Ingabe Saklanywa?
Isimiso Sokuthungatha Indlela Sofudu Lwasolwandle
● Abacwaningi bachaza ukufuduka kofudu lwasolwandle lusuka emadlelweni alo luya ezihlabathini ezisogwini oluzalela kulo “njengesenzo esiphawuleka kakhulu phakathi kwezilwane.” Sekungamashumi eminyaka lesi silwane sibashiya bekhexile.
Cabanga ngalokhu: Njalo phakathi neminyaka emibili kuya kwemine, ufudu lwensikazi luya ogwini luyobekela amaqanda angaba yikhulu esidlekeni esisodwa, bese liwasibekela ngesihlabathi. Lapho sezichanyuselwe, izimfudu ezincane zingena olwandle. Zibe seziqala uhambo olumangalisayo olungahlanganisa ibanga elingamakhilomitha angaba ngu-12 900. Ngemva kweminyaka kamuva, izimfudu zezinsikazi esezikhulile ziyabuya zizobekela amaqanda azo khona kanye ogwini ezachanyuselwa kulo!
Izimfudu zasolwandle ziyithungatha kanjani indlela? “Kubonakala sengathi zizalwa zinebalazwe elithile likazibuthe,” kusho isazi sezinto eziphilayo uKenneth Lohmann eYunivesithi yaseNyakatho yeCarolina e-United States, njengoba ecashunwe kuyi-National Geographic News. Ucwaningo lubonisa ukuthi ufudu lungathola ukuthi lukuphi nendawo ngokuthola ukuthi amandla kazibuthe omhlaba ami kanjani nokuthi anamandla kangakanani. Leli khono elimangalisayo lisiza lezi zimfudu ezincane nezingakwazi ukuzivikela ukuba zihambe amakhilomitha angu-12 900 olwandle i-Atlantic, “futhi lokhu zikwenza zizodwa zingalandeli ezinye izimfudu,” kusho uLohmann.
Ucabangani? Ingabe ikhono lofudu lwasolwandle lokuthungatha indlela laba khona ngengozi, noma ingabe ladalwa?
[Ibhokisi ekhasini 25]
AMANYE AMAQINISO
● Ngemva kokubekela nokusibekela amaqanda, ufudu lwensikazi luyasishiya isidleke.
● Ukuze liphume egobolondweni, ichwane lisebenzisa izinyo elikhethekile okuthiwa i-caruncle, okuthi ngemva kwalokho likhumuke.
● Izimfudu zasolwandle zichitha amaphesenti angu-90 okuphila kwazo zisolwandle.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 25]
© Masa Ushioda/WaterF/age fotostock