Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • my ind. 114
  • Ukuphela Kwabo Bonke Ububi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuphela Kwabo Bonke Ububi
  • INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Basalima Ngamahhashi
    I-Phaphama!—1996
  • I-October Fair—“Umbukiso Wamahhashi Wezizwe Omdala Kakhulu EYurophu”
    I-Phaphama!—1999
  • Isizotha Nobuhle Obumangalisayo
    I-Phaphama!—2011
  • Amahhashi Ayewukuphila Kwami
    I-Phaphama!—1993
Bheka Okunye
INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
my ind. 114
UJesu nebutho lakhe lasezulwini bagibele amahhashi amhlophe

INdaba 114

Ukuphela Kwabo Bonke Ububi

UBONANI lapha? Yebo, amabutho asemahhashini amhlophe. Kodwa phawula lapho evela khona. Amahhashi agijima ehla ezulwini emafwini! Ingabe akhona ngempela amahhashi ezulwini?

Cha, lawa akuwona amahhashi angokoqobo. Lokhu sikwazi ngoba amahhashi awanakugijima emafwini, akunjalo? Kodwa iBhayibheli liyakhuluma ngamahhashi ezulwini. Uyazi ukuthi kungani?

Kungoba ngaphambili amahhashi ayesetshenziswa kakhulu ekulweni izimpi. Ngakho iBhayibheli likhuluma ngabantu abagibele amahhashi ehla ezulwini ukuze libonise ukuthi uJehova unempi azoyilwa nabantu emhlabeni. Uyazi ukuthi inkundla yale mpi ibizwa ngokuthini? I-Armagedoni. Leyo mpi izosusa bonke ububi emhlabeni.

UJesu nguye ozohola ekulweni le mpi e-Armagedoni. Khumbula, uJesu wakhethwa uJehova ukuba abe inkosi kahulumeni waKhe. Kungakho uJesu efake umqhele wenkosi. Inkemba ibonisa ukuthi uzobulala zonke izitha zikaJehova. Ingabe kufanele simangale ngokuthi uJehova uzobhubhisa bonke abantu ababi?

Bheka iNdaba 10. Ubonani lapho? Yebo, uZamcolo omkhulu owabhubhisa abantu ababi. Ubani owabangela uZamcolo? UJehova uNkulunkulu. Manje bheka iNdaba 15. Kwenzekani lapho? ISodoma neGomora kubhujiswa ngomlilo othunywe uJehova.

Vula iNdaba 33. Bheka okwenzeka emahhashini nezinqola zempi zabaseGibhithe. Ubani obangele amanzi ukuba abasibekele? UJehova. Wakwenza ukuze avikele abantu bakhe. Bheka iNdaba 76. Lapho uzobona ukuthi uJehova wavumela ngisho nabantu bakhe, ama-Israyeli, ukuba babhujiswe ngenxa yobubi babo.

Ngakho, akufanele simangale ngokuthi uJehova uzothumela amabutho akhe asezulwini ukuba aqede bonke ububi emhlabeni. Kodwa ake ucabange nje ukuthi lokho kuyosho ukuthini! Vula ikhasi sibone.

IsAmbulo 16:16; 19:11-16.

Imibuzo Yokufunda

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela