Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Imizwelo Ephambene Ngiyanibonga ngochungechunge olumangalisayo lwezihloko ezithi “Ungakwazi Ukunqoba Imizwelo Ephambene.” (October 8, 1992) Sekuyisikhathi eside nginalenkinga. Kodwa manje njengoba uJehova esenginike isipho salezihloko, ekugcineni ngiye ngathola amandla okulwisana nalemizwa. Ukubona ngeso lengqondo ikusasa asigcinele lona nezibusiso esiyozijabulela ngalesosikhathi kuwusizo olukhulu.
C. I., Italy
Ngacindezeleka ngemva kokuhileleka ngokomzwelo nothile owazibonakalisa ekhohlisa ngokuphelele. Izinyanga eziningi ngazinyeza ngemicabango ephambene enjengokuthi, ‘Ngiye ngaba isithutha ngokukholelwa amanga akhe.’ Noma, ‘Angikwazi ukubona ubuntu.’ Lokhu kwaholela esiphethweni sokungethembi muntu: ‘Angisoze ngiphinde ngithembe indoda.’ Incazelo yalesihloko engokoqobo yokucabanga okuqondile ingisiza ukuba ngakhe kabusha ukuzethemba nokuzikhumbuza ukuthi lesenzakalo sasimane nje singokunye okuhlangenwe nakho okufundisayo.
R. M., United States
Ngiyakuncoma ukusingatha kwenu indaba yemizwelo ephambene. Nokho, akuyona yonke imizwelo ephambene ebangelwa imicabango ehlosiwe. Imicabango engahlosiwe—njengezinkumbulo ezivalelwe zokuxhashazwa kwasebuntwaneni—nayo ingabangela imizwa enamandla. Abanye bangase bazame ukusebenzisa lokhu kwaziswa kodwa bathole ukuthi ukwenza kanjalo akubenzi bazizwe bengcono. Kungenzeka inkinga yabo ijule kakhulu. Ngakho-ke abantu abezwa kunesidingo sokuthuthukisa impilo yabo engokwengqondo noma engokomzwelo—kungakhathaliseki ukuthi lokhu kuhilela usizo lwezobuchwepheshe noma cha—akufanele bahlulelwe njengabeqisayo.
M. W., United States
Siyakubonga ngalokho kukhulumela. Abafundi kufanele bakhumbule ukuthi lezihloko zazingaqondisiwe kubantu abaphethwe izinkinga ezinjalo ezingathi sína njengokucindezeleka okukhulu noma imiphumela yakamuva yokuxhashazwa kwasebuntwaneni. Abanjalo bangathola inzuzo ngokusebenzisa ukusikisela okuqukethwe ngaphakathi; nokho, njengoba kuboniswe ekuqaleni, lezihloko zagxila ‘emizwelweni ephambene evamile eba khona kuwo wonke umuntu.’ Ngokuqondene nezinhlobo zokucindezeleka okukhulu, lesihloko sabonisa ukuthi izinkinga ezinjalo ‘zingase zidinge ukwelashwa kobuchwepheshe.’—ED.
Izinyembezi Muva nje ngiye emngcwabeni womKristu othembekile obekhonza njengomdala ebandleni lethu iminyaka eminingi. Lapho kukhishwa ibhokisi ehholo, ngakhala kalusizi. Nokho, iningi labanye ababekhona lathiba imizwa yalo. Ngakusasa nje, ngathola umagazini i-Phaphama! ka-September 22, 1992 onesihloko esithi “Kungani Sichiphiza Izinyembezi?” Sangisiza ukuba ngiqonde ukuthi izinyembezi azilona uphawu lobuthakathaka kodwa ukubonakaliswa kwemizwelo ejulile. Ngibonga kakhulu ngalesihloko esifundisayo.
S. Z., Germany
Izandla Isihloko esithi “Izandla Zethu Ezimangalisayo” (August 8, 1992) sasithakazelisa ngokwedlulele. Ngangiqaphela kakade ukuthi izandla zethu zenziwe ngokumangalisayo. Kodwa lesihloko sangisiza ukuba ngiqonde ubukhulu boMdali wethu.
K. Y., Japan
Umthandazo Ngiyabonga ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ingabe UNkulunkulu Uyayiphendula Imithandazo Yami?” (September 22, 1992) Ngasithola siwusizo kakhulu lesihloko. Sangifundisa ukuthi imithandazo yami akufanele ibe nezicelo ezingenangqondo zezinto ezibonakalayo engizifunayo. Ngafunda futhi ukuthi kufanele ngiphikelele emthandazweni ngoba akungaso sonke isikhathi lapho uJehova ephendula khona ngokushesha. Futhi angase angasiphenduli ngendlela esifuna ngayo.
B. G., United States