Izikole Zisenkingeni
Abazali bathumela izingane zabo esikoleni ukuba ziyothola okungaphezu kokufunda, ukubhala, nokubala. Balindele izikole ukuba zinikeze imfundo ephelele, ehlomisela abasha ukuba bakhulele ekubeni abantu abadala abazali abangaziqhayisa ngabo. Kodwa amathemba abo ngokuvamile awafezeki. Ngani? Ngoba izikole emhlabeni wonke zisenkingeni.
EMAZWENI amaningi ukungabikho kwemali nokuntuleka kothisha kufaka imfundo yezingane engozini. Ngokwesibonelo, kulo lonke elase-United States, ukuwohloka kwezomnotho eminyakeni yamuva kuphoqelele ezinye izikole ukuba zichibiyele ‘izincwadi zokufunda ezindala, ziyekelele usimende uxebuke kusilingi, zinqamule izinhlelo zemfundo yezobuciko kanye nemidlalo, noma zivalwe izinsuku eziningi,’ kuphawula umagazini i-Time.
E-Afrika, izidingo zemfundo nakhona azanele. Ngokusho kwe-Daily Times yaseLagos, izwe laseNigeria linothisha oyedwa vó kubafundi abangu-70, “okungenzeka ukuthi uthisha oyedwa kwabathathu akaqeqeshiwe.” ENingizimu Afrika—ngaphandle kokuntuleka kothisha—amakilasi aminyene nodlame lwezombangazwe kwenezela kulokho i-South African Panorama ekubiza ngokuthi “inxushunxushu esezikoleni zabansundu.”
Yiqiniso, isikole esinothisha abanele nesinazo zonke izidingo asiqinisekisi impumelelo engokwemfundo. Ngokwesibonelo, e-Austria cishe ingxenye eyodwa kwezintathu yabaneminyaka engu-14 kubikwa ukuthi ayikwazi ukwenza izibalo ezilula noma ukufunda kahle. EBrithani, isilinganiso sokuphumelela kwabafundi ezibalweni, kusayensi, nasolimini olukhulunywa ezweni lakubo “asisondeli nakusondela kwesaseJalimane, eFrance, naseJapane,” kuphawula i-Times yaseLondon.
E-United States, othisha bakhala ngokuthi nakuba abafundi bephumelela kahle ezivivinyweni, abaningi abakwazi ukubhala indaba emnandi, ukwenza izibalo, noma ukulungiselela indatshana emfishane yamaphuzu abalulekile ezifundo ezihlukahlukene noma izihloko. Ngenxa yalokho, iziphathimandla zemfundo emhlabeni wonke sezizibheka ngamanye amehlo izifundo zesikole kanye nezindlela ezisetshenziswa ekuhloleni intuthuko yomfundi.
Ubudlova Basezikoleni
Imibiko yembula isilinganiso esethusayo futhi esenyukayo sobudlova ezikoleni. EJalimane, komunye umhlangano othisha batshelwa ukuthi amaphesenti angu-15 ezingane zesikole “azimisele ukuphendukela ebudloveni—futhi amaphesenti angu-5 awanamahloni okwenza ngisho nezenzo zonya oludlulele, njengokukhahlela umuntu elele phansi engenakuzivikela.”—Frankfurter Allgemeine Zeitung.
Izehlakalo ezikhethekile zonya oludlulele zibangela ukukhathazeka okukhulu. Ukudlwengulwa kwentombazane eneminyaka engu-15 abasha abane endlini yangasese kwesinye isikole esiphakeme saseParis kwenza abafundi bamasha befuna ukulondeka okwengeziwe esikoleni. Abazali bakhathazekile ngokukhula kobugebengu obuphathelene nobulili, ukuphamba, nobudlova bemizwelo. Izenzakalo ezinjalo azikho eYurophu nje kuphela kodwa seziya ngokuya zivama emhlabeni wonke.
UMnyango Wezemfundo waseJapane ubika ukudlondlobala kobudlova okuhilela kokubili abafundi basezikoleni eziphansi neziphakeme. Iphephandaba laseNingizimu Afrika i-Star, ngaphansi kwesihloko esithi “Abafundi Abahlome Ngezibhamu Babusa Izikole,” lafanekisa isimo esisemakilasini amaningana aseSoweto “nesase-Wild West [iNtshonalanga Enobudlova]” yase-United States phakathi nekhulu le-19. Ngisho nedumela leNew York City lobudlova liye lafinyelela, ngokusho kwe-Guardian yaseLondon, “izinga elisha lapho inkampane yonogada imemezela ngokungena kwama-oda amaningi ezingubo ezingangenwa nhlamvu zezingane zesikole.”
IBrithani nayo ibhekene nomqedazwe wobudlova basesikoleni. “Eminyakeni engu-10 edlule,” kuphawula esinye isikhulu senhlangano yothisha, “siye sabona ukwanda kokuthambekela ekuphendukeleni ezikhalini. Kuye kwahilela ngisho nabancane futhi kuyanda kusuka kwabesilisa kuya kwabesifazane.”
Akumangalisi-ke ukuthi abazali abambalwa bakhetha ukuzikhipha izingane zabo esikoleni bazifundise zisemakhaya.a Labo abakuthola kungenakwenzeka lokhu ngokuvamile bakhathazwa umphumela omubi isikole ngokuvamile esiba nawo ezinganeni zabo, futhi bayazibuza ukuthi bangamelana kanjani nakho. Yini abazali abangayenza ukuze basize izingane zabo zibhekane nezinkinga ezihlangabezana nazo ezikoleni? Futhi abazali bangabambisana kanjani nothisha ukuze baqiniseke ukuthi izingane zithola okungcono kakhulu esikoleni? Izihloko ezilandelayo zizonikeza izimpendulo kulemibuzo.
[Umbhalo waphansi]
a Isihloko esithi “Isikole Sasekhaya—Ingabe Sikufanele?” esakhishwa ku-Phaphama! ka-April 8, 1993, siyayicubungula lendlela.