semali ukuze kuthengwe izimpahla, ukudla, kanye nezinto eziphuthumayo. Ngokomphumela, oFakazi babephakathi kwabantu bokuqala abasabela kulesosimo futhi baqala ukubiza izisebenzi zokuzithandela. Empeleni, eziningi zeza nje zingabizwanga.
Izisebenzi ezingoFakazi zafika zivela eCalifornia, eNyakatho Carolina, eOregon, eWashington State, ePennsylvania, eMissouri, nakwezinye izindawo eziningi. IKomiti Yokwakha Yesifunda yaseVirginia okuyiyona ngokuvamile eyakha amaHholo OMbuso yathumela iqembu loFakazi abangu-18 ukuba bazolungisa uphahla. Kwalithatha amahora angu-18 lihamba ngemoto ukuba lifike. Izisebenzi zokunikeza usizo zathatha isikhathi seholide noma sokungabibikho emsebenzini futhi zanqamula izwe, amakhulu futhi ngisho nanezinkulungwane zamakhilomitha, ukuze zifike koFakazi abakanye nazo abasekuhluphekeni.
Okwaba usizo kakhulu kwakuyiqembu elalivela endaweni yaseCharleston eNingizimu Carolina. Babeke baba nokuhlangenwe nakho kweSiphepho iHugo emuva ngo-1989. Babazi ukuthi balindeleni futhi ngokushesha bahlela izinto zokusiza, kuhlanganise nomshini ophehla ugesi (i-generator) kanye nezinto zokwakha. Phakathi namasonto amabili amaqembu ezisebenzi zokuzithandela ayesomise amakhaya angaba ngu-800 futhi ayeselungise uphahla lwezindlu eziningi.
Abangane bomshado kanye nomakhelwane abangesibo oFakazi bazuza osizweni olwalunikezwa amaqembu abantu abalungisayo angoFakazi. URon Clarke waseWest Homestead wabika: “Abangane bomshado abangakholwa baye bahlabeka umxhwele ngempela ngakho konke lokhu. Baye bakhala, bakhungatheka ngalokho oFakazi kakade asebebenzele khona.” Ngokuphathelene nendoda engakholwa yomunye uFakazi, wanezela: “Ujabule ngendlela emangalisayo—oFakazi manje bakwakhe bamfakela uphahla lwendlu yakhe.”
Omunye uFakazi walandisa ngomakhelwane bakhe abangesibo oFakazi ayebahlola ubusuku ngabunye. Bathi babengenankinga. Ngosuku lwesihlanu, inkosikazi yahluleka ukuzibamba futhi yakhala. “Asinawo amanabukeni engane. Cishe asinakho nhlobo ukudla kwengane. Asinakho ukudla okwanele namanzi.” Indoda yayidinga amalitha angu-20 kaphethiloli kodwa yayingawutholi ndawo. Ngalo lolosuku, uFakazi wabalethela konke ababekudinga ekuthathe esikhungweni sokunikeza usizo esiseHholo LoMbuso. Inkosikazi yakhala ngenxa yenjabulo. Indoda yakhipha umnikelo womsebenzi wokunikeza usizo.
Indima ebalulekile yafezwa abadala kanye nezinceku ezikhonzayo zebandla ezasebenza ngokubambisana ekulungiseleleni usizo emaHholo OMbuso ahlukahlukene avuselelwe asendaweni enenhlekelele. Basebenza ngokungakhathali ukuze bathole bonke oFakazi futhi bathole ukuthi ziyini izidingo zabo. Ngokuphambene, isikhulu seButho Lezindiza Zempi sacashunwa sikhuluma ngomzamo wokunikeza usizo kwenye indawo sithi: “Zonke izikhulu zifuna nje ukuba izikhulu, kodwa akekho ofuna ukusebenza ngokuzikhandla futhi enze ngokoqobo umsebenzi ongcolisayo.”
Izinhlekelele zingaveza izimfanelo ezinhle kakhulu nezimbi kakhulu ebantwini. Isibonelo sezimbi kakhulu kwakuwukuphanga. Omunye umkhaya woFakazi wanquma ukuthi okungenani ungalondoloza isiqandisi sawo kanye nomshini wokuwasha ukuze kusetshenziswe esikhungweni sokunikeza usizo esiseHholo LoMbuso lendawo. Waya ehholo ukuze uyolanda iloli. Ngaphambi kokuba ubuye, abaphangi base bezintshontshe zombili lezinto!
Ufakazi wokuzibonela wabika: “Njengoba sasihamba emigwaqweni eyincithakalo, sasibona amakhaya anezimpawu ezixwayisa abaphangi ukuba bangasondeli. Ezinye zezimpawu zazithi, ‘Abaphangi Kumelwe Bafe’ nezithi, ‘Abaphangi Bazodutshulwa.’ Olunye lwaluthi, ‘Abaphangi ababili badutshuliwe. Oyedwa ufile.’ Izitolo kanye nezindawo ezinkulu zezitolo zaziphangiwe.” Ngokukasayitsheni weAirborne Division ka-82, okungenani umphangi oyedwa wayebanjiwe futhi abantu bazibulalela yena ngendluzula.
Kwaboshwa abantu abaningi. Kubonakala sengathi kunoma iyiphi inhlekelele izigebengu zihlala zikulungele ukuhlwitha njengamanqe. Futhi ngisho nabantu nje abavamile bayayengeka ukuba baphange. Inkolo, izindinganiso zokuhle nokubi, kanye nezimiso zokuziphatha kubonakala kunyamalala lapho kunesilingo sokuthola okuthile ungakukhokhelanga.
Abalobeli bePhaphama! batshelwa ukuthi ekuqaleni amasosha ambalwa ayentshontshelwe ngisho nezibhamu zawo ezingenazo izinhlamvu zintshontshwa abaphangi abahlomile. Amanye amasosha ezwakala ethi ayebheka isikhungo sokunikeza usizo esiseHholo LoMbuso njengendawo enamanzi ogwadule “ngenxa yokuthi,” njengoba asho, “nina aniziphathi izibhamu.”
“Ungahlali Nje Uqhathe Usizi”
Yini oFakazi BakaJehova abaye bayifunda kokuhlangenwe nakho kwabo kwenhlekelele engokwemvelo? Vuselela imisebenzi engokomoya ngokushesha ngangokunokwenzeka. UEd Rumsey, umbonisi waseHomestead, watshela abePhaphama! ukuthi iHholo LoMbuso eliyisitezi lalikulungele ukuba kube nemihlangano kulo ngoLwesithathu olulandela uMsombuluko wesiphepho. Olunye uphahla lwaluphephukile, usilingi uwohlokile, futhi kungené amanzi. Izisebenzi zokuzithandela zasebenza ngokushesha ukuba zibuyisele amaHholo OMbuso esimweni esihle ukuze kube nemihlangano futhi asetshenziswe njengezikhungo zokukhipha iziyalezo okuqondiswa kuzo umsebenzi wokunikeza usizo endaweni yabo eyincithakalo. Kwamiswa amakhishi ukuze izisulu kanye nezisebenzi ezinikeza usizo ziphakelwe ukudla.
UFermín Pastrana, umdala weBandla lasePrinceton labakhuluma iSpanishi wabika ukuthi imikhaya eyisikhombisa ebandleni elinoFakazi abangu-80 yayilahlekelwe amakhaya ayo ngokuphelele. Yiliphi ikhambi ayelisikiselé koFakazi akanye nabo? “Khala uma kudingeka ukhale. Kodwa-ke ungahlali phansi bese uqhatha usizi. Yiba matasa ngokusiza abanye, futhi ngokwezinga okungenzeka ngalo, phuma uye enkonzweni. Ungaphuthi emihlanganweni yethu yobuKristu. Xazulula okungaxazululeka, kodwa ungakhathazeki ngokungenalo ikhambi.” Ngenxa yalokho, ngokushesha oFakazi babeshumayela futhi bethatha amabhokisi anezinto zokusiza bewayisa endlini ngendlu. IAndrew yayingazange iyiphephule intshiseko yabo.
‘Esikhathini Esizayo Siyophuma!’
USharon Castro, owesifazane oneminyaka engu-37 ubudala waseCutler Ridge watshela abePhaphama! indaba yakhe: “Ubaba wanquma ukuba angaphumi. Waba nomuzwa wokuthi njengoba isiphepho sangesikhathi esedlule sasingazange sigadle ogwini lwaseFlorida, iAndrew yayizokwenza okufanayo. Yayingeke ngisho imboze amafasitela ngamapulangwe. Ngokujabulisayo, umnewethu weza futhi waphikelela ngokuthi kumbozwe amafasitela ngamapulangwe abhanqiwe. Ngokungangabazeki isenzo sakhe sasindisa ukuphila kwethu. Amafasitela ethu ayeyophahlazeka, nathi sasiyoba izicucu.
“Cishe ngo-4:30 ekuseni, ugesi wacima. Imisindo eyayingaphandle yayesabisa. Kwakunjengokungathi umsindo wesitimela esikhulu sikaloliwe. Kwakukhona ubuhlofohlofo njengoba imithi nezakhiwo kwakuphoqoka futhi kuphuka. Kamuva sathola ukuthi umsindo wokuklekleza owesabisayo kwakuwumsindo wezipikili ezinde ophahleni lwethu ezazinyomuka. Ikamelo elingaphansi kophahla laphephuka, futhi ingxenye eyodwa kwezintathu yophahla yahamba. Sagcina, thina esingu-12, kuhlanganise nomama wami okhubazekile kanye nogogo oneminyaka engu-90 ubudala, sekudingeka sikhosele ekamelweni elimaphakathi elalingenawo amafasitela. Sazizwa siqiniseka ukuthi sasizofela lapho.”
Yisiphi isifundo asifunda kulokhu okuhlangenwe nakho? “Ngesikhathi esizayo uma besitshela ukuba siphume, siyophuma—ngeke sibuze mbuzo. Siyozilalela izixwayiso. Ngiye ngafunda futhi ukupha kanye nokuphila ngokuncane kakhulu. Futhi ngiyazi ukuthi akukubi ukukhala, ukudabuka, bese ubhekana nesimo esingokoqobo.”
Ukusabela Kwamaphephandaba
Ngisho nabemithombo yezindaba baphawula indlela oFakazi ababehleleke kahle ngayo. I-Savannah Evening Press yayinesihloko esithi “OFakazi BakaJehova Bathola Ukuthi Bayamukeleka ENingizimu Florida,” futhi i-Miami Herald yamemezela: “OFakazi Banakekela OFakazi Abakanye Na-bo—Kanye Nabanye Abantu.” Lathi: “Akekho eHomestead obhaklaza iminyango koFakazi BakaJehova kulelisonto—ngisho noma besenayo iminyango yokuyibhaklaza. Izisebenzi zokuzithandela ezingoFakazi cishe ezingu-3 000 ezivela kulo lonke izwe ziye zahlangana endaweni enenhlekelele, okokuqala ukuze zisize abakholwa kanye nazo, bese zisiza nabanye. . . . Noma iyiphi inhlangano yezempi ingakuhawukela ukuthembeka, ukuqeqesheka kanye nokukhuthala koFakazi.”
OFakazi bakujwayele ukuhlela imisebenzi yokupha abantu abaningi ukudla emihlanganweni yabo emincane nemikhulu. Ngaphezu kwalokho, baye bahlela amaKomiti Okwakha Esifunda angamakhulu kuwo wonke umhlaba ukuze bakhe amaHholo OMbuso kanye namaHholo OMhlangano amakhulu. Kanjalo, baye baqeqesha izisebenzi ezikulungele ukusabela ngisho noma zaziswe kusele amahora ambalwa.
Nokho, kunesinye isici—isimo sabo sengqondo. Umbiko ofanayo waqhubeka: “Akukho zikhulu zikahulumeni. Akukho kuxabana kwabantu abaqhoshayo. Kunalokho, izisebenzi zibonakala zijabule ngempela futhi zinomoya wokubambisana kungakhathaliseki ukuthi kushisa kangakanani, zingcolile noma zikhathele.” Lokho kwachazwa kanjani? Omunye uFakazi waphendula: “Lokhu kuvela ekubeni nobuhlobo noNkulunkulu obusishukumisela ukuba sibonise uthando lwethu ngabanye.” Lokho kwakungokunye iAndrew eyayingenakukuthatha, uthando lobuKristu loFakazi.—Johane 13:34, 35.
Ukuqhathanisa okuthakazelisayo kuwukuthi oFakazi babonakala sengathi baye bafunda emithini. Omunye ufakazi wokuzibonela wakubeka ngalendlela: “Njengoba ngangihambahamba, ngabona amakhulu emithi emikhulukazi isiphukile futhi iwele phansi. Kungani kwakunjalo? Ngenxa yobukhulu bayo yayinamandla amakhulu okumelana nomoya, futhi yayinezimpande ezisabalele kodwa ezingajulile. Ngakolunye uhlangothi, imithi yesundu eminingi ezacile yayilokhu imile. Yayigobeka ivumela umoya, eminye yalahlekelwa amahlamvu ayo, kodwa eminingi yahlala igxilile emhlabathini.”
OFakazi babenezimpande ezijulile zokholo eZwini likaNkulunkulu futhi babevumelana nezimo endleleni abasabela ngayo. Izimpahla kanye namakhaya kwakungesiyo into ebaluleke kakhulu kubo. Okungenani babephila futhi babengaqhubeka bekhonza uJehova naphezu kosizi. Ukuphila kwakungokuthile iAndrew engazange ibathathele khona.
Kwenziwa Kanjani?
Inkampani yakwa-Anheuser Busch yanikela ngamanzi okuphuza agcwele iloli. Lapho lifika, umshayeli wabuza izikhulu ukuthi amanzi wayengawasaphi. Watshelwa ukuthi okuwukuphela kwabantu ababenokuthile okuhlelekile kwakungoFakazi. Empeleni, lingakapheli isonto ngemva kokugadla kweAndrew, eHholo LoMhlangano LoFakazi BakaJehova laseFort Lauderdale cishe kwase kufike amaloli adonsa izinqodlana angu-70 ethwele izinto zokusiza.
Isisebenzi sokuzithandela lapho siyabika: “Ngakho samukela amanzi okuphuza agcwele iloli. Ngokushesha sawafaka kanye nokunye ukudla esasikuthumela ezikhungweni zokwaba ezisemaHholo OMbuso. Ahlanganyelwa nabazalwane kanye nabanye omakhelwane abaswele abakuleyondawo.” Inkampani yephepha eWashington State yanikela ngamapuleti enziwe ngephepha angu-250 000.
Ekuqaleni, izikhulu zedolobha zazithumela emaHholo OMbuso izisebenzi zokuzithandela ezingesibo oFakazi, zithi, ‘Yibona kuphela abahleleke kahle.’ Kamuva ibutho lezempi leza futhi laqala ukumisa izikhungo kanye namatende okunikeza usizo lokudla namanzi.
Isikhungo sokuqala sokwaba izinto soFakazi samiswa yikomiti yokunikeza usizo eHholo LoMhlangano eFort Lauderdale, engamakhilomitha angu-60 ukuya ngasenyakatho yendawo eyinhloko yenhlekelele ezungeze iHomestead. Ukuze kuncishiswe omunye umthwalo, kwamiswa indawo eyinhloko yokwaba izinto eHholo LoMhlangano ePlant City eduze naseOrlando, engamakhilomitha angu-400 ukuya ngasenyakatho nentshonalanga yendawo enenhlekelele. Izinto eziningi zosizo zaziyiswa lapho ukuze zihlungwe futhi zipakishwe. Ikomiti yayi-oda izidingo zayo nsuku zonke ePlant City, futhi kwakusetshenziswa amaloli amakhulu adonsa izinqola ukuze ahlanganise uhambo oluthatha amahora ayisihlanu eya eFort Lauderdale.
Kamuva lesikhungo sokwaba ukudla sathumela ukudla, izimpahla, amanzi, imishini ephehla ugesi, kanye nezinye izidingo emaHholo OMbuso amathathu ayeselungisiwe asesikhungweni sendawo yenhlekelele. Lapho, oFakazi abakhuthele bahlela amaqembu okwakha nawokuhlanza ukuba ahambele amakhulu amakhaya ayedinga ukunakekelwa. Amakhishi kanye nemigqa yokuthola ukudla nakho kwavulwa emagcekeni eHholo LoMbuso, futhi noma ubani wayamukelekile ukuza azothola usizo. Ngisho namanye amasosha akujabulela ukudla futhi kamuva abonwa efaka iminikelo emabhokisini omnikelo.
Njengoba abesilisa babematasa belungisa izindlu, abanye besifazane babelungiselela ukudla. Abanye babephuma bavakashele noma ibaphi abantu ababengabathola ukuze bahlanganyele nabo incazelo yeBhayibheli yezinhlekelele ezingokwemvelo kanye nokubanikeza amabhokisi osizo labo abaswele. Omunye wabo kwakunguTeresa Pereda. Ikhaya lakhe lalibe nomonokalo, futhi amafasitela emoto yakhe afahlazeka—nakuba kunjalo imoto yayithwele amabhokisi osizo okusiza omakhelwane bakhe. Umyeni wakhe, uLazaro, wayematasa esebenza kwelinye lamaHholo OMbuso.—UmShumayeli 9:11; Luka 21:11, 25.
Ngabaningi abangenamakhaya, ezinye izindawo zokulala zatholakala emakhaya oFakazi angazange athintwe iAndrew. Abanye bahlala ezinqodlaneni eziqashwayo noma ezinikelelwe leyonjongo. Abanye baya ezindaweni ezinamatende agxunyekwe umbutho wezempi. Abanye bamane nje badela amakhaya abo njengasebalahlekele futhi bahlala nabangane kanye nezihlobo kwezinye izingxenye zezwe. Babengenawo amakhaya ngisho nemisebenzi. Kwakungekho gesi, kungekho manzi, kungekho nandlela efanelekile yokulahla indle—ngakho bathatha indlela engcono kakhulu ngabo.
Esinye isifundo abasifunda bonke sashiwo kahle uFakazi okhuluma iSpanishi: “Siyabonga kakhulu ngesifundo esiye sasifunda ngokuphathelene nemigomo yethu ekuphileni. Uyazi, ungasebenza iminyaka engu-15 noma engu-20 wakha ikhaya lakho, uqongelela izinto ezibonakalayo, bese nje ngehora elilodwa, zingabe sezihambe zonke. Lokhu kusisiza ukuba sikhethe imigomo yethu ngokomoya, ukuba senze ukuphila kube lula futhi sicabange ngempela ngokukhonza uJehova.”
Kunjengoba umphostoli uPawulu asho: “Lokho okwakuyinzuzo kimi ngakushaya indiva ngenxa kaKristu. Yebo impela, konke ngikushaya indiva ngobukhulu bokumazi uKristu Jesu iNkosi yami, engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe, ngikushaya izibi, ukuze ngizuze uKristu.”—Filipi 3:7, 8.
Izinhlekelele ezingokwemvelo ziyingxenye yokuphila ezweni lethu lamanje. Uma silalela izixwayiso zeziphathi-mandla, singase okungenani sisindise ukuphila kwethu. Mhlawumbe amakhaya kanye nempahla kuyosilahlekela, kodwa ubuhlobo bomKristu ‘noNkulunkulu wenduduzo yonke’ kufanele buqiniswe. Ngisho nakuba abanye bengase babhubhe enhlekeleleni, uJesu wathembisa ukubavusela ezweni elisha likaNkulunkulu emhlabeni obuyiselwe—umhlaba ongeke usaba nosizi nokufa okubangelwa izinhlekelele ezingokwemvelo.—2 Korinte 1:3, 4; Isaya 11:9; Johane 5:28, 29; IsAmbulo 21:3, 4.
[Umbhalo waphansi]
a ISiphepho (hurricane) “isikhwishikhwishi sasezindaweni ezishisayo esakheka phezu koLwandlekazi iNorth Atlantic lapho imimoya iba nezivinini ezingaphezu kwamamayela angu-75 ngehora (amakhilomitha angu-121 ngehora).” (The Concise Columbia Encyclopedia) I-typhoon “iSiphepho esenzeka ePacific esentshonalanga noma eChina Sea.”—The American Heritage Dictionary of the English Language.
[Ibhokisi ekhasini 20]
Babemangele Kakhulu
Iqembu loFakazi abamhlophe abangu-11 lathatha uhambo lisuka eTampa, eFlorida, ukuze lisize emsebenzini wokunikeza usizo. Lathola izinto zokusebenza lase liqala ukulungisa uphahla lukaFakazi ompisholo. Lapho umshana ongesiye uFakazi efika, wayengakukholelwa ayekubona—wamangala kakhulu ukuthola ukuthi iqembu loFakazi abamhlophe lalifike ngaphambi kwakhe futhi lalilungisa indlu kamalume wakhe. Wahlabeka umxhwele kangangokuba waze ngisho wasiza emsebenzini wokwakha.
Wathi ngesikhathi esizayo uma oFakazi befika ekhaya lakhe, uyocela isifundo seBhayibheli. Njengoba ayexoxa neqembu laseTampa, kwaba sobala ukuthi babevela ndawonye. Ngokushesha omunye wabadala kuleliqembu wenza amalungiselelo esifundo seBhayibheli ngesonto elilandelayo! Njengoba omunye uFakazi asho, lokhu kubonisa ukuthi akudingeki nje uze ungqongqoze emnyango ukuze unikeze ubufakazi—ungangqongqoza nasophahleni!
[Izithombe ekhasini 15]
Isiphepho iAndrew asishiyanga lutho, futhi zimbalwa izindlu ezingadilikanga
Ikhaya lakwaKieffer elithuthekayo—nalokho okwasinda esiphephweni
[Izithombe ekhasini 16]
URebecca Pérez, amadodakazi akhe, nabanye abangu-11 basinda kulendawo encane
Amasosha angenela ukuze avimbele ukuphanga (ngenhla ngakwesokudla); izitolo eziphangiwe (ngakwesokudla)
Isiphepho saphephula uphahla lwezindlu, futhi izimoto zashwibeka
[Izithombe ekhasini 17]
Kwahlelwa usizo emaHholo oMbuso
Amakhaya athuthekayo asongeleka ezihlahleni; ithoyizi lengane lihlezi ngendlela elusizi phezu kukamatilasi; incwadi yeBhayibheli iphakathi kwemfucumfucu; oFakazi abanjengoTeresa Pereda, balethela omakhe-lwane babo amalungi-selelo adingekayo
Izinto zokwakha ezinikelwe. Ukwaba izimpahla zokugqoka
[Izithombe ekhasini 18]
Izisebenzi zokuzithandela ezivela eUnited States yonkana zasiza emsebenzini wokunikeza usizo