Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Indawo Yonke Kumelwe ngithi ngiyabonga ngokwaziswa okumangalisayo okusochungechungeni oluthi “Ukwembula Izimfihlakalo Zendawo Yonke.” (March 22, 1992) Kodwa sikusho ngaliphi igunya ukuthi ama-red giant, ama-pulsar, nama-black hole ayizingxenye zokuphila [nokufa] kwezinkanyezi? UIsaya 40:26 uthi ngezinkanyezi “ayisilali neyodwa.”
E. W., Sierra Leone
Lombhalo weBhayibheli awukhulumi ngokuthi izinkanyezi zinesiphetho esiyinhlekelele yini noma cha. Kunalokho, uqokomisa ulwazi kanye nokuhlakanipha kukaNkulunkulu okungenakulinganiswa. NjengoMdali, uNkulunkulu uyasazi isimo senkanyezi ngayinye. ‘Akusilali’ nayinye ngokubheka kwakhe. (Bheka “INqabayokulinda” ka-September 15, 1989, ikhasi 31.)—ED.
Uthando Lwabasebasha Ngempela ngibonga kakhulu ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Yini Engalungile Ngokuzixoxela Nje?” (August 22, 1992) Ngangibhalelana izincwadi nomfana osebandleni lakithi. Besilokhu futhi sixoxa ngocingo. Nokho, njengoba engekho kithina omdala ngokwanele ukuba ashade, kakade sase sinqume ukuyeka ukuchitha isikhathi esiningi kangaka sixoxa. Kwangijabulisa ukubona kubhalwe phansi ukuthi sasenze isinqumo esilungile.
M. N., Japan
Kwakusengathi nanikwazi lokho engangikucabanga! Ngangikucabangele ngokungathi sína ukubhalelana nabanye abafana. Ngicabanga ukuthi ngangizikhohlisile ngokucabanga ukuthi lezincwadi zaziyoba ezokubakhuthaza nje kuphela. Isihloko senu safika ngesikhathi esifanele.
D. B., United States
Ngineminyaka engu-12 ubudala futhi ngibhalela abantu abaningi. Omunye wabo ungumfana. Angikaze ngicabange ukuthi ngangiyoba nemizwa yothando ngaye, kodwa ngolunye usuku wangibhalela futhi wathi uyangithanda! Isihloko senu safika ngesikhathi esifanele!
E. V., United States
Isifo Samathambo Isihloko senu esithi “Ukufunda Ukuphila Nesifo Samathambo” (June 8, 1992) safundwa ngesithakazelo esikhulu. Kodwa njengomuntu ophethwe isifo samathambo, ngaba nomuzwa wokuthi asizange siwubonise ngokuphelele umonakalo lesisifo esingawenza ngemiphumela yaso enhlobonhlobo: ukucindezeleka, ubuhlungu, ukukhathala, nokuphazamiseka kokulala. Nabonisa isithombe sezandla ezikhubazekile njengokungathi lolu uhlobo olubi kakhulu lwesifo samathambo. Ukukhubazeka okubonakalayo akukuphela kwento okumelwe sibhekane nayo. Ikheji lezimbambo zami langakwesokudla lisezansi phakathi kwethambo lethanga langakwesokudla, futhi ngenxa yokuthi akekho ongabona lokukhubazeka, abantu abakwamukeli. Isihloko senu sasikhuthaza ukuba ‘sihlakulele ukuba nombono omuhle,’ kodwa ngezinye izikhathi kunzima ukwenza kanjalo ngaphandle kosizo lwabanye.
M. J., United States
Siyakwazisa lokuphawula okungagwegwesi. Ngempela isihloko sethu esifushane sasingathinti zonke izinto. Ngaphezu kwalokho, sasibhekiswe ngokuyinhloko ezisulwini zesifo samathambo ngokwazo, eziyazi kahle imiphumela yalesifo. Nokho, siyavuma ukuthi abangane namalunga omkhaya bayokwenza kahle ukuba baqaphele imiphumela eyonakalisayo yesifo samathambo futhi kufanele benze umzamo wokunikeza usizo nokusekela.—ED.
Ngiyabonga kakhulu ngokunyathelisa lesihloko. Ngineminyaka engu-31 ubudala futhi ngiphethwe ubuhlungu obunzima besifo samathambo. Ukukhathala kuye kwaletha ukucindezeleka, usizi, nokukhungatheka. Nokho ngibhekana nakho ngokuphumelelayo ngoba ngijabulela impilo engokomoya eyigugu kakhulu kimi.
T. R., United States
Sekuyisikhathi eside impela ngilindele ukuba nikhulume ngalendaba, futhi ngajabula kakhulu ukuyifunda. Bengilokhu ngibekezelela ubuhlungu besifo samathambo esivuvukalisa futhi senze amalunga angasebenzi (rheumatoid arthritis) kusukela ngineminyaka eyisishiyagalolunye ubudala. Naphezu kweqiniso lokuthi ngezinye izikhathi sizithola siphakathi kwabantu abangaziqondi ngokuphelele izinkinga zethu, uJehova ubonisa isithakazelo sakhe futhi uyasikhuthaza ngezihloko ezinjengalezi.
P. C., Italy