Indaba Yokuphila
Ngisafunda Nanamhlanje
ILANDISWA UHAROLD GLUYAS
Kukhona isithombe esingazange sisuke engqondweni yami engasibona ngisemncane, eminyakeni engaphezu kwengu-70 edlule. Ngangihleli ekhishini, egumbini ayelithanda kakhulu umama, ngibuka isigqebhezana esithile esasibhalwe ukuthi “Ceylon Tea.” Futhi sasinesithombe sabesifazane abakha amaqabunga etiye emasimini aluhlaza cwé aseCeylon (manje eyiSri Lanka). Lesi sithombe, saleli zwe elikude kakhulu nezwe lakithi elomile laseNingizimu Australia, sangenza ngalibona ngeso lengqondo leli zwe. Kumelwe ukuthi leli zwe laseCeylon lihle ngempela futhi liyathakazelisa! Ngangingazi ngaleso sikhathi ukuthi ngangiyochitha iminyaka engu-45 yokuphila kwami ngiyisithunywa sevangeli kuleso siqhingi esihle kakhulu.
NGO-APRIL 1922, ngazalelwa ezweni elihluke kakhulu kunaleli lanamuhla. Umkhaya wakithi wawusebenza epulazini lokusanhlamvu elalithé qekelele eduze nedolobha laseKimba elisemaphandleni, enkabeni yezwekazi lase-Australia, emaphethelweni aseningizimu ogwadule lwasemaphandleni. Ukuphila kwakugcwele izingozi, ezazihlanganisa nokulwa njalo nesomiso, isivuvu, nezifo eziwumshayabhuqe ezibangelwa izinambuzane. Umama wayezikhandla ukuze anakekele ubaba kanye nathi thina zingane eziyisithupha endlwaneni kathayela emaphandleni.
Nokho, kimi le ndawo yasemaphandleni yayiyindawo yenkululeko nezinto ezijabulisayo. Ngikhumbula indlela engangikhexa ngayo ngisemusha lapho ngibona izipani zezinkabi ezinamandla zisusa izihlahlana zasendle noma lapho isivunguvungu sezintuli esisho ngomsindo omkhulu sigcwalisa izintuli yonke indawo. Ngakho imfundo yami ekuphileni empeleni yaqala esikhathini eside ngaphambi kokuba ngiye esikoleni esincane esasinothisha oyedwa, esasiqhele ngamakhilomitha amahlanu kusuka ekhaya.
Nakuba abazali bami babeyithanda inkolo, babengayi nhlobo esontweni—ikakhulu ngenxa yebanga lokusuka epulazini lasekhaya kuya edolobheni. Nokho, ekuqaleni kwawo-1930, umama waqala ukulalela izinkulumo zeBhayibheli ezazinikezwa nguJudge Rutherford, ezazisakazwa isonto ngalinye esiteshini somsakazo sase-Adelaide. Ngangicabanga ukuthi lo Judge Rutherford wayengumshumayeli othile wase-Adelaide, ngakho ngangingenasithakazelo kangako. Kodwa isonto ngalinye umama wayezilindela ngentshiseko izinkulumo zikaRutherford zasemsakazweni futhi elalelisisa lapho ekhuluma, nakuba izwi lakhe lalingacacile kahle ngenxa yomsakazo wasekhaya wakudala owawusebenza ngamabhetri, futhi owawungasibambi kahle isiteshi.
Ngelinye ilanga ntambama kushisa futhi kunezintuli, kwema iloli ngasekhaya kwaphuma amadoda amabili ayegqoke kahle. AyengoFakazi BakaJehova. Umama wasilalelisisa isigijimi sawo wayesekhipha umnikelo wezincwadi eziningana impela, futhi waqala ukuzifunda ngaphandle kokupholisa amaseko. Lezi zincwadi zamthinta ngokujulile kangangokuthi ngokushesha wacela ubaba ukuba amhambise ngemoto aye komakhelwane ukuze axoxe nabo ngalokho ayekufunda.
Izinzuzo Zamathonya Amahle
Esikhathini esingesingakanani ngemva kwalokhu isimo esinzima sasemaphandleni sasiphoqa ukuba sithuthele edolobheni lase-Adelaide, elaliqhele ngamakhilomitha angu-500. Umkhaya wakithi waqala ukuhlanganyela neBandla Lase-Adelaide LoFakazi BakaJehova futhi wathuthuka ngokomoya. Ukuthutha kwethu futhi kwasho ukuyeka kwami isikole. Ngaphuma esikoleni ngineminyaka engu-13 ubudala, sengiphothule ibanga lesihlanu. Ngokwemvelo, ngangingumuntu ozithatha kalula izinto, okuyinto eyayingangichezukisa kalula ekuphishekeleni izinto ezingokomoya ukube kwakungengenxa yosizo labazalwane abambalwa abanomusa—amaphayona, noma izikhonzi zesikhathi esigcwele—ababonisa isithakazelo kimi.
Ngokuhamba kwesikhathi, ithonya lalaba bazalwane abashisekayo lashukumisa ingokomoya lami elalilele ekujuleni kimi. Ngangikuthanda ukuba kanye nabo futhi ngiwazisa umoya wabo wokuzikhandla. Ngakho lapho kwenziwa isaziso kukhuthazwa inkonzo yesikhathi esigcwele emhlanganweni wesigodi owawuse-Adelaide ngo-1940, ngavele ngabhalisa okuyinto eyangimangaza kwamina. Ngangingakabhapathizwa nakubhapathizwa ngaleso sikhathi futhi nganginolwazana nje olungatheni emsebenzini wokushumayela. Noma kunjalo, ezinsukwini ezimbalwa nje kamuva, ngacelwa ukuba ngiyosebenza neqembu elincane lamaphayona eWarrnambool, idolobhana eliqhele kakhulu e-Adelaide, esifundazweni saseVictoria esingumakhelwane.
Naphezu kwalesi siqalo sokuba manqikanqika, ngokushesha nje ngaqala ukuyithanda inkonzo yasensimini, futhi ngiyajabula ukusho ukuthi bengilokhu ngiyithanda kuyo yonke le minyaka. Eqinisweni, lesi kwaba isikhathi soshintsho olukhulu kimi, futhi ngaqala ukuthuthuka ngempela ngokomoya. Ngafunda ukubaluleka kokusondela kubantu abathanda izinto ezingokomoya. Ngabona indlela ithonya labo elihle elalingaveza ngayo izimfanelo ezinhle kithi kungakhathaliseki ukuthi sifunde kangakanani nendlela lokho esikufundayo okungasizuzisa ngayo kukho konke ukuphila kwethu.
Ukuqiniswa Uvivinyo
Ngangisaphayone isikhashana nje lapho umsebenzi woFakazi BakaJehova uvinjelwa e-Australia. Njengoba ngangingaqiniseki ukuthi kufanele ngenzeni, ngafuna isiqondiso kubazalwane, abaveza ukuthi sasingavinjelwe ukuba sikhulume nabantu ngeBhayibheli. Ngakho mina namanye amaphayona, saqala ukungena umuzi nomuzi sishumayela isigijimi esilula esivela eBhayibhelini. Lokhu kwangiqinisela uvivinyo engangizobhekana nalo nje ngokushesha.
Ezinyangeni ezine kamuva ngahlanganisa iminyaka engu-18 ubudala futhi ngathola incwadi eyayingazisa ukuthi ngibuthelwe impi. Lokhu kwanginikeza ithuba lokuba ngivikele ukholo lwami phambi kwezikhulu zempi nemantshi. Ngaleso sikhathi, kwakunabazalwane abangaba ngu-20 ababevalelwe ejele lase-Adelaide ngenxa yokungathathi kwabo uhlangothi, futhi ngokushesha nami ngavalelwa kanye nabo. Sasifukuziswa, simba amatshe enkwalini silungisa nemigwaqo. Lokhu kwangisiza ukuba ngihlakulele izimfanelo ezinjengokukhuthazela nokuzimisela. Ukuziphatha kwethu okuhle nokuma kwethu siqinile ekugcineni kwenza ukuba iningi lonogada basejele lisihloniphe.
Ngemva kokudedelwa ezinyangeni ezimbalwa kamuva, ngaphinde ngajabulela ukudla okumnandi ngabe sengibuyela emsebenzini wokuphayona. Nokho, kwakungelula ukuthola abantu ongaphayona nabo, ngakho ngabuzwa ukuthi ngangingakwazi yini ukusebenza ngedwa endaweni engamapulazi eseNingizimu Australia. Ngavuma ngabe sengibhekisa amabombo eNhlonhlweni YaseYorke ngihamba ngomkhumbi, ngihlome ngezincwadi zokushumayela nebhayisikili nje kuphela. Lapho ngifika kuleyo ndawo, umkhaya owawunesithakazelo wangilayela endlini encane eyayamukela izihambi lapho ngathola khona owesifazane onomusa owangiphathisa okwendodana yakhe. Phakathi nosuku, ngangihamba ngebhayisikili emigwaqweni enobhuqu ngiyoshumayela emadolobhaneni agqagqene ayekuyo yonke le nhlonhlo. Ngezinye izikhathi ngangiye ngilale emahhotela amancane noma ezindlini ezamukela izihambi, ukuze ngikwazi ukufinyelela izindawo eziqhelile. Ngale ndlela, ngahamba ngebhayisikili amakhilomitha amaningi futhi ngajabulela izinto eziningi ezijabulisayo engangihlangabezana nazo. Ngangingakhathazeki kakhulu ngokuthi ngingedwa enkonzweni, futhi njengoba ngangiya ngibona indlela uJehova ayengikhathalela ngayo, ngaya ngisondela kuye.
Ukubhekana Nemizwa Yokungafaneleki
Ngo-1946 ngathola incwadi, ngicelwa ukuba ngiqale umsebenzi wokujikeleza ngibe inceku yabazalwane (manje ebizwa ngokuthi umbonisi wesifunda). Lokhu kwakuhilela ukuhambela amabandla amaningana esifundeni esithile. Kumelwe ngivume ukuthi imithwalo yemfanelo yalesi sabelo yayiyinselele ngempela kimi. Ngolunye usuku ngezwa omunye umzalwane ethi, “UHarold akasona isikhulumi esiyigagu, kodwa unekhono elihle kakhulu ensimini.” La mazwi angikhuthaza kakhulu. Ngangazi kahle ukuthi anginalo ikhono elihle ekukhulumeni nasekuhleleni izinto, kodwa ngangikholelwa ukuthi umsebenzi wokushumayela yiwona msebenzi oyinhloko wamaKristu.
Ngo-1947 kwakunesasasa elikhulu lokuhanjelwa uMzalwan’ uNathan Knorr noMilton Henschel ababevela endlunkulu yoFakazi BakaJehova eBrooklyn. Sasiqala ukuhanjelwa yilaba bazalwane basendlunkulu selokhu sagcina ukuhanjelwa nguMzalwan’ uRutherford ngo-1938. Kwaba khona umhlangano omkhulu eSydney owawuhlangene nalokhu kuhanjelwa. Njengamanye amaphayona amaningi asemasha, nganginesithakazelo sokuyoqeqeshelwa ukuba isithunywa sevangeli esikoleni esasisanda kuvulwa i-Watchtower Bible School of Gilead eSouth Lansing, eNew York, e-U.S.A. Iningi lethu elalikhona kulo mhlangano lalizibuza ukuthi kwakuzofuneka abantu abafunde kakhulu yini kulesi sikole. Nokho, uMzalwan’ uKnorr wachaza ukuthi uma sikwazi ukufunda isihloko kuyi-Nqabayokulinda futhi sikwazi ukukhumbula amaphuzu ayinhloko, cishe sasingaphumelela eGileyadi.
Ngaba nomuzwa wokuthi imfundo yami engatheni yayizongenza ngingakufanelekeli ukuya kulesi sikole. Nokho, ezinyangeni ezimbalwa kamuva, ngamangala lapho ngikhuthazwa ukuba ngifake isicelo sokuyoqeqeshwa eGileyadi. Ngemva kwalokho, ngamukelwa ukuba ngizofunda kulesi sikole, futhi ngaba sekilasini le-16, elaqhutshwa ngo-1950. Lokhu kwaba yisenzakalo esihle kakhulu esangenza ngazethemba kakhudlwana. Kwangenza ngabona ukuthi imfundo yasesikoleni yayingesona isici esiyinhloko sokuphumelela. Kodwa kunalokho, ngokuyinhloko kwakufuneka inkuthalo nokulalela. Othisha bethu babesikhuthaza ukuba senze konke esasingakwenza. Ngenxa yokuthi ngangisilalela iseluleko sabo, ngathuthuka kancane kancane futhi ngakwazi ukukuqonda kahle konke okwakufundiswa.
Ukusuka Ezwekazini Elomile Kuya Esiqhingini Esihle Kakhulu
Ngemva kokuphothula kulesi sikole, mina nabanye abazalwane ababili base-Australia sabelwa eCeylon (manje eyiSri Lanka). Safika enhlokodolobha, eColombo, ngo-September 1951. Kwakushisa futhi kuswakeme, futhi imizwa yethu yaphithaniswa ukubona izinto ezintsha nokuzwa imisindo namaphunga angavamile. Njengoba sehla emkhunjini, esinye isithunywa sevangeli esasesikhonza kuleli zwe kakade sangihlangabeza ngepheshana lesimemo elalimemezela inkulumo yeningi eyayizonikezwa ngeSonto elilandelayo esigcawini sedolobha. Okwangimangaza ukuthi kwakubhalwe igama lami kuleli pheshana—kuthiwa yimina isikhulumi! Ungacabanga indlela éngesaba ngayo. Kodwa iminyaka yami yokuphayona e-Australia yayingifundise ukuba ngamukele noma yisiphi isabelo engisitholayo. Ngakho ngosizo lukaJehova, ngayibeka ngempumelelo leyo nkulumo yeningi. Sikanye nabanye abazalwane abane ababengakashadi abase bekhona kakade ekhaya lezithunywa zevangeli laseColombo ngaleso sikhathi, thina sobathathu saqala ukufunda ulimi olulukhuni lwesiSinhala nokuya enkonzweni yasensimini. Esikhathini esiningi sasisebenza sodwa, futhi sasijabula ukuthola ukuthi abantu bendawo babehlonipha futhi bengenisa izihambi. Kungakabiphi inani lababeba khona emihlanganweni laqala ukwanda.
Njengoba isikhathi sihamba, ngaqala ukucabanga kanzulu ngodade okhangayo oyiphayona, uSybil, engahlangana naye emkhumbini ngiya eSikoleni SaseGileyadi. Yena wayeya emhlanganweni wezizwe eNew York. Kamuva, waya eGileyadi ekilasini lama-21 futhi wabelwa eHong Kong ngo-1953. Nganquma ukumbhalela, futhi saqhubeka nokubhalelana kwaze kwaba ngo-1955 lapho esezosebenza kanye nami lapha eCeylon, lapho sashadela khona.
Isabelo sethu sokuqala esathunyelwa kuso singumbhanqwana oyizithunywa zevangeli kwaba yiJaffna, idolobha elalisemajukujukwini enyakatho yeSri Lanka. Phakathi nawo-1950, izingxabano zezombangazwe zase ziqala ukuhlukanisa abantu abakhuluma isiSinhala nabakhuluma isiTamil, okwabeka isisekelo sempi yezikhali emashumini eminyaka kamuva. Yeka ukuthi kwakujabulisa kanjani ukubona oFakazi abakhuluma isiSinhala nabakhuluma isiTamil bevikelana kaningi-ningi kuyo yonke leyo minyaka enzima! Lolo vivinyo lwalucwengisisa futhi lwaluqinisa ukholo lwabazalwane.
Ukushumayela Nokufundisa ESri Lanka
Ukuze sijwayele ukuphila namaHindu kanye namaSulumane kwakudingeka sibekezele futhi sikhuthazele. Noma kunjalo, saqala ukuwaqonda la maqembu amabili nezimfanelo zawo ezinhle. Njengoba kwakungavamile ukuba kubonakale abantu bakwamanye amazwe begibele emabhasini endawo, ukuba khona kwethu ngokuvamile kwakwenza abantu balapha basibuke ngamehlo anelukuluku. USybil wanquma ukuba avele amomotheke kakhulu lapho besibuka kanjalo. Yeka ukuthi kwakujabulisa kanjani ukubona labo bantu abanelukuluku nabo ngokufanayo bemomotheka ngendlela ejabulisayo!
Ngesinye isikhathi, samiswa emgwaqweni ovinjiwe. Ngemva kokuba unogada owayesebenza lapho esesibuzile ukuthi sivelaphi nokuthi silibangisephi, wabuza imibuzo eqondile maqondana nathi siqu.
“Ngubani lona wesifazane?”
“Ngumkami,” ngiphendula.
“Seninesikhathi esingakanani nishadile?”
“Iminyaka eyisishiyagalombili.”
“Ninazo izingane?”
“Cha.”
“Nansi imihlola! Senike nabonana nje nodokotela?”
Leli lukuluku elingokwemvelo ekuqaleni lalisimangalisa, kodwa ngokuhamba kwesikhathi salibheka njengendlela abantu balapha ababebonisa ngayo isithakazelo sabo esiqotho kwabanye abantu. Empeleni, lena kwakungenye yezimfanelo zabo ezikhanga kunazo zonke. Umuntu wayethi angama nje imizuzwana embalwa endaweni enabantu abaningi bese kuza othile ambuze ngomusa ukuthi angamsiza yini.
Ushintsho Nezinkumbulo
Kuyo yonke le minyaka, siye sajabulela nezinye izabelo ezihlukahlukene ngaphandle kokuba yizithunywa zevangeli eSri Lanka. Ngabelwa ukuba umbonisi wesifunda nowesigodi ngaba nayilungu leKomiti Yegatsha. Ngo-1996, ngase ngiseminyakeni yawo-70. Ngase ngibe yisithunywa sevangeli iminyaka engaphezu kuka-45 eSri Lanka. Emhlanganweni wokuqala engaba khona kuwo eColombo, kwakukhona abantu abangaba ngu-20. Lelo nani manje liye landa laba ngaphezu kuka-3 500! Kimina noSybil abaningi balaba bantu abathandekayo babenjengezingane zethu nabazukulu abangokomoya. Nokho, kwakusenomsebenzi omningi kakhulu okwakusamelwe wenziwe kulo lonke leli zwe—umsebenzi odinga amandla namakhono abantu abasebasha kunathi. Sicabanga ngalokhu, sasamukela isicelo seNdikimba Ebusayo sokuba sibuyele e-Australia. Lokhu kuye kwenza ukuba imibhanqwana esemisha efanelekayo ikwazi ukuya eSri Lanka iyoba yizithunywa zevangeli esikhundleni sethu.
Manje sengizohlanganisa iminyaka engu-83, futhi mina noSybil siyajabula ngokuthi sisaphile kahle ngokwanele ukuba siqhubeke nenkonzo yethu yokuba amaphayona akhethekile ezweni lenkaba yami, e-Adelaide. Inkonzo yethu igcina izingqondo zethu ziphapheme futhi sikulungele ukuzivumelanisa nezimo. Iye yasisiza futhi ukuba sizivumelanise nokuphila okuhluke kakhulu kwakuleli zwe.
UJehova uye waqhubeka enakekela zonke izidingo zethu zenyama, futhi abazalwane nodade basebandleni lethu basibonisa uthando olukhulu kakhulu futhi bayasisekela. Muva nje ngiye ngathola isabelo esisha. Ngingunobhala ebandleni lethu. Ngakho, ngiye ngathola ukuthi lapho ngiphishekela ukukhonza uJehova ngokwethembeka, ukuqeqeshwa kwami kuyaqhubeka. Uma ngibheka eminyakeni edlulile, ngiyaye ngimangale njalo ukuthi mina lo, lowaya mfana ophansi wasemaphandleni futhi owayethatha izinto kalula, ngiye ngathola imfundo enhle kangaka—empeleni ngisafunda nanamhlanje.
[Isithombe ekhasini 26]
Ngosuku esashada ngalo, ngo-1955
[Isithombe ekhasini 27]
Ngisensimini noRajan Kadirgamar, umzalwane waseSri Lanka, ngo-1957
[Isithombe ekhasini 28]
NginoSybil namuhla