Intsha Iyabuza . . .
Ukuphila Okumbaxa-mbili Ubani Okumelwe Azi?
“UMama noBaba babelokhu bengiyisa emihlanganweni yobuKristu, futhi ngangikwazi ukuhlukanisa okulungile nokungalungile,” kuvuma uRobert. “Kodwa ngangifuna ukuthandwa futhi ngamukelwe ezinye izingane esikoleni. Ngakho ukuze ngizibandakanye futhi ngithandwe, ngaqala ukubhema lapho ngisebangeni lesine. Lapho ngisebangeni lesihlanu, ngaqala ukusebenzisa i-LSD nokubhema insangu. Lapho ngisebangeni lesithupha, ngaqala ukuzijova ngesidakamizwa esibizwa ngokuthi i-speed. Ngakhohlisa wonke umuntu—kodwa ngangidabukisa.”
INTSHA eningi namuhla—kuhlanganise nenye ekhuliswe abazali abangamaKristu—iphila ukuphila okumbaxa-mbili. Akukhona ukuthi yonke iyaye isebenzise izidakamizwa, njengoba kwenza uRobert. Kodwa abazali bayo bengazi, enye intsha iyaphola ngasese, iyaphuza, igqoka izingubo eziwubudlabha, ilalela umculo ongalawuliwe, iya emibuthanweni yokuzilibazisa exokozelayo, futhi ihileleka kwezinye izinto eziyinqwaba ezingavunyelwe noma ezenqatshelwe abazali bayo. Ingabe wena ngokwakho ulandela indlela yokuphila enjalo?
Uma kunjalo, cishe uyazi ukuthi lokho okwenzayo akulungile. NjengoRobert, ungase uhlushwe ngisho nayiminjunju kanembeza onecala. (Roma 2:15) Nakuba kunjalo, umcabango wokwembula amaphutha akho kubazali bakho awujabulisi. Futhi lapho ucabangela imiphumela engase ilandele, umcabango wokuthi ‘Lokho abazali bami abangakwazi ngeke kubalimaze’ ungase ubonakale unengqondo. Kodwa kungakulimaza.
Ukucabanga Okuyiphutha
Ngokwesibonelo, ungase ube nomuzwa wokuthi unezizathu ezifanele zokukhononda ngendlela abazali bakho abenza ngayo izinto. Mhlawumbe unazo. Kodwa ngisho noma ngezinye izikhathi beba nesandla esiqine ngokungenangqondo, bengaxoxi, noma bengalandeli imithetho, ingabe lokho kuthethelela ukungalaleli okuqhubekayo? Akunjalo ngokweZwi likaNkulunkulu, eleluleka kanje: “Lalelani abazali benu ezintweni zonke, ngokuba lokho kuyathandeka eNkosini.” (Kolose 3:20) Futhi kuthiwani uma unesizathu esifanele sokuthukuthelela abazali bakho? Ingabe kunengqondo ukubonakalisa leyontukuthelo ngokwephula ngasese izindinganiso ezivela kuNkulunkulu? Eqinisweni, uyobe wenza njengokungathi ‘uthukuthelele uJehova.’ (IzAga 19:3) Into efanele ongayenza kungaba ukuya kubazali bakho futhi uxoxe nabo ngomoya ophansi nganoma yiziphi izikhalazo onazo.—IzAga 15:22.
Okuyiphutha ngendlela efanayo inkolelo yokuthi ngokuthula dú uvikela abazali bakho ekuphazamisekeni ngokomzwelo. Omunye umfana oneminyaka engu-16 ubudala wathi: “Ngangingakhulumi ngento edumaza [abazali bami].” Nakulokhu, ukucabanga okunjalo okuwubuwula kuwukuzikhohlisa. Njengoba iBhayibheli likubeka, kufana nendaba yomuntu ‘ozithophayo emehlweni akhe ukuze [ukonakala kwakhe] kungafunyanwa, azondeke ngakho.’ (IHubo 36:2) Lapho uyikhathalela ngempela imizwa yabazali bakho, uyakugwema ukungalaleli zisuka nje. Ngaphandle kwalokho, noma yimiphi imizamo yokubagcina bengazi cishe iyoba yize, ngoba ngokungangabazeki abanye kakade sebeyazi ngokuphila kwakho kwangasese.
Akukho Okufihlekile
Ama-Israyeli asendulo akubona lokhu lapho ezama ukubalekela isijeziso ngokufihla ububi bawo. Umprofethi u-Isaya waxwayisa: “Wo kubona abajula ukuba basithezele uJehova isu labo, abamisebenzi yabo isebumnyameni, nabasho ukuthi: Ngubani osibonayo, ngubani osaziyo, na?” (Isaya 29:15) Ama-Israyeli akhohlwa ukuthi uNkulunkulu wayezibona izenzo zawo zokuziphatha kabi. Ngesikhathi esifanele, alandisa ngeziphambeko zawo.
Okufanayo kwenzeka ngamaKristu athile ebandleni lekhulu lokuqala. Zifundele ngokwakho kuzEnzo 5:1-11 ukulandisa okuphathelene no-Ananiya nomkakhe, uSafira. Lapho kusungulwa isikhwama esikhethekile sokusiza amaKristu ayeswele, u-Ananiya wathengisa insimu futhi ngesibindi wathi wayenikela ngayo yonke inzuzo ayeyithole ngokuyithengisa. Nokho, eqinisweni u-Ananiya ‘wayegodle ingxenye yemali’ ukuze athole inzuzo yakhe siqu. Ingabe uNkulunkulu wakhohliseka ngalokhu kupha kobuzenzisi? Lutho neze. Umphostoli uPetru wathi: “Awuqambanga amanga kubantu kepha kuNkulunkulu.” “Kuthé uAnaniya ezwa lawomazwi, wawa phansi, wafa.” USafira, owayehlanganyele naye kulokhu kukhohlisa, wawa ngokushesha nje ngemva kwalokho. Ngokusobala bobabili bakhohlwa ukuthi uNkulunkulu “uyazazi izimfihlakalo zenhliziyo.”—IHubo 44:21.
Ngokufanayo namuhla, ngisho noma ukufihla ngokuphumelelayo ukuziphatha kabi kubazali bakho, ngeke ukufihle emehlweni abukhali kaJehova uNkulunkulu. EyamaHeberu 4:13 ithi: “Akukho-nto edaliweyo engabonakali phambi kwakhe, kepha konke kwambuliwe kusobala emehlweni akhe esiyakuzilanda kuye.” Ingabe ngokunokwenzeka ubungazizwa wembuleke ukwedlula lokho? Futhi ngokuhamba kwesikhathi izono zakho ezifihlekile ziyokwembuleka nakwabanye. IzAga 20:11 zithi: “Naye umntwana uyaziwa ngezenzo zakhe, uma isenzo sakhe sihlanzekile, noma siqotho.” Esinye isaga sithi: “Ofihla iziphambeko zakhe akayikuphumelela.”—IzAga 28:13.
Owesifazane omusha ogama lakhe linguTammy wakufunda lokhu lapho esemusha. Nakuba akhuliswa abazali abangamaKristu, waqala ukubhema, ukuphuza, nokuphola nabangakholwa. UTammy wazama kanzima ukugcina ububi bakhe buyimfihlo, kodwa uyakhumbula: “Abazali bami baphawula izinguquko kimi. Ngaba ovukelayo futhi ngaqala ukuba nesimo sengqondo somoya wokuzibusa. Lapho umuntu ephila ukuphila okumbaxa-mbili, nakanjani kuyabonakala ngokushesha noma kamuva. Kimi, kwabonakala ngokushesha. Ubaba wangibamba nginesoka lami esikoleni esithile esiseduze.”
Indlela Azizwa Ngayo UJehova
Ngakho-ke, lokho abazali bakho abangakwazi kungabalimaza—futhi mhlawumbe—kuyobalimaza esikhathini esizayo. Okubaluleke ngisho nakakhulu, ingabe wake wazibuza, ‘Ingabe uzizwa kanjani uJehova ngalabo abakhohlisayo?’ IHubo 5:5, 6 liyaphendula: ‘UJehova uyabazonda bonke abenza okubi. Uyobabhubhisa abakhuluma amanga; uJehova uyamenyanya umuntu wenkohliso.’ Ungazikhohlisi ngokucabanga ukuthi ungabuyisana noNkulunkulu ngokumane wembathe ukuzinikela kobuzenzisi lapho uya emihlanganweni engokwenkolo. Uyazi lapho abantu ‘bemdumisa ngezindebe zomlomo, kepha inhliziyo yabo ikude naye.’—Marku 7:6.
Omusha ogama lakhe linguRicardo, owahileleka ekuziphatheni okungcolile kobulili, wavuma ngalendlela: “Umuntu uba nomuzwa obuhlungu lapho azi ukuthi uye wadabukisa uJehova.” Kodwa ingabe kungenzeka ngempela ukudabukisa uJehova—okungukuthi, ukumenza azizwe kabi? Ngempela kungenzeka! Lapho isizwe sasendulo sakwa-Israyeli sishiya uMthetho kaNkulunkulu, ‘samdabukisa oNgcwele kaIsrayeli.’ (IHubo 78:41) Yeka indlela okumelwe ukuba uzizwa kabuhlungu ngayo namuhla lapho intsha ekhuliswe “ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi” yenza izinto ezingalungile ngasese!—Efesu 6:4.
Kuyabalimaza Abazali
Khona-ke, qaphela ukuthi ayikho impunga yehlathi. Unesibopho sokuba ukhulume iqiniso kuNkulunkulu nakubazali bakho, nakuwe uqobo bese uvuma lokho obekwenzeka ngasese. Kuyavunywa, lokhu kungase kuphumele ekudumazekeni futhi mhlawumbe nasemiphumeleni ethile edabukisayo. (Heberu 12:10, 11) Uma ubunomkhuba wokuqamba amanga nokukhohlisa, uye wakululaza ukukwethemba kwabazali bakho. Ngakho ungamangali uma bekubekela imingcele eyengeziwe kunangaphambili. UTammy uyakhumbula: “Ngemva kokuba ngibanjwé nginesoka lami, ubaba washaqeka. Manje waqaphela ukuthi ngangingenakwethenjwa. Kwase kumelwe ngibhekwe ngeso elibukhali.” Kodwa uTammy waqaphela ukuthi wayemane nje evuna lokho ayekutshalile.—Galathiya 6:7.
Nawe futhi ungalindela ukuba abazali bakho balimale futhi bathukuthele. Igama nedumela labo kuye kwangcoliswa. (Qhathanisa noGenesise 34:30.) Uma ubaba wakho engomunye woFakazi BakaJehova, kungase kudingeke alahlekelwe nangamanye amalungelo akhe ebandleni. (Thithu 1:5-7) Yebo, kunjengoba izAga 17:25 zisho, osemusha ovukelayo angaba ‘usizi kuyise nokubaba kowamzalayo.’
Umlobi uJoy P. Gage uyichaza ngokunembile indlela abanye abazali abazizwa ngayo lapho umntwana ebavukela. Uthi: “Abanye bakhala buthule. Abanye bakhala ngokuzwakalayo. Abanye bakhala ngasese. Bakhalela sonke isikhathi sabo esidlule. Bakhala ngoba ngokushesha alisekho ikusasa. Bakhalela lokho okungase kube kwenzekile. Bakhalela lokho okuyokwenzeka nakanjani. Bakhaliswa ukuthukuthela. Bakhaliswa ukukhungatheka.” Ngokuqondakalayo, ngeke kube lula ukubhekana nokuba obangele ukudabuka okunjalo kubantu ababili abakuthanda ngaphezu kwanoma ubani emhlabeni. UTammy uthi: “Ngibheka emuva futhi ngifise sengathi ngabe angizange ngibangele ukudumala okukhulu kangaka kubaba nomama.”
Nokho, akubuyelwa emuva kungemgqigqo. Futhi njengoba ngokungangabazeki kuyoba buhlungu futhi kube nzima, unesibopho sokuba uzame ukulungisa izinto. (Qhathanisa no-Isaya 1:18.) Lokhu kusho ukutshela abazali bakho iqiniso, ukuvuma ukuthi balimele futhi bathukuthele, ukwamukela noma yisiphi isijeziso abasinikezayo. Ukukhuluma kwakho iqiniso kungaba isinyathelo sokuqala ekubuyiseleni injabulo ezinhliziyweni zabazali bakho, nasenhliziyweni kaJehova uNkulunkulu, kanye nokuzuza ukwaneliseka okujabulisayo nonembeza omuhle.—IzAga 27:11; 2 Korinte 4:2.
Kodwa ungabatshela kanjani nje abazali bakho? Ungagqashula kanjani ekuphileni ukuphila okumbaxa-mbili? Lemibuzo kuyoxoxwa ngayo kumagazini wethu olandelayo.
[Isithombe ekhasini 19]
Ukukhuluma iqiniso kungaletha ukukhululeka kuwe nakubazali bakho