Ukuqondisisa Izindaba
Umnyango Wokuya Ekuphileni Kwangaphambili?
Ezinyangeni ezimbalwa ezidlule amantombazane amathathu esikole sebanga eliphansi nesebanga eliphakathi atholwa equlekile emgwaqweni eTokushima, eJapane, ngenxa yokuzama ukuzibulala. Yini eyabangela lesenzo sawo? IAsahi Shimbun yabika: “Ayekholelwa ukuthi ayengamakhosazana akudala ayephinde azalwa futhi azitshela ukuthi ayengabona kafushane ukuphila kwawo kwangaphambili uma efinyelela iqophelo elisondelene kakhulu nokufa.” Okwabangela lesenzakalo, kusho iphephandaba, “ukuthambekela okuphakathi kwezingane kokubalekela ezweni lemilingo, obekulokhu kwanda kakhulu kuleminyaka embalwa edlule.” Lamantombazane ayengabafundi abashisekayo bezincwadi zamahlaya eziqokomisa ukuphind’ ukuzalwa.
Nokho, ukwamukela umqondo wokuphind’ ukuzalwa kumane nje kuyinto engasizi njengokudiyazela ogwadule uya otalagwini. IBhayibheli lembula ukuthi lapho efa ‘umuntu ubuyela emhlabathini wakhe; ngalona lolosuku amacebo akhe ayaphela.’ (IHubo 146:4) Leliqiniso ngokufa liye lambozwa imfundiso ekhohlisayo yokuthi umphefumulo uyasinda ekufeni komuntu. Kunokuba lifundise ukuthi abantu banomphefumulo ongafi, iBhayibheli lithi umphefumulo uyafa. (Hezekeli 18:4) Kodwa ngalabo abasenkumbulweni kaNkulunkulu kunethemba elihle lovuko. (Johane 5:28, 29) IBhayibheli futhi lembula umshoshozeli oyinhloko wezimfundiso zomphefumulo ongafi nokuphind’ ukuzalwa; unguSathane uDeveli, ‘uyise wamanga.’—Johane 8:44; qhathanisa noGenesise 3:4.
AmaKatolika Nokukhipha Isisu
Cishe sekudlule iminyaka eyishumi kusukela kwenziwa ivoti yokuthola umbono weningi ngokukhipha isisu eItaly okwehluleka kuyo iSonto LamaKatolika. Nokho, encwadini ekhishwe muva nje ngababhishobhi baseItaly, indikimba yezigaba zabefundisi bamaKatolika iphinda iveza ukuthi “ukwenqaba ukukhipha isisu noma ngisho nokuhlanganyela nje kuphela kukho kuyisibopho esingathi sína sokuziphatha, esigxiliswe emthethweni obhalwe enhliziyweni yomuntu ngamunye futhi saphinda saqinisekiswa yisonto emthethweni walo, ojezisa ngokunquma esontweni amaKristu akhipha isisu noma ahlanganyela kukho.”
Yini amaNtaliyane ayicabangayo ngokukhipha isisu? Ukuhlola kwamuva nje okuhilela abantu abangu-2 040 kwembula ukuthi ngokuphambene nokushiwo yisonto, amaNtaliyane ayakuvumela ukukhipha isisu ezimweni ezine. (1) Uma ukukhulelwa kufaka ukuphila kukamama engozini, abangamaphesenti angu-83 bakhetha ukukhipha isisu. (2) Lapho kunengozi yokuba umbungu ukhubazeke, abangamaphesenti angu-76,3 bakhetha ukuqeda ukukhulelwa. (3) Lapho impilo yowesifazane isengozini, abangamaphesenti angu-71,1 bakhetha ukukhipha isisu. (4) Uma ukukhulelwa kungumphumela wokudlwengulwa, abangamaphesenti angu-55,2 bayavuma ukuthi ukukhipha isisu kumelwe kuvunyelwe. AmaNtaliyane angaphezu kwelilodwa kwamane akhetha ukukhipha isisu “kuzo zonke izimo uma owesifazane ekufuna,” kubika iRepubblica. Ukukhipha isisu okungokomthetho nokungekho ngokomthetho okulinganiselwa ku-300 000 kuyenziwa unyaka ngamunye eItaly.
Kusobala ukuthi ezindabeni ezibaluleke kanjena, indikimba yezigaba zabefundisi bamaKatolika iye yehluleka ukunikeza abathembekileyo bayo imfundo eyanele engokomBhalo ukuze ithonye ukulalela kwabo. Nokho, amaKristu eqiniso aye afundiswa lokho imiBhalo ekushoyo ngalendaba ebalulekile. Ngenxa yokuhlonipha izimfuneko zeBhayibheli eziphakeme zokuziphatha, awasikhiphi isisu kunoma yisiphi salezimo ezine ezichazwe ngenhla.—Eksodusi 21:22-25; bheka futhi neHubo 139:14-17; Jeremiya 1:5.