Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g04 6/8 k. 3-k. 4 isig. 3
  • Kungani Abantu Abaningi Kangaka Benesizungu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Abantu Abaningi Kangaka Benesizungu?
  • I-Phaphama!—2004
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ungavumeli Isizungu Sikuthonye Kabi Ukuphila Kwakho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Ukuthola Izimbangela Zesizungu
    I-Phaphama!—2010
  • Isizungu—Ukuhlushwa Okufihlekile
    I-Phaphama!—1993
  • Yini Engenza Ngizizwe Nginesizungu Kangaka?
    I-Phaphama!—1987
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2004
g04 6/8 k. 3-k. 4 isig. 3

Kungani Abantu Abaningi Kangaka Benesizungu?

EMPHAKATHINI wanamuhla, abantu abaningi bahlushwa isizungu. Sihlupha abantu babo bonke ubudala kungakhathaliseki uhlanga, izinga lokuphila nezinkolelo zabo. Wake wazizwa unesizungu? Ingabe unesizungu sikhuluma nje? Empeleni, sonke ngesinye isikhathi sake safikelwa umuzwa wokuthi sidinga umngane—umuntu ozosilalela, asiqinisekise, noma mhlawumbe ozonanela imizwa yethu ejulile, imicabango yethu ejulile, futhi asiqonde njengomuntu. Sidinga umuntu ozozwelana nemizwelo yethu.

Nokho, ukuba wedwa akusho ngempela ukuthi unesizungu. Umuntu angaba yedwa isikhathi eside, ajabulele izinto azenzayo ebe engenaso nhlobo isizungu. Ngokuphambene, kunabantu okubehlulayo ukuba bodwa. I-American Heritage Dictionary ithi: “Ukuba wedwa kugcizelela isimo sokungabi phakathi kwabanye kodwa akusho ukungajabuli ngempela. . . . Ukuba nesizungu ngokuvamile kunomqondo womuzwa obuhlungu wokuqaphela ukuthi uwedwa [kuyilapho] isithukuthezi sigcizelela isifiso esibuhlungu sokuba nomngane,” okungukuthi, isimo sokudabuka, usizi, noma umunyu lapho inhliziyo yomuntu isuke idinga ukududuzwa umngane oqotho nonothando ukuze iphinde yesase. Ekugcineni, ukuzihlukanisa kuchazwa njengesimo “ngokuvamile esihlanganisa umuzwa wokuba nesizungu nomzwangedwa . . . Nokho, kuvame ukugcizelela ukuzihlukanisa wena kwabanye.”

Ukuba nesizungu kuwumzwelo onamandla, futhi ungaba buhlungu impela. Kuwumuzwa wokuzizwa ungelutho. Uzizwa uwedwa, uhlukanisiwe nabanye abantu. Singaba buthaka ngokomzwelo futhi sizizwe sesaba. Wake wazizwa ngale ndlela? Sibangelwa yini isizungu?

Izinkinga, izimo, namanangananga okuphila kunemiphumela ehlukahlukene kubantu. Mhlawumbe uzizwa ungamukeleki kontanga ngenxa yokubukeka kwakho, uhlanga noma inkolo yakho. Ukushintsha indawo—njengokuya esikoleni esisha, ukuqala umsebenzi omusha, noma ukuthuthela kwenye indawo, idolobha noma izwe—kungakwenza uzizwe unesizungu ngoba kudingeka ushiye abangane bakho abadala. Ukushonelwa umzali noma umngane womshado kungashiya umuntu enesizungu, mhlawumbe iminyaka eminingi. Kanti futhi, njengoba sikhula, iqembu labangane ebesinabo nabantu ebesijwayelene nabo lingashintsha, linciphe, noma liphele.

Ukushada akuqinisekisi njalo ukuthi uyokhululeka enkingeni yesizungu. Ukungezwani noma ukungafanelani kungase kuholele ekucindezelekeni okungabangela umuzwa wokungaqiniseki futhi mhlawumbe kubangele ngisho nabangane bomshado noma izingane bazizwe bebodwa. Kodwa ngaphandle kwesizungu esibangelwa ukufa kothandekayo, isehlukaniso, ukuzihlukanisa ngokoqobo noma ngokomzwelo, kunolunye uhlobo lwesizungu olungasithinta ngokujule kakhulu. Lesi simo siba khona lapho ubuhlobo bethu noNkulunkulu buba buthaka futhi sizizwa sihlukanisiwe naye.

Wake waba kwesinye salezi zimo eziphawulwe ngenhla? Kungenzeka yini ukunqoba isizungu?

[Isithombe ekhasini 4]

Izinguquko ekuphileni, kungaba ukuya esikoleni esisha noma ukushonelwa umngane womshado, zingabangela isizungu

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela