“Ukufunda Isifundo Sokubekezela”
NJENGOBA sisondela ekupheleni kwalelikhulu lama-20, ingabe isintu sisonke siye safunda izifundo ezithile emlandweni waso onobudlova kusukela ngo-1914? UFederico Mayor, umqondisi-jikelele we-UNESCO (United Nations Educational, Scientific, and Cultural Organization), akazwakalisanga ukuba nethemba ngokweqisayo esihlokweni asibhalela i-Unesco Courier. “Izwe ukushintsha kwalo okubonakalayo . . . alikwenzi ujabule ngayo yonke inhliziyo. Inkolelo engokwenkolo yokuthatha iBhayibheli njengoba linjalo, ubuzwe, ubandlululo lobuhlanga nolobuzwe, ukubandlulula amaJuda: imimoya yenkululeko iye yavuselela izinsalela zenzondo. . . . Ukuwohloka kohlelo oludala kuye kwashiya inkundla ivulekele zonke izinhlobo zezinyathelo ezintsha, ezinye zazo zinezinxushunxushu kakhulu—futhi ubudlova budlondlobala ngaphandle kwesizathu.”
Kungani ubudlova budlondlobala? Kungani abantu bezonda futhi bebulala abanye ngenxa nje yokwehlukana kwenkolo noma isizinda sobuzwe? Kungakhathaliseki ukuthi kusendaweni eyayiyiYugoslavia, eNdiya, eNyakatho Ireland, e-United States, nomaphi emhlabeni, enye yezimbangela eziyinhloko kubonakala kuyimfundo engaqondisiwe kahle. Esikhundleni sokufunda ukubekezelelana nokuhloniphana, abantu baye bafunda ukungathembani nokuzondana kubazali babo, ezikoleni ababefunda kuzo, nasemphakathini uwonke.
UFederico Mayor waqhubeka: “Masiyeke lokho kubekezela okungabazekayo okusenza sibekezelele izinto ezingabekezeleleki—ubumpofu, indlala nokuhlupheka kwabantu abayizigidi. Uma senza kanjalo, siyothola injabulo yokuba nesihawu nobudlelwane.” Lena imizwa emihle kakhulu. Kodwa yiziphi izindlela eziwusizo ezingaguqula lomoya wobumnyama osibekele lelizwe lethu okuthiwa likhanyiselwe?
Eminyakeni engaphezu kuka-2 500 edlule, u-Isaya waloba lamazwi kaJehova: “Bonke abantwana bakho bayakuba-ngabafundi bakaJehova, nokuthula kwabantwana bakho kuyakuba-kukhulu.” (Isaya 54:13) Njengoba ‘uNkulunkulu eluthando,’ kunengqondo ukuthi labo abaphila ngezimiso zakhe ngempela bayofunda ukuthula, hhayi impi; uthando, hhayi inzondo; ukubekezela, hhayi ukungabekezeli.—1 Johane 4:8.
Obani abakhuthaza lemfundiso eholela abantu ekuthuleni nasothandweni nasekubekezeleni? Obani okuyibona abaphila ngobunye kungakhathaliseki imvelaphi yobuzwe babo? Obani abaye bamukela imfundo yeBhayibheli eye yashintsha sonke isimo sabo sengqondo sisuka ekubeni esenzondo siya ekubeni esothando? Sikukhuthaza ukuba uhlole izimfundiso nemikhuba yoFakazi BakaJehova ukuze uthole isizathu esenza babe nabo ngempela ubunye bomhlaba wonke.—Johane 13:34, 35; 1 Korinte 13:4-8.