Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g94 4/8 k. 29
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
  • I-Phaphama!—1994
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1994
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1994
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1994
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1993
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1994
g94 4/8 k. 29

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Umkhaya Ubekela AmaNazi Inselele Ngineminyaka engu-90 ubudala futhi ngifunda noFakazi BakaJehova. Ngafunda isihloko esithi “Oh, Jehova, Gcina Intombazanyana Yami Ithembekile!” (September 22, 1993) Sasikhuluma ngabazali abangoFakazi nendodakazi yabo, okwathi nakuba babengaphansi kokucindezela okukhulu kukaHitler, balwa impi yobuqhawe ukuze basekele izimfundiso zikaJehova. Njengoba ngangisifunda ngakhala izinyembezi. Ngizimisele ngisho nangokwengeziwe ukufunda izimfundiso zikaJehova.

S. T., Japan

Lokhu okuhlangenwe nakho kwangithinta ngokujulile. USimone Arnold Liebster wayeyintombazanyana nje, engenabazali bakhe futhi evalelwe ejele lokuqondisa izigwegwe ngenxa yokulalela uJehova. Yeka isibonelo esihle sokholo!

M. C. L. S., Brazil

Ukuthembela kuJehova nothando, isithunzi, namandla lokho yena nabazali bakhe abakubonisa kwangenza ngaphinde ngabuhlolisisa ubuhlobo bami siqu noJehova. Ngazizwa ngithotshisiwe, futhi kwangisiza ukuba ngiqonde amagugu angokomoya awukukhuthazela nokholo.

V. B., Australia

Isizungu Ngazifunda izikhathi ezintathu noma ezine izihloko ezazikhuluma ngesizungu. (September 22, 1993) Nisikisela ukuthi umuntu kufanele adanse, acule, futhi ajabule. Kodwa anishongo ukuthi ukungalingani kwamakhemikhali kungabangela umuntu ukuba abe nemizwa yokuzibulala.

P. C., United States

Lezizihloko zazingabhekiselwe kulabo abanokucindezeleka okukhulu noma abanokuthambekela kokuzibulala, ngokuvamile okudinga ukunakekelwa okukhethekile. Kunalokho, zazibhekiselwe kulabo abahlaselwa isizungu okwesikhashana ngenxa yezimo zosizi, njengokufa kwabathandekayo. Ukwaziswa okuphathelene nokucindezeleka kwanyatheliswa kumagazini wethu ka-November 8, 1987, nakulomagazini esihlokweni esithi “Intsha Iyabuza . . .”—ED.

Ukukhanya Kwasenyakatho Ngasijabulela isihloko senu esiphathelene ne-aurora borealis esithi “Abagibeli Abangaqondakali Bemimoya Yasesibhakabhakeni.” (September 22, 1993) Kodwa anizange niveze ukuthi lokhu kukhanya kungabonakala futhi nasezingxenyeni zaseScotland ezisenyakatho nezisempumalanga. Kukhona ngisho neculo elikhuluma ‘ngokukhanya kwasenyakatho kwase-Aberdeen yasendulo’!

G. S., Scotland

Siyabonga ngalokhu kwaziswa okwengeziwe.—ED.

Ukuvikela Izilwane Zasendle Ngingumongameli wenhlangano yangakithi yendawo ezungezile. Kuyajabulisa ukubona uchungechunge olushaya emhloleni lwezihloko ezikhuluma ngendawo ezungezile. (“Ubani Oyovikela Izilwane Zethu Zasendle?,” November 8, 1993) Sekuyiminyaka eminingi ngikholelwa ukuthi ukuba bekungengenxa kaNkulunkulu, ngabe kade sabhubha.

M. S., United States

Ngokuqinisekile uNkulunkulu wawenza waqina umhlaba, okungangabazeki ukuthi yilesosizathu esenze ukuba umelane nemizamo yomuntu yokuwubhubhisa. Nokho, ekugcineni, ikhambi laKhe ‘liwukubhubhisa ababhubhisa umhlaba.’ (IsAmbulo 11:18)—ED.

Ingculaza Ngazijabulela kakhulu izihloko eziphathelene nengculaza ochungechungeni lwesithi “Intsha Iyabuza . . . ” (August 22, 1993, no-September 8, 1993) Ngineminyaka engu-20 ubudala futhi ngangivame ukuba namahloni ngokuthi ngimsulwa. Kodwa ngemva kokufunda lezozihloko, sengiyaqaphela ukuthi ubumsulwa bami buyisipho esivela kuJehova.

L. K., United States

Kuyiphutha ukuveza ukuthi ukuhlangana ngokobulili nomuntu wobulili obuhlukile kuyingozi ngokufanayo nobuhlobo bobungqingili. Konke ukucwaninga kubonisa ukuthi ongqingili basengozini enkulu kakhulu yokuthola i-HIV.

J. S., United States

Ukucwaninga kubonisa ukuthi ngempela ongqingili basengozini kakhulu yokungenwa i-HIV. Nakuba kunjalo, ochwepheshe bathi ukungenwa yileligciwane ngokuhlangana ngokobulili nomuntu wobulili obuhlukile kukhula ngezinga elishaqisayo. Futhi ngokomunye umkhulumeli we-U.S. Food and Drug Administration, abesifazane “bayingxenye eyanda kakhulu yenani labantu abangenwa i-HIV ngokushesha kulelizwe.” Akusho ukuthi abesifazane ngaso sonke isikhathi banephutha; abaningi bathola leligciwane ngenxa yabayeni babo abaziphethe ngokuxekethile.—ED.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela