Izisulu Noma Abafel’ Ukholo—Uyini Umehluko?
KUWO wonke umlando, unya lwesintu endodeni, kowesifazane, nasenganeni luye lwabangela ukuhlupheka okungapheli futhi lwaphumela ezigidini zezisulu. Kuye kwachithwa futhi kusachithwa igazi elingenacala, kungakhathaliseki ukuthi kungezizathu zezombangazwe, zobuzwe, zobuhlanga, noma ezingokwenkolo. Inzondo inqoba uthando nokuqonda. Ukungakhathaleli okunenzondo ejulile kudlula ukubekezela. Futhi ukubulala kuyaqhubeka.
Emakhulwini eminyaka adlule, impi yayivivisa amabutho ukuba alwe namanye amabutho, futhi ukuhileleka kwezakhamuzi empini kwakukuncane ngokuqhathaniswa. Ekhulwini lethu lama-20, njengoba kwasungulwa ukubhomba ngezindiza, izikhali nemicibisholo okutshuza ibanga elide, ukulimala kwezakhamuzi kuye kwaphakama kakhulu kangangokuthi okunye ukuhlola kuthi: “Ngokwezinga elikhulu izakhamuzi manje ziyizisulu eziyinhloko ezimpini. Kulelikhulu kuye kwafa izakhamuzi eziningi ezingahlomile ukudlula amasosha angochwepheshe ezimpini.” Abantu abangenacala baye baba izisulu ezingakhathalelwa zombayimbayi ezimpini ezishoshozelwa abaholi bezombangazwe. Ekhulwini lethu kuphela, inani lezisulu zempi liye landa, lafinyelela kwabangaphezu kwezigidi eziyikhulu abafa namakhulu ezigidi akhutshazwa izingozi nokulahlekelwa abathandekayo.
Ngaphandle kwezisulu zezimpi zosuku lwanamuhla, kuye kwaba khona futhi nabafel’ ukholo.a Uyini umehluko? Izigidi—amaJuda, amaSlav, amaGypsy, ongqingili, nabanye—bafa njengezisulu eJalimane lobuNazi ngenxa nje yalokho ababeyikho. Babengenalo usizo, bengenakuzikhethela. Ngaphansi kwalesosimiso esibi, ukufa kwabo kwakungenakwenzelwa zikhalazo. Ngakolunye uhlangothi, abanye kwakungadingekile ukuba bafe. Babenendlela yokusinda, kodwa, ngenxa yezimiso zabo, bakhetha ukungayithathi.
Esinye isibonelo esaziwa kakhulu kwakungesompristi ongumKatolika uMaximilian Kolbe, owasiza ababaleki abangamaJuda phakathi neMpi Yezwe II. Ngo-1941 “wathunyelwa ngomkhumbi [ekamu lokuhlushwa lamaNazi] e-Auschwitz, lapho adela khona ukuphila kwakhe esikhundleni sowayevalelwe naye owalahlwa icala uFranciszek Gajowniczek. Ekugcineni ngemva kokulanjiswa, wajovwa ngoshevu i-phenol futhi washiswa.” (Encyclopædia Britannica) Waba umfel’ ukholo ozidelayo—into eyayihlukile emthethweni ovamile ezinkolweni zobuProthestani nobuKatolika.
Phakathi nenkathi yobuNazi eJalimane (1933-45), oFakazi BakaJehova babhekana noshushiso olwesabekayo ngenxa yokuba nesibindi sokungathathi-hlangothi nangenxa yokwenqaba ukukhonza emizamweni yempi kaHitler. Izinkulungwane zathunyelwa emakamu okuhlushwa asabekayo, lapho abaningi babulawa khona futhi abanye bafa ngenxa yokuphathwa kabi. Nokho, kwakungadingekile ukuba bahlupheke futhi bafe. Babengazikhethela. Babenikeziwe indlela yokusinda. Uma nje babengasayina iphepha elilahla ukholo lwabo, babengakhululwa. Iningi lakhetha ukungasayini futhi alizange nje kuphela libe yizisulu zonya lwamaNazi kodwa futhi abafel’ ukholo. Ngakho, nakuba bonke abafel’ ukholo beyizisulu, zimbalwa kuphela izisulu ezazingaba abafel’ ukholo futhi ezakhetha ukuba yibo. Zanqoba nakuba zazibhekene nokufa.
Ubufakazi obungakhethi obuvela kwabaningi abangebona oFakazi bufakazela leliqiniso. “UMfundisi waseSwitzerland uBruppacher waphawula ngo-1939 ukuthi ‘Nakuba abantu abazibiza ngokuthi amaKristu beye bahluleka ekuhlolweni okuwujuqu, labofakazi bakaJehova abangaziwa, njengabafel’ ukholo abangamaKristu, bamelana ngokuqinile nokuphoqelelwa kukanembeza nokukhulekela izithombe kobuqaba . . . Bayahlupheka futhi bafe ngoba, njengofakazi bakaJehova namanxusa oMbuso kaKristu, bayakwenqaba ukukhulekelwa kukaHitler neSwastika.’”
Nokho, oFakazi BakaJehova abazange bagcine ubuqotho babo nakuba bebhekene nokufa eJalimane lobuNazi kuphela. Kuye kwadingeka ukuba babonise isibindi sabo lapho bebhekene nobuKhomanisi, ubuFascist, nezinye izinhlobo zobushiqela bezombangazwe, kanye nokuphikiswa okungokwenkolo. Ngisho nasemazweni okuthiwa abusa ngentando yeningi aseNtshonalanga, oFakazi baye babhekana nobudlova. Isihloko sethu esilandelayo sizochaza ngokuningiliziwe ezinye zezimo eziye zahilela oFakazi abanqoba nakuba bebhekene nokufa.
[Umbhalo waphansi]
a Isisulu sichazwa ‘njengomuntu olinyazwa noma abulawe omunye . . . Umuntu olinyazwa noma owenziwa ukuba ahlupheke ngenxa yesenzo, isimo, noma imbangela ethile.’ Ngakolunye uhlangothi, umfel’ ukholo “umuntu okhetha ukufa kunokuba alahle izimiso ezingokwenkolo. . . . Umuntu ozidela kakhulu noma ohlupheka kakhulu ukuze aqhubekisele phambili inkolelo, inkambo, noma isimiso esithile.”—The American Heritage Dictionary of the English Language, uHlelo Lwesithathu.
[Isithombe ekhasini 3]
Ngemva kweMpi Yezwe II, izinkantolo zaseMpumalanga Jalimane zamangalela oFakazi BakaJehova ngokungalungile ngokuthi bayizinhloli zeMelika
[Umthombo]
Neue Berliner Illustrierte