Ubufakazi Obubonakalayo BokuQothulwa Kwesizwe
NJENGOBA UNGENA ENDAWENI EBONISA IZIMO ezidabukisa kakhulu, kubonakala kumangaza ukuthola lamazwi avela eBhayibhelini Elingcwele elotshwe etsheni: “Ningofakazi Bami.” Nokho, mhlawumbe lena yindawo yokucaphuna iBhayibheli, okungenani lelovesi ngokukhethekile.—Isaya 43:10.
I-United States Holocaust Memorial Museum eWashington, D.C., eyavulwa ngo-April 22, 1993, imi njengesikhumbuzo sangempela nesisangulukisayo sobuchwepheshe obuphendukezelwe omashiqela abangenazimiso baba umshini wokufa ohlasimulisa umzimba. Izinhlu zezisulu ezingenakuzivikela ezabulawa ubushiqela bamaNazi zikhathaza ingqondo—amaJuda angaba yizigidi eziyisithupha nezigidi zabanye abantu, kuhlanganise nabasePoland, amaSlav, oFakazi BakaJehova, amaGypsy, ongqingili, nabakhubazekile.
Uhambo Olukhumbulekayo
Loluhambo luqala ekheshini elipholile, elakhiwe ngensimbi elinombala ompunga elikuthatha eHall of Witness esitezi sokuqala likuyise esitezi sesine. Kusukela lapho, njengoba izivakashi zehlela ezansi, zidlula emibukisweni yazo zonke izingxenye zokuQothulwa Kwesizwe, kusukela kuyinkulumo-ze yamaNazi kuya ekubuseni kukaHitler kudlulele ekuqoqweni kwezisulu kuya enkululekweni yamakamu okufa. Ekugcineni uhambo lufika eHall of Remembrance, lapho kuvutha khona ilangabi laphakade. Ubufakazi bofakazi bokuzibonela, izithombe ezimile nezinyakazayo, umculo nemifanekiso yobuciko—konke kuyasetshenziswa ukuze kusize ekulandiseni lendaba ehlasimulisayo.
Izivakashi zibona izitezi ezintathu zombukiso ohlala njalo ovusa imizwelo kakhulu nothena amandla. Eminye yemibukiso esabeka kakhulu ifihlwe ngemva kwezindonga zokusitheza ezingamamitha angu-1,2 ubude, eziphakeme kakhulu ukuba izingane zingabona ngalé kwazo.
Umnyuziyamu Wokufundisa
I-Holocaust Research Institute yalomnyuziyamu ihlanganisa umtapo wezincwadi obanzi nenqolobane. Izosebenza futhi njengesikhungo somhlaba wonke solwazi ngokuQothulwa Kwesizwe. UDkt. Elizabeth Koenig, umqondisi woMtapo Womnyuziyamu, uthi: “Sizimisele ukuthuthukisa ukufundiswa nemfundo yomphakathi.” Lomtapo wezincwadi uyoba nokwaziswa okuphathelene namanye amaqembu amancane ayesemakamu okuhlushwa. Uthi: “Kakade sesinokuningi okuphathelene noFakazi BakaJehova.”
Ngo-1933, uHitler wasungula umkhankaso wokuqothula oFakazi BakaJehova. Izinkulungwane zoFakazi—abavela eJalimane, e-Austria, ePoland, ezweni elaliyiCzechoslovakia, eNetherlands, eFrance, nakwamanye amazwe—zathuthelwa emakamu okuhlushwa. Zashushiswa ngenxa yezizathu ezingokwenkolo kuphela. Ababili balaba abasinda kulamakamu bamenyelwa ekuvulweni kwalomnyuziyamu.
Abasinda EkuQothulweni Kwesizwe
Omunye owasinda, uFranz Wohlfahrt, oneminyaka engu-73, wabona ingqikithi yamalungu angu-15 omkhaya wakubo oseduze nezihlobo eboshwa ngoba ayengoFakazi. Uyalandisa: “Abayisikhombisa babo babulawa, iningi ngokunqunywa. Omunye wabulawa ngesisi, futhi abanye bafela emakamu okuhlushwa nasemajele amaGestapo.”
Ingabe wacabanga ukuthi wayeyoke asinde kulamakamu? “Ngangingabaza ngempela,” kusho uFranz. “Cishe nsuku zonke ngangikhunjuzwa abalindi ukuthi uma iJalimane inqotshwa empini, babezobe besenezikhali ezanele zokungibulala.”
Ingabe uyazisola ngokuthi uye waba isiboshwa ngenxa yezinkolelo zakhe ezingokwenkolo? “Lutho neze! Ngisho nakancane!” kusho uFranz, njengokungathi lombono wawululaza isinqumo sakhe. “Sasihlala sijabule ngaso sonke isikhathi. Ezikhathini eziningi ngangimiswa abalindi ababebuza ukuthi: ‘Kulo lonke lolusizi, usamomotheka? Unani?’ Khona-ke ngangithi: ‘Nginesizathu sokumomotheka ngoba sinethemba elingalé kwalesikhathi esinzima—ithemba eMbusweni kaNkulunkulu lapho konke kuyolungiswa futhi konke kwenziwe kube kuhle ngenxa yalokho okumelwe sibhekane nakho namuhla.’”
UJoseph Schoen, owazalwa ngo-1910, wayehlala ematasa emsebenzini womshoshaphansi wokunyathelisa nokusakaza izincwadi zeBhayibheli e-Austria, ngaso sonke isikhathi ekwazi ukugwema amaGestapo—kwaze kwaba ngo-1940, lapho embopha. Kusukela ngo-1943 kuya ku-1945, wayesongelwa njalo ngokufa. Ngo-1943 umholi wekamu lokuhlushwa, ephambi kwazo zonke izisebenzi ezazibuthene, wagxilisa ukunakekela kwakhe kuJoseph wayesememeza, “Ingabe usanamathele kuloNkulunkulu uJehova?”
“Yebo, ngisanamathele,” kuphendula uJoseph.
“Khona-ke uzonqunywa!”
Ngo-1945 uJoseph wayephakathi kwabantu ababeyobulawa eDachau. Uyakhumbula: “Ngokomzimba, ngangiwohlokile. Nokho angikaze ngiqine okholweni lwami njengoba nganginjalo kulolohambo.”
Manje, njengoba evakashela lomnyuziyamu futhi ecabanga ngezinsuku zokuboshwa kwakhe, uthi: “Ngalesosikhathi ngangingenaluvalo nakancane. UJehova ukunikeza okudingayo, lapho ukudinga. Kufanele ufunde indlela yokuncika kuJehova futhi ubone ukuthi uwusizo kangakanani lapho izimo zibucayi kakhulu. Lonke udumo luya kuye. Abekho phakathi kwethu ababengamaqhawe. Sancika kuJehova kuphela.”
Ukubaluleka Kwalomnyuziyamu
“Ngicabanga ukuthi lomnyuziyamu ubaluleke kakhulu,” kusho isazi-mlando uDkt. Christine Elizabeth King, obambele iphini likamongameli weYunivesithi yaseStaffordshire eNgilandi. “Okokuqala, ingumbhalo ogciniwe wezenzakalo. Futhi ikhona ukuze iphikise labo abathi: ‘Into engakaze yenzeke leyo.’ Kunobufakazi obuningi kakhulu, kanye nofakazi abaphilayo abasinda kulokuQothulwa Kwesizwe. Okwesibili, lomnyuziyamu uyithuluzi elihle kakhulu lokufundisa.”
Uyaqhubeka: “Futhi koFakazi BakaJehova, kubaluleke kakhulu ukukwazi ukubona abafowabo nodadewabo abahlupheka nabafa nabadela ukuphila kwabo. Ukubona lokho kugciniwe kungokuthile okukhetheke kakhulu.”
[Ibhokisi ekhasini 18]
Umbhalo osohlwini ufundeka kanje:
“OFAKAZI BAKAJEHOVA”
“Ukuhlukumeza kwamaNazi oFakazi BakaJehova kwaqala ngo-1933. Ngenxa yokuthi bayenqaba inkonzo yezempi futhi bengeke bafungele ukwethembeka kuhulumeni, ngokuvamile oFakazi babemangalelwa ngokuba yizinhloli nosongo kuhulumeni. AmaNazi achaza izibikezelo zoFakazi zesiyaluyalu sangesikhathi esizayo njengezinsongo zokuvukela, neziprofetho zabo eziphathelene nokubuyela kwamaJuda ePalestine, njengamazwi asekela obuSiyoni.
“Nokho, laboFakazi baqhubeka behlangana, beshumayela, futhi besakaza izincwadi. Balahlekelwa imisebenzi yabo, impesheni, nawo wonke amalungelo omphakathi, futhi kusukela ngo-1937 bathunyelwa emakamu okuhlushwa. Lapho, amaNazi ayebabiza ngokuthi ‘iziboshwa zokuzithandela’: oFakazi BakaJehova abalahla izinkolelo zabo babengase bakhululwe. Akukho noyedwa wabo owahoxa.”
[Ibhokisi ekhasini 19]
“Kuyindaba Ebalulekile Yokulandiswa”
“Indaba yoFakazi BakaJehova ingenye yezindaba eziphawuleka kakhulu. Ngenxa yezinkolelo zabo ezingokwenkolo, babengenye yezinkolo zokuqala ezavinjelwa . . . uhulumeni wamaNazi waseJalimane ngo-1933. Lokhu kwakungenxa nje yokuthi babenikela ukukhulekela nesibopho sabo emthethweni ophakeme, umthetho kaNkulunkulu. Ngenxa yalokhu, bashushiswa ngokungenamusa njengamaJuda namaGypsy futhi bafakwa emakamu okuhlushwa lapho abaningi babo balahlekelwa khona ukuphila kwabo.
“Kuyindaba ebalulekile yokulandiswa. Mhlawumbe isici sayo esiyinhlekelele kakhulu [kwaku]ngesezingane zoFakazi BakaJehova. Lapho uyise kwakumelwe athunyelwe ekamu futhi unina eboshiwe, zazibekwa emgqeni ongemuva esikoleni, kanye nezingane zamaJuda nezamaGypsy. Uma lezingane zihlala zingazimisele ukusebenzisa ukubingelela okuthi ‘Heil Hitler!’ noma zikhulekele uHulumeni wamaNazi nganoma iyiphi enye indlela, zazibhekwa njengezigebengu ezisencane ngenxa nje yezinkolelo zazo. Yiqiniso ukuthi lezingane azizange zikhokhele nje kuphela izenzo zobugebengu zabazali bazo ezisobala nabamangalelwa ngazo, okwakuwubugebengu bukanembeza, kodwa futhi zakhokhela neqiniso lokuthi zazingabantwana babo.”—UDkt. Sybil Milton, isazi-mlando esiphethe salomnyuziyamu.
[Isithombe ekhasini 16]
Amabhantshi asemakamu okuhlushwa anebheji elinsomi elingunxantathu ayegqokwa oFakazi BakaJehova
[Isithombe ekhasini 17]
Abasinda ekuQothulweni Kwesizwe uFranz Wohlfahrt (ngakwesobunxele) noJoseph Schoen nesazi-mlando uDkt. Christine King embukisweni okuthiwa yi-“Victims”
[Isithombe ekhasini 17]
Izimoto ezivalekile ezifana nalena zathuthela uWohlfahrt noSchoen emakamu okuhlushwa
[Isithombe ekhasini 18]
Ngenhla: Abasinda uWohlfahrt (ngakwesobunxele) noSchoen embukisweni ongokomlando we-“video” okuthiwa yi-“Enemies of the State” ohlanganisa noFakazi BakaJehova
[Isithombe ekhasini 18]
Ngezansi: UMaria noFranz Wohlfahrt embukisweni ohlanganisa iBhayibheli likaJohann Stossier, umfowabo kaMaria. UFranz uthi: “Ngandlela-thile uJohann wafihla leliBhayibheli isikhathi eside ngaphambi kokuba litholakale. LeliBhayibheli laliwukuphela kwempahla eyathunyelwa emuva kunina ngemva kokubulawa kwakhe”
[Isithombe ekhasini 18]
Eceleni kwaleliBhayibheli elibukisiwe, umbhalo ufundeka kanje: “LeliBhayibheli lalingelikaJohann Stossier, uFakazi KaJehova owayeboshwe ekamu lokuhlushwa iSachsenhausen. UStossier wafa ngokushesha ngaphambi nje kokuba amabutho aseSoviet akhulule lelikamu”
[Isithombe ekhasini 19]
Lapho kunikezelwa lomnyuziyamu uMongameli wase-U.S. uClinton wathi: “Yeka ukuthi zibuthaka kangakanani izivikelo zempucuko. LokuQothulwa Kwesizwe kusikhumbuza phakade ukuthi ulwazi olungenazo izindinganiso lungamane nje lwandise usizi lwabantu, ukuthi ikhanda elingenayo inhliziyo alibona ubuntu”