Impi Ibhubhisa Intsha Eningi
ISIKHATHI sobungane sifanele sijabulise. Kufanele sibe isikhathi sokwaziswa nesokuvikelwa. Isikhathi sobumsulwa. Abasebancane kulindeleke ukuba badlale, bafunde futhi bathuthukise izimfanelo eziyobasiza ukuba babe abantu abadala abathembekile. Ngokuqinisekile, akufanele izingane zibulawe, futhi akufanele zibe ababulali. Nokho, ngezikhathi zempi kwenzeka izinto eziningi okungafanele zenzeke.
Ngokudabukisayo, izimpi zigcwele embulungeni yonke, futhi zibhubhisa intsha eningi, zibhubhisa kokubili izingane nesikhathi sokuba ingane. Ngo-1993, kwaqubuka izimpi ezinkulu emazweni angu-42 kuyilapho kubhebhetheka udlame lwezombangazwe kwamanye angu-37. Abahlala kuwo wonke lamazwe angu-79 kwakuyizingane.
Namuhla intsha eningi ayikwazi ukuthula. Ngasekupheleni kuka-1995, kwase kuphele iminyaka engaphezu kuka-30 kulwiwa e-Angola, iminyaka engu-17 e-Afghanistan, iminyaka engu-11 eSri Lanka neminyaka engu-7 eSomalia. Endaweni ngayinye kulezi zindawo, izazi zezombangazwe zazikhuluma ngokuqiniseka “ngenqubo yokuthula,” kodwa ukuphikelela kwempi kwaqhubeka kubhubhisa ukuphila kwabantu.
Impi ibilokhu izilimaza izingane, kodwa ukushintsha kwesimo sempi eminyakeni yamuva kuye kwaphumela ekufeni okwandayo kwezakhamuzi ezivamile, ezihlanganisa nezingane. Phakathi nezimpi zekhulu le-18 nele-19 nasekuqaleni kwaleli khulu, cishe ingxenye yezisulu zempi kwakungabantu abangabuthiwe. NgeMpi Yezwe II, eyadonsa kusukela ngo-1939 kuya ku-1945, ukufa kwezakhamuzi ezivamile kwanda kwaze kwaba izingxenye ezimbili kwezintathu zabo bonke abantu abafa ngenxa yempi, ngokwengxenye ngenxa yokuhlaselwa kwamadolobha ngamabhomu.
Ngasekupheleni kwawo-1980, inani labantu abangakabuthwa ababefe empini lase lande lafinyelela cishe kumaphesenti angu-90! Esinye isizathu salokhu ukuthi izimpi seziyinkimbinkimbi kakhulu. Amabutho awasabhekani enkundleni yempi. Namuhla, izimpi eziningi azisekho phakathi kwamazwe amabili, kodwa seziba sezweni elilodwa. Ngaphezu kwalokho, ukulwa kwenzeka emizaneni noma emadolobheni, futhi ngenxa yonya nokusolana, ababulali abakwazi ukuhlukanisa phakathi kwezitha nabantu abangenacala.
Imiphumela iye yaba mibi kakhulu ezinganeni. Ngokwe-United Nations Children’s Fund, kulinganiselwa ukuthi phakathi neminyaka eyishumi kuphela edlule, izimpi ziye zabulala izingane eziyizigidi ezimbili futhi zashiya ezinye ezibalelwa ezigidini ezine kuya kwezinhlanu zikhubazekile. Impi iye yabangela ukuba izingane ezingaphezu kwesigidi zibe izintandane futhi yashiya eziyizigidi ezingu-12 zingenamakhaya. Ngenxa yempi, izingane ezibalelwa ezigidini eziyishumi zihlukumezekile ngokwengqondo.
Imitapo yezincwadi igcwele izincwadi ezikhuluma ngempi. Lezi zikhuluma ngokuthi izimpi zalwiwa kanjani futhi ngasiphi isizathu; zichaza izikhali namaqhinga aye asetshenziswa; zisikhumbuza ngojenene ababeqondisa lokhu kubulawa kwabantu. Amafilimu aqokomisa ukuvukwa amadlingozi futhi ukuhlupheka okubangelwa yimpi awakuvezi. Izincwadi ezinjalo namafilimu azisho lutho ngezisulu ezingenacala. Izihloko ezilandelayo zizobonisa ukuthi izingane ziye zaxhashazwa kanjani njengamaqhawe, ukuthi ziye zachayeka kanjani ngaphezu kwazo zonke izisulu, nokuthi kungani namuhla sithi izingane zingalijabulela ikusasa eliqhakaze ngempela.