Indlela Abanye Abaye Bafunda Ngayo Ukunqoba Imizwelo Ephambene
NGEZINYE izikhathi wonke umuntu uba nemizwelo ephambene. Ngenxa yezinkinga ezinzima, njengokugula okungathi sína, ukuguga, noma ukufa kwabathandekayo, abanye bangase babe nemizwelo ephambene egxile ngokujulile engakuthinta kabi ukuphila kwabo.
Nokho, ngisho naphakathi kwalabo abanemizwelo egxile ngokujulile, kunalabo abaye bafunda ukulawula lemizwelo ukuze baqhubeke ngokuphumelelayo nemisebenzi yabo yansuku zonke. Lezi ezilandelayo izibonelo zabanjalo, njengoba umagazini iPhaphama! wawuxoxa nabo.
UJanis welashelwa ukugula okuthinta imizwelo yakhe. Nokho, uyaphawula: “Ngithola ukuthi indlela ephumelela kakhulu yokubhekana nalenkinga iwukulawula imicabango yami. Lokhu ngikwenza ngokuthi ngenzele abanye abantu izinto, njengokubhaka nokuthunga. Ngiyaqikelela ukuba ingqondo ngiyigxilise ezinkumbulweni ezijabulisayo nasezenzakalweni zesikhathi esizayo engibheke phambili kuzo. Ngenxa yokugula kwami, konke lokhu akulula. Ngezinye izikhathi bekungaba lula ukuyeka futhi ngizizwe kabi. Kodwa imiphumela emihle iwufanele umzamo.”
Ngemva kweminyaka engu-45 beshadile, umyeni kaEthel wafa. Nakuba amkhalela, uEthel uyakwazi ukulawula imizwelo yakhe. Uyachaza: “Ngizigcina ngimatasa ngenzela abanye izinto. Ngokwesibonelo, ngiyakujabulela ukufundisa abanye ngezinjongo zikaNkulunkulu njengoba zitholakala eBhayibhelini. Enye intokazi yayijabule kakhulu ngezinto ezinhle eyayizifunda kangangokuthi ukwazisa kwayo kwangisiza ukuba ngithokoze ngokwengeziwe. Njengoba ngigxilisa ukunakekela kwami ezintweni eziqondile eziseBhayibhelini ukuze ngifundise abanye, kungisiza ukuba ngiyikhiphe ngempoqo imicabango ephambene engqondweni yami. Okunye futhi, abesifazane abasebasha beza kimi bezofuna usizo ngezinkinga ezahlukahlukene, futhi ukukhuluma ngezinto eziqondile abangazenza ekuphileni kwabo nakho kuyangisiza ukuba nginqobe imizwelo ephambene.”
Kwase kuyiminyaka eminingi uArthur ephila ukuphila okumatasa, okusheshayo. Khona-ke, ngenxa yokugula okungathi sína, kwadingeka ayeke umsebenzi wokuziphilisa futhi anciphise yonke imisebenzi yangaphandle kwekhaya. Izinyanga eziningi uArthur wazizwa engenalusizo futhi ecindezelekile. Wayisingatha kanjani lemizwa? “Ngayeka ukucabanga ngalokho engangingasakwazi ukukwenza. Kunalokho, ngagxila kulokho engangingakwenza ukuze ngisize abanye abantu bazithuthukise bona futhi ngibakhuthaze lapho becindezelekile. Njengoba ngangihlala ekhaya, ngangilusebenzisa kakhulu ucingo. Njengoba ngangiba matasa ngisiza futhi ngikhuthaza abanye, ngaba nesikhathi esincane sokuzidabukela.”
Ngemva kochungechunge losizi, kuhlanganise nokufa komyeni wakhe, ngokuqondakalayo uNita wabhekana nokudabuka okunzima nokucindezeleka. Ngokuhamba kwesikhathi wafunda ukulawula leyomizwa: “Lapho ngihlaselwa umuzwa wokudabuka, ngifuna indlela yokuphuma eyakhayo. Ngiyaziphoqelela ukuba ngihambahambe, ngishayele umngane onomusa ucingo, ngilalele umculo, noma ngenze noma yini engiyazi kokuhlangenwe nakho ukuthi iyonciphisa ukucindezeleka. Ngizama ukuziphatha ngozwela njengoba bengingenza ngomngane oqotho.”
Sekuyiminyaka engu-32 uMary enezinkinga ezinzima zempilo. Njengoba ehleli esihlalweni esinamasondo, uhamba ekhaya kuphela lapho eyobona udokotela. UMary uzigcina kanjani enganqotshwa ukudumazeka? Uyachaza: “Umyeni wami ubelokhu engisekela kakhulu. Futhi, ngifunda ukwaziswa okwakhayo njalo. Ngishayela abangane bami ucingo njalo, futhi ngokuvamile ngithatha isinyathelo kuqala sokubamemela ekhaya lami. Ngiyakujabulela ukuvakasha kwabo futhi lezozikhathi angizisebenziseli ukukhonona noma ukuzidabukela. Angisichithi isikhathi ngicabanga ngezinto eziphambene ekuphileni kwami ngoba nginezinto eziningi eziqondile ezingisizayo.”
Ngokwemvelo uMargaret ungumuntu ocabanga izinto ezingokoqobo. “Lapho kufika imizwa engaqondile,” esho, “Ngifuna ukuba nomuntu ocabanga izinto eziqondile—hhayi umuntu onemicabango eyizifiso—kodwa othile ongazi kahle futhi ozongikhumbuza ngokuphumelela kwami futhi angikhuthaze.”
URose Marie useye wahlinzwa kahlanu eminyakeni edlule, futhi muva nje yena nomyeni wakhe sebeye bafelwa izikhathi eziyisikhombisa emikhayeni yabo esikhathini esingangonyaka nengxenye. Ngokuqinisekile, ubunzima balokhu babangela imizwelo ephambene. Nokho, abacabangi ngalezozinto. Njengoba bengoFakazi BakaJehova, baqiniswa ithemba eliqondile neliduduzayo elinikezwa iBhayibheli lezwe elisha lokulunga eliseduze lapho uNkulunkulu ‘eyosula khona zonke izinyembezi emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona; nokudabuka, nokukhala nobuhlungu akusayikuba-khona.’ Ngisho nabafile bayovuswa, njengoba uJesu athi, “isikhathi siyeza, lapho bonke abasemathuneni beyokulizwa [izwi leNdodana kaNkulunkulu].”—IsAmbulo 21:4; Johane 5:28, 29.
[Isithombe ekhasini 9]
UJanis ulawula imizwelo yakhe ngokwenzela abanye izinto, ngokucabanga ngezinkumbulo ezijabulisayo, nangokubheka phambili ezenzakalweni zesikhathi esizayo