Ukunakekela Abazali Abagugile
“NGANGIMATASATASA ubusuku nemini, kodwa ngangilokhu nginomuzwa wokuthi kwakuyilungelo.” Yileyondlela omunye wesifazane akuchaza ngayo ukunakekela unina osekhulile. Kulona wesifazane, nakwabanye abaningi, ukunakekela abazali asebegugile kungokuhlangenwe nakho okujabulisayo.
Futhi sekuba okuhlangenwe nakho okwande kakhulu. Inani elikhula ngaphezu kwawo wonke e-United States kuthiwa elabesigaba sabaneminyaka engaphezu kuka-75. Ngo-1900, amaMelika angaphansi kwesigidi ayeneminyaka engu-75 noma ngaphezudlwana. Ngo-1980 abacishe babe yizigidi eziyishumi babeneminyaka engaphezu kuka-75. Abantu abadala baphila isikhathi eside, futhi abangaba ingxenye eyodwa kwezintathu kulabo abaneminyaka engu-85 noma ngaphezulu badinga usizo lwasikhathi sonke.
Nakuba ukunakekela umuntu ogulayo kungaba okuhlangenwe nakho okunomvuzo, kuyacindezela. Uma omunye wabazali bakho noma bobabili sebegugile futhi bedinga ukuba ubanakekele, ungase uzithole zinzima izici ezithile. Ukubabona nje bewohloka ngokwempilo ngokuqinisekile kukuzwisa ubuhlungu. Futhi uma uthola usizo oluncane noma ungalutholi nhlobo kwamanye amalungu omkhaya, khona-ke wonke umthwalo wokubanakekela usala nawe.
Futhi ungase uthole ukuthi kungakhathaliseki ukuthi umdala kangakanani, awulokothi ube mdala kubazali bakho. Ukuthambekela kwabo kungase kube ukukuphatha njengomntwana, futhi ukuthambekela kwakho nawe kungase kube ukusabela njengomntwana. Ukungasekelwa ngokomzwelo ngabangane bakho kungase kwenezele isici esicindezelayo ekubanakekeleni kwakho.
Nakuba kunjalo, izinselele zokunakekela akudingeki ziphazamise ukugcina kwakho ubuhlobo obuseduze nabazali bakho. Ngokucacile imiBhalo iqondisa abantu abadala ukuba “bafunde kuqala ukuhlonipha indlu yakwabo, babuyisele okufaneleyo kubazali babo, ngokuba kuyabongeka lokho phambi kukaNkulunkulu.” Ngakolunye uhlangothi, “oxosha unina uyindodana ehlazisayo nebanga amahloni.”—1 Thimothewu 5:4; IzAga 19:26.
Ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu okubonakaliswa ngokunakekela kungaba okuhlangenwe nakho okuzuzisayo. Kodwa okokuqala, kumelwe wazi ukuthi yiluphi ngempela usizo abazali bakho abaludinga kuwe. Izihloko ezilandelayo zingase zikusize ekuboneni nasekuhlangabezaneni nalezozidingo. Futhi nakuba lezizihloko zigxila kulokho okungase kwenziwe ekhaya, kuyaqondakala ukuthi kwezinye izimo, ngenxa yempilo ebuthakathaka kakhulu noma ukuguga, umzali angase adinge usizo lwezobuchwepheshe, njengalolo olutholakala ekhaya labagugile.