Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g93 9/22 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
  • I-Phaphama!—1993
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1994
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1994
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1994
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1993
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1993
g93 9/22 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Isikole Sasekhaya Ngasijabulela isihloko senu esithi “Isikole Sasekhaya—Ingabe Sikufanele?” (April 8, 1993) Nami ngifundiswa ekhaya, futhi ngangisalela emuva emsebenzini wami wesikole. Kodwa lapho ngifunda lesihloko senu, ngaba nomdlandla. Manje sengihlelekile.

N. S., United States

Ukuhlelwa Komndeni Zangicasula kakhulu izihloko zenu eziyinhloko zikamagazini ka-February 22, 1993, ezithi “Ukuhlelwa Komndeni—Impikiswano Yembulunga Yonke.” Kungokungenangqondo ukusikisela ukuthi amaKristu anomthwalo wemfanelo kudingeka alinganisele ubukhulu bemikhaya yawo. Kungenxa yasiphi isisekelo nisikisela ukuthi umyalo kaNkulunkulu okuGenesise [‘wokugcwalisa umhlaba’] awusebenzi kumaKristu?

A. D., United States

Umyalo kaNkulunkulu awunika u-Adamu no-Eva ‘wokugcwalisa umhlaba’ waphindwa kuNowa nomkhaya wakhe. Nokho, akukho ndawo lapho iBhayibheli liphoqelela khona umyalo wokuzalana kumaKristu. (Genesise 1:28; 9:1-5; IzEnzo 15:29) Eqinisweni, iBhayibheli liyawatusa amaKristu ahlala engashadile “ngenxa yombuso.” (Mathewu 19:12; 1 Korinte 7:38) Ngakho-ke imibhangqwana ngaminye kumelwe yenze izinqumo zayo siqu lapho kuziwa ekuzaleni abantwana nokuvimbela inzalo. Njengoba amaKristu eyalwa ukuba anakekele izidingo zabantwana bawo ezingokwenyama, ezingokomzwelo, nezingokomoya, abazali abanomthwalo wemfanelo bangaba nomuzwa wokuthi kuwukuhlakanipha ukulinganisela ubukhulu bemikhaya yabo ukuze banikeze ukunakekela okunjalo. (1 Thimothewu 5:8) Lokhu akulibukeli phansi nakancane iqiniso lokuthi abantwana “bayifa elivela kuJehova.” (IHubo 127:3)—ED.

Ukuluthwa Utshwala Ngiyabonga ngezihloko ezinhle kakhulu ezithi “Intsha Iyabuza . . .” ezikomagazini bango-January 8, no-22, 1993, ezithi, “Ingabe Ukuphuza Kungangilutha Ngempela?” nesithi “Ngingakuyeka Kanjani Ukuphuza?” Ngineminyaka engu-48 ubudala futhi ngiwumlutha wotshwala [olulamayo]. Imiphumela ebhubhisayo ‘yalesifo’ somzimba, ingqondo, nomoya iyadabukisa. Lapho ngiqala ukuqaphela ukuthi utshwala base bungiluthile, ngaba nomuzwa wokuthi uJehova wayengasoze angithethelele. Kodwa ngaya kubadala, futhi banginikeza usizo lothando. Ngemva kokuwela kulomkhuba futhi, ngangenela uhlelo lokwelashelwa utshwala. Manje uma ngibomele, ngiyathandaza futhi ngizindle ngezwe elisha likaNkulunkulu. Futhi ngifunda izihloko eziningi ze-Nqabayokulinda ne-Phaphama! ezikhuluma ngokuluthwa utshwala noma ezilandisa ngokuhlangenwe nakho okukhuthazayo. Ngiyabonga ngokuziqonda kwenu izinkinga abantu bakaJehova ababhekana nazo nangokusinikeza izihloko ezinhle.

C. D., United States

Intsha Iyabuza . . . Ngibonga ngobuqotho ngesihloko esithi “Ingabe Kufanele Ngiye Kuyi-prom?” (March 8, 1993) Ngiye ngacindezelwa kakhulu ukuba ngiye kuyi-prom “yami” yasesikoleni esiphakeme. Kodwa ngemva kokufunda lesihloko esiyigugu, konke ukungabaza kwami kwaphela. Ngeke ngiye, futhi angicabangi ukuthi ngiyolahlekelwa kakhulu.

J. L., United States

Ngiyabonga ngesihloko esithi “Yini Engingayenza Ngomsebenzi Wesikole Omningi Kangaka?” (April 8, 1993) Ngakusebenzisa ngokushesha ukusikisela esasinakho, futhi ngiye ngazuza ngempela kukho. Manje sengonga isikhathi esengeziwe sezinto ezingokomoya. Ngibonga kakhulu!

M. M., Italy

Ngiyabonga kakhulu ngokukhipha isihloko esithi “Ngingabhekana Kanjani Nothando Olungaphumelelanga?” (May 8, 1993) Ngibhekene nesikhathi esinzima kakhulu. Ngokuvamile kubonakala sengathi ngeke ngishade. Ngakho lapho ngifunda lomagazini, angibanga namandla okuzibamba ukuba ngingakhali. Nokho, ukuwufunda kwangenza ngazizwa ngiqondwa futhi ngaziswa. Kwangenza ngaqaphela ngokwengeziwe ukuthi uJehova uyasithanda futhi uyakuqonda lokho esibhekene nakho.

R. Z., Italy

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela