Usuku Ekuphileni Kovemvane
UMA isimiso sakho sansuku zonke sibonakala sicindezela futhi sinzima, ake ucabange ngovemvane oluzikhandlayo. Ekuqaleni ungase ucabange ukuthi isimiso somsebenzi wovemvane sifana neholide lasephusheni. Njengoba lumpampa lusuka embalini luya kwenye, lumunca umpe lapha nalaphaya, luzithamelela ilanga ngokuzithandela, uvemvane lubonakala luyisibonelo sangempela sendlela yokuphila engenazinkathazo.
Kodwa ezweni lezinambuzane, izinto azinjengoba zibonakala zinjalo ngaso sonke isikhathi. Izivemvane ziyizidalwa ezimatasa ezifeza inkonzo ebalulekile kuyilapho zihlala ziphuthuma njengokungathi zishiywa yisikhathi. Ake sihambisane novemvane osukwini oluvamile lomsebenzi.
Ukudla Kwasekuseni Ekukhanyeni Kwelanga
Ingabe uzizwa udiyazela lapho uvuka? Umzwangedwa wasekuseni uvamile phakathi kwezivemvane. Ngezinye izikhathi ekuseni azikwazi ngisho nokunyakaza—ngokoqobo. Inkinga yazo izinga lokushisa komzimba, eliguquguquka ngokuvumelana nendawo ezungezile. Ngemva kokuchitha ubusuku obubandayo zihleli ecembeni, igazi lazo libanda kangangokuthi azikwazi nokunyakaza, ingasaphathwa eyokundiza. Ngakho kumelwe zilinde ilanga.
Lapho ilanga liphuma, uvemvane luvula izimpiko zalo futhi luzibhekise emisebeni yalo efudumezayo. Lezimpiko ezivuliwe, ezisebenza njengamandla amukela imisebe yelanga, ngokushesha zibamba ukushisa okudingekayo, bese uvemvane luyandiza. Kodwa kuthiwani uma liguqubele? Ezindaweni ezipholile, izivemvane kumelwe zihlale—zinganyakazi egatsheni noma embalini efanele—kuze kushise ilanga. Lokhu akubona ubuvila. Kudingekile ngempela.
Uma usuku lungashisi kakhulu, uvemvane luphumula ngokuphindaphindiwe ukuze luthole ukwelapheka okwengeziwe ekushiseni kwelanga. Njengemoto egcwalisa uphethiloli egalaji, ludinga ukugcwalisa amandla alo oluwathola elangeni. Ezindaweni ezishisayo uvemvane lungase ludinge ukuqala ngokuthamela ilanga ekuseni noma ngemva kokuna kwemvula. Ngokuvamile, lapho isimo sezulu siphole khona ngokwengeziwe, kulapho luchitha khona isikhathi esengeziwe luthamele ilanga. Lapho nje amandla alo esevuselelwe, luyaqhubeka nomsebenzi walo.
‘Uthando Ngephunga Lokuqala’
Umsebenzi ophuthuma kunayo yonke ukuthola umngane. Njengoba ziphila amasonto ambalwa, kumelwe zisheshe. Futhi ukuthola umngane ezweni lezinambuzane akuwona umsebenzi olula—kudinga ukubekezela nokuphikelela okukhulu.
“Ukuthandana zibekwa nje” akwaziwa phakathi kwezivemvane. Zaziwa ngokungaboni kude, futhi ezikhathini eziningi zivame ukudidanisa ezinye izinhlobo ezihlukile kwezazo. Lokhu kuholela ekuzingeleni okuningi okungenamvuzo okuphela lapho isesheli sovemvane ekugcineni siqaphela ukuthi amehlo aso aphambekile.
Okwenza ukuphila kube nzima ngisho nangokwengeziwe, ngokuvamile olwesifazane alwamukelani kalula. Olwesilisa olushisekayo lundiza ngokuphikelela luzungeza olwesifazane, ngendlela yohlobo oluthile lomdanso wasemoyeni osheshayo, ngethemba lokuthi ekugcineni luzothamba. Kodwa ngokuvamile lemidanso yovemvane ewumbukwane iphela ngokungazelele lapho olwesifazane lundiza luhamba, lushiya olwesilisa oluneshwa ukuba luqhubeke nokufuna kwalo.
Ngokumangalisayo, olwesifazane aluhlatshwa umxhwele kangako imibala emihle yesesheli salo sesilisa. Nakuba uDarwin ngokunganaki acabanga ukuthi imibala emihle yezivemvane inikeza ‘inzuzo ethile yokuziphendukela kwemvelo,’ abukho ubufakazi obuqinisekisa lokho. Kokunye ukuhlola ezesifazane zohlobo lwaseNyakatho Melika lwe-Anartia amathea zakhwelana ngenjabulo enkulu nezesilisa ezimibala yazo ebomvu okugqamile nezimpiko ezimnyama zazipendwe zaba mnyama yonke indawo. Okubonakala kubaluleke kakhulu indlela yolwesilisa yokundiza, ukuphikelela kwalo, futhi ngaphezu kwakho konke, “impuqwana yothando” eyingqayizivele.
Lempuqwana yothando iqukethe i-pheromone eyisici sowesilisa esikhanga ngokunamandla kakhulu. Ingamakha anamandla, aklanyelwe ukuthonya ezesifazane zohlobo lwalo. Phakathi nesikhathi sokuqomisana luzama ukufafazela olwesifazane ‘ngaleliphunga elinamandla.’ Nakuba impuqwana yothando ingesona isiqinisekiso sempumelelo, yenza izimanga lapho ekugcineni olwesifazane oluvumayo lutholakala.
Ukunambitheka Kompe
Wonke amandla achithwa kulokufuna umngane kumelwe avuselelwe. Yingakho izivemvane zithanda umpe. Izimbali zikhangisa ngalokudla okunikeza amandla amakhulu ngokwakheka nemibala ekhangayo. Lapho nje luhlala phezu kwembali, ngobuciko uvemvane lumunca umpe ngomboko omude onjengepayipi, oluwufaka esidukwini sembali.
Lapho sizondla ngompe, lesinambuzane sithwala impova emzimbeni waso onoboya, kanjalo sithuthele lempova embalini elandelayo esiyivakashelayo. Phakathi nosuku oluvamile lomsebenzi, amakhulu ezimbali afakwa impova. Nokho, emahlathini asezindaweni ezishisa ngokubabazekayo, azikho izimbali eziningi. Ziphuzani izivemvane zakulezozindawo ngokuvamile?
Izivemvane zasezindaweni ezishisayo zikuthanda kakhulu ukufobela izithelo ezibolile. Isithelo esivuthwe ngokweqile esiwela phansi sizinikeza umthombo ocebile wamandla kashukela.
Izivemvane zithanda nosawoti. Zingase zitholakale ngokuvamile zimunca umswakama onosawoti ebaleni lenhlabathi emanzi noma ngezinye izikhathi umjuluko esandleni somuntu okhangwa yizo. Uvemvane olunesibindi i-flambeau luye lwabonwa lusula ngisho nezinyembezi ze-caiman.
Nakuba ematasa efuna umngane, efaka impova ezimbalini, futhi ezondla kahle, lomngane wethu onezimpiko kumelwe aqaphele nezitha. Angase abonakale engavikelekile, kodwa unamasu amaningana okugwema ukubanjwa.
Ukugwema Ingozi
Uvemvane olubukisayo oluzimpampela phezu kotshani lungase lubhekwe njengesidlo esihehayo sanoma iyiphi inyoni edla izinambuzane. Kodwa ukundiza kovemvane ngokunganaki, njengesithutha kwenza ukuba ukulubamba kube umsebenzi onzima kakhulu. Izinyoni eziningi ziyadikibala ngemva kokuzama izikhathi ezimbalwa. Ngisho nalapho inyoni ilubamba uvemvane, lesinambuzane singase siphumelele ekubalekeni ngokushiya emuva ingxenye yephiko laso emlonyeni wenyoni.
Ukubona kungesinye isivikelo. Nakuba izivemvane zingase zingaboni kude, amehlo azo amakhulu aphumelela kakhulu ekuthungatheni ukunyakaza. Zingabaleka uma kusondela noma iyiphi ingozi, njengoba noma ubani oke wazama ukuthatha uvemvane isithombe ekwazi kahle lokho.
Ezinye izivemvane ezingasheshi lapho zindiza zinenye indlela yokuzivikela—ukunambitheka kwazo okungathandeki. Kubangelwa ukudla kwazo izitshalo ezinoshevu lapho zisengamaqhimiza. Lapho isilume uvemvane olunjalo, ngokuvamile inyoni iyohoxa ekwenzeni kanjalo okwesibili. Ngokuvamile lezivemvane ezinambitheka kabi—njenge-monarch—zinombala ogqamile, isixwayiso esibonakalayo ngokusobala esikhumbuza inyoni ukuba ingasondeli.
Ukuphela Kohambo
I-World Book Encyclopedia iphawula ukuthi izivemvane eziningi ziphila amasonto ambalwa, kodwa ezinye izinhlobo zingase ziphile isikhathi esifinyelela ezinyangeni ezingu-18. Ezinye azinyakazi phakathi nezinyanga zasebusika ezibandayo noma phakathi nenkathi yesomiso ende ezindaweni ezishisayo.
Kodwa naphezu kokuphila kwazo okufushane, izivemvane zingafeza imisebenzi emangalisayo. Ekhulwini elidlule izivemvane ze-monarch zawela i-Atlantic ngamanani amakhulu ukuze ziyohlala eCanary Islands, ngasogwini lwase-Afrika. Esinye isihambi esikhulu, i-painted lady, njalo sihamba sisuka eNyakatho Afrika siya enyakatho yeYurophu ngenkathi yasehlobo.
Phakathi nesikhathi sazo sokuphila esifushane, izivemvane ezingakhathali zenza umsebenzi obalulekile zithuthela impova ezimbalini, ezihlahlaneni, nasezihlahleni zezithelo. Futhi ngaphezu kwalokho, ukuba khona kwazo kwenezela ubuhle nenjabulo endaweni yasemaphandleni. Ihlobo belingasoze libe yihlobo ngaphandle kwazo.
[Isithombe ekhasini 16]
Ukuthamela ilanga ekuseni
[Isithombe ekhasini 17]
Ukukhipha umpe embalini
[Isithombe ekhasini 18]
Ukumunca umswakama enhlabathini
[Umthombo]
Courtesy of Buckfast Butterfly Farm