Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Amadoda Ashaywayo? Ngikuthola kuphazamisa ukuthi nanyathelisa isihloko esithi “Amadoda Ashaywayo” kwesithi “Ukubuka Okwezwe.” (July 22, 1993) Igama elithi “ukuxhaphaza,” elihlanganisa ukusongela nje ngamazwi, alifani nelithi “ukushaya,” okuwubudlova bobugebengu. Ngokuphathelene nenani labesifazane eliphakeme kunelamadoda avumayo ukuthi ayaxhaphaza, ukuhlola kubonisa ukuthi abesifazane bathembeka ngokwengeziwe ngokuvuma izinto ezinjalo kunokuba kwenza abaxhaphazi besilisa, abathambekele ekuphikeni izenzo zabo.
K. K., United States
Siyakwazisa lokhu kuphawula. Lesisihloko okukhulunywa ngaso sabika ukuhlola okubonisa ukuthi amaphesenti angu-40 abesifazane avuma ukuthi axhaphaza abangane bawo bomshado, uma kuqhathaniswa namaphesenti angu-26 amadoda avuma ukuthi axhaphaza omkawo. Nokho, njengoba isihloko sethu savuma, lokhu kuhlola kwasebenzisa incazelo ebanzi yelithi “ukuxhaphaza” futhi akuzange kulilinganisele ekushayweni ngokomzimba. Ngakho isihloko sendaba yethu sasidukisa ngandlela-thile. Ngokuphathelene nokuthi yikuphi ukushaya okudlange kakhulu, umagazini wethu ka-February 8, 1993, wabika okukumagazini i-“Parents”: “Amaphesenti angaphezu kuka-95 ezenzakalo ezibikwayo zokuxhashazwa [okukhulu] umngane womshado ahilela indoda ishaya owesifazane.”—ED.
Iphunga Ngivame ukucabanga ukuthi uma bekungadingeka ngilahlekelwe ngenye yezinzwa zami, bengingakhetha ukulahlekelwa izinzwa zami zokuhogela. Kodwa ngemva kokufunda isihloko senu esithi “Izinzwa Zethu Zokuhogela Ezishintshashintshayo” (July 22, 1993), ngashintsha umqondo. Izihloko zenu ezikhuluma ngomzimba wethu omangalisayo ngaso sonke isikhathi zingisiza ukuba ngijulise uthando lwami ngoJehova.
D. H., Trinidad
Izibuko Zamehlo Ngiyanibonga ngokunyathelisa isihloko esithi “Ukubheka Izibuko Zamehlo.” (July 8, 1993) Sasineseluleko esihle. Ngaphambi kokuba ngifunde lesisihloko, nganginomkhuba omubi wokubeka izibuko zami ngizibhekise phansi ngama-lens. Zazivame ukuklwebheka. Ngazama ukusebenzisa ama-contact lens, kodwa ayengenza ngibe nesiyezi. Ngakho njengoba kungekho engingakwenza ngaphandle kokufaka izibuko, ngizosisebenzisa iseluleko senu!
T. C., Italy
Amaguludla Ezinso Ngibhalela ukunibonga ngesihloko senu esifike ngesikhathi esithi “Amaguludla Ezinso—Ukwelapha Isifo Sasendulo.” (August 22, 1993) Ngemva nje kokuthola ikhophi yami eposini, ngaxilongwa kwatholakala ukuthi nginamaguludla ezinso. Ngenxa yesihloko senu, ngakwazi kangcono ukuqonda ukugula kwami futhi ngazilungiselela ukuhlinzwa.
V. T., United States
Ubandlululo Lobuhlanga Nginibhalela ukunibonga ngochungechunge olumangalisayo lwezihloko ezithi “Ingabe Zonke Izinhlanga Ziyoke Zihlangane?” (August 22, 1993) Ngicabanga ukuthi nayisingatha ngendlela enhle kakhulu lendaba ebucayi. Yahlanganiswa ngesu, kodwa aninikanga muntu noma iziphi izaba zokungena shí kulesisifo esibi sobandlululo lobuhlanga.
D. G., United States
Owayengumpristi Ngiyanibonga ngokunyathelisa okuhlangenwe nakho kuka-Alinio de Santa Rita Lobo, okunesihloko esithi “Isizathu Esenza Ukuba Ngishiye Ubupristi Ngenxa Yenkonzo Engcono.” (September 8, 1993) Lendaba yayiphathelene nokuzitholela mathupha amaqiniso—futhi okwenziwa othile oneziqu eziningi zemfundo ephakeme. Enkonzweni yethu njengoFakazi BakaJehova, ngokuvamile sakha ukuqondwa kweqiniso, kancane kancane. Kodwa kulendaba othile wenza okuphambene—ukuhlukanisa izimfundiso zamanga, kancane kancane, ehlukanisa iqiniso emasikweni asekelwe esontweni. Kwakuqinisa ukholo ngempela.
B. C., United States
Ukuthutha Ngibonga kakhulu ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ingabe Kufanele Ngithuthele Ezweni Elichumé Kakhudlwana?” (April 22, 1993) Ngangivame ukucabanga ukuthi ukuze umuntu athuthuke, kudingeka athuthe. Manje sengifundile ukuthi kuyisinqumo esingathi sína futhi kufanele kucatshangelwe izici eziningi. Lesosihloko sangifundisa nokwazi izidingo zami zangempela nokuthi izinto esizidinga ngempela ukuze sijabule zingatholakala kunoma iliphi izwe.
M. R., Dominican Republic