Idube—Ihhashi Lasendle Lase-Afrika
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! E-AFRIKA
AMADUBE angaba yinkulungwane azulazula ngokukhululekile ezimfundeni zase-Afrika. Imihlubulo yawo emthende yehla yenyuka njengoba izintamo zawo ezinomhlwenga zivumelana nesigqi sokuhamba kwawo esinamandla. Emathafeni kuduma umsindo wezinselo zawo zigxoba umhlaba ogagadekile. Alandelwa yifu lothuli olubomvu olubonakala ibanga elide. Ayagijima, ekhululekile futhi engabanjwe yilutho.
Aqala ukuhamba kancane abese eyama, njengokungathi kukhona inhlabamkhosi ethile engabonakali. Ngamazinyo awo aqinile namakhulu, adluntula utshani obomile. Lo mhlambi uqaphile, ulokhu uqalaza, ulalela futhi unuka umoya. Uzwa umsindo wokubhonga kwebhubesi ofika nomoya, futhi uyathula. Uwazi kahle lo msindo. Amadlebe awo ebheke phezulu, utshani buthule dú bulenga emlonyeni, amadube abuka ngalapho kuqhamuka ngakhona lokhu kubhonga. Ayabona ukuthi akukho ngozi eseduze, aphinde agobise izintamo zawo aqhubeke nokuklaba.
Lapho ilanga selishisa kakhulu, ayahamba futhi. Manje la mahhashi asendle adonswa iphunga lamanzi aya ngasemfuleni. Osebeni oluphezulu, ayama abuke phansi emanzini ansundu ahamba kancane, anuka futhi aqhwanda inhlabathi eyomile. Ayangabaza, ayaqaphela ukuthi kungase kube nengozi ngaphansi kwamanzi athule alo mfula. Kodwa ukoma akuzibekile phansi, futhi aqala ukusunduzana abese evele eshona phambili. Avele aphulukundlele, agijimele osebeni lomfula. Ngalinye liphuza lize lidele, bese liyaphenduka liqonde ezinkalweni.
Ebusuku umhlambi ushaya kancane otshanini obude. Njengoba ilanga seliyozilahla kunina selibomvu ngokukhazimulayo, awusemuhle usuyinqaba, uzungezwe ubuhle bezinkalo zase-Afrika.
Anemithende Futhi Anobungane
Inqubo yamadube iyefana nsuku zonke. Ukufuna kwawo ukudla namanzi njalo kuwenza ahlale ehamba. Lapho eklabe ezinkalweni, amadube abukeka ehlanzekile futhi ekhuluphele, isikhumba sawo esimthende sithe né emizimbeni yawo enezinyama. Imithende yedube ngalinye ihlukile, futhi njengoba abanye besho, ayikho efana nsé. Imithende emhlophe qwá nemnyama bhuqé ibonakala iyinqaba phakathi kwezinye izilwane ezisemathafeni. Nokho, ubuhle bayo buyathandeka futhi buyafaneleka endaweni yasendle yase-Afrika.
Amadube anobungane kakhulu. Akha izibopho eziqinile namanye ezingahlala ukuphila kwawo konke. Nakuba umhlambi omkhulu ungase ube yizinkulungwane ezimbalwa zamadube, uhlukaniswe ngamaqembu amancane emikhaya enenkunzi nezinsikazi zayo. Leli qembu elincane lomkhaya ligcina ukuhleleka ngokuhlukanisa amalungu alo ngokwezigaba. Insikazi ephethe yiyo enquma ukuhamba komkhaya. Iyahola abese kulandela ezinye izinsikazi namathole azo zishaye ujenga ngokwezigaba. Kodwa ekugcineni, inkunzi yiyo engumakhonya. Uma ifuna umkhaya wayo ukuba ushintshe indlela, iya ensikazini eholayo iyiqhubukushele ngasendleleni entsha.
Amadube ayakuthanda ukwesulwa, futhi avamile ukubonakala ekhuhlana futhi ekhothana umhlubulo, amahlombe nomhlane. Kubonakala sengathi ukwesulana kuqinisa izibopho phakathi kwalezi zilwane ngazinye futhi kuqala lapho amathole esenezinsuku ezimbalwa ubudala. Uma elinye ilungu lomkhaya lingekho ukuze lesule elinye, idube elilunywayo lizigingqa enhlabathini noma lizikhuhle ngesihlahla, isiduli noma enye into emile.
Ukuzabalazela Ukusinda
Ukuphila kwedube kugcwele ingozi. Amabhubesi, amankentshane, izimpisi, izingwe nezingwenya konke kuzibonela ukudla kulesi silwane esinesisindo esingamakhilogremu angu-250. Idube lingagijima ngejubane elingamakhilomitha angu-55 ngehora, kodwa ngezinye izikhathi abahlaseli abazumayo balithola linganakile. Amabhubesi ayaqamekela, izingwenya zicutha ngaphansi kwamanzi adungekile, kanti izingwe zicutha ebumnyameni.
Ukuzivikela kwamadube kuncike ekuqapheni nasesinyathelweni samalungu omhlambi. Nakuba amaningi elala ebusuku, kuhlale kukhona athile aphapheme, alalele futhi agadile. Uma idube libona isilwane esiwumhlaseli siza, lishaya inhlabamkhosi ngokuthimula liqaphelisa wonke umhlambi. Ngokuvamile, lapho ilungu elilodwa lomhlambi ligula noma selikhulile futhi lingasakwazi ukushesha, amanye amadube ehlisa ijubane ngamabomu noma alinde kuze kube yilapho ilungu elihamba kancane selifikile emhlanjini. Uma kusongela ingozi, inkunzi ngokungesabi ima phakathi komhlaseli nezinsikazi, ilume futhi ikhahlele isitha ukuze inike umhlambi ithuba lokubaleka.
Ukusondelana komkhaya okunjalo kuboniswa isenzakalo esiphawulekayo esenzeka eThafeni laseSerengeti, e-Afrika, njengoba sabonwa isazi sezemvelo uHugo van Lawick. Elandisa ukuthi umhlambi wamankentshane waqala kanjani ukuxosha umhlambi wamadube, wathi la mankentshane akwazi ukuhlukanisa idube lensikazi, ithole lalo nethole elinonyaka owodwa. Njengoba amanye amadube egabavula ebaleka, unina nethole elinonyaka balwa ngesibindi nala mankentshane. Amankentshane avutha bhé, futhi unina nethole baqala ukukhathala. Kwase kubonakala sengathi seliyabashonela. UVan Lawick ukhumbula lesi simo esase singenathemba: “Kungazelelwe ngezwa inhlabathi indindizela, futhi uma ngiqalaza, ngamangala lapho ngibona amadube ayishumi eza ngokushesha. Khona manjalo lo mhlambi wazungeza unina namathole akhe amabili, wabe sewujikeleza futhi lonke iqembu lihlangene ndawonye lagabavula lashona ngalapho kuqhamuke ngakhona ayishumi. Amankentshane awujaha cishe amamitha angu-50 kodwa awakwazanga ukungena phakathi emhlanjini ngakho asheshe ayeka.”
Ukukhulisa Umkhaya
Idube lensikazi liyalivikela ithole lalo elisanda kuzalwa futhi liqale lilehlukanise namanye amalungu omhlambi. Phakathi nale nkathi yokwehlukaniswa, ithole lakha isibopho esiqinile nonina. Ithole lijwayela ukuma kwemithende kanina emhlophe nemnyama. Kamuva, lizokwazi ukuzwa ukukhala kukanina, iphunga lakhe, libone nokuma kwemithende futhi ngeke lamukele noma iyiphi enye insikazi.
Amathole awazalwa enemithende emhlophe nemnyama njengabazali bawo. Imithende yawo ibomvu ngokunsundu futhi ize ibe mnyama uma esekhulile. Emhlanjini omkhulu, amathole amaqembu emikhaya ehlukahlukene ahlangana ndawonye adlale. Ayagijima ajahane, akhahlele futhi atshakadule phakathi kwamadube amadala, nawo ngezinye izikhathi abuye adlale. Egabavula ngemilenze yawo ezacile, amathole adlala ngokujaha izinyoni nezinye izilwane ezincane. Amathole amadube, nemilenze yawo emide emincane, amehlo amakhulu amnyama kanye nesikhumba sawo esicwazimulayo esithambile, ayizilwane ezinhle futhi kuyathakazelisa ukuwabuka.
Awasendle Futhi Ayamangalisa
Namuhla imihlambi emikhulu yamadube isatholakala igabavula endle futhi ikhululekile kodedangendlale bezimfunda ezivundile zase-Afrika. Umbukwane ngempela.
Ubani ongaphika ukuthi idube, nemithende yalo emhlophe nemnyama, eliwuthanda kakhulu umkhaya walo, futhi eliziphilela endle ngokukhululeka, liyisidalwa esithakazelisayo nesimangalisayo? Ukufunda ngezilwane ezinjalo kuphendula umbuzo owabuzwa ezinkulungwaneni zeminyaka edlule: “Ubani owadedela idube ukuba likhululeke?” (Jobe 39:5, NW) Impendulo isobala. UMklami wazo zonke izidalwa eziphilayo, uJehova uNkulunkulu.
[Ibhokisi ekhasini 14]
Kungani Idube Linemithende?
Labo abakholelwa ekuziphendukeleni kwemvelo bakuthola kunzima ukuchaza imithende yedube. Abanye baye bacabanga ukuthi ingasebenza njengendlela yokuzethusela. Nokho, kusobala ukuthi amabhubesi nezinye izilwane ezinkulu eziwahlaselayo azethuswa nakancane yimithende yedube.
Abanye baye basikisela ukuthi imithende iyayenga ngokobulili. Kodwa njengoba wonke amadube enemithende efanayo futhi kungekhona ukuthi le mithende isohlotsheni olulodwa lobulili, kubonakala kungenjalo.
Enye inkolelo-mbono iwukuthi umklamo omhlophe nomnyama wavela ukuze uxoshe ukushisa kwelanga lase-Afrika. Pho-ke kungani ezinye izilwane zingenayo imithende?
Enye inkolelo-mbono evamile ukuthi idube laba nemithende ukuze likwazi ukuzifihla ezitheni. Ososayensi baye bathola ukuthi ukushisa kwasemathafeni ase-Afrika ngempela kuyawusithibeza futhi kuwenze lufifi umbalwa wedube, okwenza kube nzima ukulibona uma ukude. Kodwa ukufihleka okunjalo uma ekude bekungeke kuwasize, ngoba amabhubesi, izitha ezinkulu zamadube, ahlasela kuphela uma eseseduze.
Kuye kwathiwa futhi lapho usuphulukundlela umhlambi wamadube amthende uyawadida amabhubesi azingelayo, uxhopha ikhono lawo lokugxila esilwaneni esisodwa. Kodwa empeleni, ukuhlolwa kwezilwane zasendle kuye kwabonisa ukuthi amabhubesi anekhono futhi ayaphumelela ekuzingeleni amadube ngendlela efanayo nangokuzingela ezinye izilwane.
Okubangela ukudideka nakakhulu ngalo mbuzo yiqiniso lokuthi imithende yedube ngezinye izikhathi ingase ibe yingozi kulesi silwane. Ebusuku, uma kunonyezi emathafeni, imithende yedube emhlophe nemnyama ilenza ligqame kunezinye izilwane ezinombala owodwa. Njengoba amabhubesi evame ukuzingela ebusuku, lokhu kubonakala kubeka idube engozini.
Pho idube layithathaphi imithende? Isihluthulelo sokuqonda lokhu singatholakala enkulumweni elula: “Isandla sikaJehova sikwenzile lokho.” (Jobe 12:9) Yebo, uMdali waklama izidalwa zasemhlabeni zinezici nezimfanelo ezihlukile ezizihlomisela ukuphila ngendlela emangalisayo umuntu angase angayiqondi ngokuphelele. Umklamo omangalisayo ezintweni eziphilayo ufeza enye injongo. Uletha injabulo nentokozo ezinhliziyweni zabantu. Ngempela, ubuhle bendalo buye bashukumisela abaningi namuhla ukuba bazizwe ngendlela uDavide azizwa ngayo endulo: “Jehova, yeka ubuningi bemisebenzi yakho; yonke uyenzile ngokuhlakanipha; umhlaba ugcwele izidalwa zakho.”—IHubo 104:24.