Isizungu—Ingabe Uzimisele Ukulwisana Naso Futhi Unqobe?
INGABE unesizungu? Kunezikhathi ekuphileni lapho kungokwemvelo ukuzizwa unesizungu, kungakhathaliseki ukuthi ushadile noma awushadile, uyindoda noma ungowesifazane, umdala noma usemusha. Qaphela futhi ukuthi akukhona ukuba wedwa okubangela isizungu ngempela. Umfundi oyedwa omatasa ekucwaningeni kwakhe akazizwa enesizungu. Umdwebi ozidwebela umfanekiso yedwa akanalo ithuba lokuzizwa enesizungu. Bayasamukela isikhathi sokuba bodwa, futhi ngalesosikhathi ukuba bodwa kuwumngane wabo omkhulu.
Umuzwa wesizungu sangempela wakheka ngaphakathi kithi kunokuba uvele ngaphandle. Isizungu singase sibangelwe yisenzakalo esithile esidabukisayo—ukufa, isehlukaniso, ukulahlekelwa umsebenzi, inhlekelele ethile. Uma sizenza sijabule, lesosizungu singase sincishiswe, mhlawumbe siqedwe nokuqedwa ngokuhamba kwesikhathi, futhi ukulahlekelwa okwakusikhathaza kungase kwamukeleke, kubekezeleleke.
Imizwa ivezwa imicabango yakho. Ngemva kokuba ukulahlekelwa sekwamukelwe futhi imizwa okuye kwayiveza isiye yavunyelwa ukuba ilibaleke, yisikhathi sokubeka phambili imicabango eyakhayo ekuvumela ukuba uqhubeke wenza okuthile ekuphileni kwakho.
Zikhandle. Lawula imizwelo yakho. Kunezinto ezakhayo okumelwe zenziwe. Ngakho yiba nobungane. Shayela othile ucingo. Bhala incwadi. Funda incwadi. Memela abantu ekhaya. Bonisana nabanye. Ukuze ube nabangane, kumelwe uzibonakalise unobungane. Hlolisisa imizwa yakho ukuze ujwayelane nabanye. Bonisa izenzo ezincane zomusa. Hlanganyela nabanye imithonseyana engokomoya eduduzayo. Uyothola ukuthi lamazwi kaJesu ayiqiniso: “Kubusisekile ukupha kunokwamukela.” Uyoqaphela elinye iqiniso lezaga: “Ophuzisayo uyakuphuziswa naye.”—IzEnzo 20:35; IzAga 11:25.
Kukuwe
Ingabe kunzima ukukwenza? Ingabe unomuzwa wokuthi ayingangamlomo? Yonke into efanelekile kulula ukuyisho kunokuyenza. Yilokho okwenza ukuyenza kube okwanelisayo kuwe. Kumelwe wenze umzamo okhethekile. Ingxenye ethile yakho izimisela ukupha, futhi uthola ukwaneliseka nenjabulo enkulu ngokwengeziwe. Kukuwe ukwenza umzamo wokuqeda isizungu esifuna ukukubusa. Umlobi othile kumagazini i-Modern Maturity wathi: “Akekho omunye onomthwalo wemfanelo ngesizungu sakho, kodwa wena ungenza okuthile ngaso. Ungandisa ukuphila kwakho ngokuba nomngane oyedwa. Ungathethelela othile onomuzwa wokuthi uye wakuzwisa ubuhlungu. Ungabhala incwadi. Ungashayela othile ucingo. Uwena kuphela ongashintsha ukuphila kwakho. Akekho omunye umuntu ongakwenzela khona.” Wacaphuna incwadi ayeyitholile “eshaya esikhonkosini: ‘Ngitshela abantu ukuthi kuwumthwalo wabo wemfanelo ukugcina ukuphila kwabo kungenasizungu noma kwanelisekile. Yenza okuthile!’”
Abangane bakho abawusizo akudingekile ukuba balinganiselwe kulabo abangabantu. Udokotela wokwelashwa kwezilwane wathi: “Izinkinga ezinkulu asebekhulile ababhekana nazo akuzona izinhlungu ezingokomzimba, kodwa isizungu nokwenqatshwa ababhekana nakho. Ngokunikeza . . . ubungane, izilwane ezifuywayo (kuhlanganise nezinja) zinikeza injongo nokubaluleka ngesikhathi lapho asebekhulile ngokuvamile behlukanisiwe nomphakathi.” Umagazini i-Better Homes and Gardens uthi: “Izilwane ziyasiza ekwelapheni abaphazamisekile ngokomzwelo; zishukumisa abagulayo ngokomzimba, abaxhwalile, nabakhubazekile; futhi zivuselela abanesizungu nasebekhulile.” Esinye isihloko sikamagazini sathi ngabantu abahlakulela isithakazelo esisha ezilwaneni: “Izinkathazo zeziguli zancipha futhi zazikwazi ukubonisa uthando ezilwaneni zazo ngaphandle kokwesaba ukwenqatshwa. Kamuva zaqala ukukhulumisana nabantu, ziqala ngokuxoxa ngokukhathalela kwezilwane zazo. Zaqala ukuzizwa zinomthwalo wemfanelo. Zazizwa zidingeka, okuthile kwakuncike kuzo.”
Ngokuvamile umuntu onesizungu ngeke azikhandle ngokwanele ukuze azisize, ukuze azikhiphe ekujuleni kokuphelelwa kwakhe yithemba. Kunobuvila, ukungazimiseli ukuzikhandla ngokwanele, kodwa ukuze aqonde imbangela yangempela yesizungu sakhe, kumelwe kwenziwe. UDkt. James Lynch wabhala ngokwenqaba kwabantu iseluleko abakuthola kunzima ukusamukela: “Isimo sabantu ngokuvamile siwukuthi siyakwenqaba ukulalela, noma okungenani siyenqaba ukusebenzisa ukwaziswa esingakuthandi ekuziphatheni kwethu.” Umuntu angase afune ukubalekela isizungu sakhe, kodwa angase angazimiseli ngokudingekayo ukuze akhululeke.
Ziphathe Ngendlela Ofuna Ukuzizwa Ngayo
Ukuze anqobe ukucindezeleka okukhulu, umuntu udinga ukuqhubeka ephishekela injabulo nokuba nomusa kwangempela. (Qhathanisa nezEnzo 20:35.) Lokhu kudinga ukugqashula emuzweni ogxilile wesizungu ngokuziphatha ngokuphambene nethonya laso elibhubhisayo. Yenza konke ngenjabulo, dansa, hlabelela ingoma emnandi. Yenza noma yini ebonisa injabulo. Kwenze ngokwesasa, kwenze ngentshiseko, xosha lomuzwa wokuhlunama ngemicabango ejabulisayo. Njengamiphi?
Njengaleyo ekweyabaseFilipi 4:8: “Elokugcina‚ bazalwane‚ konke okuyiqiniso‚ konke okuhloniphekayo‚ konke okulungileyo‚ konke okumhlophe‚ konke okuthandekayo‚ konke okutusekayo‚ noma kukhona okuhle‚ noma kukhona okubongekayo‚ zindlani ngalokho.”
Kunesidingo sokwenza ukuphila kwakho kube okunenjongo. Uma unomuzwa wokuthi ukuphila kwakho kunenjongo, uyoba namandla okusabela kuyo futhi ufune ukuyigcwalisa. Cishe ngeke uwele emuzweni wesizungu esiqeda ithemba. Lokhu kuboniswe ngendlela ethakazelisayo encwadini kaViktor Frankl ethi Man’s Search for Meaning. Uyihlobanisa nalokho iziboshwa emakamu okuhlushwa kaHitler ezabhekana nakho. Labo ababengenawo umuzwa wenjongo ekuphileni kwabo bawela ogibeni lwesizungu futhi bantula isifiso sokuphila. Kodwa “ukuqaphela ukubaluleka komuntu kwangaphakathi kugxile ezintweni eziphakeme nezingokomoya ngokwengeziwe, futhi akunakuzanyazanyiswa ukuphila kwasekamu.” Waqhubeka: “Lapho ukuhlupheka ngandlela-thile kuba okunenjongo akube kusaba ukuhlupheka, njengokubaluleka komhlatshelo. . . . Lokho umuntu akukhathalela ngokuyinhloko akukhona ukuzuza injabulo noma ukugwema ubuhlungu, kodwa kunalokho ukubona injongo ekuphileni kwakhe. Yingakho umuntu ekulungele ngisho nokuhlupheka, uma eqiniseka ukuthi ukuhlupheka kwakhe kunenjongo.”
Ubuhlobo Obuyisisekelo Obudingayo
Indlela yokufinyelela umbono ongokomoya ngempela iwukuzihlanganisa ngokugcwele noNkulunkulu neZwi lakhe, iBhayibheli. Ukholo kuNkulunkulu nomthandazo oqotho kuye kunganikeza ukuphila kwethu injongo. Khona-ke, ngisho noma ubuhlobo nabantu buwohloka, asisodwa, asishiyiwe sinesizungu. Njengoba uFrankl asho, ukuhlupheka okunenjongo kuyabekezeleleka, kuwumthombo ngisho wenjabulo. Enye ingqapheli yokuphila kwabantu yathi: “Umfel’ ukholo osesigxotsheni angase abe nenjabulo engase ifiselwe yinkosi esesihlalweni sayo sobukhosi.”
Abaphostoli bakaKristu bezwa injabulo evela kuJehova lapho beshushiswa abantu; ukuhlupheka okunjalo kwabalethela injongo enkulu. “Babusisiwe abazingelwa ngenxa yokulunga‚ ngokuba umbuso wezulu ungowabo. Nibusisiwe‚ nxa benithuka‚ benizingela‚ bekhuluma konke okubi ngani‚ beqamba amanga ngenxa yami. Jabulani‚ nithokoze‚ ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini; ngokuba kanjalo babazingela abaprofethi abananduleleyo.” (Mathewu 5:10-12) Ukusabela okufanayo kulotshwe kuzEnzo 5:40, 41: “Base bebabiza abaphostoli‚ babashaya‚ babayala ngokuthi bangakhulumi ngegama likaJesu‚ babakhulula. Khona basuka phambi komphakathi bethokoza‚ ngokuba bebefanele ukudunyazwa ngenxa yalelogama.”
Lapho Uhlakulela Khona Imbali, Ikhakhasi Alinakumila
Gcwalisa inhlabathi yengqondo yakho ngembewu yobuhle nenjongo eqondile; ungakuniki indawo ukuphelelwa yithemba okuphambene kanye nesizungu esibi. (Qhathanisa neyabaseKolose 3:2; 4:2.) Ingabe kunzima ukukwenza lokhu? Ngaphansi kwezimo ezithile, kubonakala kungenakwenzeka. Umlobi othile wezinkondlo waphawula: “Lapho uhlakulela khona imbali, . . . ikhakhasi alinakumila,” nalokho kudinga umzamo oqondile nokuzimisela ngentshiseko. Kodwa kungenziwa, kuyenziwa.
Cabangela indaba kaLaurel Nisbet. Wangenwa uvendle kwathi lapho eneminyaka engu-36 wafakwa ephashini lensimbi, lapho alala khona ngomhlane iminyaka engu-37. Ekhubazeke ngokuphelele kusuka entanyeni kwehle, wayekwazi ukunyakazisa ikhanda lakhe, kodwa yilokho kuphela ayengakwenza. Ekuqaleni wadabuka waze waphelelwa yithemba. Khona-ke, ngemva cishe kosuku ezidabukela, wanquma, ‘Sekwanele ngokuzidabukela!’ Kwakumelwe akhulise izingane ezimbili futhi anakekele umyeni. Waqala ukuvuselela ukuphila kwakhe; wafunda ukunakekela ikhaya lakhe esephashini lensimbi.
ULaurel wayevame ukuqwasha. Wayebhekana kanjani namahora obusuku amade? Ngokuzinikela ekuphathweni isizungu? Cha. Wayethandaza kuYise osezulwini, uJehova. Wayethandazela ukuba amuphe amandla, ethandazela abafowabo nodadewabo abangamaKristu, futhi ethandazela amathuba okufakaza kwabanye ngoMbuso kaNkulunkulu. Wasungula izindlela zokushumayela futhi wahlaba abaningi umxhwele ngokufakazela kwakhe igama likaJehova. Akazange avumele ukuba kumile amakhakhasi esizungu; wayematasa kakhulu ehlakulela izimbali.
Kwakunjalo futhi nangesithunywa sevangeli se-Watch Tower, uHarold King. Njengoba ayegwetshwe iminyaka emihlanu evalelwe yedwa ejele laseChina, cishe wayeyobhekana nesizungu isikhathi eside. Nokho, wawenqaba lowombono ophambene, futhi ngesenzo sokuzimisela wagxilisa ingqondo yakhe enkambweni ehlukile. Kamuva wayichaza ngalendlela:
“Ngahlela isimiso somsebenzi ‘wokushumayela.’ Kodwa umuntu ushumayela kubani lapho evalelwe yedwa ejele? Nganquma ukuthi ngangizolungiselela izintshumayelo ezifanele zeBhayibheli ngezinto engangizikhumbula bese ngishumayela kubantu abacatshangelwayo. Khona-ke, ngaqala njengokungathi ngangisemsebenzini, ngingqongqotha emnyango ocatshangelwayo futhi ngishumayela kumninikhaya ocatshangelwayo, ngivakashela amakhaya amaningana ekuseni. Ngokuhamba kwesikhathi ngahlangana noNkk. Carter ocatshangelwayo, owabonisa isithakazelo, futhi ngemva kwezimpindelo ezimbalwa sahlela ukuba nesifundo seBhayibheli sasikhathi sonke. Phakathi nalesifundo sahlanganisa izihloko eziyinhloko encwadini ethi ‘UNkulunkulu Makabe Oneqiniso’ njengoba ngangizikhumbula. Konke lokhu ngangikwenza kuzwakale, ukuze umsindo walezinto uzigxilise ngokuqhubekayo engqondweni yami.”
Izinkulungwane zoFakazi BakaJehova ezaziboshwe emakamu okuhlushwa kaHitler zaziyoyithola inkululeko yazo ukube nje zazidele ukholo lwazo. Bambalwa kakhulu abenza kanjalo. Izinkulungwane zafa zithembekile—abanye ngokubulawa, abanye ngokugula nangokungondleki kahle. Omunye uFakazi owayeboshiwe—ogama lakhe linguJosef—wayenabafowabo ababili ababekwamanye amakamu. Omunye waphoqelelwa ukuba alale phansi ubuso bakhe bubheke phezulu ukuze abone isaha elanquma ikhanda lakhe lehla. UJosef wachaza: “Lapho abanye abasekamu bezwa ngalokhu bangihalalisela. Isimo sabo sengqondo esiqondile sangithinta ngokujulile. Ukuhlala siqotho kwakubaluleke kakhulu kithi kunokusinda.”
Omunye umfowabo, ebhekene neqembu labadubuli, wabuzwa ukuthi uyafisa yini ukusho okuthile. Wacela imvume yokuthandaza, futhi wayinikezwa. Wawugcwele umunyu othinta inhliziyo nenjabulo eqotho kangangokuthi lapho kukhishwa umyalo wokuba akudutshulwe, akukho noyedwa kuleliqembu labadubuli owalalela. Umyalo waphindwa, lapho kwadutshulwa khona inhlamvu eyodwa, eyamshaya emzimbeni. Sithukutheliswe yilokhu, isikhulu esiphethe sabe sesikhipha esaso isibhamu futhi samqedela.
Lokho Okungenza Ukuphila Kube Nenjongo Ngempela
Zonke lezimo zazihilela ukholo oluqinile kuNkulunkulu. Lapho konke okunye sekuzanyiwe futhi kwehluleka, luhlala lukhona ukuze lulethe ukunqoba isizungu futhi lwenze ukuphila okwakungenanjongo kube nayo. Ukuphila kwabantu abaningi okubhekwa njengokunenjongo ngokombono wezwe eqinisweni akunanjongo. Kungani lokhu kunjalo? Ngoba laba bagcina befile, baphindela othulini, balibaleke, bengashiyanga nelincane ithonya emphakathini, bengashiyanga lutho emlandweni. Kunjengoba umShumayeli 9:5 esho: “Ngokuba abaphilayo bayazi ukuthi bayakufa, kepha abafileyo abazi-lutho, futhi abasenawo umvuzo, ngokuba ukukhunjulwa kwabo sekukhohlakele.” Noma yimuphi umuzwa wokubaluleka okuthiwa ukhona ekuphileni okuphilwa ngaphandle kwezinjongo zikaJehova uyize leze.
Bheka emazulwini agcwele izinkanyezi, uzwe ubukhulu besibhakabhaka esingaphezulu, futhi umuzwa wakho wokubaluleka uba yize. Uyayiqonda imizwa yomhubi uDavide lapho ebhala: “Lapho ngibuka izulu lakho, umsebenzi weminwe yakho, inyanga nezinkanyezi ozimisileyo, umuntu uyini ukuba umkhumbule, nendodana yomuntu ukuba uyinake na?” Indodana kaDavide uSolomoni yayilahla imisebenzi yomuntu, ithi, “Konke kuyize,” futhi yaphetha: “Nakhu ukuphela kwendaba, lapho sekuzwakele konke: Mesabe uNkulunkulu, ugcine imiyalo yakhe, ngokuba lokho kungokwabantu bonke.”—IHubo 8:3, 4; UmShumayeli 12:8, 13.
Khona-ke, ekuphetheni, umuntu onesizungu, noma ubani omunye, uyifaka kanjani injongo ekuphileni kwakhe? Ngokuphila ukuphila kwakhe ngokwesaba uNkulunkulu, egcina imiyalo kaNkulunkulu. Kungalesosikhathi kuphela lapho angase afaneleke khona ezinjongweni zikaNkulunkulu, uMdali walendawo yonke enkulu, futhi abe yingxenye yalelolungiselelo laphezulu laphakade.
Uma UNkulunkulu Enawe, Awuwedwa Neze
Omunye uFakazi KaJehova wase-Afrika othembekile, ngemva kokukhuthazelela ushushiso olubi kakhulu nokuzizwa elahliwe, wathi ngisho nakuba ubuhlobo bakhe nabantu babehluleka, wayesalokhu engeyedwa. Wacaphuna iHubo 27:10: “Ngokuba ubaba nomame bangishiyile, kodwa uJehova uzakungamukela.” UJesu wazizwa ngendlela efanayo. “Bhekani‚ isikhathi siyeza‚ yebo‚ sesifikile sokuba nihlakazeke‚ yilowo nalowo aye kokwakhe‚ ningishiye ngingedwa; nokho angingedwa‚ lokhu uBaba unami.”—Johane 16:32.
UJesu wayengakusabi ukuba yedwa. Ngokuvamile wayefuna ithuba lokuba yedwa ngenhloso. Lapho eyedwa, wayengenasizungu. Wazenza watholakalela ukugeleza komoya kaNkulunkulu futhi wazizwa esondelene naye lapho ezungezwe yindalo yaKhe. Ngezinye izikhathi wayekugwema ukuba nabantu ukuze abe yedwa vó noNkulunkulu. ‘Wasondela kuNkulunkulu; uNkulunkulu wasondela kuye.’ (Jakobe 4:8) Ngokungangabazeki wayengumngane kaNkulunkulu oseduze kakhulu.
Umngane onjengalowo ochazwa yimiBhalo uyinto eyigugu. (IzAga 17:17; 18:24) Ngenxa yokholo lwakhe oluphelele kuJehova uNkulunkulu nangokumlalela ngaphandle kokungabaza, u-Abrahama “wabizwa ngokuthi umhlobo kaNkulunkulu.” (Jakobe 2:23) UJesu wathi kubalandeli bakhe: “Ningabahlobo bami‚ uma nenza lokhu enginiyala ngakho. Angisasho ukuthi niyizinceku‚ ngokuba inceku ayikwazi ukuthi inkosi yayo yenzani‚ kepha ngithé ningabahlobo nina‚ ngokuba konke engikuzwile kuBaba nginazisile khona.”—Johane 15:14, 15.
Benabangane abanjengoJehova uNkulunkulu noKristu Jesu, labo abanokholo bangahluleka kanjani ukunqoba impi yabo yokulwisana nesizungu?
[Izithombe ekhasini 8, 9]
Umthandazo neminye imisebenzi kungakusiza ukuba ugweme isizungu
[Isithombe ekhasini 10]
Okuhlangenwe nakho kukaHarold King nezinkulungwane zabanye oFakazi BakaJehova emakamu okuhlushwa kubonisa ukuthi ukholo kuNkulunkulu lungasinqoba isizungu ngaphansi kwezimo ezimbi ngokwedlulele
[Umthombo]
U.S. National Archives photo