Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g93 4/22 k. 31
  • Indlela Yokwelapha Ingqondo Nomzimba

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Yokwelapha Ingqondo Nomzimba
  • I-Phaphama!—1993
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Nandisa Ukuphila Kwakho Ngokuhleka
    I-Phaphama!—1994
  • Imisipha—Umklamo Wobunyoninco
    I-Phaphama!—1999
  • Ukuphila Nesifo Esingamahlalakhona—Ingabe IBhayibheli Lingakusiza?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Ukubhekana Ngokuphumelelayo Nokugula Kwakho—Kanjani?
    I-Phaphama!—2001
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1993
g93 4/22 k. 31

Indlela Yokwelapha Ingqondo Nomzimba

UKUHLOLA kubonisa ukuthi ukuhleka isikhathi eside kuyaphumuza futhi kunempilo engqondweni nasemzimbeni. “Akuqedi nje kuphela ukucindezeleka, kodwa futhi kungase kwandise amathuba okusinda ezifweni ezingathi sína,” kusho umagazini i-Your Better Health. Kufana “nokuvivinya izitho zangaphakathi okunempilo.” Ukuhlola kwembula ukuthi ukuhleka kakhulu kunganciphisa ubuhlungu futhi kube ukuvivinya inhliziyo okuhle. Ukujikeleza kwegazi kuyathuthuka, untu luyavivinyeka, nezinga lomoya-mpilo egazini liyakhuphuka. Imisipha yesifuba, intamo, ubuso, ukhakhayi, kanye nemisipha yeso ekhipha izinyembezi nayo iyavivinywa.

I-Journal of the American Medical Association yabika ngokuhlola “okusikisela ukuthi isimiso sokwelapha ngokuhleka singathuthukisa impilo yeziguli ezinezinkinga ezingamahlala-khona nokuthi ukuhleka kunomphumela wokuqeda izimpawu zesifo kuleziguli.” Imiphumela yalendlela yokwelapha ngokusebenzisa ingqondo yashukumisela i-British Columbia Cancer Agency ukuba yenezele “ikamelo lokuhleka” emtatsheni wayo wezincwadi.

Nokho, ukuhlala nje sihleka kukho konke ukuphila kwethu, ngeke kuqinisekise ukuba kwethu nempilo enhle. Kunalokho, ukulinganisela kuyadingeka. IBhayibheli lithi kunesikhathi sokuhleka nesikhathi sokuthula. Ukuhleka okungenangqondo kungahlaba ezindlebeni zabanye futhi kufaniswa nokuchachama kwezimpondo ezishiswayo ezingaphansi kwebhodwe ngenxa yokuthi akuzuzisi futhi akwakhi.—UmShumayeli 3:4, 7; 7:6.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela