Ithemba Kwabanesifo Sokuqaqamba Kwamalunga
“ISIFO sokuqaqamba kwamalunga asiyona imbangela enkulu yokufa njengesifo senhliziyo noma umdlavuza,” kusho uDkt. Fatima Mili, “kodwa sinethonya elikhulu ezingeni lokuphila.” Isifo sokuqaqamba kwamalunga singathinta zonke izici zokuphila komuntu. Yiziphi ezinye zezinkinga ababhekana nazo labo abanesifo sokuqaqamba kwamalunga? Ingabe siyabekezeleleka?
UKatia,a oneminyaka engu-28 ubudala, wase-Italy, uthi: “Selokhu kwatholakala ukuthi nginesifo sokuqaqamba kwamalunga ngesikhathi ngiseneminyaka engu-20 ubudala, konke ukuphila kwami kushintshile. Kuye kwadingeka ngiyeke umsebenzi wokuziphilisa nomsebenzi wami wenkonzo yesikhathi esigcwele ngenxa yezinhlungu.” Bonke abanesifo sokuqaqamba kwamalunga babhekana nezinhlungu. U-Alan, oneminyaka engu-63 ubudala, waseNgilandi, uthi: “Umzimba wakho uhlale uqaqamba, nakuba kungase kungabi buhlungu kakhulu.” Enye inselele ukukhathala. USarah, oneminyaka engu-21 ubudala, uthi: “Ngisho noma ungabubekezelela ubuhlungu nokuvuvukala, ukukhathala kukushiya ucobekile.”
Ubuhlungu Obungokomzwelo
NgokukaSetsuko waseJapane, oneminyaka engu-61 ubudala, ukuphila nsuku zonke nobuhlungu obungamahlalakhona “kungakushiya ukhathele ngokomzwelo nangokwengqondo.” Phela, kungaba yinselele ngisho nokuzama ukubamba ipensela noma ucingo! UKazumi oneminyaka engu-47 ubudala, ukhala ngokuthi: “Angisenamandla okwenza ngisho nezinto ezivamile ezingenziwa nayingane.” UJanice oneminyaka engu-60 ubudala, ongasakwazi ukuma isikhathi eside, uthi: “Kuyadumaza ngoba angisakwazi ukwenza izinto engangizenza ngaphambili.”
Ukulinganiselwa okunjalo kungabangela umuntu ukukhungatheka nokuzinyeza. UGaku oneminyaka engu-27 ubudala, ongomunye woFakazi BakaJehova, uthi: “Ukungakwazi ukuhlanganyela ngokugcwele emsebenzini wokushumayela noma ukufeza izabelo zebandla kungenza ngizizwe ngingelutho.” UFrancesca, obelokhu enesifo sokuqaqamba kwamalunga kusukela eneminyaka emibili ubudala, ukhuluma “ngokungena shí obishini lokuphelelwa yithemba.” Ukuphelelwa yithemba okunjalo kungaba nemiphumela engemihle ngokomoya. UJoyce, uFakazi waseNingizimu Afrika, uyavuma ukuthi waqala ukuzehlukanisa ngokuthi angayi emihlanganweni yobuKristu. Uyachaza: “Ngangingafuni neze ukuhlangana nabanye abantu.”
Ogulayo angase akhathazeke nakakhulu ngekusasa—esaba ukugogeka nokuthembela kwabanye, esaba ukusala engenamnakekeli, esaba ukuwa ngoba angase aphuke, esaba ukuthi ngeke akwazi ukondla umkhaya wakhe. UYoko, oneminyaka engu-52 ubudala, uyavuma: “Lapho ngibona amalunga ami egogeka, nganginovalo lokuthi kwakuzosabalala umzimba wonke.”
Amalungu omkhaya nawo angaba nobuhlungu obungokomzwelo, ngenxa yokubona othandekayo wawo ehlupheka nsuku zonke. Eminye imibhangqwana ingase ibe nezinkinga zomshado ezinzima. Owesifazane waseNgilandi, okuthiwa uDenise, uthi: “Ngemva kweminyaka engu-15 sishadile, umyeni wami wathi, ‘Sengikhathele yilesi sifo sakho sokuqaqamba kwamalunga!’ Wangishiya nendodakazi yethu eneminyaka emihlanu.”
Ngakho, isifo sokuqaqamba kwamalunga siletha izinselele ezinkulu kwabagulayo nasemikhayeni yabo. Noma kunjalo, abaningi babekezela ngokuphumelelayo! Ake sibone ukuthi abanye bakwenza kanjalo lokhu.
Ukuqaphela Ukulinganiselwa Kwakho
Uma unesifo sokuqaqamba kwamalunga, kubalulekile ukuphumula ngokwanele; kunganciphisa ukukhathala. Nokho, lokhu akusho ukuthi ungabe usakujabulela ukuphila. UTimothy uyachaza: “Kufanele uhlale unomdlandla ukuze ukuqaqamba kwamalunga kungakucindezeli ngokwengqondo, ngoba uma kungaba njalo, uyomane uhlale phansi ubulawe yizinhlungu.” Udokotela wesifo sokuqaqamba kwamalunga uWilliam Ginsburg waseMayo Clinic, uthi: “Mncane kakhulu umahluko phakathi kokuzikhandla ngokweqile nokungenzi lutho. Ngezinye izikhathi abantu kudingeka bakhunjuzwe ukuthi bangathathi ngamawala, bakhumbule ukuthi bayagula.”
Lokhu kungase kusho ukushintsha indlela okubheka ngayo ukulinganiselwa kwakho. UDaphne, waseNingizimu Afrika, uyalandisa: “Kuye kwadingeka ngibhekane namaqiniso ngazi nokuthi ngisenalo ikhono lokwenza izinto ezithile; ukuthi nje kumelwe ngingathathi ngamawala. Kunokuba ngikhathazeke noma ngikhungatheke, ngimane ngenze okuncane ngesikhathi.”
Kuwumqondo omuhle nokujwayelana nemishini ehlukahlukene ewusizo etholakalayo, mhlawumbe ubonisane ngayo nodokotela noma umelaphi wakho. UKeiko uyalandisa: “Siye safaka ikheshi elihamba ngezitebhisi. Ukuvula izibambo zeminyango kwakungilimaza izihlakala, ngakho sazishintsha. Manje ngivula yonke iminyango ngokuyisunduza ngekhanda. Safaka izibambo eziphakanyiswayo kubo bonke ompompi endlini ukuze ngikwazi ukwenza umsebenzi othile wasendlini.” Omunye futhi onesifo sokuqaqamba kwamalunga, uGail, uthi: “Okhiye bami bemoto nabendlu bafakwe esibambweni eside, okwenza kube lula ukubasebenzisa. Ikamu nebhulashi lami kuxhunywe ezintanjeni ezinde futhi kungamiswa ngezindlela ezihlukahlukene ukuze ngikwazi ukukama izinwele noma ukusebenzisa ibhulashi.”
Ukusekela Komkhaya —“Umbhoshongo Wamandla”
UCarla waseBrazil, uthi: “Ukusekela komyeni wami kuye kwaba kuhle kakhulu. Kwangiqinisa idolo ukuthi wayehamba nami uma ngiya kudokotela. Sasisobabili lapho sizwa ukuthi lesi sifo siwuthinta kanjani umzimba wami, ziyini izimpawu zaso, nokuthi kudingeka ngelashwe kanjani. Ngazizwa ngingcono ngoba wayesiqonda isimo engibhekene naso.” Yebo, abayeni noma amakhosikazi abamukela ukulinganiselwa kwabangane babo bomshado futhi abazimisele ukufunda ngesimo sabo bangaba umthombo omkhulu wamandla nokusekela.
Ngokwesibonelo, uBette wathatha umsebenzi wokuhlanza lapho umyeni wakhe engasakwazi ukwenza umsebenzi wokwakha ngenxa yokuqaqamba kwamalunga. Umyeni kaKazumi akazange nje amnakekele kuphela kodwa wayenza nemisebenzi yasendlini uKazumi ayengasakwazi ukuyenza. Ngaphezu kwalokho, umyeni wakhe waqeqesha izingane zabo ukuba zenze okusemandleni azo ukuze zisize. UKazumi uthi: “Umyeni wami uye waba umbhoshongo wamandla. Ngaphandle kosizo lwakhe, ngabe ngisesimweni esibi nakakhulu.”
Owesifazane wase-Australia okuthiwa uCarol, unikeza lesi sixwayiso: “Qaphela ungaziminyanisi ngemisebenzi eminingi ngokweqile. Ngizizwa ngiyisehluleki uma ngingakwazi ukuhambisana nomkhaya.” Uma kunikezwa ngokuqonda kwangempela nokucabangela, ukusekela komkhaya kungaba umbhoshongo wamandla kwabagulayo.
Usizo Olungokomoya
UKatia uthi: “Uma umuntu egula ngale ndlela, uyaqiniseka ngokuthi akekho osiqondayo isimo abhekene naso. Lokhu kukwenza kubaluleke ukusondela kuJehova uNkulunkulu, sazi ukuthi uyasiqonda ngempela isimo sethu somzimba nemizwelo. (IHubo 31:7) Ukuba nobuhlobo obuhle naye kuye kwanginikeza ukuthula kwengqondo okungenza ngiphile cishe ngokuthula nakuba ngigula.” IBhayibheli limbiza ngokufanele uJehova ngokuthi ‘uNkulunkulu wenduduzo yonke, osiduduza osizini lwethu lonke.’—2 Korinte 1:3, 4.
Ngakho, umthandazo ungaba umthombo onamandla wenduduzo kumuntu onobuhlungu obungamahlalakhona. UKazumi uyalandisa: “Phakathi nobusuku obude uma ubuthongo bungehli ngenxa yezinhlungu, ngithandaza kuJehova ngimvulele inhliziyo yami ngezinyembezi, ngicela angiphe amandla okubekezelela ubuhlungu kanye nokuhlakanipha kokubhekana nazo zonke izinkinga zami. Ngempela uJehova uye wangiphendula.” NoFrancesca uye wathola ukusekela kukaNkulunkulu kothando. Uthi: “Ngiye ngabona ukugcwaliseka kwamazwi akweyabaseFilipi 4:13: ‘Nginamandla azo zonke izinto ngenxa yalowo odlulisela amandla kimi.’”
Ngokuvamile, uJehova uNkulunkulu usekela abantu ngebandla lobuKristu. Ngokwesibonelo, uGail ulandisa ngosizo aluthola kubafowabo nodadewabo abangokomoya ebandleni lendawo loFakazi BakaJehova. UGail uthi: “Uthando lwabo lwangisiza ukuba ngingacindezeleki.” Eveza umuzwa ofanayo, lapho uKeiko ebuzwa ukuthi “Ingabe kukhona okucabangayo okuye kwajabulisa ekuphileni kwakho?,” waphendula: “Yebo, lonke uthando nozwela engikuthola kubo bonke ebandleni!”
Emabandleni oFakazi BakaJehova, ababonisi bayahola ekusekeleni okunjalo. USetsuko uthi: “Ngiswele amazwi okuchaza indlela okunethonya elikhulu ngayo kumuntu ogulayo uma abadala bemlalela futhi bemduduza.” Kodwa-ke, njengoba uDaniel onesifo sokuqaqamba kwamalunga esikhumbuza, “abafowethu nodadewethu abangokomoya bangasisiza uma nje sibavumela.” Ngakho-ke, kubalulekile ukuba abagulayo bangazihlukanisi namanye amaKristu, benze okusemandleni ukuba baye emihlanganweni yebandla. (Heberu 10:24, 25) Lapho, bangathola isikhuthazo esingokomoya abasidingayo ukuze bakhuthazele.
Ukuhlupheka Kuyophela
Abantu abanesifo sokuqaqamba kwamalunga bayabonga kochwepheshe bezokwelapha ngentuthuko esiyenziwe kuze kube manje. Kodwa-ke, ngisho nokwelapha okuphambili akulona neze ikhambi langempela. Abagulayo bangathola induduzo enkulu ngokwamukela izithembiso zikaNkulunkulu zezwe elisha.b (Isaya 33:24; IsAmbulo 21:3, 4) Kulelo zwe “unyonga luyakutshekula njengendluzele.” (Isaya 35:6) Ukuqaqamba kwamalunga nazo zonke ezinye izifo ezihlupha isintu kuyobe kungasayikuphinde kube khona! Ngakho, uPeter, onesifo sokuqaqamba kwamalunga omgogodla, uthi: “Kunenhlansi yethemba lokuhle kulesi simo esibi engikuso.” Owesifazane ongumKristu okuthiwa uGiuliana naye uthi: “Usuku ngalunye oludlulayo ngilubheka njengokunqoba, futhi lungisondeza ekupheleni njengoba ngikhuthazela!” Yebo, sesisondele isikhathi lapho kungayikuphela khona isifo sokuqaqamba kwamalunga kuphela kodwa nakho konke ukuhlupheka!
[Imibhalo yaphansi]
a Amanye amagama ashintshiwe.
b Uma ungathanda ukuba omunye woFakazi BakaJehova akuvakashele azokuchazela ngezithembiso zeBhayibheli, thintana nebandla lendawo loFakazi BakaJehova noma ubhalele abashicileli balo magazini.
[Izithombe ekhasini 10]
Kunemishini eminingi esiza abagulayo ukuba babe nokuphila okwanelisayo
[Isithombe ekhasini 12]
Ukusekela kothando kungatholakala emihlanganweni yobuKristu