Amathoyizi Ase-Afrika Atholakala Mahhala
Ngumlobeli we-Phaphama! eSierra Leone
Egqoke nje kuphela izikhindi zikakhakhi eziphuphile, umfana omncane uyahambahamba, edonsa inqola yakhe eyithoyizi—ithini lenhlanzi eseligqwalile. Ngaphakathi igcwele impahla yakhe—inqwaba yamatshe amancane.
Uma uthi nje ukwewuka ngomgwaqo, kuneqembu labafana abangagqoke zicathulo abadlala umdlalo kanobhutshuzwayo. Nokho, ibhola labo elikhatshwayo, liwumshuqulu oyibhola elakhiwe ngezidwedwe eziboshwe ndawonye. Izigxobo zokufaka amagoli zingamatshe.
Laphaya ngaphesheya, kunentombazanyana eneminyaka emithathu ubudala egone udoli wayo—induku ensundu eboshwe ngendwangu ethambile, ebomvu.
Lokhu kuyinhlalayenza emazweni aseAfrika. Nokho, kungase kubonakale kuyinqaba kubafundi abahlala emazweni ezemisebenzi. Mhlawumbe ukholelwa (njengoba ibhizinisi lokukhangisa liye lakukhuthaza ukuba ukholelwe) ukuthi amathoyizi ayizinto zokuthengwa. Nokho, esikhathini eside ngaphambi kwenkathi yezinto zokudlala ezikhiqizwa ezimbonini, izingane zazizakhela amathoyizi azo. Futhi eAfrika umkhuba wokwakha izinto usekhona kakhulu.
Amathoyizi Abafana
Kusukela ezikhathini zasendulo abafana bebezithanda kakhulu izimoto. Abafana baseGrisi nabaseRoma babedlala ngamakalishi okudlala. Futhi akumangalisi, izinto zokuhamba eziyimishini zisathakazelisa futhi zishukumise ikhono lokwakha labafana abancane.
UAbraham, umfana osafunda isikole waseGhana, ugenca amagatsha e-coconut palm ngommese omude. Ngalamagatsha wakha iloli. Amasondo ayizindingilizi eziyisicaba ezenziwe ngepulasitiki elahliwe.
ELesotho umfana okuthiwa uChepa wakha i-Land-Rover ngamakopi kabhiya kanye nocingo. Njengoba ewavula phakathi lamakopi, uwenza abe isicaba, awasike abe isilinganiso asifunayo, bese ewagobela ohlakeni olwakhiwe ngocingo ukuze akhe umzimba wemoto. Izingxenye ezilinganayo zamathini kabhiya zenza amasondo alemoto.
Yebo, ngamakopi, umhlanga, ibhokisi, ucingo, kanye noqalo, abafana baseAfrika bakha izindiza, amabhasi, amabhayisekili, amaloli, ogandaganda, izimoto, kanye nezikebhe ezincane. Futhi azikho izinto ezimbili ezifanayo!
Ukwenza Imoto Yocingo
Mhlawumbe lelikhono libonakaliswa kangcono kakhulu kulokho okuthiwa izimoto ezenziwa ngocingo. Lezimoto zenziwa ngocingo olulahliwe kanye namathini.
Nokho, okokuqala umuntu owenza imoto ngocingo kufanele athole izinto zokuyenza. Ngokwesibonelo, uTamba, usuka ekhaya ekuseni ukuze aqale ukuhlwaya. Umakhelwane umnikeza amakhothenga amadala—afaneleka kahle ekwenzeni izingxenye ezisekela imoto kanye nohlaka lomzimba. Enqwabeni ethile kutholakala ezinye izintambo zikagesi. Izivalo zamathini angamasentimitha ayisishiyagalombili zisebenza njengamasondo. Futhi endleleni ephindela ekhaya, uTamba uthola imvume yokuthatha ucingo olunohlonze olungamamitha angu-1,2 ubude olusocingweni oselawa.
Manje kufika isikhathi sokuklama. Ngemva kokudweba ekhadini umklamo ongatheni, uTamba usekulungele ukuqalisa ukwakha kwangempela. Esebenzisa impintshisi kaYise, uyanqamula, uyagoba, futhi abophe amakhothenga ngokuvumelana nomklamo. Lapho uhlaka seluphelile, ufaka umphini wesondo kanye namasondo ayizivalo zamathini. Kube sekulandela eminye imicikilisho—iminyango, indawo yaphansi, izihlalo, uhlaka lwamafasitela, i-grill, amabumper, kanye nezibani. Yebo, imoto kaTamba izoba nezinye izinto ezimbalwa ezenezelwe, ezinjengocezwana lwefasitela kanye nokhaphethi othile phansi. Amaphepha okugoqa oswidi angenamibala asebenza “njengengilazi” yamafasitela.
Manje sekuyisikhathi sokufaka umphini wokuqondisa isondo, oba mude uphumele ophahleni bese ubheka emuva emotweni ngokwayo uze ufike okhalweni ngokuphakama. UTamba wenza lokhu kube isondo lokuqondisa imoto, elizomenza akwazi “ukushayela” imoto yakhe ngokuyiqhuba. Singakanani isikhathi esichithwa yakhiwa? Izinsuku ezimbili. Kodwa manje sekuza okujabulisa ngempela—ukuyishayela! Isandla sakhe sisesondweni lokuqondisa imoto, uTamba uqhuba imoto yakhe futhi ayichushise ngobuciko ezintweni eziyisiphazamiso. Futhi ukuze ishayelwe nasebusuku, abanye abafana bafaka izibani zangaphambili ezisebenza ngamabhetri, okungukuthi ngama-bulb aveza ukukhanya.
Odoli BaseAfrika
Odoli baye babizwa ngokuthi “izinto zokudlala zabantu ezindala kakhulu.” Nokho, odoli baseAfrika bahluke kakhulu ezinhlotsheni ezithengwa ezitolo.a Ngokwesibonelo, cabanga ngodoli owenziwe ngobhanana! Laba bayathandeka emantombazaneni aseNtshonalanga Afrika. Ngemva kokudweba amehlo omabili, umlomo, kanye nekhala kulesithelo, babe sebewugqokisa kahle udoli. Enye intsha ize ngisho ibelethe emhlane izingane zayo zokudlala—njengoba nje kwenza uMama!
Amantombazane aseNingizimu Afrika nawo ayakwazi ukwenza “izingane” ngamahleza ommbila. Kube sekuxhunywa izinti zokwenza izingalo nemilenze. Izicucwana nje ezimbalwa zendwangu ziba izingubo zokugqoka. Futhi izinwele ezilukhuni ziyakufanelekela ukwelukwa.
UCynthia, intombazane yaseSierra Leone, uya kubathungi abehlukahlukene eqoqa izicucu zezindwangu ukuze enze futhi olunye uhlobo lukadoli. Lona udoli owenziwa ngezicucu, noma ngezidwedwe. Uboleka kumama wakhe isikele, inaliti, kanye nohala, asike indwangu yakhe futhi ayihlanganise enze udoli. Izicucu ezincane zendwangu zigxishwa ngaphakathi noma zithungwe kwakhiwe ngazo izici zobuso.
Izikhathi Ezishintshayo
Nokho, eminyakeni yamuva, iAfrika iye yabona ukutheleka okukhulu kwamathoyizi angabizi kakhulu avela eMpumalanga Ekude. Ngokwesibonelo, eNtshonalanga Afrika, odoli bepulasitiki bangathengwa ngeRandi namasenti angu-20. Ngenxa yokuthi bahlala isikhathi eside futhi bacishe bafane kakhulu nezingane zangempela, ngokuvamile amantombazane athanda bona kunalabo abenziwe ngamahleza ommbila noma odoli bezidwedwe.
Intombazane esanda kweva eshumini nambili uSaffie idayisa izingane ezenziwe ngezicucu ezimise okomuntu esitodlwaneni esiseduze komgwaqo eFreetown, enhlokodolobha ephithizelayo yaseSierra Leone. Ibadayisa ngemali elinganiselwe engamaRandi angu-7 namasenti angu-40. Obani abathenga kakhulu? USaffie uyavuma: “Ngokuvamile izivakashi ezizobona indawo ezivela eMelika naseYurophu manje ezifuna izingane ezenziwe ngezicucu zezindwangu. Izingane zaseAfrika zikhetha izingane ezenziwe ngepulasitiki.”
Kodwa ingabe abafana ngempela bakhetha amathoyizi adayiswa ezitolo? URaymond oneminyaka engu-13 ubudala wayesanda nje kuchitha isonto lonke akha iloli elikhulu elenziwe ngocingo. “Uma othile ebefuna nishintshane akuphe iloli elakhiwe embonini yena athathe elakho,” sabuza, “ingabe ubungalithatha?” Waphendula ngokunganqikazi: “Yebo! Lifana kakhulu nelangempela.”
Yebo, izimoto ezenziwa ekhaya azisathandwa njengoba izimoto ezingamathoyizi ezenziwa ezimbonini zanda. Kumagazini i-African Arts uPatricia Davison uthi: “Kubonakala sengathi izimo zobumpofu obungokwenhlalo nobungokomnotho ezivamile emiphakathini ekhiqiza lamathoyizi ziye zabangela lokhu kubonakaliswa kwekhono lokwakha, ngokuphambene, elingase liphazanyiswe ubuningi bezinto ezibonakalayo.”
Kanjalo ingabe amathoyizi akhiwa ezimbonini ngokuhamba kwesikhathi ayothatha indawo yalawo enziwe ngezandla eAfrika? Kuzobonakala ngokuhamba kwesikhathi. Ngokuthakazelisayo, izinhlangano eziningi kuyo yonke iAfrika zizama ukugcina umkhuba wokuzenzela amathoyizi ekhaya ukhona ngokugqugquzela imincintiswano yokwenza amathoyizi. Futhi, eminye iminyuziyamu iqoqa amasampula alemisebenzi yezandla ukuze ibukise ngawo. Nokho, uma zikhethiswa, cishe njalo izingane zikhetha amathoyizi enziwe ezimbonini ngenxa yokufana kwawo nezinto ezingokoqobo.
Mhlawumbe lokhu kuyadabukisa. Ngoba ngokungafani nalawo athengwa esitolo, amathoyizi okuzenzela ekhaya ashukumisa ikhono lokwakha, lokusungula okuthile, ukukwazi ukubhekana nezimo, ubuchwepheshe, kanye nokucabanga izinto ezingenziwa. Ukuzenza kuyajabulisa futhi kunikeza umuzwa wokufeza okuthile. Futhi izindleko zemali ziphansi.
[Umbhalo waphansi]
a Izithombe zaseAfrika ezibazwe ngokhuni, ngokuvamile esikhathini esedlule ezazihlanganiswa nenkolo nemimoya, azivamile ukusetshenziswa izingane zaseAfrika njengezinto zokudlala. UMnu. H. U. Cole, umqondisi we-Sierra Leone Museum eFreetown, waqhubeka watshela abe-Phaphama! ukuthi ngenxa yethonya lamazwe aseNtshonalanga, izithombe ezinjalo zisetshenziswa ngokwandayo ngenjongo yokuhlobisa.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 19]
Ngaphambi kakhulu kwenkathi yokukhiqiza izinto zokudlala ezimbonini, izingane zazizakhela amathoyizi azo siqu