Bathuthela EPuerto Rico
NGO-MAY 9, 1993, uMnyango Wokuhumusha WeSipanishi, onamalungu angu-20, wathutha endlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova eBrooklyn, eNew York, waya ehhovisi elisha legatsha le-Watch Tower Society eGuaynabo, ePuerto Rico. Wathuthelani? Ilungu elinomthwalo wemfanelo lezisebenzi ezisemnyangweni wokubhala endlunkulu yoFakazi BakaJehova liyachaza: “Siye sathola ukuthi abahumushi benza umsebenzi ongcono lapho behlala endaweni ulimi abahumushela kulo lukhulunywa khona nsuku zonke. Ngaphezu kwalokho, bajwayelana ngokwemvelo nanoma yiziphi izinguquko ezintsha kulololimi. IPuerto Rico iye yakhethwa njengesikhungo esikahle sabo bonke abantu abakhuluma iSipanishi.”
UMnyango Wokuhumusha WeSipanishi ubuzinze eBrooklyn, eNew York, kusukela ngo-1928 futhi uye wafeza indima ebalulekile ekusakazeni isigijimi soMbuso ngokusiza ekwenzeni ukuba izincwadi zeBhayibheli zitholakalele abantu abangaba ngu-350 000 000 abakhuluma iSipanishi emhlabeni wonke. INqabayokulinda yahunyushelwa olimini lweSipanishi okokuqala ngo-1917. Namuhla, kunyatheliswa amakhophi acishe abe ngu-3 500 000 e-Nqabayokulinda namakhophi acishe abe ngu-3 000 000 e-Phaphama! ngeSipanishi inyanga ngayinye. Eminyakeni yamuva nje igatsha le-Watch Tower Society eSpain nalo liye lanikeza usizo olubalulekile kulomsebenzi, ikakhulukazi ngokuhumusha umagazini i-Phaphama! KunoFakazi BakaJehova abangaphezu kuka-1 100 000 emhlabeni abakhuluma iSipanishi, cishe amaphesenti angu-25 alo lonke inani loFakazi emhlabeni wonke. Lelinani lihlanganisa amashumi ezinkulungwane zezakhamuzi eziyizihambi ezikhonza emazweni akhuluma ezinye izilimi, njenge-Australia, iJalimane, iSweden, ne-United States.
Lokhu kuthuthela ezakhiweni ezinkulu nezintsha ePuerto Rico kunenye futhi inzuzo. Kuvumela abahumushi nama-proofreader abavela emazweni ahlukene, njengeColombia, iMexico, iPuerto Rico, iSpain, neVenezuela, ukuba bahlangane endaweni eyodwa efanayo ukuze kuthuthukiswe ngokwengeziwe izinga lezincwadi zeNhlangano zolimi lweSipanishi emhlabeni wonke. Lokhu kuyosiza ekudluliseni isigijimi soMbuso ngendlela ecacile nenembile kubantu abakhuluma iSipanishi emhlabeni wonke. Sibheke phambili esibusisweni sikaJehova kulentuthuko entsha.