Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g93 3/22 k. 25-k. 27 isig. 7
  • Lapho Umuntu Nofudu Behlangana

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lapho Umuntu Nofudu Behlangana
  • I-Phaphama!—1993
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lapho Sibona Olokuqala
  • Ukufaka Izimfudu Izigqebhezana
  • Ukubeka Amaqanda Kwenye Indawo
  • Umuntu Kufanele Afunde Ukukhathalela
  • Isimiso Sokuthungatha Indlela Sofudu Lwasolwandle
    I-Phaphama!—2011
  • Ukufika Kwaminyaka Yonke Kwama-leatherback Amakhulu
    I-Phaphama!—1994
  • Ukubuka Okwezwe
    I-Phaphama!—1997
  • Ukubuka Okwezwe
    I-Phaphama!—2000
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1993
g93 3/22 k. 25-k. 27 isig. 7

Lapho Umuntu Nofudu Behlangana

Ngumlobeli we-Phaphama! e-Australia

ISIKHATHI esingcono sokubona ufudu lwasolwandle olungafuywa yilapho luzalela amaqanda esidlekeni salo elisanda kusakha esihlabathini. Ngakho ungathanda yini ukuhamba nami sivakashele iMon Repos—ugu lolwandle olungamakhilomitha angu-1,5 ubude emngceleni waseQueensland, eyizwe lase-Australia elishisayo? Ungakhathazeki ngokuthi uzohlushwa yilanga lasemngceleni wezwe elishisayo, ngoba sizovakasha ebusuku. Isikhathi esingcono sohambo olunjalo oluthakazelisayo siphakathi kwehora lesishiyagalombili ebusuku noma phakathi kwamabili.

Kungcono ukuhamba nomqondisi oqeqeshiwe kanye nabantu abayidlanzana, ngoba kunezinto eziningana okuyomelwe sizenze nokungamelwe sizenze uma sifuna ukubona nokuthinta ufudu olukhulu lwensikazi. Njengoba sihamba eduze nogu kujana nalapho amagagasi aphakeme olwandle agcina khona, umqondisi usicela ukuba sicime amathoshi ethu ngoba ukukhanya kuyazithusa izimfudu. Futhi siyamangala ngendlela esikwazi ngayo ukubona ngokucacile imikhondo yofudu esesihlabathini enobubanzi obuyimitha ngisho nangaphandle kokukhanya.

Ngokulandelayo, umqondisi wethu usivezela amaqiniso athakazelisayo ngezimfudu zasemanzini kuleyondawo. Kunezinhlobo eziyisithupha ezihlukahlukene emanzini ase-Australia, kodwa ezine kuphela zazo ezitholakala lapha eMon Repos, eyindawo eyinhloko yokuzalela eseduze nogu lwaseBundaberg. Lezinhlobo ezine ezihlelwe ngokulandelana kobuningi bazo, yilezi: izimfudu ezizimukile (i-Caretta caretta), izimfudu ezinemihlane eyizicaba (i-Natator depressa), izimfudu eziluhlaza (i-Chelonia mydas), nezimfudu ezinemihlane enjengesikhumba esishukiwe (i-Dermochelys coriacea).

Lapho Sibona Olokuqala

Kuba nenjabulo enkulu lapho sibona ufudu olukhulu. Lungolunye lohlobo lokuqala esilubalile—ufudu oluzimukile. Sibuka buthule njengoba lutetemuka luphuma egagasini luya kujana nalapho igagasi eliphakeme lolwandle ligcine khona. Lapho ekugcineni sisondela eduze, siphawula ukuthi luye lwamba umgodi omise okwesosa ngokuqhwandela isihlabathi nezitshalo kude nendawo oluyizungezile. Lokhu kuvimbela ukumila kotshani esidlekeni bese buvalela amaqanda lapho echamusela emasontweni angu-7 kuya kwangu-12. Luye futhi lwaqeda isidleke esimise okwegonandoda (pear) ngokukhipha nokuphala isihlabathi ngemikhono yalo yangemuva—luyishudulela ngakwesobunxele, ngakwesokudla; bese luyishudulela ngakwesobunxele ngakwesobunxele, bese luyishudulela ngangokwesokudla ngokulandelana. Konke lokhu kuthatha imizuzu engaba ngu-45.

Kuze kube manje, belungathuka kalula futhi lubuyele emanzini, kodwa lapho nje seluqalile ukuzalela amaqanda, siyavunyelwa ukuba siluthinte. Olwensikazi lunokukhanya okucwebezelayo kulo, futhi singathatha izithombe uma sithanda. Lolufudu luyaqhubeka lukhiphela amaqanda alo esidlekeni okuthatha imizuzu eyishumi kuya ku-20, ahambisana noketshezi oluhlambulukile, olunjengamafinyila oluvikela amaqanda okhunteni nasezinambuzaneni lapho esechamusela. Izimfudu ezizimukile zizalela isilinganiso samaqanda angu-120 alingana namabhola e-table tennis endaweni ngayinye yokuzalela—ngezikhawu zezinsuku ezingu-14 izikhathi eziningana ngenkathi yonyaka ngayinye—okuneminyaka emibili kuya kwemine phakathi kwazo.

Lapho siluthinta ngokoqobo lolufudu, siyamangala indlela isikhumba salo esithambe ngayo—isici esenza isikhumba sofudu sikhange kakhulu futhi sifake engozini ukuphila kwezimfudu. Uqweqwe lwalo, noma isembozo, senziwe ngezingcwecwe futhi sifana nethambo lomgogodla nezimbambo. Manje luqala ukufukamela amaqanda alo. Kodwa njengoba luye lwawabekela eduze nalapho igagasi ligcina khona, kumelwe ayiswe kwenye indawo uma ezosinda. Lokhu kuzokwenziwa amalungu amabili eqembu labacwaningi abaye bajoyina iqembu lethu.

Ukufaka Izimfudu Izigqebhezana

Lolufudu lwethu luzofakwa isigqebhezana komunye wemikhono yalo engaphambili ukuze sisizakale ekucwaningeni ngezimfudu zasemanzini. Lona akuwona umsebenzi olula ngenxa yesihlabathi olulokhu lusiqhwandela yonke indawo. Lezigqebhezana zenziwa ngensimbi encibilikisiwe engagqwali. Engxenyeni engemuva yesigqebhezana kuba nekheli, futhi kubalulekile emsebenzini wokucwaninga ukuba zonke izimfudu ezibonwayo zibikwe ngenombolo yendawo ezikuyo. Yilapho kuphela ufudu lufa lapho isigqebhezana kufanele sikhishwe khona futhi siphindiselwe emuva, kanye nemininingwane yendawo lolofudu obelukuyo. Engxenyeni engaphambili yesigqebhezana kunenombolo ewuphawu lofudu. Inombolo yalolufudu lwethu u-T54239, kodwa sikhetha ukulubiza ngokuthi uTabitha.

Ngenxa yokuthi uTabitha akakaze afakwe isigqebhezana ngaphambili, kungenzeka ukuthi akakaze azalele amaqanda ngaphambili futhi ngaleyondlela anganikeza ukwaziswa okubalulekile ukuze kugcizelelwe ukuvikelwa kwezimfudu namaqanda azo ePacific eseNingizimu. Manje, ukuze sithole lokho kwaziswa, sibukela ukuhlinzwa okuncane kofudu khona lapha olwandle! Lenqubo yokuhlinza ibizwa ngokuthi i-laparoscopy futhi ngokuvamile isetshenziswa kubantu. UTabitha uphendulwa ngesineke futhi abekwe ohlakeni oluyibhala. Siyamdabukela futhi sithola ukuthi ukuhlikihla umphimbo wakhe kumenza axole. Lokho esikubonayo akuzona izinyembezi, kodwa amanzi anosawoti awakhiphayo ukuze asuse isihlabathi emehlweni akhe futhi akhiphe usawoti omningi obangelwa ukuphuza kwakhe amanzi asolwandle. Awabangelwa ubuhlungu. Isikhumba sakhe sisikwa phezu komkhono wakhe wangezansi; bese kufakwa ishubhu kulelinxeba elincane, futhi kufuthelwe umoya omncane phakathi. Ngokubheka esizalweni sakhe, abacwaningi bathola ukuthi lesi isikhathi sakhe sokuqala sokuzala, futhi usenamaqanda engeziwe avuthwayo. Konke lokhu kwaziswa kulotshwa phansi; khona-ke isivalo seshubhu siyavulwa ukuze kuphume umoya, bese kuthungwa inxeba.

Ngemva kokuphendulwa bese ephindiselwa esihlabathini, uTabitha eqhutshwa umzwelo wemvelo uqonda emanzini. Amagagasi ayamboza futhi alahlele uTabitha okhululekile phakathi emanzini.

Ukubeka Amaqanda Kwenye Indawo

Njengoba siphenduka, siphawula ukuthi amaqanda asesusiwe endaweni yokuzalela. Ngemva kwamahora amane iqanda lithinta ingaphakathi legobongo futhi lakhe imithambo yegazi. Uma ephendulwa ngemva kwalokhu, azokonakala. Endaweni yokuzalela, inqubo yokususwa kwamaqanda ayiswe kwenye indawo ngokuvamile ithatha amahora amabili, futhi izinga lempumelelo yokubekwa kwawo kwenye indawo liphakeme kakhulu. Injongo yalokhu iwukuvikela isidleke kanye namaqanda emanzini nasekugugulekeni. Izinga lokushisa kwesihlabathi yilona elinquma ukuthi izimfudu ezichanyuselwayo zingobabuphi ubulili. Iziqhingi eziningi zinesihlabathi esipholile futhi ziveza ikakhulukazi izimfudu zamaduna, kanti izihlabathi ezifudumele zaseMon Repos ziveza ikakhulukazi ezezinsikazi.

Izimfudu zichamusela kusukela ngo-January kuya ku-March. Ziphala uphahla lwazo lwesihlabathi, bese isihlabathi siwela ngaphakathi sibangele ukuba ziphakamele phezulu. Uma izinga lokushisa kwesihlabathi lingaphakeme kakhulu, ziyaphuma zihambe zikhilikithela ziya emanzini. Kodwa lokhu kumane kuyisiqalo sohambo lwazo. Kukholelwa ukuthi kuthatha iminyaka engu-50 ukuba ufudu lufinyelele ukuvuthwa kokuzala. Amaphesenti ambalwa kuphela afinyelela lapho.

Umuntu Kufanele Afunde Ukukhathalela

Ngokudabukisayo, ukungabi nandaba komuntu nokungacabangeli kunengxenye enkulu ekunciphiseni izinhlobo eziyisithupha ezaziwayo zezimfudu zasemanzini. Ngokuvamile izikhwama zepulasitiki ezilahlelwa olwandle zithathwa ngokuyiphutha ngokuthi yi-jellyfish futhi izimfudu ziyazidla. Lokhu kucinanisa isimiso sazo sokugayeka kokudla futhi kubangele ukuba zilambe zize zife. Enye imfucumfucu ingase izibinde izimfudu. Ngisho nophephela bezikebhe bangabangela ingozi uma abashayeli bazo bengaqaphile. Okunye ngaphandle kwalokhu ukuchitheka kukawoyela nemfucumfucu enoshevu engase ibhubhise zonke izilwane zasolwandle phakathi nesikhathi sazo sokuzala. Futhi ngenxa yokuthi ufudu kufanele luphume emanzini njalo ngemva kwemizuzu engu-15 ukuze luthole umoya, amanetha okudoba athandela ufudu angase aluminzise.

Njengoba abantu abengeziwe beqaphela lezingozi futhi befunda ukukhathalela kakhudlwana indawo ezungezile, ngokungangabazeki amathuba engeziwe ayofika lapho umuntu nofudu beyohlangana—umuntu ahlabeke umxhwele futhi akhangwe esinye isimangaliso somjikelezo wendalo omangalisayo wokuzala.

[Izithombe ekhasini 26]

Phezulu ngakwesobunxele kuya ngakwesokudla: kwenziwa ukuhlinza okuncane, luphindela emanzini, amaqanda abekwa kwenye indawo, imikhono ifakwa isigqebhezana

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela