Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g93 1/22 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
  • I-Phaphama!—1993
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1993
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1993
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1993
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1993
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1993
g93 1/22 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ugogo Nomkhulu Izihloko ezithi “Intsha Iyabuza . . .” komagazini baka-July 8 no-July 22, 1992, zaxoxa ngokuzohlala kukagogo nomkhulu nathi. Ugogo wahlala nathi ngemva kokufa komyeni wakhe. Wanginakekela nabafowethu nodadewethu abahlanu lapho uMama noBaba besebenza; sasondelana kakhulu. Manje njengoba uGogo engasakwazi ukuzinakekela, nginelungelo lokubuyisela okuncane kwalokho anginika kona. Bekungelula, njengoba nginomkhaya okufanele ngiwunakekele, futhi anginampilo kahle. Kodwa ngizizwa ngijabula ngokumnakekela. Yebo, kungenzeka izinto eziningi ezakhayo lapho ugogo noma umkhulu ezohlala nani!

B. M., United States

Ukukhulisa Abantwana Ngiyanibonga ngezihloko ezithi “Ukukhulisa Abantwana Ezweni Elinokuziphatha Okubi.” (June 22, 1992) Naxwayisa ngabantu abakhohlisayo abangena ebandleni, bethi bangamaKristu. Ngonyaka odlule indodakazi yethu encane yadliswa izidakamizwa futhi yadlwengulwa yinsizwa enjalo. Yayitadisha iBhayibheli nelungu lebandla lakithi. Nakuba yaboshwa, ubuhlungu emkhayeni wethu buye bakhungathekisa. Sethemba ukuthi bonke abazali abangamaKristu bayotadisha lezihloko ezifike ngesikhathi nabantwana babo, babaxwayise ukuba bangabethembi ngokweqile labo ababonakala benesithakazelo eBhayibhelini.

K. V., United States

Lomagazini ungenze ngaqaphela ukuthi mkhulu kangakanani umzamo abazali bethu okufanele bawenze ukuze basikhulise ekusabeni uNkulunkulu. Mina siqu ngazuza esihlokweni esithi “Basize Bakhethe Umngane Womshado Ngokuhlakanipha.” Ngineminyaka engu-16 kuphela futhi anginaso isithakazelo emshadweni okwamanje. Nokho, ngiyaqiniseka ukuthi lesiseluleko esisebenzisekayo siyoba usizo kimi esikhathini esizayo.

N. G., Italy

Umculo Onesigqi Esibulalayo Ngibonga kakhulu ngesihloko esithi “Isigqi Esibulalayo—Sidlulisela Siphi Isigijimi?” (July 8, 1992) Kokubili umculo onesigqi esinamandla nowe-rap uthandwa kakhulu esikoleni engifunda kuso. Noma ubani ongaluthandi loluhlobo lomculo uyagconwa. Lesihloko sikwenze kwaba lula ngami ukuwenqaba kanye nokuchaza ukuthi kungani ngingawuthandi lomculo. Ngiyabonga kakhulu.

M. F., Germany

Ukukhuluma Phambi Kwezilaleli Ngithanda nje ukuphawula kafushane ngesihloko esithi “Ungakhuluma Phambi Kwezilaleli!” (July 22, 1992) Nganginamahloni ngaso sonke isikhathi. Esikoleni kwakwethukela ngikhulumé phambi kwabafundi, futhi ekugcineni ngashiya isikole ngenxa yokwesaba kwami. Kodwa lapho ngiba umKristu, ngangenela iSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini futhi kwakumelwe ngikhulume phambi kwezilaleli. Kwakungelula, kodwa ngomthandazo nangokuzimisela ukunqoba inkinga yami, kancane kancane ngathuthuka. Ngisenakho ukwesaba, kodwa ngiye ngakhuluma ngisho naphambi kwezilaleli eziningi emihlanganweni emikhulu yoFakazi BakaJehova!

A. H., Brazil

Thuthukisa Inkumbulo Yakho Ngaphambi nje kokufunda isihloko esithi “Indlela Yokuthuthukisa Inkumbulo Yakho” (July 22, 1992), ngathola ukuthi ngangibuye ngakhohlwa ukuthenga okuthile lapho ngisesitolo. Lesihloko saveza usizo oluningi ekuqeqesheni inkumbulo yomuntu, njengokwakha umfanekiso wengqondo. Isibonelo sokucabanga inkomo ixubha amazinyo ayo lapho umuntu edinga ukuthenga ubisi nomuthi wokugeza amazinyo sasihlekisa ngokukhethekile. Esikhathini esizayo, ngiyozisebenzisa lezindlela futhi nginethemba lokuthi ngiyolahla iphepha lami lokuthenga.

E. B., Germany

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini Nginibonga kakhulu ngesihloko esithi “Okuphawulwa Abafundi Balomagazini.” Njengoba singelona uchungechunge lwamazwi akhethelwe ukusekela umbono wenu, siyiqoqo lokuhlangenwe nakho kwabantu okuthinta inhliziyo. Ukuzimisela kwenu ukunyathelisa ukugxeka kwabafundi kanye nokulungisa komhleli ngezikhathi ezithile, kuwubufakazi obucacile bokuthobeka kwenu.

C. Q., Italy

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela