Ingabe Zaklanywa?
Izimpiko Zovemvane
● Imibala emihle ecwebezelayo esezimpikweni zezimvemvane ezithile iyashintshashintsha kuye ngokuthi uyibheka ungakuluphi uhlangothi. Umbala wephiko lohlobo oluthile lovemvane ucacile futhi ugqame kangangokuba ungawubona uqhele ngamamitha angu-805. Yini eyenza izimpiko zovemvane zibe zinhle kanje?
Cabanga ngalokhu: Izimpephelezi ezilandelanayo ezigobekile ezisezimpikweni zovemvane oluluhlaza okotshani okuthiwa i-swallowtail (Papilio blumei) ziveza ukukhanya ngezindlela ezihlukahlukene. Ngokwesibonelo, maphakathi nophephelezi ngalunye olugobekile kuvela ukukhanya okuphuzi ngokuluhlaza okotshani, kanti emaphethelweni alo kuvela ukukhanya okuluhlaza okwesibhakabhaka. Okunye futhi ukuthi, ukukhanya okumaphakathi nalezi zimpephelezi kubonakala ngokuqondile kanti ukukhanya okushaya ezinhlangothini kuqale kudlule emicwini emincane eyelekene eyakha iphiko, ekhulisa amaza okukhanya futhi iwaqoqe noma iwaphenduphendule. Ekugcineni kuphuma umbala othonywa ukwakheka kwephiko (structural color) ngenxa yendlela eyinkimbinkimbi owakheka ngayo.
Kwabathatha iminyaka eyishumi abacwaningi ukwakha umfuziselo owenziwe lula wephiko lovemvane. Banethemba lokuthi lobo buchwepheshe buyoholela ekwakhiweni kwemali engamaphepha namakhadi okuthenga ngesikweleti okungase kube nzima ukwenza afana nawo kanye nama-solar aphumelela kakhudlwana ekuqoqeni amandla elanga. Nokho, kuyinselele ukwenza into efuze iphiko lovemvane. UProfesa u-Ullrich Steiner osebenza eSikhungweni Sesayensi Yezinto Ezincane Kakhulu eNyuvesi yaseCambridge uyabhala: “Naphezu kolwazi lwesayensi olujulile oluphathelene nokubona, imibala ehlukahlukene ngokumangalisayo etholakala endalweni, ivame ukwedlula noma yini esingase siyakhe ngezinto zobuchwepheshe.”
Ucabangani? Ingabe izimpiko zovemvane zaba khona ngengozi, noma ingabe zaklanywa?
[Isithombe ekhasini 24]
Uvemvane i-green swallowtail
[Isithombe ekhasini 24]
Iphiko lovemvane uma ulibuka ngesibonakhulu
[Imithombo Yesithombe ekhasini 24]
Butterfly: Faunia, Madrid; microscopic view: © Eye of Science/Photo Researchers, Inc.