Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g94 1/22 k. 18-k. 20 isig. 4
  • Ngingagqashula Kanjani Ekuphileni Okumbaxa-mbili?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngingagqashula Kanjani Ekuphileni Okumbaxa-mbili?
  • I-Phaphama!—1994
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuphenduka—Isinyathelo Sokuqala
  • Indlela Yokutshela Abazali Bakho
  • Indlela Yokushintsha Abantu Ozihlanganisa Nabo
  • Basha—Xwayani Ukuphila Ukuphila Okumbaxa-mbili
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Ukuphila Ukuphila Okumbaxa-mbili—Kungani Kungafanele?
    I-Phaphama!—1993
  • Ukuphila Okumbaxa-mbili Ubani Okumelwe Azi?
    I-Phaphama!—1994
  • Ukuphila Okumbaxambili—Ubani Okumelwe Azi?
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1994
g94 1/22 k. 18-k. 20 isig. 4

Intsha Iyabuza . . .

Ngingagqashula Kanjani Ekuphileni Okumbaxa-mbili?

“Ngayishaya indiva yonke into abazali bami ababeyisho,” kuvuma u-Ann.a “Ngangivukela futhi ngaqala ukuqamba amanga kubo. Ngangibatshela ukuthi ngiyothenga, kodwa eqinisweni ngangisuke ngiyobonana nomfana.”

U-ANN wayephila ukuphila okumbaxa-mbili, futhi ngokushesha wayengashayi indiva abazali bakhe kuphela, kodwa futhi nonembeza wakhe oqeqeshwe ngeBhayibheli. Phela, u-Ann wayeba nobuhlobo bobulili ngasese nesoka lakhe. Uyakhumbula: “Ngazama ukumkhipha ngokuphelele uJehova emqondweni wami.” Nakuba kunjalo, ngokushesha waphoqeleka ukuba abhekane naleliqiniso elisangulukisayo lokuthi ‘lokho abakuhlwanyelayo abantu, lokho bokuvuna.’ (Galathiya 6:7) U-Ann wakhulelwa. “Umntwana wami ngimthanda ngayo yonke inhliziyo yami,” esho, “kodwa akukho muntu okufanele ahlangabezane nalokhu. Hhayi engashadile. Hhayi eyedwa.”

Ingabe ngandlela-thile uye wabanjwa ugibe lokuphila ukuphila okumbaxa-mbili—ufihlela abazali bakho namaKristu okanye nawo lokho oyikho? Mhlawumbe nje umane uzizulela nabanye abangane besikole owaziyo ukuthi ngeke babavumele abazali bakho. Noma mhlawumbe uye wawela ekuziphatheni okubi okungathi sína ngokwengeziwe, njengokubhema, ukusebenzisa kabi utshwala, noma ubulili bangaphambi komshado. Kungakhathaliseki ukuthi yikuphi, njengaku-Ann, ngokuhamba kwesikhathi kuba nemiphumela engathi sína.b

Nakuba kunjalo, enye intsha ayilivumeli nakancane leliqiniso ukuba liyinqande enkambweni yayo yokuvukela. Injengomuntu ozibuka esibukweni futhi ‘akhohlwe masinyane ukuthi unjani.’ (Jakobe 1:23, 24) Sithemba ukuthi wena uhlukile. Mhlawumbe kakade usuqalile ukuzihlolisisa—futhi awukuthandi lokho okubonayo. Ufuna ukushintsha. Uyasibona isidingo sokuba ushintshe. Umbuzo uwukuthi, ushintsha kanjani?

Ukuphenduka—Isinyathelo Sokuqala

Okokuqala, kumelwe wenze isinqumo esiqotho sokushintsha. IzEnzo 3:19, 20 ziyanxusa: “Ngalokhu phendukani, niguquke ukuba kuhlangulwe izono zenu, ukuze kufike izikhathi zokuhlunyelelwa ezivela ebusweni beNkosi.” Nokho, ukuphenduka kungaphezu nje kwekhono lokuhlakanipha. Ukuphenduka kusho “ukuzisola, ukudabuka, noma ukuba namahloni, ngalokho umuntu akwenzile.” Umlobi weBhayibheli uJakobe wanxusa: “Yibani-lusizi, nidabuke, nikhale; ukuhleka kwenu makuphenduke ukudabuka, nokujabula kube-ngukujabha. Zithobeni ebusweni beNkosi.” (Jakobe 4:9, 10) Ungazisola kanjani ngento obulokhu uyijabulela kuze kube manje? Cabanga ngendlela engalungile ngayo. Cabanga ngendlela emzwise ubuhlungu ngayo uNkulunkulu. Cabanga ngezinkinga inkambo yakho efihliwe ekubangele zona nangamanga okuye kwadingeka uwaqambe ukuze uyifihle. Zikhumbuze ukuthi uNkulunkulu uyawenyanya umkhuba wokukhohlisa! (IHubo 5:6) Ukuzindla ngalamaqiniso kungakusiza ukuba wenqabe ukuziphatha okungalungile kokubili ngokwengqondo nangokomzwelo.

Nokho, akwanele nje ukumane uzisole ngalokho okwenzayo. Insizwa okuthiwa uRobert eyahileleka ekusebenziseni kabi izidakamizwa ngasese, iyavuma: “Ngangilusizi. Ngangikwazi okulungile nokungalungile. Nakuba kunjalo, ngaqhubeka ngiphila ukuphila okumbaxa-mbili.” Ngakho kudingeka isibindi! Kweyesi-2 IziKronike 7:14, uNkulunkulu wathi uma izoni ‘zazingazithoba, zikhuleke, zifune ubuso bakhe, ziphenduke ezindleleni zazo ezimbi, yena ngokwakhe wayeyokuzwa ezulwini, athethelele isono sazo.’

‘Ukufuna ubuso bukaNkulunkulu’ kusho ukuya kuye ngomkhuleko, uvume iphutha lakho, futhi ucele ukuthethelelwa. Kungase kungabi lula ukwenza lokhu, kodwa ngokungangabazeki uyozizwa ukhululeke kakhulu ngenxa yokwenza kanjalo. Umhubi wathi: “Kwathi ngithule, amathambo ami aguga ngokububula kwami usuku lonke. Ngokuba imini nobusuku isandla sakho sasinzima phezu kwami. . . . Ngasivuma isono sami kuwe, angisifihlanga isiphambeko sami.”—IHubo 32:3-5.

Indlela Yokutshela Abazali Bakho

Othile kudingeka azi ngezinkinga zakho. Kodwa ngubani? Othile owevé eshumini nambili ogama lakhe linguBrian uyavuma: “Elinye lamaphutha ami amakhulu kunawo wonke kwakungukuyotshela abangane bami izinkinga zami esikhundleni sokuyotshela umama wami ongumKristu. Kodwa ngangesaba ukuxoxa naye ngenxa yendlela engangicabanga ukuthi uyosabela ngayo, ngakho ngaphendukela kubangane bami, abamane nje bangiqhelisela kude kakhulu neqiniso.” Ungalenzi iphutha elifanayo. Thululela isifuba sakho kubazali bakho abesaba uNkulunkulu. (Qhathanisa nezAga 23:26.) Banelungelo lokukwazi lokho obukwenza. Isahluko 2 sencwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo sinokusikisela okuningi ngokuphathelene nendlela ongabatshela ngayo abazali bakho lendaba.c

Awunakulindela ukuba bajabule ngokuqamba kwakho amanga kubo. Kodwa ngokungaguquguquki abazali banothando olujulile ngabantwana babo. Umbhali uClayton Barbeau uyaphawula: “Ngeke bakudele ngenxa nje yokuthi uye wenza iphutha elithile noma wangena enkathazweni ethile. Abantwana baye bakhulelwa, bathola isifo esithathelwana ngobulili, baba nenkinga yotshwala noma yezidakamizwa noma bangena kwenye inkathazo futhi bacabanga ukuthi abazali babo bayosabela ngokuhlasimulisayo nangokubaduba, bashiye indlu, bashaye bachithe. Kodwa lapho sebebatshelile, baye bathola ukuthi abazali babo bayabanga noma babagaxe, futhi babatshele, ‘Ngokusobala usenkathazweni ngempela, futhi nje kuyodingeka sibone ukuthi yini esingayenza ukuze sikutakulule kuyo.’” Yebo, lapho ukushaqeka nokuthukuthela kokuqala kudamba, abazali abaningi bayazama ukusekela. Yeka indlela lokhu okuyiqiniso ngokwengeziwe ngayo lapho abazali bengabesaba uNkulunkulu! Abakukhathalela ngokuyinhloko akufanele kube ukukuthela ngehlazo noma ukukuzwisa ubuhlungu, kodwa kufanele kube ukulungisa izinto. (Qhathanisa no-Isaya 1:18.) Kulokhu bangase futhi bakuhlelele ukuba uxoxe nabadala bebandla.—Jakobe 5:14, 15.

Yiqiniso, kuyoba nokujeziswa okuthile okufanelekayo okuvela kubazali bakho okuyodingeka ukubekezelele futhi mhlawumbe nemingcele ethile eqinaqinile. Kodwa lokhu eqinisweni kungakusiza ukuba ugweme ukuphindela ezindleleni zakho zakuqala. Ngaphandle kwalokho, ukuxoxa izinto nabazali bakho nokubona ukukhathalela kwabo okunothando kungase kuyishintshe kakhulu indlela obabheka ngayo. Kuze kube manje, kungenzeka ukuthi uyidelelile imithetho nemingcele yabo. Enye intombazane egama layo linguPaulette iyavuma: “Kunzima ukwamukela izeluleko neziqondiso esizinikezwa abazali bethu. Kodwa sengiye ngaqaphela ukuthi zingokwenzuzo yethu siqu nenjabulo ehlala njalo.”

Indlela Yokushintsha Abantu Ozihlanganisa Nabo

Akuvamile ukuba omusha aphishekele ukuphila okumbaxa-mbili eyedwa. Kungenzeka ukuthi iqembu lontanga belikukhuthaza kulokhu kuvukela kwakho! Ukuze ugweme ukubuyela ekuphileni kwangasese, kuyodingeka ushintshe abantu ozihlanganisa nabo. Umhubi wathi: “Angihlali nabantu bamanga, angihambelani nezimbulu.” (IHubo 26:4) Ukuzehlukanisa nabangane bakudala akulula. Kungase kudingeke ukhuleke njengomhubi: “Ngikhulule kumuntu wenkohliso nongenakulunga.” (IHubo 43:1) Yenza ngokuvumelana nalomkhuleko ngokutshela abangane bakho bakuqala ukuthi usushintshile futhi usuzimisele ukwenza okulungile. Kunokuba ube umfundi kaJesu wangasese, tshela abanye ngokholo lwakho. (Qhathanisa noJohane 19:38.) Ngokuvamile, abangane ababi ngokushesha bayofuna abanye abangane.

Ngokulandelayo, kudingeka uthole abangane abakhayo esikhundleni sabangane ababi. Ingabe intsha eyesaba uNkulunkulu ayitholakali? Khona-ke cabanga ngomprofethi uJeremiya, owathi: “Angihlalanga emhlanganweni wabahlekayo, angithokozanga; ngahlala ngedwa ngenxa yesandla sakho.” (Jeremiya 15:17) Kuyoba ngcono ukuba uhlale wedwa kunokuba uhileleke nentsha eyokwenza ube buthakathaka ngokomoya. Nokho, ngokuvamile abangane beqiniso bangatholakala uma wenza umzamo. Ngokwesibonelo, uTammy waqala ukuzihlanganisa nomzala wakhe owayengumshumayeli wesikhathi esigcwele. “Saba amathe nolimi,” kukhumbula uTammy. “Ngezinsuku engangingayi ngazo esikoleni, ngangihamba naye emsebenzini wokushumayela. Lokhu kwangisiza ukuba ngenze izinguquko ekuphileni kwami.”

Kodwa “isivikelo esihle kakhulu,” kusho omunye omusha waseJalimane, “unembeza omuhle, otholakala ngokuba nobuhlobo obuseduze noJehova uNkulunkulu.” Enye intombazanyana eyawela ekuphileni ukuphila okumbaxa-mbili iyavuma: “Angizange ngilokothe ngenze ubuhlobo obuseduze noBaba wami, uJehova.” Ngomkhuleko nangesifundo somuntu siqu, yaqala ukushintsha izinto. “Manje nginobuhlobo noJehova okungekho muntu ongabuthatha,” isho ngokuzigqaja. Nawe futhi ungajabulela ubuhlobo obuseduze kanjalo noNkulunkulu. Uyokuqondisa futhi akusekele, ngisho nalapho ukuthola kunzima ukushintsha izindlela zakho zakuqala. IHubo 37:24 lenceku ethembekile kaNkulunkulu lithi: “Noma ekhubeka, akayikuwa phansi, ngokuba uJehova uphasa isandla sakhe.” Yebo, ngosizo lukaJehova, ungagqashula ekuphileni ukuphila okumbaxa-mbili.

[Imibhalo yaphansi]

a Amanye amagama ashintshiwe.

b Bheka izihloko ezithi “Intsha Iyabuza . . .” ezivela kumagazini wethu ka-December 22, 1993, noka-January 8, 1994.

c Eyanyatheliswa i-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 19]

“Ngazama ukumkhipha ngokuphelele uJehova emqondweni wami”

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 19]

Kumelwe wenze isinqumo esiqotho sokushintsha

[Isithombe ekhasini 20]

Chazela abangane bakho bakuqala ukuthi usushintshile futhi ngeke usahlanganyela nabo ekwenzeni okubi

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela