Isiqondiso Esiphelele Sokuziphatha
ITILOSI lidinga amabalazwe namathuluzi anokwethenjelwa ukuze lilandele indlela eqondile. Ngokufanayo, abantu badinga isiqondiso esinokwethenjelwa ukuze benze izinqumo zokuziphatha ababhekana nazo nsuku zonke. Isiqondiso esinephutha noma esishintshashintshayo ngeke sisize, kanjalo nesiqondiso esisebenza kuphela emasikweni noma emiphakathini ethile. Isiqondiso esiphelele sokuziphatha kumelwe seqele ngalé kwemingcele yohlanga nempucuko.
Kuzwakala sakubhuqa ukuthi iBhayibheli—yona kanye lencwadi eye yenqatshwa izigidi, incwadi eye yabizwa abanye ngokuthi indaba nje ecatshangelwayo, incwadi eye yabhekana nokugxekwa ukwedlula noma iyiphi enye incwadi emlandweni—liyilesosiqondiso esiphelele sokuziphatha. IBhayibheli lithi liyisiqondiso somuntu sokuziphatha esivela kuMdali, ‘isibani’ esingakhanyisa umkhondo wethu “ezindleleni zokulunga.”—IHubo 23:3; 119:105.
Bukhona yini ubufakazi bokusekela amazwi aphawuleka kanjalo? Ingabe bukhona ubufakazi bokuthi ukuphila ngezindinganiso zeBhayibheli kuphakeme kunokuphila ngezindinganiso zokuziphatha ezenziwe umuntu?
IBhayibheli Nokuziphatha Kobulili
Cabangela indaba yokuziphatha kobulili. IBhayibheli linikeza umyalo wokugwema ubuhlobo bobulili ngaphandle komshado, lithi: “Balekelani ukuziphatha okubi kobulili.” (1 Korinte 6:18, New International Version; Efesu 5:5) Liluleka imibhangqwana eshadile: “Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, umbhede ungabi-nasisihla, ngokuba izifebe neziphingi uNkulunkulu uyakuzahlulela.” (Heberu 13:4) IBhayibheli libonisa futhi ukuthi umuntu ongawulaleli lomyalo uyazilimaza futhi wona amalungelo omunye umuntu.—IzAga 6:28-35; 1 Thesalonika 4:3-6.
Izinkinga ezikhungathekisayo zokukhulelwa kwentsha, usongo lwengculaza, isifo sesikhumba sezitho zangasese, ugcunsula, nezinye izifo ezithathelwana ngobulili, nesilinganiso esikhulayo sezehlukaniso konke kuwubufakazi bokuthi lesiseluleko sisasebenza ekuphileni kwawo-1990. Umuntu onamathela ezindinganisweni zeBhayibheli zokuziphatha usinda osizini nasebuhlungwini okukhulu. Okubaluleke nangaphezulu, ulondoloza unembeza omuhle. (1 Petru 3:16) “Ngiyazihlonipha futhi nginokwaneliseka kokwenza okulungile phambi kukaNkulunkulu,” kusho uJonathan oneminyaka engu-24. Ungomunye woFakazi BakaJehova. “Njengoba intsha eningi ibulawa ingculaza, ukuhlala ngihlanzekile ngokokuziphatha kungase kulondoloze ukuphila kwami ngokoqobo.”
Imibhangqwana esaba uNkulunkulu iye yathola ukuthi ukulandela izindinganiso zeBhayibheli zokuziphatha kube nethonya elihle emishadweni yayo. Inkosikazi ethile eneminyaka engu-23 ithi: “Mina nomyeni wami sasimsulwa lapho sishada. Nginomuzwa wokuthi sasinokuthile okukhetheke kakhulu esasingakuhlanganyela ndawonye, okuthile intsha embalwa engakuhlanganyela nomngane womshado kulezinsuku. Ngiyazi ukuthi lokhu kuye kwaqinisa isibopho sothando phakathi kwethu.”
IBhayibheli Nebhizinisi
Futhi iBhayibheli linesimiso salo sezindinganiso zokuziphatha kwezebhizinisi. Nakuba livuma ukuthi abantu abangathembekile bangase babonakale bephumelela, lisasikhuthaza ukuba sihlale sithembekile. (IHubo 73:1-28) “Izisindo ezimbili [esifanele sokuthenga nesingafanele, esingathembekile sokuthengisa] nama-efa amabili, kokubili kuyisinengiso kuJehova.” (IzAga 20:10) Ngakho oFakazi BakaJehova bayawagwema amaqhinga ebhizinisi asolekayo.
Yiqiniso, umKristu angase abhekane nobunzima ekwenzeni kanjalo. Kungase kube nzima ukuba ancintisane nosomabhizinisi abangathembekile. Abanye bangase bacabange ukuthi ukwethembeka kwakhe kuyinqaba, ngisho nokuthi kuwubuwula, kodwa ulondoloza unembeza omuhle—okuthile okuyigugu kakhulu kunemali. Unokuthula kwengqondo futhi angajabulela ubuthongo obumnandi ebusuku. Akakhathazwa ukwesaba okunjunjuthayo kokuboshwa futhi ajeziswe ngenxa yokungathembeki.—Qhathanisa nezAga 3:21-26.
Ngaphezu kwalokho, oFakazi abaningi baye bathola ukuthi umuntu angazilondoloza izindinganiso zeBhayibheli zokuziphatha futhi aphumelele ngokwezimali. Umuntu othembekile ngokuvamile uzuza ukwethenjwa izisebenzi, amakhasimende, abantu athenga kubo, nabakweletayo. Lokhu kungamenza aphumelele.
Ingabe Igcinwa Yilowo Oyitholile?
Njengoba siphawulile ngaphambili, isimo sengqondo sokuthi into igcinwa yilowo oyitholile siye senza abantu abathembeke ngempela baba izigebengu. Nokho, iBhayibheli latshela abantu bakaNkulunkulu ezikhathini zasendulo: “Lapho ubona inkabi noma imvu kamakhelwane wakho iduka, ungayizibi kodwa ibuyisele kuye. Uma umniniyo kungeyena umakhelwane oseduze futhi ungazi ukuthi ungubani, ngenisa lesilwane endlini yakho futhi usigcine kuwe kuze kube yilapho ezosifuna, bese usibuyisela kuye. Wenze okufanayo ngembongolo yakhe noma ingubo yakhe noma yini elahlekele umakhelwane wakho, uma uyithola.”—Duteronomi 22:1-3, The New English Bible.
OFakazi BakaJehova bayaqhubeka belandela lesimiso namuhla. Omunye uFakazi eBrooklyn, eNew York, wathola isikhwama esasinamaRandi angu-74 000 emgwaqweni. Ngesikhathi kwenzeka ingozi encane, sawa emotweni ethwala imali kungaqashelwe. Ngisho nakuba lemali yayiyimali yamaphepha esisetshenzisiwe—kanjalo kungenakwenzeka ukuyithungatha—wayisa lemali emaphoyiseni. Abantu asebenza nabo bamsola ngesinqumo sakhe. Ngokumangalisayo, amaphoyisa amgcona ngokwethembeka kwakhe. Kodwa lendoda engumKristu iyachaza: “Ngizama ukusebenzisa izimfundiso zeBhayibheli ekuphileni kwami kwansuku zonke.” KumaHeberu 13:18 iBhayibheli lithi: “Sikhulekeleni, ngokuba siyethemba ukuthi sinonembeza omuhle, sithanda ukuhamba kahle ezintweni zonke.”
Ukukhanga Embulungeni Yonke!
Futhi iBhayibheli linikeza iziqondiso ezinengqondo kwezinye izindaba zokuziphatha. Likhuthaza umusa, ukwethembeka, ubulungisa, iqiniso, ukwazisa, ukuhlonipheka, umuzwa wokuba nomthwalo wemfanelo, nokukhathalela abanye ngozwela. Iseluleko salo sokuziphatha sibekwe ngamafuphi eMthethweni Wegolide: “Ngakho-ke konke nokungakanani enifuna ukuba abantu bakwenze kini, kwenzeni nani kanjalo kubo.”—Mathewu 7:12.
Njengoba zivumelana noMthombo wazo, iziqondiso zeBhayibheli zokuziphatha zisebenza kunoma yiliphi izwe noma isizinda. Encwadini ethi Christianity’s Contributions to Civilization, uCharles D. Eldridge uyaphawula: “Izincwadi ezibhalwe kwelinye izwe azivamile ukuthandwa kwamanye amazwe; zinjengezihlahla ezingenakukwazi ukubhekana nobunzima bokutshalwa kwenye indawo . . . Akunjalo ngeBhayibheli: liye latshalwa kuyo yonke inhlabathi engaphansi kwelanga ngaphandle kokulahlekelwa amandla nobuhle ngokungathi sína.”
Khona-ke, ngokuyingqayizivele iBhayibheli likhanga kuyo yonke imbulunga, leqela ngalé kwemingcele yolimi, isizinda, nohlanga. Omunye umlobi weBhayibheli wakubeka ngalendlela: “Yonke imibhalo iphefumlelwe uNkulunkulu futhi iyinzuzo ekufundiseni ukholo nokulungisa amaphutha, ekuqondiseni kahle umkhondo wokuphila komuntu nokumqeqesha ekuphileni okuhle.” (2 Thimothewu 3:16, Phillips) Yiqiniso, ngezinye izikhathi kunzima ukuliqonda iBhayibheli. Ezikhathini zasendulo omunye umfundi weBhayibheli okhuthele wabuzwa ukuthi wayekwazi yini lokho ayekufunda. Waphendula: “Ngingakwazi kanjani, uma kungekho ongiholayo na?”—IzEnzo 8:29-35.
Leyondoda yathola usizo lomuntu siqu ekuqondeni iBhayibheli. Namuhla, usizo olunjalo lomuntu siqu luyatholakala ngomsebenzi woFakazi BakaJehova wokufundisa ngeBhayibheli. Kakade sebesize izigidi zabantu emazweni angaphezu kwangu-200 ukuba zibe nolwazi lweZwi likaNkulunkulu. Futhi nawe bayakumema ukuba ujwayelane kangcono naleyoNcwadi Engcwele ngokuvakashela iHholo LoMbuso eliseduze nawe.
Ngokuthakazelisayo, kuye kwathiwa ukuziphatha ngezindinganiso “kungase kufundwe ngesibonelo esihle, . . . noma ‘ngokuba’ nje nabantu abanezindinganiso zokuziphatha okuhle.” Lesi esinye futhi isizathu esinamandla sokujwayelana nalabo ababa khona eHholo LoMbuso lasendaweni yakini. Akukhona ukuthi oFakazi BakaJehova bangcono ngokofuzo kunabanye abantu, kodwa ukuphumelela kwabo ngokokuziphatha kuwubufakazi bamandla eZwi likaNkulunkulu.—2 Korinte 4:7.
Izindinganiso zokuziphatha zalelizwe ziyoqhubeka ziwohloka. IBhayibheli liyabikezela: “Abantu ababi nabakhohlisi bazakuqhubekela phambili ebubini.” (2 Thimothewu 3:13) Nokho, akudingekile ukuba ukhukhulwe yileligagasi elibhubhisayo. UNkulunkulu uye walungiselela isiqondiso esinokwethenjelwa, esingenaphutha. Ingabe uzosilandela?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 8]
IBhayibheli lithi liyisiqondiso somuntu sokuziphatha esivela kuMdali, ‘isibani’ esingakhanyisa indlela yethu
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 9]
Iziqondiso zeBhayibheli zokuziphatha zisebenza kunoma yiliphi izwe noma impucuko
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 10]
“Ngakho-ke konke nokungakanani enifuna ukuba abantu bakwenze kini, kwenzeni nani kanjalo kubo.”—Mathewu 7:12
[Isithombe ekhasini 9]
Imibhangqwana esaba uNkulunkulu iye yathola ukuthi ukulandela izindinganiso zeBhayibheli zokuziphatha kunomphumela omuhle emishadweni yayo