Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w82 6/1 kk. 5-8
  • Ukugula—Liyini Ithemba Lokukhululeka?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukugula—Liyini Ithemba Lokukhululeka?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • KUNGANI SIGULA?
  • KHONA-KE, INGABE UKUGULA ISIJEZISO SESONO?
  • KUNGANI ABANTU ABALUNGILE BEGULA?
  • INGABE UNKULUNKULU UNESITHAKAZELO YINI SOKUGCINA ABANTU BAKHE BENEMPILO EPHELELE?
  • UNKULUNKULU WAYIVIKELA KANJANI IMPILO YAMAISRAYELI?
  • INGABE UNKULUNKULU UYASISIZA NAMUHLA UKUBA SIHLALE SINEMPILO?
  • INGABE SIYOKE SIBE NEMPILO EPHELELE NEHLALA NJALO?
  • INGABE UJESU WAYENAWO NGEMPELA AMANDLA OKWELAPHA ABANTU?
  • KUNGANI SISAPHETHWE YIZIFO, NJENGOBA UJESU WASIFELA CISHE IMINYAKA EYIZI-2 000 EDLULE?
  • UKUGULA KUYOSUSWA NINI NGOKUPHELELE?
  • Ngokushesha—Bonke Abantu Bazoba Yimiqemane!
    I-Phaphama!—2001
  • Lapho Ukugula Kungasekho!
    I-Phaphama!—2007
  • Lapho Ilungu Lomkhaya Ligula
    Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya
  • Ngokushesha Ukugula Noma Ukufa Kuzobe Kungasekho!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
w82 6/1 kk. 5-8

Ukugula—Liyini Ithemba Lokukhululeka?

AKUNAKUPHIKWA ukuthi, njengoba behlonyiswe ngolwazi olujulile lwezimbangela zokugula kwabantu, odokotela baye benza intuthuko ephawulekayo ekunqandeni ezinye zezifo. Nokho izinkinga zenhlalo ziye zavimbela abaningi ekujabuleleni izinzuzo zalokho kuthuthuka kwezokwelapha. Ngakho-ke, kuningi okungathuthukiswa.

Nokho, kukhona imbangela eyisisekelo yokugula nokufa engaphezu kwamandla odokotela. Ngenxa yalokhu, abantu ngokwabo ngeke baphumelela kahle ekulwisaneni nezifo. Kodwa uma singaqaphela leyombangela eyisisekelo, kuyosisiza ukuba sibone ukuthi singathemba yini ukukhululeka kulesisitha.

KUNGANI SIGULA?

Isizathu esiyisisekelo sokuba abantu bagule futhi bafe sembulwa isithembiso esiphawulekayo uNkulunkulu asenza kumaIsrayeli asendulo: “Abakhé khona abayikusho ukuthi: Ngiyagula; abantu abahlala khona bayakuthethelwa ububi babo.” (Isaya 33:24) Kulapha lapho ukugula kuhlangene khona no“bubi,” noma isono. Futhi ukukhululeka ekuguleni kuhlobene nokuthethelelwa isono.

KHONA-KE, INGABE UKUGULA ISIJEZISO SESONO?

Ukugula kungase kube umphumela oqondile wesono. IBhayibheli liyasixwayisa: “Lokho akuhlwanyelayo umuntu, lokho wokuvuna.” (Galathiya 6:7) Njengoba sesibonile, labo “abahlwanyela” ukuziphatha okubi, labo ababhemayo, labo abanecala lokudakwa nokuminza ‘bavuna’ izifo eziningi. Yiqiniso ukuthi akuzona zonke izifo ezibangelwa izinto ezinjalo. Nakuba kunjalo, zonke izifo zingalandelelwa ngomkhondo ogcina ‘ebubini,’ noma isono.

KUNGANI ABANTU ABALUNGILE BEGULA?

Kungenxa yokuthi isono esiyimbangela eyimpande yezifo akusona esethu. Senzeka esikhathini eside esidlule, ekuqaleni komlando wesintu. IBhayibheli lisitshela ukuthi uNkulunkulu wenza umuntu wokuqala, uAdamu, ephelele, enempilo, futhi enethemba lokuphila phakade. Ukuqhubeka kwakhe ejabulela konke lokhu kwakuxhomeke ekulaleleni kwakhe uMdali wakhe. UAdamu wakhetha ukuhlubuka futhi ngaleyondlela wazehlukanisa noNkulunkulu, okuye “umthombo wokuphila.” Ngakho-ke, umuntu wokuqala waba ongaphelele, ovulekele ekuguleni, futhi ekugcineni wafa.—Genesise 2:17; 3:1-19; IHubo 36:9.

Kwaziwa kahle kakhulu ukuthi izifo ezithile zingazuzwa ngefa. Ngokufanayo, isono, ukungapheleli nokufa kuzuzwe njengefa. “Ngakho-ke njengalokho isono sangena ezweni ngamuntu munye, nangesono kwangena ukufa, ngokunjalo ukufa kwafikela abantu bonke, lokhu bonke bonile.” (Roma 5:12) Ifa uAdamu alinikeza abantabakhe laliwukuphila okungaphelele okuvulekele ekuguleni nasekufeni. Yileso isizathu esiyisisekelo sokuba kube khona izifo namuhla.

INGABE UNKULUNKULU UNESITHAKAZELO YINI SOKUGCINA ABANTU BAKHE BENEMPILO EPHELELE?

Unaso ngempela! Ngokwesibonelo, watshela amaIsrayeli: “UJehova uyakususa kuwe zonke izifo.”—Duteronomi 7:15.

UNKULUNKULU WAYIVIKELA KANJANI IMPILO YAMAISRAYELI?

Wawanikeza uhlu lwemithetho eyayihlanganisa amalungiselelo okuvikela impilo yawo. Ngokuphathelene nalemithetho, omunye udokotela wathi: “Abacwaningi bezokwelapha abanolwazi olunzulu manje abenza umsebenzi ongcono kakhulu bafinyelela esiphethweni sokuthi iBhayibheli incwadi engokwesayensi eshaya emhloleni . . . Amaqiniso okuphila, ukuxilongwa kwesifo, ukwelashwa, nemithi yokuvimbela isifo njengoba kunikezwe eBhayibheli kuthuthuke kakhulu futhi kunokwethenjelwa kangcono kunemiqondo kaHippocrates.” UHippocrates, ngezinye izikhathi obizwa ngokuthi “ubaba wezokwelapha zesimanje,” waphila eminyakeni engaba yi-1 000 ngemva kokuba uNkulunkulu enikeze amaIsrayeli uMthetho.

INGABE UNKULUNKULU UYASISIZA NAMUHLA UKUBA SIHLALE SINEMPILO?

Yebo, iBhayibheli liqukethe imiyalo ngathi namuhla esiza ekuvikeleni impilo yethu uma siyilalela. Ubudakwa, ukuminza, ubungqingili, ukuphinga nokuhlobonga, okuyizinto eziholela ezinkingeni eziningi ezingokomzwelo ngokufanayo nogula emzimbeni, ngokukhanyayo kwenqatshelwe eBhayibhelini. (IzAga 23:20, 21, 29-35; 1 Korinte 6:9-11) Ngokufanayo, uma ‘sizihlambulula ekungcoleni konke kwenyama nokomoya,’ siyogwema izifo ezibangelwa ukubhema, ukusebenzisa kabi imilaliso nokuhlafuna i“betel nut.” (2 Korinte 7:1) Ngisho nokugeza ngaso sonke isikhathi kuvikela impilo yethu.

Ngokwenezelwe, siyatshelwa: “Inhliziyo eyenamileyo iyikhambi elihle, kepha umoya owaphukileyo uyomisa amathambo.” (IzAga 17:22) Namuhla, indima ukukhungatheka, ukucindezeleka, isizungu neminye imizwelo okuyifezayo ezifweni iyaqapheleka. Omunye udokotela wathi cishe ama-90% azo zonke iziguli eziza emtholampilo wakhe ziphethwe ukucindezeleka okungokomzwelo. IBhayibheli libonisa ukubaluleka kwe“nhliziyo eyenamileyo” futhi lisinikeza usizo olungokoqobo ngokuphathelene nendlela yokugcina izinhliziyo zethu zijabule.

Uma silandela lezimiso zeBhayibheli nezinye ezifanayo, siyovikeleka ekuguleni okuningi okukhathaza abantu namuhla.

INGABE SIYOKE SIBE NEMPILO EPHELELE NEHLALA NJALO?

Yebo, siyoba nayo, uma senza lokho uAdamu ahluleka ukukwenza—ukwethembela ngokuphelele kuNkulunkulu nokumlalela. Inkululeko yethu ephelele ekuguleni ifezwa ngoJesu Kristu. UJesu wazalwa ngendlela evelele, ukuphila kwakhe kwadluliswa kusuka esimweni sakhe esikhazimulayo ezulwini ngamandla kaNkulunkulu uMninimandla onke kwayiswa engqamuzaneni yeqanda esizalweni sencasakazi. Ngakho-ke, njengoba ayengenaye uyise ongumuntu, akazange azuze ukuphila okungaphelele uAdamu akunikeza thina sonke njengefa.

UJesu wayephelele. Ngesenzo sothando olukhulu, wanikela ukuphila okuphelele ngenxa yethu, ukuze sikwazi ukubuyela kulokho kuphelela okwalahlwa uAdamu. Lapho inani lomhlatshelo wakhe lisetshenziswa ngokugcwele esintwini, ukugula, ukufa nazo zonke izinkinga ezilethwe kithina ukungapheleli, kuyosuswa.—Mathewu 1:18-23; 20:28; Heberu 7:26.

Ngalendlela, isiprofetho ngoJesu siyogcwaliseka: “Yachotshozwa ngobubi bethu . . . nangemivimbo yayo siphilisiwe thina.”—Isaya 53:5; 1 Petru 2:24.

INGABE UJESU WAYENAWO NGEMPELA AMANDLA OKWELAPHA ABANTU?

Yebo, phambi kofakazi abaningana uJesu welapha “izifo zonke nokugula konke.” (Mathewu 9:35) Waze ngisho wavusa nabafile. (Johane 11:43, 44) UJesu wafeza lokhu hhayi ngokufunda isayensi yezokwelapha kodwa ngamandla omoya kaNkulunkulu. Ngaleyondlela kwabonakaliswa ukuthi ngolunye usuku konke ukugula futhi ngisho nokufa, kungase kususwe futhi kuyosuswa. Yebo, ukwelapha okwenziwa uJesu ngalesosikhathi kwakungokwesikhashana. Abalashwa babengagula futhi, futhi abavuswa babuye bafa.

KUNGANI SISAPHETHWE YIZIFO, NJENGOBA UJESU WASIFELA CISHE IMINYAKA EYIZI-2 000 EDLULE?

Impendulo iwukuthi ukususwa kokugula kuhlangene nezinye izinjongo zikaNkulunkulu—njengeyokuxazululwa kwempikiswano yobukhosi, ukususwa kukaSathane uDeveli, ukwahlulelwa kwesintu, ukusindiswa kwalabo abatholakala bethembekile nokulungiselela lelizwe uhulumeni owanelisayo. Zonke lezinjongo ziyofezwa ngombuso kaNkulunkulu ngoKristu. (Mathewu 6:10) Izinjongo ezinjalo ezinhle zidinga isikhathi ukuze zilungiselelwe.—2 Petru 3:5-13.

UKUGULA KUYOSUSWA NINI NGOKUPHELELE?

Siyazi ukuthi ngeke kube yisikhathi eside! UJesu wanikeza abalandeli bakhe “isibonakaliso” esiningilizwe kakhulu ukuze bakwazi ukubona isikhathi lapho eseqalile ukubusa njengenkosi ezulwini—isenzakalo esiholela ekugcwalisekeni kwezinye izinjongo zikaNkulunkulu. Leso“sibonakaliso” sahlanganisa izimpi zezwe, ukwesaba okukhulu ngesikhathi esizayo, indlala esakazekile, ubhici lwezifo nezehlakalo ezifanayo esizibona zenzeka namuhla. Kungani ungafundi amazwi kaJesu, nokwaziswa okwengeziwe okwenezelwa umphostoli uPawulu? Ake ubone ukuthi awuvumi yini ukuthi siphila esikhathini uJesu abhekisela kuso.—Bheka uMathewu, isahluko 24, uMarku, isahluko 13, uLuka isahluko 21, nowesi-2 Thimothewu 3:1-5.

Manje isikhathi ngombuso kaNkulunkulu ukuba ungenele ezindabeni zabantu. (Mathewu 24:14; 25:31-46; Daniyeli 2:44) Uma sifunda ngalokho okuyintando kaNkulunkulu ngathi futhi sikwenze, singaphila size sibone ukugcwaliseka kwezinye zezithembiso ezinhle kakhulu eBhayibhelini. Izimo ezinjengalezo uNkulunkulu azithembisa amaIsrayeli ziyobonwa: “Khona amehlo ezimpumputhe ayakuvulwa, zivuleke nezindlebe zezithulu. Khona unyonga luyakutshekula njengendluzele nolimi lwesimungulu luyakuhuba.”—Isaya 35:5, 6.

Abazali ngeke baphinde badabuke ngokugula kwabantwana babo. Futhi ukuthembisa kobusha ngeke kukhungathekiswe; ngeke futhi ukuvuthwa ngeminyaka kwenziwe kube nzima ngenxa yobuthakathaka bomzimba. Kunalokho, kuyoba njengoba umphostoli uJohane abona embonweni: “[UNkulunkulu] azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona.”—IsAmbulo 21:4.

Ingabe lezizinto ziyokwenzeka ngempela? Ziyokwenzeka. UJohane wezwa uJehova ngokwakhe ekuqinisekisa lokhu, ngoba siyafunda; “Wayesethi ohlezi esihlalweni sobukhosi: Bheka, ngenza konke kube-kusha. Wathi: Loba, ngokuba lawamazwi athembekile, aqinisile.” (IsAmbulo 21:5) Kulesosikhathi esisondela ngokushesha, umuntu uyojabulela ukukhululeka ngokuphelele ekuguleni. Ngendlela emangalisayo kuyoba yiqiniso ukuthi ‘owakhe lapho akuyikuthi: Ngiyagula; abantu abahlala khona bayakuthethelelwa ububi babo.’—Isaya 33:24.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela