Ukudla Okungakwenza Udle Ingevu
UPHUDINGI? . . . UPHUDINGI! . . . Wake walungiselela izivakashi isidlo wase uzibuza, ‘Ngizoziphakela muphi uphudingi?’ Mhlawumbe lenkinga evamile iye yakushukumisela ukuba ufundisise izindlela zokupheka namabhuku akho okupheka ngoba ufuna ukuthola uphudingi ohamba phambili wombuthano wenu.
Ungathanda yini ukuzama i-fondue? Ayikhona nje ukudla okungokwemvelo okungakwenza udle ingevu kodwa futhi iyashesha futhi iphekeka kalula. Iyini i-fondue? Kalula nje, iyingxube yezithako ezithile ezincibilikiswe ebhodweni. Khona-ke, ezinye izinhlobo zokudla, esizozibiza ngokuthi “izinto ezigcobhozwayo,” zigcobhozwa kulengxube bese zidliwa. Igama elithi fondue livela kwelesiFulentshi elithi fondre elisho “ukuncibilika.” Ngokwesibonelo, kuphudingi we-fondue kashokoledi, ngokuyinhloko ingxube iwushokoledi oncibilikisiwe, futhi izinto ezigcobhozwayo kuba izinto ezenziwe ngofulawa nezithelo ezisezintsha.
Uphudingi Oyi-fondue Kashokoledi
Ngakwesobunxele kunendlela yokupheka uphudingi oyi-fondue kashokoledi. Uma ungakaze uyizame, izokujabulisa ngempela!
Ncibilikisa ushokoledi epanini. Nezela isithako noma izithako ezisele. Goqoza kuze kube yilapho lengxube isishubile. Thululela lenhlanganisela ebhodweni le-fondue, igcine ifudumele emlilweni ongashisi kakhulu.
Ngaphambi kokuba uqale ukugcobhoza kuyi-fondue, ungase ufune ukuthela kuyo amathisipuni amabili ekhofi noma ikwata yethisipuni likasinamoni. Ukuze ugcine lezizithelo ezigcobhozwayo zingafusekile, zifafaze ngamanzi kalamula axutshwe namanzi. Uma ingxube kashokoledi ihlambuluke kakhulu, nezela ushokoledi owengeziwe. Uma ishube kakhulu, ihlambulule ngobisi.
Uma usebenzisa ibhodwe le-fondue likagesi noma ibhodwe le-fondue ongapheka ngalo esitofini, ungase uyipheke futhi uyiphake ebhodweni elifanayo. Beka ibhodwe le-fondue maphakathi netafula lapho wonke umuntu engalifinyelela khona kalula. Ebhodweni elilodwa kungaphakelwa abantu abayisithupha kuya kwabayisishiyagalombili.
Uma kukhona i-sauce esele, igcineka kahle esiqandisini futhi yehla esiphundu uma ithelwe ku-ayisikhilimu.
I-fondue Ye-Swiss Cheese
Ungathanda yini ukuzama i-fondue kashizi? Ngakwesokudla kunendlela yokupheka ukudla kokuvula inhliziyo noma ukudla okuyinhloko.
Gcoba ingaphakathi lepani ngocezu lwesigaxa sesweli, bese ululahla. Thela epanini iwayini namanzi kalamula, bese ukufudumeza emlilweni ongashisi kakhulu. Kuzokhuphuka amagwebu amboze ipani. Ungaliyeki libile iwayini.
Esitsheni hlanganisa i-cornstarch noma ufulawa noshizi osikwe waba imicu, bese ugoqoza.
Njengoba ugoqoza lengxube yewayini, nezela ushizi oyingcosana. Ngemva kokuncibilika kukashizi, nezela omunye ushizi oyingcosana, ugoqoze kuze kube yilapho uncibilika. Qhubeka ngalendlela uze uncibilike wonke ushizi. Uma uthanda, yolisa ngophepha omhlophe ne-nutmeg noma i-paprika ne-clove egayiwe.
Ithele ebhodweni le-fondue, bese uyifudumeza emlilweni ongashisi kakhulu. Umuntu ngamunye unemfoloko yakhe enesibambo eside yokudla i-fondue, ipuleti lokudla, nemfoloko evamile yokudla. Vele uhlabe enye yezinto ezigcobhozwayo bese ulokhu uyicwilicwilisa kuyi-fondue. Beka into egcobhozwayo epuletini lakho lokudla, bese uyidla ngemfoloko yakho yokudla.
Uma le-fondue ihlambuluke kakhulu, nezela ushizi. Uma ishuba kakhulu, faka iwayini elishisayo bese uyagoqoza. Uma lengxube ihlukana, ifudumeze emlilweni oshisa kakhulu, uyiphehle nge-whisk, bese wehlisa ukushisa. Lengxube akufanele ihlukane uma uyigoqoza ngento egcobhozwayo ngaso sonke isikhathi lapho ugcobhoza.
Uma ukhetha ukwenza i-fondue yakho engaxutshiwe notshwala, lungiselela indlela yokupheka eyinhloko yokupheka i-sauce kashizi. Hlanganisa izinkezo ezine zebhotela nezine zikafulawa. Pheka lengxube emlilweni ongashisi kakhulu. Nezela izinkomishi ezimbili zobisi olubandayo, uluyeke lubile, bese upheka lengxube imizuzu emibili. Kancane kancane nezela inkomishi nengxenye kashizi (osikwe waba imicu) bese ugoqoza kuze kuncibilike. Yolisa ngosawoti nophepha. Gcobhoza ngendlela efana nechazwe ngenhla.
Ukugcina Ngokunoshukela
Ngesikhathi esizayo lapho ubhekene nenkinga kaphudingi, ungase unqume ukuzama i-fondue kashokoledi. Noma esidlweni, mhlawumbe uyophaka i-fondue yenyama yenkomo.
Akungabazeki ukuthi lelibhodwe lokuncibilikisa izinandisi liyohlala liyintandokazi kuwe nakubangane bakho. Ukukhanga kwalo kubangelwa ibhodwe elivamile. Wonke umuntu uyagcobhoza, kwakhe isimo esifudumele sobungane, isithako esiyinhloko salokhu kudla okungakwenza udle ingevu!—Inikelwe.
[Ibhokisi ekhasini 22]
Indlela Yokupheka Uphudingi Oyi-fondue Kashokoledi
Amagremu angu-170 kashokoledi ongenashukela
Inkomishi nengxenye kashukela
Inkomishi eyodwa kakhilimu ongashubile
Ingxenye yenkomishi yebhotela
U-1/8 wethisipuni likasawoti
noma nje:
Amagremu angu-340 kashokoledi onoshukela kancane
Izingcezu zikashokoledi noma ushokoledi wokupheka onoshukela
Ingxenye yenkomishi (ukhilimu nobisi)
Izinto ezigcobhozwayo ezenziwe ngofulawa:
Izikwele ze-angel food cake, zama-ladyfinger, zama-doughnut, ze-pound-cake
Izinto ezigcobhozwayo, eyodwa noma zonke ezilandelayo:
Ama-apula, ubhanana, ama-cherry, amasundu, amagilebhisi, amawolintshi, amakhabe, upopo, amapetshisi, amapheya, izingcezu zikaphayinaphu, amajikijolo
[Ibhokisi ekhasini 23]
Indlela Yokupheka I-fondue Ye-Swiss Cheese
Isigaxa esisodwa sesweli, esisikwe phakathi
Inkomishi nengxenye yewayini elimhlophe, elivutshelwe ngoshukela
Ukhezo olulodwa lwamanzi kalamula
Ukhezo olulodwa nengxenye kuya kwezimbili ze-cornstarch noma ufulawa
Amagremu angu-435 emicu ye-Swiss cheese (noma ingxube ye-Swiss cheese ne-Gruyère)
Izinkezo ezimbili kuya kwezintathu ze-kirsch (uma uthanda)
Uphepha omhlophe ne-nutmeg noma i-paprika ne-clove uma uthanda
Izinto Ezigcobhozwayo:
Izinkwa ezimbili ezinoqweqwe zohlobo lwaseFrance (noma isinkwa sohlobo lwase-Italy noma izinkwana eziqinile) ezisikwe zaba izikwele ezingamasentimitha amathathu, ngasinye esinoqweqwe eceleni
Inkukhu ephekiwe, inyama yengulube, nama-shrimp
Imifino eluhlaza noma ephekiwe
[Ibhokisi ekhasini 24]
Ama-sauce agcobhozwayo:
I-sauce Ye-horseradish
Izinkezo ezintathu ze-horseradish ephekiwe
Inkomishi eyodwa kakhilimu wamasi
Ithisipuni elilodwa lamanzi kalamula
U-1/8 wethisipuni le-paprika
Hlanganisa izithako
I-sauce Ye-mayonnaise No-curry
Ingxenye yenkomishi ye-mayonnaise
Ingxenye yenkomishi kakhilimu wamasi
Ithisipuni elilodwa lamanzi kalamula
Ithisipuni elilodwa lika-curry
Hlanganisa izithako
Usawoti nophepha ukuze kunambitheke
I-sauce Yesinaphi
Amathisipuni amathathu esinaphi esiphekiwe
Izinkezo ezimbili zika-anyanisi oqotshiwe
Inkomishi eyodwa kakhilimu wamasi
Hlanganisa izithako
Usawoti nophepha ukuze kunambitheke
Indlela Yokupheka I-fondue Yenyama Yenkomo
Ikhilogremu elilodwa lenyama yenkomo engenamafutha, umkhele, noma insonyama engenamathambo
amafutha emifino
Phawula: Ibhodwe le-fondue kumelwe kube ngelenziwe ngamanyela, ithusi, noma insimbi. Amabhodwe obumba awaphephile uma kuphekwa i-fondue yamafutha. Amafutha ashisa kakhulu, futhi ibhodwe liyoqhephuka
[Isithombe ekhasini 24]
I-“fondue” ye-“swiss cheese”
[Isithombe ekhasini 23]
Uphudingi we-“fondue” kashokoledi