Umnyuziyamu Wokuqothulwa Kwesizwe NoFakazi BakaJehova
UKUBUSA konya kwamaNazi kwabangela ukubulawa ngonya kwezisulu eziyizigidigidi, ikakhulukazi amaJuda namaSlav. Nokho, iqembu lenkolo elilodwa—oFakazi BakaJehova—ngobunye lenqaba ukukhothamela umbuso wamaNazi, hhayi ngenxa yobuhlanga noma ubuzwe, kodwa kwakungenxa yokunamathela kwalo ngobuqotho ezindinganisweni zeBhayibheli.—Johane 17:14, 16.
UMbuso wamaNazi wagxilisa ushushiso olunzima koFakazi BakaJehova—ukuhlasela kwakunonya kakhulu uma kuqhathaniswa nenani labo. Ngani? OFakazi, ngenxa yezizathu ezingokwenkolo, benqaba ukuba amalungu kanye nokusebenza ku-German Labor Front futhi benqaba ukwenza noma isiphi isifungo kuHitler njenge-Führer. Ngenxa yalokho amaNazi abavimbela njengenhlangano ngo-April 1933. Bemangalelwa ngokungalaleli umthetho wezwe nongokwenkolo, baba phakathi kwamaqembu okuqala aphonswa emakamu okuhlushwa. “Ekugcineni, oFakazi abangaphezu kuka-30 000 bashushiswa amaNazi,” kusho iphephandaba lasemnyuziyamu.
I-United States Holocaust Memorial Museum, eseWashington, D.C., yenzelwe ukuba ilandise indaba yawo wonke amaqembu ashushiswa amaNazi, kuhlanganise noFakazi BakaJehova. Omunye umthombo uthi lomnyuziyamu “kufanele uthakazelise ngokukhethekile kubantu baseMelika kanye nezivakashi ezivela kwamanye amazwe ezingezenkolo yobuJuda neyoFakazi BakaJehova ezaziyizisulu zokuqothulwa kwesizwe umbuso kaHitler.” Ngemidwebo, izincwadi ezigciniwe, ubufakazi bokuzibonela ngamehlo obathathwa nge-video, izithombe ezingokomlando, kanye nokwaziswa okukumafilimu, okuhlangenwe nakho kwangesikhathi sempi kwamaqembu ahlukahlukene ayeyizisulu kuhlanganisiwe emibukisweni esemnyuziyamu, emtatsheni wezincwadi, nasezindaweni okugcinwa kuzo izinto ezivubukuliwe. Umnyuziyamu uye wagcina ku-video izingxoxo noFakazi BakaJehova abangu-74 ababeyizisulu zokubusa kwama-Nazi. Lomnyuziyamu wavulelwa ukuba ubukwe umphakathi ngo-April 1993.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 31]
Courtesy of United States Holocaust Memorial Museum