Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g93 5/22 k. 12
  • Ingabe Lezinkolo Zinayo Impendulo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Lezinkolo Zinayo Impendulo?
  • I-Phaphama!—1993
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukukhishwa Kwesisu—Umhlaba Uhlukene Phakathi
    I-Phaphama!—1987
  • Ukukhipha Isisu​—Akulona Ikhambi Elingenazinkinga
    I-Phaphama!—2009
  • Ukukhipha Isisu—Ingabe Kuyikhambi?
    I-Phaphama!—1995
  • Ukuqondisisa Izindaba
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1993
g93 5/22 k. 12

Ingabe Lezinkolo Zinayo Impendulo?

BEBHEKENE nesimo sokuxakeka ngokokuziphatha ngendaba yokukhishwa kwesisu, abaningi bafuna isiqondiso sabaholi babo abangokomoya. Laba basabela kanjani?

Isonto lamaKatolika limelene ngokuqinile nokukhishwa kwesisu, lifundisa ukuthi ukuphila kuqala lapho umuntu ekhulelwa. Abanye abapristi bahileleke ngokombangazwe futhi banxusa upapa ukuba axoshe abaholi bezombangazwe bamaKatolika abavotela ukukhishwa kwesisu. Nokho, amaKatolika amaningi asekela ukukhishwa kwesisu futhi afuna inkululeko yabesifazane.

Isonto laseHabe (e-U.S.A.) libika ukuthi amaphesenti angu-46 abefundisi “awakholelwa ukuthi iBhayibheli lifundisa ukuthi ukukhishwa kwesisu akulungile.” Ukuma kwesonto okungokomthetho kusekela ukukhishwa kwesisu.

I-General Synod of the United Church of Christ ye-16 yanquma ukuthi ‘isekela ilungelo lamadoda nabesifazane lokuthola izinkonzo zokuhlela umndeni ezanele nokukhetha ukukhishwa kwesisu okusemthethweni okulondekile.’

Inkambiso ye-Evangelical Lutheran Church ibonisa ukuthi ukukhishwa kwesisu “kufanele kube inkambo ethathwa lapho konke okunye kwehluleka”; nokho yenqaba ukubiza ukukhishwa kwesisu ngokuthi “isono” noma ukuthi “ukuphila kuqala lapho umuntu ekhulelwa.”

I-Southern Baptist Convention imelene ngokuqinile nokukhishwa kwesisu. Kodwa i-American Baptist Church ithi: “Asivumelani ngokwenkambiso efanelekile yesonto kuhulumeni ngokuqondene nokukhishwa kwesisu. Ngenxa yalokho, siyayiqaphela inkululeko yomuntu ngamunye yokusekela inkambiso yasobala ngokukhishwa kwesisu eveza izinkolelo zakhe.”

UbuJuda buhlukene phakathi, igatsha lobu-Orthodox limelana ngokuqinile nokukhishwa kwesisu, kuyilapho amaJuda Enguquko nalawo Asadla Ngoludala esekela ukukhishwa kwesisu kakhulu.

Inkolo yamaSulumane ivumela ukukhishwa kwesisu nganoma isiphi isizathu ezinsukwini zokuqala ezingu-40 zokuphila kodwa kungenziwa kamuva kuphela uma kusongela ukuphila kukamama. I-Hadith ithi umbungu “usesimweni sembewu izinsuku ezingu-40, bese uba ihlule isikhathi esifanayo, bese uba isicutshana isikhathi esifanayo, bese . . . kuthunyelwa kuwo ingelosi ephefumlela umoya wokuphila kuwo.”

UbuShinto abunakho ukuma okungokomthetho futhi ukukhishwa kwesisu bukushiyela ekuzikhetheleni komuntu siqu.

AmaHindu, amaBuddha, namaSikh afundisa inhlonipho evamile ngokuphila. Kodwa awahilelekile empikiswaneni ngendaba yokukhipha isisu, njengoba ekholelwa enkolelweni yokuphindukuzalwa; ukukhipha isisu kumane nje kuthumela umntwana ongakazalwa kokunye ukuphila.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela