Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Ukuphana Izipho ZikaKhisimusi Isihloko esithi “Okuthile Okungcono Kunokuphana Izipho ZikaKhisimusi” (December 22, 1992) sayisingatha ngokucacile indaba eyimpikiswano, kodwa ngokuhlakanipha okukhulu. Zibekwa nje, sasamukeleka kubo bonke abafundi, kungakhathaliseki ukuthi bangabenkolo noma cha. Ngaphezu kwalokho, kwakungekho ukulahlwa kwayo yonke imicikilisho ehlangene noKhisimusi. Lesihloko esikhangayo kwakujabulisa ukusifunda nokusihambisa emsebenzini wethu wokushumayela.
T. T., Germany
Lesihloko sangibonisa ngempela lokho okungcono kunezipho zikaKhisimusi, okungukuthi, uthando lwabazali bami nendlela abapha ngayo ngempela ngokusuka enhliziyweni. Ngibhekene futhi nenkinga yokuchazela ikilasi lami isizathu esenza ukuba thina njengoFakazi BakaJehova singalugubhi “Usuku lukaSt. Nicholas” noKhisimusi. Ngosizo lwalesihloko, ngizokwazi ukunikeza incazelo enhle.
S. H. S., Germany
AmaCelt Isihloko senu esithi “AmaCelt—Ithonya Lawo Lisazwakala” (September 8, 1992) sasijabulisa ngokugcwele. Kuvame kakhulu namuhla [ngababhali] ukusingatha indaba yempucuko yakudala njengokungathi abantu babenayo yonke into ngalesosikhathi nokuthi uma sonke singaphinde sidle ngoludala, zonke izinto zingahamba kahle. Kwakuqabula ukufunda isihloko esaveza impucuko ngendlela ethakazelisa kangaka ngaphandle kokuyibeka esimweni esingcono noma ukuyenza ibonakale iwubuthutha.
L. Z., United States
Ubulili Bomntwana Ngiyanibonga ngebhokisi elinesihloko esithi “Bunqunywa Kanjani Ubulili Bomntwana?” elavela esihlokweni esithi “Abesifazane—Ingabe Bayahlonishwa Ekhaya?” (July 8, 1992) Niye nangifundisa ukuba ngingamsoli udadewethu omdala ngokuzala amantombazane amahlanu phakathi nenkathi yeminyaka eyishumi nokwehluleka ukuthola umntwana wesilisa. Ngokwesihloko senu, uma kunomuntu okufanele asolwe, kufanele kube indoda.
E. J. O., Nigeria
Nakuba isidoda sithwala isici esinqumayo ukuthi umntwana uyoba ngowesilisa noma owesifazane, akumelwe kusolwe indoda noma umfazi. Njengoba lesihloko sasho, lokhu “kumane nje kuwukungaqiniseki kokuzala” umngane ngamunye womshado angenamandla okukulawula.—ED.
Ama-Crossword Puzzle Ngiyanibonga kakhulu ngama-crossword puzzle (kumagazini wesiNgisi)! Muva nje ngiye ngafunda isahluko esikhuluma ngokucindezeleka encwadini ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo. Sasikisela ukuthi uhlanganyele ‘emisebenzini ekunikeza injabulo,’ njengokuxazulula impica. Lesi iseluleko esihle ngoba ngazithola ngihleka, ngijabula, futhi ngithola ukwaziswa okusha. Sizani niqhubeke nokunyathelisa lezimpica!
M. R., United States
Incwadi okubhekiselwe kuyo ikhishwa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc., abanyathelisi balomagazini.—ED.
Abazali Abahlazisayo Lapho ngifunda isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Kuthiwani Lapho Umzali Wami Esihlazisile?” (October 22, 1992), ngakhala dlí izinyembezi. Ubaba wasuswa ebandleni lobuKristu eminyakeni emibili edlule, futhi mina nomama siye sabhekana nesikhathi esinzima kakhulu. Ngiye ngenza njengoba lesihloko sisikisela futhi ngathulula isifuba kumdala ongumKristu ovuthiwe, futhi ngathola isikhuthazo nokusekelwa okukhulu.
A. O., Japan
Ubaba, owake waba ngomunye woFakazi BakaJehova, wahlubuka. Uye wazama ukudukisa abanye eqinisweni futhi unikeza ngisho nezinkulumo emasontweni. Bambiza ngokuthi “mfundisi”! Yeka ukudumala engaba nakho! Lesihloko sangisiza ngokuqinisekile.
B. A., United States