Ukunqoba Izinselele Zokuphila ENingizimu Asia
NJENGOBA ngangiphaphama kancane ekuqulekeni, ngaqaphela ukuthi umlenze wami wangakwesobunxele wawundikindiki ngokungajwayelekile. Ngaphendula ikhanda. Ukuphila kukaHenry wami othandekayo kwakushabalala. Nokho kwakungesona isikhathi sokuphelelwa yithemba. Kwakumelwe ngilwe—ngilwele ukugcina ubuqotho bami kuNkulunkulu owayesinikeze okuningi kangaka.
Kwakungu-May 17, 1982. Umyeni wami wayengumbonisi ojikelezayo ehambela amabandla oFakazi BakaJehova akhuluma isiTamil eSri Lanka. Sasikhonza ibandla elikude naseColombo, idolobha elikhulu. Njengoba sasigibele ibhayisekili elilodwa, njengoba kwenza abantu abaningi kulelizwe, sathatha uhambo olufushane nje siyovakashela uFakazi othile esikanye naye. Kodwa-ke, esikhaleni nje, kwaqhamuka iloli lasishayisa njengokungathi sishaywa nguphempethwane.
Njengoba odokotela babephelelwa ithemba lokusindisa uHenry, bagxilisa ukunakekela kwabo kimi. Njengoba ngangibuthakathaka, isidingo esiphuthumayo sokubazisa ngokuzimisela kwami ukuhlonipha umthetho kaJehova wokuyeka igazi sagcwala enhliziyweni yami. (IzEnzo 15:28, 29) Kumelwe ngibazise. Ngabuyisa lawomandla amancane enganginawo okukhuluma: “Ngicela isiqeshana sephepha.” Ngazibhala kanzima izinkolelo zami futhi ngalisayina lelophepha. Khona-ke impi yaqala.
Nganikezwa usizo lokuqala. Kwakusobala ukuthi ngangilimele kakhulu. Ngalesisikhathi ngangikhathalela kakhulu ukuba ngizimisele ukwenza njengomKristu weqiniso—lesi kwakungakabi isikhathi sokudabuka.
Benqaba Ukungihlinza Ngaphandle Kokusebenzisa Igazi
Impi ephathelene nokumpontshelwa igazi yaqhubeka izinsuku eziyisishiyagalolunye—ukulwela kwami ukuphila ngokuvumelana nonembeza wami ngokukwenqaba, ukulwela kodokotela ukuba bangenze ngikwamukele. Nakuba babenamakhono, bamane benqaba ukungihlinza ngaphandle kokusebenzisa igazi. Inxeba lalilikhulu futhi lalidinga ukunakekela kwabo okuphuthumayo.
Kodwa angizange ngiyilwe ngedwa lempi. UJehova wayenami ngaso sonke isikhathi. Futhi ubuzalwane babantu bakaJehova babugcwele ukukhathalela okunothando. IColombo yayiqhele ngamakhilomitha angu-400. UDkt. Perrin Jayasekera, ongomunye woFakazi BakaJehova, wahlela ukuba umfowabo ongokwenyama, ongudokotela ohlinzayo lapho, angingenise eSibhedlela Esikhulu saseColombo.
Njengoba lolohambo lwathatha amahora angaba ngu-24, ngihlezi ngemuva evenini emigwaqweni emibi, lolohambo lwabonakala luwuhambo olude kakhulu ekuphileni kwami. Nokho, inhliziyo yami yayigcwele ukumbonga uJehova ngenxa yokukhathalela kwakhe okunothando, njengoba kwakulokhu kunjalo kusukela ngiqala ukufunda iqiniso ezweni engazalelwa kulo, iNdiya. Nokho, manje kwakungekho muntu wakithi eduze kwami. Kodwa yini ngempela eyayingilethe eSri Lanka?
Ngazalwa abazali abangamaRoma Katolika ezweni laseKerala, eNdiya. Sasikhuluma isiMalayalam. IsiNgisi sasisifunda esikoleni. Yeka ukuthi ngijabula kanjani ngokuthi ngalisebenzisa lelothuba ukuze ngisifunde kahle! Leyongxenye yezwe laseNdiya inenani elikhulu labantu abathi bangamaKristu. Isiko lithi ekhulwini lokuqala umphostoli uTomase waletha ubuKristu eKerala. Kungakhathaliseki ukuthi yikuphi, eminyakeni engaphezu kuka-1 400 kamuva, lapho abenzi bamakoloni basePortugal abangamaRoma Katolika ababeholwa uVasco da Gama befika eKerala, bamangala uma bethola abaningi kakade abase bekholelwa kuKristu.
Ukwenza Izinqumo Ezibekela Inselele
Lapho umkhaya wakithi uqala ukufunda eBhayibhelini amaqiniso akhanyiselayo ngosizo loFakazi BakaJehova, isifiso sami esingokwemvelo saba ukuhlanganyela leliqiniso nalabo ababethi baqhuba ubuKristu emphakathini wakithi. Ngakho ngokushesha nje ngemva kokuzinikezela nokubhapathizwa kwami ngaba iphayona, isikhonzi sesikhathi esigcwele. Lokhu kwasho ukwenqaba ithuba elihle engangilinikezwa lokuba uthisha eZweni lakithi. Ukuthola ukulondeka okusobala okunikezwa umsebenzi onjalo nezimali zempesheni kuwumgomo wabasha abaningi abangamaNdiya, kodwa injongo yami ekuphileni yase ishintshile. Ngangifuna ukulondeka kwangempela, futhi lokho kungatholakala kuphela ngaphansi kwesandla esivikelayo sikaJehova.
Eminyakeni emibili kamuva, ngabhekana nenselele entsha. Ingabe ngangizothanda ukuthuthela kwenye ingxenye yaseNdiya ukuze ngisize lapho kwakunendingeko enkulu yabashumayeli? Lokhu kwabeka inselele yokufunda ulimi olusha, isiTamil, nokusiza abantu abavela esizindeni esingokwenkolo esihluke kakhulu, amaHindu manje. Yebo, ithuba lokubonakalisa ukwazisa kwami kuJehova lenza zonke lezizinguquko zaba ngezifanelekile. Ngempela kwakujabulisa ukufakaza kulabobantu abanomusa, abanobungane abanesizinda sobuHindu. Babekwamukela kalula ukuthi sisondela ekupheleni kwe-Kali Yuga (Inkathi Embi) nokuthi kuseduze kakhulu ukuba abenza ukulunga manje bathole okungcono kakhulu. Nokho, kwakuyinselele enkulu ukubasiza ukuba babone umehluko phakathi kobuKristu beqiniso nalokho ababekuthole eNtshonalanga. Yeka ukuthi ngangilivula kaningi kangakanani iBhayibheli lami kuMathewu 7:21-23: “Asibo bonke abashoyo kimi ukuthi: Nkosi, Nkosi, abayakungena embusweni wezulu, kuphela owenza intando kaBaba osezulwini. Abaningi bayakuthi kimi ngalolosuku: Nkosi, Nkosi, asiprofethanga yini ngegama lakho, sakhipha amademoni ngegama lakho, senza imisebenzi eminingi yamandla ngegama lakho, na? Khona ngiyakufakaza kubo ukuthi: Angizange nginazi; sukani kimi nina benzi bokubi.” UMohandas Gandhi wayesho kahle wathi: ‘Ngiyamthanda uKristu, kodwa ngiyawazonda amaKristu ngoba awaphili njengoba uKristu ayephila.’
AmaHindu amaningi athola ukuthi lawomazwi acishe abe yiqiniso ngokuphelele njengoba nje nami ngathola. Futhi manje nawo ayaphawula ukuthi iningi lamaHindu akanye nawo enza ngokufanayo nawaseNtshonalanga lawo ngokuzenzisa aqhuba ubuKristu. Kodwa oFakazi BakaJehova bahluke kakhulu. Izinkulungwane zamaHindu seziyaqala ukukuqaphela lokho.
Umngane Omusha, Ukuvivinywa Okusha Kobuqotho
Kwadlula iminyaka emibili nengxenye. UMhlangano woFakazi BakaJehova owawunesihloko esithi “Izindaba Ezinhle Zaphakade” wawuqhutshwa emhlabeni wonke phakathi no-1963. Enye yezindawo owawubanjelwe kuzo kwakuyiNew Delhi, enyakatho yalelizwe. Yeka umhlangano okhumbulekayo! Futhi lapho ngahlangana noHenry Abraham. Sobabili sasifuna umuntu esasizohlanganyela naye ukuphila kwethu kokuzinikela kuJehova. Sashada ezinyangeni ezinhlanu kamuva.
Wayeqeqeshwe e-Watchtower Bible School of Gilead eZweni laseNew York wabe esephindiselwa ezweni lakubo, eSri Lanka, lapho kwakunendingeko enkulu khona. Ngangethemba ukuthi wayezothanda ukuthuthela eNdiya, lapho enganginomuzwa wokuthi indingeko yayinkulu ngisho nakakhudlwana khona. Kodwa akubanga njalo. Wayedingeka lapho ayekhona. Ngakho ikhaya lami laba yilesisiqhingi esihle saseSri Lanka. Ngokujabulisayo, isiTamil nesiNgisi siwusizo kakhulu lapha. Ngakho akudingekanga ukuba ngifunde olunye ulimi—ngalesosikhathi. Sajabulela iminyaka engu-18 sindawonye enkonzweni kaJehova ngaphambi kokuba kugadle inhlekelele yeloli elaligijima ngejubane elikhulu.
Kodwa manje ngase ngiseColombo, futhi yaqhubeka impi yami yokulwela ukuphila ngaphandle kokuyekethisa ubuqotho bami ngokumpontshelwa igazi. Manje ukuphila kwami kwakusengozini, hhayi ngenxa yokuma kwami ngokuphathelene negazi, kodwa ngenxa yokungelashwa masinyane.
Udokotela we-plastic surgery onesizinda sobuBuddha nodokotela owelapha ukugogeka kwamalunga omzimba onesizinda sobuHindu bahlangana ukuze basebenzise amakhono abo kimi. Isilinganiso segazi lami (hemoglobin) manje sasesehle safinyelela cishe ezingeni lesine.
Babenganginqamula kanjani ethangeni elalinegazi elincane kangaka? Ukuzimisela kwami kwakusobala, kodwa ingabe labodokotela ababili babezozimisela ukunginikeza usizo engangiluncishiwe ngaphambili? Sasiyingqayizivele isibindi sabo sokwamukela lenselele engaka ngaphandle kokuzama ukungiphoqelela ukuba ngenze ngokuphambene nonembeza wami. Ngalahlekelwa umlenze wami, kodwa ukuphila kwami kwasindiswa, futhi ubuqotho bami kuJehova babuqinile.
Ngaphandle komyeni wami engangimthanda kangaka, manje kwase kuvuleka indlela yokuphila entsha ngokuphelele. Okokuqala ngahamba ngezinduku, kwase kuba umlenze wokufakelwa (kamuva, ngomusa wabafowethu nodadewethu abaningi, esikhundleni sawo ngathola umlenze wokufakelwa ongcono kakhulu), ngakwazi ukuqhubeka enkonzweni yami. Kancane kancane usizi lwanyamalala futhi ngakwazi ukusebenza.
Ingabe kwakufanele ngiphindele eNdiya futhi ngihlale nezihlobo ezingakholwa? Sasikhanya bhá isibonelo esimangalisayo seBhayibheli somunye umfelokazi ogama lakhe linguRuthe. Nami futhi ngafuna ukuba lapho ngangingakhonza khona uJehova ngawo wonke amandla ami ayesenciphile. Namanje iSri Lanka iseyikhaya lami.—Ruthe 1:16, 17.
Insimu Ebeka Inselele
Leminyaka engu-11 edlule idlule ngokushesha. Bekulokhu ‘[kunokuningi kokwenziwa, NW] emsebenzini weNkosi.’ (1 Korinte 15:58) Ngizigcina ngimatasatasa enkonzweni yasensimini eColombo. Lapha kunabantu abavela ezizindeni ezingokwenkolo ezihlukahlukene kakhulu—amaHindu, amaSulumane, amaBuddha, nabangamaKristu ngegama, nabanye. Izinselele ziyaqhubeka.
Inyanga ngayinye abambalwa bethu bachitha impelasonto bevakashela elinye lamadolobha aseningizimu lapho namanje kungekho qembu loFakazi BakaJehova. Iningi liqhuba ubuBuddha, futhi ulimi lwalo isiSinhalese. Ukufunda ukusiza lababantu kuye kwaba okubaluleke kakhulu kimi.
NjengamaHindu aseNdiya nakuyo yonke iSri Lanka, amaBuddha aye asunduzelwa kude neBhayibheli ukuziphatha kwalabo ababizwa ngokuthi bangamaKristu aseNtshonalanga. Nokho, izimiso zabo eziyinhloko zobuBuddha, iNdlela Enezinhlangothi Eziyisishiyagalombili edumile yokucabanga okulungile nokuziphatha okuhle (inkolelo elungile, injongo, inkulumo, isenzo, ukuphila, umzamo, umcabango, ukuzindla), kumane nje kuwukuhlakanipha komuntu ongaphelele uma kuqhathaniswa nezimiso zaphezulu ezitholakala eBhayibhelini, eziningi zazo ezabhalwa emakhulwini eminyaka amaningi ngaphambi kuka-Siddhãrtha Gautama.
Lapho uSiddhãrtha Gautama ekhuluma kwabaseKalama njengoba acashunwa kuyi-Kalama Sutta, wathi: “Ungakholelwa yilokho okuzwe ngokuphindaphindiwe; noma ngesiko.” Yeka ukuthi kumangalisa kakhulu kangakanani ukuthi nginelungelo lokukhumbuza amaBuddha amaningi aqotho ukuthi ukube lesosiqondiso besisetshenziswa namuhla, akekho umuntu obengakholelwa enganekwaneni yokuziphendukela kwemvelo noma aphike ubukhona boMdali.
Ukuphela Kobubi Kuseduze
OFakazi BakaJehova banezinto eziningi ezinhle ezitholakala eBhayibhelini—abangazitshela lababantu—ngokuphathelene ne-kalpa vinasha, ukuphela kobubi, ukuthi iseduze kakhulu. Isiprofetho seBhayibheli esineminyaka engu-1 900 esiphathelene nalokhu sitholakala ku-2 Thimothewu 3:1-5, 13. Futhi sinelungelo lokubabonisa ukuthi indawo esingafuna kuyo isivikelo phakathi nalezizikhathi ayikho ezinkolweni zaseNtshonalanga noma zaseMpumalanga kodwa, njengoba amavesi 16 no 17 alesisahluko esifanayo ebonisa, iseZwini likaJehova eliphefumlelwe, iBhayibheli.
UbuBuddha buwukufuna ukukhanyiselwa. EBhayibhelini, ngaphambili kakhulu kokuba uSiddhãrtha Gautama aqale ukufuna kwakhe siqu, imbangela yangempela yokuhlupheka yachazwa ngokucacile. (Genesise 3:1-19) Ukuvukela imithetho yokulunga ekuqaleni komlando wesintu kwaletha imiphumela engajabulisi—ukugula nokufa, okwasakazeka ngokungagwemeki kuzo zonke izoni ezingabantu. Imibuzo ekhathazayo iyafika ezingqondweni zabaningi—njengaleyo ekuHabakuki 1:3: “Ungiboniselani ububi, ungibhekise ukukhathazeka na? Ngokuba ukuchitheka nendluzula kuphambi kwami; kukhona ukulwa, ukuxabana kuyaqhamuka.” UMdali onozwela kuphela onganikeza izimpendulo futhi enze indlela yokukubuyisela unomphela lokho okwalahleka. Ngisho namanje, emhlabeni wonke izigidi ziyazuza ekuhlakanipheni okuwusizo kweZwi likaNkulunkulu. Futhi manje isiSinhalese, ulimi oluyinhloko lwalelizwe, selungibekele enye inselele, ngoba ngalololimi ngingasiza abantu abakufuna ngobuqotho ukukhanyiselwa engakuthola eminyakeni engu-37 edlule.
Kusekhona enye inselele. Njengoba kwakhiwa amahhovisi egatsha amasha nesikhungo sokuhumushela lapha eSri Lanka, abantu abengeziwe kudingeka baqeqeshwe. Kancane kancane ngifunda ulimi olusha lwama-computer njengoba ngisiza eMnyangweni Wama-akhawunti kulelihhovisi lethu legatsha.
Iminyaka yami engu-33 yenkonzo yesikhathi esigcwele kuJehova iye yaba yisikhashana nje uma ngiqhathanisa nokuthi ngiyomkhonza phakade. Abaningi baye bahlanganyela nathi enkonzweni kaJehova phakathi naleminyaka, kuhlanganise nodokotela onekhono owangihlelela ukuba ngingeniswe esibhedlela saseColombo futhi wenza namalungiselelo adingekayo okuhlinza. Manje naye usenguFakazi kaJehova ozinikezele.
UJehova nomkhaya wakhe wezikhonzi zalapha emhlabeni uye wangisekela kahle kakhulu. Ngiye ngazizwa izingalo zakhe ezivikelayo zingisingethe, futhi ngiyazi ukuthi uHenry usenkumbulweni yakhe yothando oluqotho. UJehova kuphela ongabuyisa othandekayo wami othulini, ongangivumela ukuba ngiphinde ngimbingelele, ngixoxele uHenry zonke izinselele ezivusa amadlingozi ezilethwe isizukulwane sethu futhi ngimxoxele nangendlela uJehova aye wasisiza ngayo ukuba sibhekane nazo.—Njengoba ilandiswa ngu-Annama Abraham.
[Isithombe ekhasini 21]
U-Annama Abraham nomyeni wakhe, uHenry
[Isithombe ekhasini 23]
U-Annama efakaza kubavuni betiye ensimini yetiye eSri Lanka