Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g04 8/8 k. 31
  • Amathoyizi Angcono Kakhulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Amathoyizi Angcono Kakhulu
  • I-Phaphama!—2004
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Amathoyizi Anamuhla—Abafundisani Abantwana Bethu?
    I-Phaphama!—1994
  • Bazali—Khethani Amathoyizi Omntwana Wenu Ngokuhlakanipha
    I-Phaphama!—1994
  • Bazali—Umntwana Wenu Udlala Ngani?
    I-Phaphama!—1994
  • Inkulisa Engenawo Amathoyizi
    I-Phaphama!—2004
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2004
g04 8/8 k. 31

Amathoyizi Angcono Kakhulu

Kufanele ngimthengele amathoyizi anjani umntanami? Kufanele ngisebenzise malini? Uma ungumzali, mhlawumbe usuyibuze kaningi le mibuzo. Uzojabula ukwazi ukuthi amathoyizi angcono kakhulu kungase kube yilawo angabizi.

“Abantwana bazuza kakhulu lapho behileleka ngokoqobo ezintweni futhi bazame izindlela eziningana zokuzisebenzisa kunokuzibukela nje bengenzi lutho, ngakho amathoyizi avamile ashukumisa ikhono lengqondo angcono kunezimoto ezinhle zamabhethri noma onodoli abakhulumayo, abalinganisela lokho umntanakho angakwenza,” kusho incwadi ethi Motivated Minds—Raising Children to Love Learning. La mathoyizi akamuva angase “ajabulise ekuqaleni, kodwa abantwana bavame ukuphelelwa isithakazelo kuwo ngokushesha ngenxa yokuthi awabavumeli ukuba bazame izindlela ezihlukahlukene zokuwasebenzisa noma ukuwashintsha.”

Kuye ngobudala bomntwana, amathoyizi ashukumisa ingqondo ahlanganisa izinto ezivamile njengamapulangwe amancane, amabhokisi angenalutho, amaphepha, izinto zokudweba, ngisho nesihlabathi namanzi. I-Motivated Minds ithi: “Amathoyizi amancane, njengawezilwane zasepulazini, ayonika [umntwana] ithuba lokufanelanisa izinto, ukuzihlanganisa, nokuziqhathanisa, nokuthuthukisa ikhono lokukhuluma ngokuqamba izindaba.” Le ncwadi isikisela nezinsimbi zomculo ezilula—uma uzokwazi ukubekezelela umsindo—ngoba zivumela abantwana ukuba bazame imisindo ehlukahlukene nesigqi sayo.

Izingqondo zabantwana zakha imifanekiso eminingi, futhi bayakuthanda ukufunda nokudlala. Ngakho basize kuzo zontathu lezi zici ngokubakhethela amathoyizi ngokuhlakanipha.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela