Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Ukugembula Nakuba uchungechunge lwesihloko senu esithi “Ukugembula—Ingabe Kuyakhokhela?” (June 8, 1992) lwalufundisa ngempela futhi lufike ngesikhathi, akukho lutho olwashiwo ngokubheja ezemidlalo. Ngokungefani nokudlala amakhadi, ukugembula, imishini yokugembula, nokunye, ukubhejela ezemidlalo kungenziwa nganoma yisiphi isikhathi, emini noma ebusuku. Akudingeki nokuthi ushiye umsebenzi wakho. Ngikholelwa ukuthi loluhlobo lokugembula luvame kakhulu kunohlobo okukhulunywa ngalo ezihlokweni zenu. Ukubhejela ezemidlalo akuchithi imali nje kuphela kodwa futhi nesikhathi esiyigugu umuntu angasisebenzisa nomkhaya wakhe. Isikhathi esinjalo sisetshenziselwa ukulandela imininingwane yokuzuziwe nemiphumela yemidlalo. Kanjalo ukugembula kwezemidlalo kungesinye isibonelo esidumazayo kulesimiso sezinto.
C. Y., United States
Ngiyabonga ngokusenza siqonde umlutha wokugembula. Ngiye ngaphoqeleka ukuba ngiphile nobuhlungu bokukhuliswa umlutha wokugembula. Umama wayengumzali ongayedwa onezingane ezinhlanu. Wayedlala ibingo ebusuku izinsuku eziyisithupha ngesonto, masonto onke, futhi usakwenza lokho nanamuhla. Ngaso sonke isikhathi ukugembula kwakuza kuqala. Sasimncenga ukuba abe nesikhathi sokuba nathi, ukuba asilungiselele ukudla, kodwa akuzange kusize. Wadela izingane zakhe ngenxa yebingo. Ngiyanibonga ngokungisiza ukuba ngisiqonde kangcono isizathu sokwenza kwakhe lokhu.
R. E., United States
Imithetho Yewashi Ngifisa ukunibonga ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Kungani Umthetho Wewashi Engiwubekelwe Uqine Kangaka?” (May 22, 1992) Ngokushesha ngizoba neminyaka engu-17, futhi ngangicabanga ukuthi kwakungenangqondo ngomama ukuthi wayesamise umthetho wewashi ka-11:00 ebusuku. Izinsuku ezimbalwa ebusuku ngafika ekhaya sekwephuzile ngenxa yokunganaki, futhi umama wayekhathazeke kakhulu! Ngiyayazisa indlela enichaze ngayo ukuthi abazali abahlaliseki futhi bayakhathazeka, bayethuka ngenxa yenhlala-kahle yethu lapho singafiki ekhaya ngesikhathi. Kwakuwubugovu ngempela ngami ukubangela ukukhathazeka okunjalo okungadingekile.
O. C., United States
AmaCrossword Puzzle Ngifuna ukunibonga ngokukhipha amacrossword puzzle kuPhaphama! yesiNgisi. Ngifisa nje sengathi ngabe maningi. Ngitadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova, kodwa umyeni wami akanaso isithakazelo kangako. Akafundi kakhulu, futhi kunzima ukuthola isisusa esingamshukumisela ekwenzeni kanjalo. Kodwa uyathanda ukwenza amacrossword puzzle enu! Eqinisweni, siwenza ndawonye, okusilungele kakhulu. Ngiyanibonga.
E. X. E., Brazil
I“Phaphama!” yesiNgisi izoqhubeka inyathelisa ama“crossword puzzle” ngezikhathi ezithile.—ED.
Ubumsulwa Isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Kungani Kufanele Uhlale Umsulwa?” (April 22, 1992) siye sangisiza kakhulu. Ngalahlekelwa ubumsulwa bami ngaphambi kokuba ngishade. Ngisho nakuba ngalesosikhathi ngangingayazi ngokugcwele imithetho kaJehova, kwawuphazamisa kakhulu unembeza wami, futhi ngiye ngahlupheka ngokomzwelo. Ngakhala lapho ngifunda lesihloko. Kwakududuza ukwazi ukuthi ngiye ngahlanzwa emehlweni kaNkulunkulu. Yeka indlela okungazuzisa ngayo uma intsha ingafunda lesihloko futhi inqume ukuhlala imsulwa! Ngifisa sengathi ngabe ngenza kanjalo.
M. S., Puerto Rico
Indawo Yonke Yeka indlela esiwubala ngayo phambi kukaNkulunkulu! Yilokho enakubonisa esihlokweni esithi “Ukwembula Izimfihlakalo Zendawo Yonke.” (March 22, 1992) Izibonakude ezenziwe ngabantu kancane kancane zembula indawo yonke engenamkhawulo. Abakutholayo kuyasiqinisekisa ukuthi othile omkhulu nohlakaniphile kunathi wadala lendawo yonke eyimfihlakalo nemithetho eyibusayo. Kufanele sizithobe ngokwanele ukuze sikwazise lokhu.
M. R. S., Brazil