Izwe Lethu Elishintshayo—Yini Ngempela Ephethwe Isikhathi Esizayo?
UMA izwe lethu lizothuthuka, yikuphi ukukhetha esinakho? Okunye ukukhetha ukukholelwa ukuthi ababusi nabaholi bezwe ekugcineni bayoba abakhathalelayo futhi baqale ukuholela isintu ezindleleni zokuzwana, ukuqondana, nokuthula.
Lokho kusho ukukholelwa ukuthi ubuhlanga nobuzwe kuyosuswa ngokuphelele futhi kuthathelwe indawo isimo sengqondo eseqa imingcele yobuzwe esingaletha ubunye ezweni.
Kuhilela futhi ukukholelwa ukuthi abaholi bezimiso zezomnotho zokuzisebenzela bayoqaphela ukuthi isisusa senzuzo sisodwa siyindinganiso enganele ezweni lokuntuleka kwemisebenzi okukhulu, ukungabi namakhaya, nezikweletu ezinkulu zezokwelapha.
Ngaphezu kwalokho kusho ukukholelwa ukuthi bonke abenzi bezikhali bomhlaba bazoqala ukulangazelela ukuthula kwezwe futhi bayokwenza izinkemba zabo zibe ngamakhuba.
Ngaphezu kwalokho, kusho ukuthi zonke izinhlangano zobugebengu zomhlaba, kuhlanganise nabaholi bamaQembu Ezigelekeqe, abaphathi bamaqembu ezigebengu aseMpumalanga, nabashushumbisi bezidakamizwa abaphambili baseNingizimu Melika, bayophenduka futhi baqalise ukuziphatha ngendlela engcono!
Ngamanye amazwi, kusho ukukholelwa endaweni ephelele (Utopia) eyenziwe umuntu—iphupho elingenakwenzeka. Uma uNkulunkulu ekhishelwa ngaphandle kwayo yonke into eyenziwayo, khona-ke sisesimweni esifanayo naleso esachazwa isazi-mlando uPaul Johnson encwadini yakhe ethi A History of the Modern World. Wabhala ukuthi obunye bobubi obuyisisekelo obunezela ‘ekuhlulekeni nasosizini okuyinhlekelele’ kwekhulu lethu leminyaka “inkolelo yokuqhosha yokuthi amadoda nabesifazane bangaxazulula zonke izimfihlakalo zendawo yonke ngokuhlakanipha kwabo siqu okungasekelwe.”—Qhathanisa noIsaya 2:2-4.
Nokho, kukhona ukukhetha okufanele koshintsho oluqinisekile. Lokho kuwukukholelwa ukuthi uMdali womhlaba, uMnikazi weplanethi yethu, uMsunguli oMkhulu woshintsho, uJehova uNkulunkulu, uyongenela ezindabeni zesintu ukuze asindise umsebenzi wezandla zakhe. Umlando weBhayibheli ubonisa ukuthi uNkulunkulu uye wathatha isinyathelo esikhathini esidlule ukuze aqhubekisele phambili izinjongo zakhe, futhi isiprofetho seBhayibheli sibonisa ukuthi ngokushesha uzothatha isinyathelo futhi ukuze agcwalise injongo yakhe yokuqala ngesintu nomhlaba.—Isaya 45:18.
Umthombo Oyingqayizivele Wokwaziswa Okunokwethenjelwa
UMthombo oyingqayizivele wolwazi lwangempela lwalokho isikhathi esizayo esikuphathele isintu uchazwe emazwini omprofethi weBhayibheli uIsaya: “Khumbulani izinto zakuqala zamandulo, ngokuba nginguNkulunkulu, akakho omunye, yebo, nginguNkulunkulu, akakho onjengami, engimemezela ngaphambili okuyakuza, nasendulo izinto ezingakenziwa.”—Isaya 46:9-11.
Kungani uJehova uNkulunkulu kufanele azi kusengaphambili izenzakalo ezisazothinta isintu? UIsaya uyaphendula futhi: “Njengamazulu ephakeme kunomhlaba, kanjalo izindlela zami ziphakeme kunezindlela zenu, nemicabango yami kunemicabango yenu.” Imicabango kaNkulunkulu ngekusasa lesintu ivezwe eBhayibhelini.—Isaya 55:9.
“Izikhathi Ezinzima”
Yini iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, eliye layibikezelela isizukulwane sethu? Umphostoli uPawulu ongumKristu waxwayisa: “Kepha yazi lokhu ukuthi ezinsukwini zokugcina kuzakuvela izikhathi ezinzima.” (2 Thimothewu 3:1) Kusukela ngo-1914 naseMpini Yezwe I, besiphila ezikhathini eziye zaba bucayi kakhulu nangokwengeziwe. Ubugovu bomuntu, ukuhaha, nokufisela ukubusa kuye kwamholela ekwenzeni izenzo zonya ezimbi kakhulu nangokwengeziwe hhayi nje kuphela ngokumelene nomakhelwane wakhe kodwa futhi nangokumelene nemvelo ngokwayo. Ukungakhathaleli komuntu indawo yakhe ezungezile kusongela ukuba khona kwezingane nabazukulu bakhe esikhathini esizayo.
Lengozi ebucayi yaqokonyiswa owayengumongameli waseCzechoslovakia, uVaclav Havel, owabhala ngezimo kulelozwe. Eqinisweni, amazwi akhe asebenza emhlabeni wonke: “Lena imiphumela nje . . . yesimo sengqondo somuntu ngomhlaba, ngemvelo, ngabanye abantu, ngokuphila ngokwakho. Lena imiphumela . . . yokuqhosha komuntu wesikhathi samanje, ocabanga ukuthi uqonda yonke into futhi wazi konke, ozibiza ngokuthi uyinkosi yemvelo nomhlaba. . . . Lokho kwakuwukucabanga komuntu owayenqaba ukuvuma noma yini . . . engaphezu kwakhe.”
UAl Gore ocashunwe ngaphambili wabhala: “Ngiyaqiniseka ukuthi abantu abaningi balahlekelwe ukholo lwabo esikhathini esizayo, ngoba cishe kuzo zonke izici zempucuko yethu siqalisa ukwenza njengokungathi isikhathi sethu esizayo singabazisa kakhulu manje kangangoba kunengqondo kakhulu ukugxila kuphela ezidingweni zethu zamanje nezinkinga zesikhashana.” (Earth in the Balance) Ngokuqinisekile ukulindela okubi kakhulu ngokuphathelene nesikhathi esizayo kubonakala kuyisimo sengqondo esinqobayo.
Lesimo siye savela ngokwengxenye ngoba amazwi kaPawulu anezelayo aye agcwaliseka: “Abantu bazakuba-ngabazithandayo, nabathandimali, nabazigabisayo, nabazidlayo, nabahlambalazayo, nabangalaleli abazali, nabangabongiyo, nabahlazisayo, nabangenaluthando, nabahlebi, nabangazithibi, nabangenabumnene, nabangathandi okuhle, nabakhapheli, nabanamawala, nabakhukhumele, nabathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu, nabanesimo sokumesaba uNkulunkulu, kepha amandla akho bewaphika; labo-ke wobagwema.”—2 Thimothewu 3:2-5.
Ikhambi Elingcono Okungaphendukelwa Kulo
Kodwa uNkulunkulu uhlose ukuba izinto zishintshe kulomhlaba—zibe ngcono. Uye wathembisa ukuthi uzoletha “amazulu amasha nomhlaba omusha okukhona kuwo ukulunga.” (2 Petru 3:13) Ukuze abuyisele lomhlaba ongcolisiwe esimweni sePharadesi, uJehova uNkulunkulu kumelwe okokuqala ‘abhubhise ababhubhisa umhlaba.’ (IsAmbulo 11:18) Kuyokwenzeka kanjani lokhu?
Lisebenzisa ulimi olungokomfanekiso, iBhayibheli libonisa ukuthi uNkulunkulu ngokushesha uyofaka ezinhliziyweni zabaholi bezombangazwe, kuhlanganise neZizwe Ezihlangene, ukubhubhisa umbuso kanye nesikhundla salokho mhlawumbe okuyithonya elibi kunawo wonke emlandweni wesintu—ithonya elinobuzwe nelihlukanisayo lenkolo emhlabeni wonke.a NgokukaMartin van Creveld, encwadini yakhe ethi The Transformation of War, “sinazo zonke izizathu zokulindela ukuthi izimo zengqondo, izinkolelo, nokushiseka ngokweqile okungokwenkolo kuyofeza indima enkulu kakhulu ekushukumiseni impi yezikhali kunokuba kuye kwenza, okungenani eNtshonalanga, kuleminyaka engu-300 edlule.” Cishe ngenxa yokugxambukela kwezombangazwe, inkolo iyohlupheka ezandleni zemibuso yezombangazwe. Nokho, leyomibuso iyobe ifeza intando kaNkulunkulu ngokungazi.—IsAmbulo 17:16, 17; 18:21, 24.
IBhayibheli liyaqhubeka libonisa ukuthi ngokulandelayo uNkulunkulu uyobhekisa ukunakekela kwakhe emibusweni yezombangazwe esebenzisekayo, efana nesilo yesimiso sezwe likaSathane elikhohlakele futhi ayilethe empini yakhe yokugcina, noma impi yeArmagedoni. Ngemva kokususwa kwezimiso zezombangazwe ezinonya kanye nomqondisi wazo oyingcweti, uSathane, indlela iyobe isivulekele izwe elisha elinokuthula uNkulunkulu alithembisile.b—IsAmbulo 13:1, 2; 16:14-16.
OFakazi BakaJehova bebeshumayela endlini ngendlu ngalezinguquko ezizayo iminyaka ecishe ibe ngu-80. Phakathi nalesosikhathi, nabo futhi baye babona futhi babhekana nezinguquko eziningi isintu esiye sazenza. Baye baboshwa emajele amaNazi nasemakamu okuhlushwa ngenxa yezimiso zabo ezisekelwe eBhayibhelini. Baye bezwa ubuhlungu nokuhlupheka kokuphila ezingxenyeni eziningi zeAfrika, kuhlanganise nezimpi zombango nokuvukelana kwezizwe. Baye babekezelela ushushiso ezandleni zezimiso eziningi zezombangazwe nezenkolo ngenxa yokungathathi kwabo uhlangothi nangenxa yomsebenzi wabo wokushumayela ngentshiseko. Nokho, naphezu kwakho konke, baye babona isibusiso sikaNkulunkulu emsebenzini wabo wokufundisa emhlabeni wonke njengoba beye banda kusukela ezinkulungwaneni ezimbalwa ngo-1914 kuya cishe ezigidini ezine nengxenye ngo-1993.
Izizathu Zokulindela Okuhle
Kunokuba banqotshwe ukuphelelwa yithemba, oFakazi banesimo sengqondo sokulindela okuhle ngoba bayazi ukuthi ngokushesha kuzokwenzeka izinguquko ezingcono nezinkulu kakhulu kulomhlaba. Izenzakalo kusukela ngo-1914 ziye zagcwalisa iziprofetho uJesu azinikeza, ziphawula isikhathi sokuba khona kwakhe okungabonakali emandleni oMbuso futhi zibonisa ukuthi sisesikhathini sokuphela kwanoma yikuphi “ukungahleleki kwezwe elisha” okuphefumlelwe ngumuntu, njengoba umlobi othile waseFrance kuyi-Monde awachaza kanjalo amathemba esikhathi esizayo. UJesu wathi: “Nxa nibona lezozinto zenzeka, yazini ukuthi umbuso kaNkulunkulu useduze.”—Luka 21:7-32.
“Uhlelo lwezwe elisha” lomuntu luvulekele emaphutheni obuntu—isifiso sokuvelela, ukuhahela ukubusa, ubugovu, ukonakala, nokungabi nabulungisa. Izwe elisha likaNkulunkulu liyoqinisekisa ubulungisa. Ngaye kulotshiwe ukuthi: “Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele, ngokuba zonke izindlela zakhe zingukulunga; unguNkulunkulu wokuthembeka ongenakonakala; ulungile, uqotho yena.”—Duteronomi 32:4.
“Uhlelo lwezwe elisha” lomuntu luvulekele kulokho uMcGeorge Bundy, isazi senkambiso yaseU.S. yamazwe angaphandle esakubiza ngokuthi “imizwa elinganiselwe yobuzwe leyo umholi wesintu ongathembekile nonobandlululo angazikhalazela kuyo.” Eqhubeka, wathi: “Sazi ngokomlando indlela ukwehluleka okungokomnotho nokungokwenhlalo okunganikeza ngayo amandla kubashisekeli abanjalo. Siyazi futhi ukuthi kungakhathaliseki ukuthi lokhu kwenzekaphi, lolohlobo lobuzwe luyingozi.”
Izwe elisha likaNkulunkulu liqinisekisa ukuzwana nokuthula phakathi kwabantu bazo zonke izinhlanga nezizwe ngoba bayofundiswa ngezindlela zikaJehova zokungakhethi nothando. UIsaya waprofetha: “Bonke abantwana bakho bayakuba-ngabafundi bakaJehova, nokuthula kwabantwana bakho kuyakuba-kukhulu.” (Isaya 54:13) Futhi umphostoli uPetru ongumKristu wathi: “Nembala ngiyabona ukuthi uNkulunkulu akabheki ubuso bamuntu, kodwa ezizweni zonke omesabayo nowenza ukulunga uyamukeleka kuye.”—IzEnzo 10:34, 35.
Ngokungangabazeki, kuyoba nentuthuko ephawulekayo esikhathini esiseduze esizayo emhlabeni njengoba sikwazi lokho. Nokho, izinguquko ezinkulu kakhulu, izinguquko ezihlala njalo nezizuzisayo, yilezo uNkulunkulu aye wathembisa ukuziletha, futhi ‘ngeke aqambe amanga.’—Thithu 1:2.
[Imibhalo yaphansi]
a Umbuso wezwe wenkolo yamanga uvezwa eBhayibhelini ‘njengeBabiloni Elikhulu, unina wezifebe,’ indlovukazi engcoliswe yigazi ‘ezono zayo zifinyelele ezulwini.’ (IsAmbulo 17:3-6, 16-18; 18:5-7) Ukuze uthole incazelo eningiliziwe yalokho iBabiloni Elikhulu eliyikho, bheka incwadi ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu, amakhasi 368-71, eyakhishwa yiWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
b Ukuze uthole incazelo eningiliziwe yalezizenzakalo eziprofethwe eBhayibhelini, bheka incwadi ethi IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze! izahluko 30-42, eyakhishwa ngo-1988 yiWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.