OFakazi BakaJehova Emhlabeni Wonke—IPuerto Rico
PHAKATHI koLwandle iCaribbean ne-Atlantic Ocean kunesiqhingi esishisayo, esikhephuza uhlaza sasePuerto Rico. UChristopher Columbus wasifaka ngaphansi kweSpain ngo-1493 futhi wasinika igama elithi iSan Juan Bautista esiqamba ngoJohane uMbhapathizi. Idolobha laso elikhulu kunawo wonke kwase kuyisikhathi eside libizwa ngokuthi iPuerto Rico, noma “iTheku Elicebile.” Ngokuhamba kwesikhathi, leligama lasetshenziselwa isiqhingi sonke, kanti idolobha lona labizwa ngokuthi iSan Juan.
IPuerto Rico iye yazibonakalisa iyitheku elicebile ngezici eziningi. Igolide eliningi lalithunyelwa livela lapha eminyakeni yokuqala yokubusa kweSpain. Lesisiqhingi manje sithumela umoba, ikhofi, ubhanana, nezithelo ezisawolintshi, nakuba namuhla umnotho waso omningi ulethwa izimboni ezikhiqizayo nezeminye imisebenzi. Nokho, iPuerto Rico iye yazibonakalisa iyitheku elicebile ngomqondo obaluleke kakhulu kunalena.
Izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu lapha zaqala ukushunyayelwa ngawo-1930. Namuhla, kukhona abamemezeli bezindaba ezinhle abangaphezu kwabangu-25 000 ePuerto Rico. Ngo-1993 izisebenzi kuleligatsha le-Watch Tower Society ziye zanda kusukela kwezingu-23 kuya kwezingaphezu kwekhulu. Lokhukwanda kwakudingekile ukuze igatsha likwazi ukwengamela ukuhunyushelwa kwezincwadi zeBhayibheli olimini lweSpanishi, okwenza ukuba izincwadi ezinjalo zitholakalele abantu abakhuluma iSpanishi abangaba ngu-350 000 000 emhlabeni wonke.
Insimu Entsha
Ihhovisi legatsha futhi liyabika: “Kuvuleké insimu entsha ePuerto Rico ngoba besilokhu senza imizamo yokuyisa isigijimi soMbuso kwabayizithulu. Omunye udade ulandisa okuhlangenwe nakho okulandelayo: ‘Ngangisebenza phakathi kwabayizithulu futhi ngahambela intokazi ethile enabantwana ababili abancane. Lapho-nje iqaphela ukuthi ngangingomunye woFakazi, yenqaba ukungamukela ngoba umyeni wayo, naye owayeyisithulu, wayengabathandi oFakazi BakaJehova.
“‘Ezinyangeni ezithile kamuva, yona kanye lentokazi yavakashela umngane wayo owayefunda iBhayibheli noFakazi. Yahlanganyela kulesosifundo futhi yasijabulela kakhulu. Ngaphinde ngayihambela lentokazi, futhi yaphinde yangitshela ukuthi umyeni wayo akabathandi oFakazi. Nokho, yayifuna ukuqonda iBhayibheli futhi yayikhathele isonto layo ngoba babengafundisi lutho. Saqala ukufunda, sisebenzisa ipheshana. Ngolunye usuku yangitshela ukuthi ngibuye ngoMgqibelo ngoba umyeni wayo wayezobe ekhona. Ngayibuza, “Kodwa akasithandi, angithi?” Yaphendula: “Ufuna ukwazi ukuthi kuqhubekani ngempela.”
“‘Ngosuku olulandelayo bobabili bangqongqoza emnyango wami! Njengoba umyeni wayo ayenemibuzo eminingi, ngabamemela emihlanganweni yethu yabayizithulu. Wafika kuqala kunami futhi akakaze aphuthelwe umhlangano kusukela ngalesosikhathi. Uyashumayela kwabanye abayizithulu, useye waba khona emhlanganweni omkhulu, futhi ubheke phambili obhapathizweni.’”
Umbiko wegatsha uyaqhubeka: “Emhlanganweni wethu wesigodi kulonyaka, sonke isimiso sanikezwa nangolimi lwezandla, abantu abaningi abayizithulu babekhona nemikhaya yabo. Isenzakalo esithinta inhliziyo ngempela senzeka enkulumweni yokugcina ngesikhathi isikhulumi siphawula ngomsebenzi owawenziwa phakathi kwabayizithulu futhi sithi kwakukhona abangaba ngu-70. Kwashaywa ihlombe elikhulu, kodwa, njengoba isikhulumi saphawula, izithulu azikwazanga ukulizwa. Khona-ke sicela izithulu ukuba zibheke ngakwezinye izilaleli, isikhulumi sawuphinda umbuzo, ‘Niyajabula yini ngokuba nabazalwane benu abayizithulu lapha kanye nani?’ sabe sesicela izilaleli ukuba zishaye ihlombe ngokuvayiza izandla zombili. Kwakuwumbukwane omangalisayo ukubona abazalwane nodade abangu-11 000 beshaya ihlombe ngokuvayiza izandla. Abazalwane bethu nodade abayizithulu babechichima injabulo futhi bazizwa beyingxenye yobuzalwane obukhulu. Abaningi bachiphiza izinyembezi zenjabulo.”
Njengoba oFakazi BakaJehova behlanganyela emsebenzini wokuvuna ePuerto Rico, akungabazeki ukuthi iyoqhubeka iyitheku elicebile. “Izimvu” zikaNkulunkulu, azibiza ngokuthi “okunxanelekayo kwabo bonke abezizwe,” ziyoqhubeka zithutheleka ukuze indlu kaJehova igcwale inkazimulo.—Johane 10:16; Hagayi 2:7.
[Ibhokisi ekhasini 9]
UMBIKO WEZWE
Unyaka Wenkonzo Ka-1994
INANI ELIPHAKEME LABABEFAKAZA: 25 428
ISILINGANISO: UFakazi oyedwa kubantu abangu-139
INANI LABABEKHONA ESIKHUMBUZWENI: 60 252
ISILINGANISO SABAMEMEZELI ABANGAMAPHAYONA: 2 329
ISILINGANISO SEZIFUNDO ZEBHAYIBHELI: 19 012
INANI LABAPHAPATHIZWA: 919
INANI LAMABANDLA: 312
IHHOVISI LEGATSHA: IGUAYNABO