Inyathi—Isilo Esinokubambisana
Ngumlobeli we-Phaphama! eKenya
UNQAMULA enkangala yase-Afrika ngemoto. Imoto yakho idundubala phezulu egqumeni, futhi ngokungalindelekile, ebangeni eliqhele ngamamitha nje ambalwa, uhide lwezilo ezesabekayo luyavela. Ziyizidalwa ezinkulu, ngasinye singamamitha angu-1,5 ukuphakama futhi sinesisindo esicishe sibe ngangethani. Zethuswe ukusondela kwakho, ziyama zithi khímilili, amakhanda azo ephakeme ukuze zihogele iphunga lakho, amehlo azo ekubuka ngokukusongela.
Nokho, amehlo akho athe njó ezimpondweni zazo ezinkulu, ezishwibashwibela phansi nasemaceleni. Kusukela kwesinye isihloko kuya kwesinye lezozimpondo zihlukene ngamasentimitha angu-147. Kwezinye zalezilo, iziqu ezimaholoholo zalezimpondo zindlalekile futhi zifinyelela ngaphezu kwesiphongo, zakha isigqoko sesivikelo esikhulu. Uyazibuza ukuthi kazi mangaki amagalelo imoto yakho engamelana nawo avela emandleni acoboshisa kanjalo.
Ngenxa yedumela elisakazekile lalezilo, ukwesaba okunjalo kuyaqondakala. Nokho, lezi izinyathi, futhi zidume ngokuba yingozi kakhulu, zisheshe zihlasele ngokucasulwa okuncane kakhulu. Ngempela, lezinyathi kuthiwa ziye zalimaza noma zabulala abantu abaningi—namabhubesi—kunanoma yiziphi ezinye izilwane ezidla uhlaza emhlabeni. Akumangalisi ukuthi ukuzibona kungase kukuthuse! Ngakho lapho esinye salezidalwa sibhonga, ulindela okwesabeka kakhulu. Kodwa ngokukhululeka ongakulindele, awuhlaselwa. Kunalokho, lonke loludwendwe lwalezinkunzi luyajika futhi luzihambele lutshakadula!
Cha, awuzange uphumelele ekwethuseni lezidalwa ngokuzigqolozela kwakho. Ngoba, nakuba ingesona isilo okungadlalelwa kuso, ngokwemvelo inyathi iyisidalwa esimnene ngokumangalisayo. Ukudla kwayo utshani—hhayi inyama (eyesilwane noma eyomuntu). Ukwaziwa kwayo njengenobudlova kuwumphumela wezinganekwane nezinsumansumane ezeqisayo ezixoxwa abazingeli, hhayi ukuhlola okungokwesayensi. Eqinisweni, iyokubalekela ukulwa kunokuba ikufune. Futhi kunokuba ibe yisidlova esingenamusa, inyathi iyisibonelo sokubambisana.
Ukubambisana Ngenjongo Yokusindisa Ukuphila
Inyathi iyisidalwa esithanda ukuhamba nezinye ngokuyingqayizivele. Njengoba itholakala engxenyeni enkulu ye-Afrika eseningizimu yeSahara, iyaneliswa cishe kunoma yiluphi uhlobo lwamadlelo uma nje kuphela iseduze namanzi. Phakathi nezinkathi zasehlobo lapho amanzi nokudla kuyinsada, izinyathi zihamba ngemihlambi emikhulu. Nakuba kwezinye izindawo umhlambi unesilinganiso sezingu-350, eminye imihlambi ibalelwa ezinkulungwaneni. Enkathini yasebusika, lemihlambi iyancipha ibe amaqembu akhiwa ezimbili kuya kwezingu-20. Nsuku zonke—kanye ekuseni nasebusuku—lomhlambi uya emthonjeni wamanzi oseduze. Inyathi eyodwa iphuza amanzi angamalitha angu-30 kuya kwangu-40.
Lapho likhipha umkhovu etsheni, lezilwane ezimilenze-mine ziyathanda ukuphumula emanzini futhi zizibhixe odakeni. Lomkhuba awupholisi futhi uqabule nje kuphela kodwa uyasiza ekuzisuseni izilwanyana ezicasulayo eziphila ngokumunca igazi lazo. Noma zingamane nje ziphumule ethunzini njengokungathi ziyazindla, kancane kancane zetshisa utshani, izihlahlana, namacembe eziwaklabe phakathi nobusuku.
Lapho kuhlasela ingozi, umoya wokubambisana ubonakala ngokushesha. Enye inyathi ihlaba umkhosi ngokubhonga kakhulu. Ngokushesha, umhlambi wonke uyabuthana ukuze uyivikele. Ingani, izinyathi bezaziwa ngokuhlangana ndawonye ukuze zihlasele ibhubesi! Lokuthambekela okungokwemvelo kokuvikelana akuvamile ngempela phakathi kwezilwane ezidla uhlaza, ngokuvamile ezinomkhuba wokuthi isilo ngasinye siyozibonela lapho kuvela ingozi. Ngenxa yalokho, izinyathi ezikhubazekile nezingaboni ziyakwazi ukusinda uma nje zihlala ziseduze nomhlambi.
Ukubambisana okufanayo kuyaqhubeka ngisho nalapho kungenangozi esongelayo. Ngokwesibonelo, lapho kunoshintsho olwenzekayo, ake sithi kusukela ekuklabeni kuya ekuphumuleni, wonke umhlambi uvumelana ngokushesha phakathi nemizuzu embalwa. Ososayensi babevame ukukholelwa ukuthi lomhlambi wawulandela isilwane esisodwa esiholayo ekwenzeni kanjalo, kodwa muva kakhulu nje kuye kwasikiselwa ukuthi ulandela noma yiliphi ilungu elijwayelene kakhulu naleyondawo ozithola ukuyo. Ngokuvamile, leli kuyoba eyesifazane esikhulile. Ezesilisa esezikhule ngokwanele zivame ukuzithathela inkambo yazo futhi zishiye umhlambi. Ngakho-ke, imihlambi ayiphoqwa ngenkani ukuba ilalele umholi ongumashiqela kodwa izibonakalisa inokubambisana okukhulu ngokwemvelo.
Inkunzi Ezihlalela Yodwa—Ingabe Ingunkom’ Idlayodwa?
Nokho, kungani izinyathi zesilisa zizehlukanisa emihlanjini? Ingabe seziphelelwe ubungane? Lutho neze. Ukuphila kwazo kokuzehlukanisa okulinganiselwe kubonakala kubangelwa imizimba yazo emikhulu. Njengoba zisinda kakhulu ukuba zingalokhu zizulazula njalo njengoba kwenza umhlambi, zincamela indlela yokuphila yokuhlala ndawonye. Ngakho-ke ngayinye izibekela imingcele yendawo yayo siqu—indawo enethunzi, uhlaza lokuklaba kwasebusuku, nendawo yokuphuza eseduze. Nalapha, ihlala iseduze ngangokunokwenzeka nendlela umhlambi ohamba ngayo nsuku zonke lapho uyophuza amanzi. Ngezinye izikhathi, iklaba nabangane bayo bakudala. Lapho amanzi encipha phakathi nezinkathi zasebusika, izinkunzi eziningana ziyahlangana ukuze zithathe uhambo lwazo lokuya emithonjeni yazo yamanzi kabili ngosuku.
Kuthiwani uma umhlambi uphoqelekile ukuba unqamule endaweni yenkunzi ethile? Ingabe kusuka impi enkulu? Lutho neze. Lenkunzi izowuhlangabeza umhlambi emngceleni ‘wendawo’ yayo futhi iwuphelezele yona siqu ize iwubeke emngceleni wenkunzi engumakhelwane. Okuthi kamuva, nalena isingathe lomthwalo futhi iwuqondise emngceleni olandelayo. Lenqubo iyaziphindaphinda kuze kube yilapho lomhlambi usuye wafinyelela emithonjeni yawo yamanzi. Uma lomhlambi usongelwa, izinkunzi ziyofeza indima yokuba abavikeli bezinkomazi namankonyane. Ngokuzenzekelayo ziyoyibamba emsileni—okuyindawo eyingozi kakhulu—futhi ziyoba ezokugcina eziyobaleka.
Ngakho ukwaziwa kwenyathi njengesilo esisabekayo kuyiphutha. Njengoba sesisazi kangconywana lesilo, singasibona, hhayi njengendlavini yesilwane esinolaka, kodwa njengesibonelo sokubambisana esinokuthula okufanelwe sicatshangelwe kahle—mhlawumbe ngisho nokulingiswa.
[Izithombe ekhasini 24, 25]
Izinyathi bezaziwa ngokuhlangana ndawonye futhi zihlasele ibhubesi
Nakuba izinkunzi ziwushiya umhlambi, ziyaqhubeka zinobungane kakhulu