Amahhashi Ayewukuphila Kwami
Izinselo ezincanyana zavela kuqala, kwalandela ikhanda libekwe phezu kwemilenze yangaphambili. Nganginobunzima obuthile ngamahlombe, kodwa konke okunye kwaphuma ngokushesha okukhulu. Lapho inkaba isinqanyuliwe, ihhashi lensikazi lagxuma lema ngezinyawo, likhala ngenxa yenjabulo futhi lijahe ukubona inkonyane lalo.
LESI kwakungesinye sezikhathi eziningi okwakudingeka ngivuke ngaso embhedeni ebusuku ukuze ngisize “umama” osezinhlungwini. Lokhu ngakwamukela ngaphandle kokukhononda. Uyabona, ukuzalanisa amahhashi ohlobo kwakuyinto engiyithanda kakhulu.
Ukuthanda kwami amahhashi kwaqala ngisemncane kakhulu. Ngaqala ukugibela amahhashi lapho ngineminyaka eyisithupha ubudala. Njengoba ngazalelwa eRoncq, enyakatho neFrance, ngakhuliswa abazali abangamaKatolika, abangithumela esikoleni samaKatolika okuhlalwa kuso ukuze ngithole imfundo yasesekhondari. Zazingekho izikole zokufundisa ukuzalanisa amahhashi, ngakho nganquma ukusiyeka isikole ukuze ngingenele umkhakha wamahhashi. Ngaqale ngaqeqeshwa eChantilly, idolobha elisenyakatho neParis elidume ngokuba kwalo namahhashi ohlobo. Lapho, ngathola umbono ofihlakele wokucindezela, nokungajabulisi komkhakha wezomjaho. Kungani kucindezela? Amahhashi omjaho angaqhathaniswa nabagijimi beqophelo eliphezulu—adinga ukunakekelwa njalo.
Ukuqeqesha Amahhashi Omjaho
Inkathi ebucayi yokuqeqesha nokulungiselela ngokuvamile iqala ekwindla lapho amahhashi enezinyanga ezingu-18 ubudala. Kufanele ajwayele indawo entsha ewazungezile futhi afunde ukuyeka ukudlala kwawo okukhululekile, aqale ukuthatha umsebenzi ngokungathi sína. Okokuqala, umqeqeshi kufanele afundise ihhashi itomu, okungesiwo neze umsebenzi olula.
Ukubopha nje ihhashi ngebhande kungasusa olukhulu uthuthuva! Inkonyane leduna kufanele liqeqeshelwe ukuba lijwayele isihlalo, futhi ekugcineni kufika isikhathi sokuba ihhashi ligitshelwe ngokokuqala ngqá. Ngokuvamile umgibeli wokuqala ukhethwa phakathi kwalabo abaqeqeshelwa ukuba ojoki. Ngaleyondlela abaningi babo bathola ithuba lokuqala lokuvuka othulini! Ukuqeqesha amahhashi kudinga ikhono elikhulu nesineke, kuhambisane nozwela. Ngempela, uma lesilwane singaphathwa kahle, konke ukugijima kwaso imijaho kungafakwa engozini.
Njalo ekuseni, sasithatha amahhashi siyowafundisa izindlela ezihlukahlukene zokuhamba—okungukuthi ukuhamba, ukugijima kancane, kanye nokuholobha—konke lokhu kuyingxenye edingekile yokuqeqesha. Lapho liqeqeshwa, ihhashi kufanele lishintshe indlela elihamba ngayo ngokulandelana kwezinhlobo zakho kuye ngokweziyalezo. Nokho, njalo ngezikhathi ezithile kuvumelekile ukugabavula kancane, kunikeze ihhashi inkululeko yokuzihambela ibanga elifushane.
Ekupheleni kwesikhathi sasekuseni, sasibuyela ezitebeleni ukuze amahhashi alungiswe kahle. Kwakususwa wonke umjuluko, bese kuhlanzwa ngokucophelela izinselo zawo.
Uma ihhashi lithuthuka kahle, ngasekupheleni kobusika selingaqala ukugijima emijahweni yamahhashi aneminyaka emibili ubudala. Ukugijima emjahweni kwehhashi lohlobo ngokuvamile kuphela ekupheleni konyaka walo wesithathu noma, uma kwephuzile, onyakeni walo wesine. Nokho, amahhashi agijima edonsa inqola enomshayeli ayaqhubeka aze abe neminyaka eyisishiyagalombili.
Amaphupho Ami Ayafezeka
Njengoba nganginesithakazelo ngokukhethekile ekuzalaniseni amahhashi, ngaqala ukuqeqeshwa epulazini lamahhashi eNormandy, enyakatho-ntshonalanga yeFrance—isifunda esihle sokuzalanisa amahhashi omjaho ngenxa yesimo saso sezulu kanye namadlelo amahle. Ezinyangeni eziyishumi nesishiyagalombili kamuva ngaba umqondisi oyisekela weBois-Roussel Stud Farm, eyayingenkulu kunazo zonke eYurophu ngalesosikhathi, inamahhashi angu-300 anakekelwayo kanye nendawo engamahektare angamakhulukhulu.
EBois-Roussel Stud Farm, ngahlangana nowesifazane owayezoba umkami; wayesebenza lapho njengonobhala. Ngangingazi ukuthi lokhu kwakuzokuthinta kanjani ukuphila kwami. Uyabona, wayejwayelene noFakazi BakaJehova futhi waqala ukungixoxela ngabo. Ngalesosikhathi ngangingenaso isithakazelo.
Lapho umqondisi ezwa ngamalungiselelo ethu okushada ezinyangeni ezimbalwa, wabuza ukuthi sasingakwazi yini ukunakekela elinye ipulazi lokuzalanisa amahhashi ayelihlanganyela nomunye. Ngaleyondlela isifiso sami engisithanda kakhulu safezeka. Nakhu lapha engase ngikhona, ngiwumqondisi wepulazi elibalulekile lokuzalanisa amahhashi ngineminyaka engu-24 ubudala! Bambalwa kakhulu abaqondisi bamapulazi okuzalanisa amahhashi eFrance; lemisebenzi ngokuvamile igcinelwa iqembu elithile labantu abahileleke emjahweni wamahhashi. Incane kuneBois-Roussel, iLa Louvière Breeding Farm nayo yayiseNormandy futhi kimi yayifana nepharadesi elincane elingamahektare angaba yikhulu, elinamahhashi angaba yikhulu, uma kubalwa izinkunzi, awensikazi, namankonyane.
Njengoba umqondisi wangaphambili wayeyoze ahambe sekuphele amasonto ayisithupha, umnikazi wendawo wasilungiselela uhambo oluya e-United States okwangalesosikhathi. Savakashela amapulazi amakhulu aseMelika okuzalanisa amahhashi ukuze sifunde izindlela zawo zokuzalanisa futhi saxhumana namanye amapulazi amaningi kamuva esasizothumela kuwo amahhashi ethu ensikazi ukuze azaliswe izinkunzi zakhona.
Ukuphila Epulazini Lamahhashi
Ukuphila epulazini lokuzalanisa amahhashi kumatasa kakhulu kodwa ngokuqinisekile akunaso isicefe. Ngempela, kwasilethela ukwaneliseka okukhulu, ngoba sasihlala sixhumana nendalo futhi sasinakekela izilwane ezinhle ezinempilo enhle. Ekuseni sasivuswa umsindo omncane wamahhashi etshisa utshani obusha. Yeka ukuthi lokhu kwakuwumculo omnandi kanjani ezindlebeni zami!
Umsebenzi wasepulazini uhlukaniswe ngokwezikhathi zokukhwela kanye nezokuzala, ukulunyulwa kwamankonyane, nokudayiswa kwamahhashi amancane ohlobo. Izinkunzi zikhethwa ngokucophelela ngokwamarekhodi azo okugijima, kanye nohlu lwazo lozalo nomlando wohlobo. Intwasahlobo ngayinye kukhwelwa amahhashi ensikazi angu-40, futhi kungakhokhwa imali engafinyelela emaRandini angu-295 000 ukuze bathole ihhashi leduna lohlobo elinerekhodi elihle lohlobo lwenkonyane elalizala. Ngenxa yaleyomali, akunzima ukuqonda ukuthi kungani enakekelwa kangaka phakathi nezikhathi zokukhulelwa nokuzala.
Ngokudabukisayo, ziyenzeka izingozi, futhi ngezinye izikhathi inkonyane elincane liba yintandane kusukela lizalwa. Kulesimo sibhekana nomsebenzi onzima wokunxenxa ihhashi lensikazi ukuba lilamukele. Lelihhashi lensikazi libanjwa abafana abasebenza ngokudedelana imini nobusuku amahora angaba ngu-48, lapho inkonyane elincane lilethwa eduzane ukuze lincele. Ihhashi lensikazi kufanele libanjwe ukuze kuvinjelwe ukuba likhahlele, ngoba lingayibulala kalula lentandane. Olunye lwezinyawo zangaphambili zalelihhashi lensikazi kufanele lucindezelwe esiswini salo bese kuboshwa ngendophi udebe lwalo lwangaphezulu.
Ekugcineni ihhashi lensikazi liqala ukukhathala, futhi sisuke siphumelele uma ekugcineni lilamukela inkonyane. Ngokuvamile, umama omusha uyalivikela kakhulu kangangoba kuba nzima ngisho nokusondela eduze nenkonyane. Inkonyane elizelwe kufanele libikwe ngokushesha ku-French National Registry, lapho libhalwa khona encwadini yohlobo lwalo.
Amahhashi Namankonyane
Izinsuku ezimbalwa ngemva kokuzala, amahhashi ensikazi, elandelwa amankonyane awo, ayakhishwa ayiswe emadlelweni abiyelwe. Njengezilwane eziningi ezincane, amankonyane ngokushesha aqala ukudloba, atshekule ngenjabulo ezungeza onina bese ekhahlela nhlangothi zonke. Yeka indlela okujabulisa ngayo ukuwabukela etshakadula, edloba, futhi ezigingqa otshanini! Ayawathanda amanzi futhi ngomdlandla omkhulu azithela ngawo, elokhu egxumagxuma kuwo.
Amahhashi awakuthandi ukuba wodwa futhi ayashesha ukuba nesizungu. Nokho, izinkunzi namankonyane eduna kufanele kuhlukaniswe. Uma ihhashi lingakwazi ukuhlala lodwa, kufanele litholelwe isilwane esizoba umngane. Saphoqeleleka ukuba sitholele enye yezinkunzi zethu imvu. Zahlala kahle kakhulu. Empeleni, imvu yayingafuni ukuhlukana nehhashi imini nobusuku. Elinye ihhashi eliwumpetha okuthiwa u-Allez France lalinomngane oyimvu elalihamba naye ngisho nalapho liya emjahweni wamahhashi—nakuba ayengangeni emjahweni ngokwawo!
U-August isikhathi sokulumula, isikhathi esidabukisayo ngomama namankonyane. Kufanele ahlukaniswe futhi akufanele abonane noma ngisho alizwe elinye. Amankonyane abonisa ukudabuka kwawo ngokukhala njalo izinsuku eziningana, ngemva kwalokho bese kuyaphela. Ngo-January 1 wonyaka olandela ukuzalwa kwawo, abizwa ngokuthi amathole anonyaka owodwa (yearlings). Endalini eba khona minyaka yonke eDeauville, ihhashi elinonyaka owodwa lingathengiswa kalula nje ngemali edlula amaRandi angu-2 950 000.
Amanye amahhashi azalwa futhi akhulela epulazini lethu lokuzalanisa amahhashi aphumelela kakhulu. Elinye elinjalo kwakunguHigh Echelon, owawina i-Prix d’Amérique ngo-1979, njengompetha womhlaba esigabeni sokuholobha. Sakhulisa futhi amanye amahhashi ohlobo awina imijaho eminingi yezinga eliphezulu.
Ukuhlangana Neqiniso
Kwaphela izinyanga eziningi sisepulazini elisha singavakashelwa oFakazi BakaJehova. Ngakho umkami wasikisela ukuba ngibhalele ibandla eliseduzane ngicele ukuba kuze othile. Ezinsukwini ezimbalwa kamuva, kwafika umbhangqwana othile ekhaya lethu. Mina ngokwami, ngangingakukholelwa ukuthi iBhayibheli lalichaza usuku lwethu ngokunembile. Lapho umkami engitshela ukuthi uMbuso kaNkulunkulu wawusumisiwe ngo-1914, ngavele nje ngacabanga ukuthi lokhu kwakuyincazelo yoFakazi. Ngangingakaze ngilubone lolosuku eBhayibhelini.
Saba nengxoxo ende nalombhangqwana, owawungabashumayeli bevangeli besikhathi esigcwele, futhi izincazelo zawo—ikakhulukazi ngencwadi kaDaniyeli—zavusa isithakazelo sami, futhi ngasivuma isifundo seBhayibheli. Nokho, lokhu kwakungelula ukukufaka esimisweni sami, ngoba ngangizinikele ngokuphelele emsebenzini wami.
Lombhangqwana wawuhamba amakhilomitha angu-25 ukuze usivakashele futhi ngokuvamile wawubuyela ekhaya ungazange usiqhube isifundo sethu seBhayibheli ngenxa yokuthi ngangiphoqelelekile ukuba ngihlale nehhashi eligulayo noma nginakekele ihhashi lensikazi elizalayo. Kodwa njengoba ngangiqhubeka ngisiqaphela isidingo sokunikeza izithakazelo zoMbuso nokulunga kukaNkulunkulu indawo yokuqala, ngathatha izinyathelo ‘zokuthengisisa isikhathi’ sokufunda.—Efesu 5:16; Mathewu 6:33.
Ukubhekana Nokukhetha
Ngokushesha saqala ukuba khona emihlanganweni, futhi ezinyangeni eziyisithupha kamuva ngaya eMhlanganweni Wesigodi “Wobukhosi Baphezulu” ka-1975 e-Annecy, eningizimu-mpumalanga yeFrance. Phakathi nalowomhlangano, ngaqala ukuqaphela ukuthi umsebenzi wami wawungavumelani neBhayibheli. Ngaqonda isimiso esivezwa ku-Isaya 65:11, (NW), esibonisa ngokucacile ukuthi “labo abahlelela unkulunkulu weNhlanhla itafula” ngeke bakuthole ukuvunyelwa uNkulunkulu. Njengoba sasizalanisa amahhashi omjaho kuphela, sasinikela ngokungaqondile ebhizinisini lokugembula. Onembeza bethu babengasivumeli ukuba sibhapathizwe.
Kwase kufike isikhathi sokwenza isinqumo esibalulekile. Ingabe ngangizoqhubeka nomsebenzi wami engiwuthanda kakhulu noma ingabe ngangizonikezela ukuphila kwami kuJehova uNkulunkulu? Njengoba intando kaNkulunkulu yayisiyinto ebaluleke kakhulu ekuphileni kwami, ngaxoxa ngalendaba nabanini bendawo ababili futhi ngafaka incwadi yokuyeka. Kwadingeka ngisebenze khona omunye unyaka ngilinde ukuba bathole umuntu ozothatha indawo yami, kodwa emhlanganweni wesifunda olandelayo, owawungo-September 1976 eGargenville (endaweni yaseParis), mina nomkami sabhapathizwa.
Emkhakheni wabazalanisi bamahhashi, abantu abaningi bezwa ngesinqumo sami. Ngikhumbula ngokukhethekile udokotela ohlinzayo oweza ezovakashela ipulazi. Wathi ngokombono wezimiso zokuhle nokubi, wayekuqonda ngokugcwele ukuthi kungani ngangenze ukukhetha okunjalo. Lapho eqalaza, yamhlaba umxhwele inala yepulazi yamahhashi azalaniswayo—izindinyana zezimbali ezinemibala emihle, amagumbi amahhashi enziwe ngokhuni, kanye nocingo olumhlophe oluhlanzekile olungamakhilomitha amaningi ubude. Waphawula ukuthi ngokuphambene yena wayengakwazi ukuqongelela imali edingekayo ukuze akwazi ukugcina isibhedlela siqhubeka futhi asihlobise.
Angikaze ngizisole ngesinqumo sami. Mina nomkami sasuka eFrance ekuqaleni kuka-1992 ukuze sikhonze ensimini yabantu abakhuluma isiFulentshi lapho kwakunesidingo esikhulu samabamemezeli boMbuso. Lapho, nginelungelo lokukhonza njengomdala ebandleni loFakazi BakaJehova. Sinombono ofana nokamphostoli uPawulu ovezwe kweyabaseFilipi 3:8: “Yebo impela‚ konke ngikushaya indiva ngobukhulu bokumazi uKristu Jesu iNkosi yami‚ engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe‚ ngikushaya izibi‚ ukuze ngizuze uKristu.”
Mina nomkami sisayithanda indalo nezilwane, ikakhulukazi amahhashi. Sibheke phambili osukwini lapho ubuhlobo bomuntu nezilwane bungeke busasekelwa enzuzweni yobugovu.—Njengoba ilandiswa uStephane Jesuspret.