Izwe Elingenazo Izifo
“Umalaleveva unegalelo elinamandla kakhulu ngaphezu kwalokho umuntu ake akucabange,” kusho isazi sesimiso sokuzivikela komzimba ezifweni uDkt. Dan Gordon. “Namanje sisazama ukuthola ikhambi lawo.”
“NAMANJE asiyazi ngokwanele inqubo yokuphila [yegciwane lesifo sofuba],” kusho uBarry Bloom we-Howard Hughes Medical Institute. “Asiyazi ngokugcwele indlela noma yimuphi umlaliso osebenza ngayo. Simane nje asazi ngempela.”
“Eqinisweni ulwazi aluholeli ekuguquleni indlela yokuziphatha,” kububula umkhulumeli othile we-Centers for Disease Control, ephawula ukwehluleka kwemikhankaso ‘yobulili obulondekile’ ekunciphiseni ugcunsula. Njengoba amazwi angenhla ebonisa, ukulwa nomalaleveva, isifo sofuba, nogcunsula kuye kwaba okukhungathekisayo. Ingabe isikhathi esizayo siyoletha amakhambi angcono alezifo?
Mhlawumbe. Kodwa nakuba umuntu engase azinqobe izifo ezithile futhi enze ezinye kube lula ukuphila nazo, kunesizathu esiyinhloko esibangela ukuba angakwazi ukunqoba ngokuphelele kulempi yokulwa nezifo.
Umsuka Wezifo
Ukulwa nezifo kungaphezu nje kwempi yokulwa namagciwane. IBhayibheli lichaza ukuthi izifo ziwumphumela wesono esazuzwa njengefa kubaba wethu wokuqala ongumuntu. (Roma 5:12) Isono asizange silimaze ubuhlobo bomuntu noMdali wakhe nje kuphela kodwa futhi saholela ekuwohlokeni kwakhe ngokwengqondo, ngokomzwelo, nangokomzimba. Ngakho, esikhundleni sokuba baqhubeke bephelele emhlabeni oyipharadesi, abantu baba abangaphelele futhi bawohloka baze baficwa ukufa.—Genesise 3:17-19.
Ngisho noma angaba nemithi engcono kakhulu, umuntu ngeke asihlehlise isimo sakhe sesono noma imiphumela yaso. Lenkinga ishiya uhlanga lwesintu ‘lungaphansi kobuze [“lulinganiselwe kakhulu,” Phillips].’ (Roma 8:20) Futhi lokhu kuyiqiniso ngokuphathelene nokunqoba izifo. Inqubekela phambili yokusindisa ukuphila emkhakheni wezokwelapha ngokuvamile idanjiswa ukuwohloka komphakathi okusongela ukuphila.
“Sizithola sisenkingeni,” kubhala uJerold M. Lowenstein kumagazini i-Discover. “Lapho siphumelela kakhulu ekulweni nezifo nasekwandiseni ukuphila komuntu, kuba yilapho kuvela khona kakhulu ithuba lokusheshisa ukuziqothula kwethu siqu” ngenxa yabantu abaningi ngokweqile nokonakaliswa kwendawo ezungezile.
Ikhambi Langempela
Ikhambi langempela lezifo alikho kumuntu kodwa likuMdali. Yingakho umhubi amemezela: “Ningethembi ezikhulwini nasendodaneni yomuntu okungekho kuyo ukusiza.” IBhayibheli liqhubeka lithi: “Ubusisiwe yena . . . othemba lakhe likuJehova uNkulunkulu wakhe owenzile izulu nomhlaba.” (IHubo 146:3, 5, 6) UNkulunkulu kuphela onamandla okusiphula ukugula emsukeni wako. Futhi ngokweBhayibheli, uhlose ukwenza kanjalo. Lesosikhathi siyasondela.
UJesu Kristu wabikezela ukuthi ‘ubici’ lwaluyoba obunye bobufakazi obuningi bokuthi siphila esiphelweni salesimiso sezinto samanje futhi ngaphambi nje kokufika kwezwe elisha. Futhi wabikezela nokwanda kwazo uqobo izimo ezandisa izifo, njengempi, indlala, nokungabi namthetho.—Luka 21:11; Mathewu 24:3, 7, 12; 2 Thimothewu 3:1-5, 13.
Lapho esemhlabeni, uJesu waphilisa ngokuyisimangaliso abantu ababegula, ngaleyondlela kuqala ukugcwaliseka kwalesisiprofetho: “Yazithwala izifo zethu, yabetshatha ubuhlungu bethu.” (Isaya 53:4; Mathewu 8:17) Kanjalo wabonisa ngokwezinga elincane lokho uNkulunkulu ahlose ukukufeza ngokushesha ngokwezinga lomhlaba wonke. IBhayibheli lithi ngokuphathelene noJesu: “Kwase kusondela kuye izixuku eziningi zinezinyonga, nezimpumputhe, nezimungulu, nezilima, nabanye abaningi, zababeka ngasezinyaweni zakhe; wabaphulukisa, baze bamangala abantu bebona izimungulu zikhuluma, izilima zisindile, izinyonga zihamba, izimpumputhe zibona.”—Mathewu 15:30, 31.
Abantu ababona lezozimangaliso badumisa uNkulunkulu ngoba baqonda ukuthi kwakunguye owayenikezé uJesu amandla okwenza lezozimangaliso. Amandla uJesu ayewasebenzisa kwakungamandla afanayo nalawo asetshenziswa ekudaleni indawo yethu yonke eyesabekayo. Kwakungumoya ongcwele kaNkulunkulu, amandla akhe ayisiphekupheku.—Genesise 1:1, 2; IsAmbulo 4:11.
Umprofethi u-Isaya wabhala ngesikhathi lapho “abakhé khona [bengasa]yikusho ukuthi: Ngiyagula.” (Isaya 33:24) Futhi isAmbulo 21:4, 5 siyamemezela: “[UNkulunkulu] azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile. Wayesethi ohlezi esihlalweni sobukhosi: Bheka, ngenza konke kube-kusha.”
IBhayibheli libonisa ukuthi siphila esikhathini senguquko. (1 Johane 2:15-17) Ngokushesha lelizwe, nokugula kwalo, usizi, ubugebengu, ubudlova, nokufa, liyoba yinto yesikhathi esidlule. UNkulunkulu uyolisusa nazo zonke izinhlekelele zalo, evula indlela yezwe elisha lapha emhlabeni, lapho ‘kuyoba khona ukulunga.’ (2 Petru 3:11-13) UJesu wabhekisela kulelozwe elisha elizayo ngokuthi ‘iParadisi,’ njengoba liyofana nensimu yokuqala yase-Edene eyiPharadesi, kodwa-ke ngezinga lomhlaba wonke.—Luka 23:43; Genesise 2:7, 8.
Ngakho amaKristu anethemba, hhayi nje lokwelashwa kwesikhashana, kodwa lokukhululwa unomphela ekungaphelelini, ezifweni, nasekufeni. Abheka phambili ekugcwalisekeni okuphelele kwalesithembiso sikaNkulunkulu: “NginguJehova okuphilisayo.” “Ngiyakususa izifo phakathi kwenu.”—Eksodusi 15:26; 23:25.
[Izithombe ekhasini 9]
UJesu wanikezwa uNkulunkulu amandla okuvusa ababefile nokuphilisa ababegula